Thembela KuJehova Ngokuphelele Ezikhathini Zokucindezeleka
“Kithi uNkulunkulu uyisiphephelo namandla, usizo olutholakala ngokushesha ngesikhathi sokucindezeleka.”—IHUBO 46:1.
1, 2. (a) Isiphi isibonelo esibonisa ukuthi akwanele ukugcina ngokukusho ukuthi sithembele kuNkulunkulu? (b) Kungani kumelwe senze okungaphezu kokumane sithi sithembele kuJehova?
KULULA ukukusho ukuthi thina sithembele kuNkulunkulu, kodwa uma sekufanele izenzo zethu zikubonise lokho, kuba enye into. Ngokwesibonelo, sekuyisikhathi eside inkulumo ethi “Sithembele KuNkulunkulu” ivela emalini eyiphepha newuhlweza yase-United States.a Ngo-1956, iSishaya-mthetho sase-United States sashaya umthetho othi leyo nkulumo izoba isiqubulo sezwe lase-United States. Okusuke kuxake ukuthi abantu abaningi—hhayi nje abakulelo zwe kodwa emhlabeni wonke—bathembela kakhulu emalini nasengcebweni kunakuNkulunkulu.—Luka 12:16-21.
2 NjengamaKristu eqiniso, kumelwe senze okungaphezu kokumane sithi sithembele kuJehova. Njengoba nje “nokholo ngaphandle kwemisebenzi lufile,” kanjalo ukusho kwethu ukuthi sithembele kuNkulunkulu akusho lutho kuze kube yilapho sikubonisa ngezenzo. (Jakobe 2:26) Esihlokweni esidlule, sifunde ukuthi ukuthembela kwethu kuJehova kubonakala lapho siphendukela kuye ngomthandazo, lapho sifuna isiqondiso eZwini lakhe, nalapho sifuna ukuqondisa kwenhlangano yakhe. Manje ake sihlole ukuthi singazithatha kanjani lezo zinyathelo ezintathu lapho sicindezelekile.
Lapho Ulahlekelwa Umsebenzi Noma Iholo Liwubala
3. Izinceku zikaJehova zibhekana naziphi izingcindezi zomnotho kulezi “zikhathi ezibucayi,” futhi sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uzimisele ukusisiza?
3 Kulezi “zikhathi ezibucayi,” nathi njengamaKristu sibhekana nezingcindezi zomnotho ezifanayo nalezo abanye abantu ababhekana nazo. (2 Thimothewu 3:1) Ngakho, ngokushesha singazithola singasasebenzi. Noma singase siphoqeleke ukusebenza amahora amaningi bese sihola ubala. Ezimweni ezinjalo, singakuthola kunzima ‘ukondla labo abangabethu.’ (1 Thimothewu 5:8) Ingabe uNkulunkulu oPhezukonke uzimisele ukusisiza ngezikhathi ezinjalo? Noma kanjani! Kuyiqiniso ukuthi uJehova akasivikeli kubo bonke ubunzima bokuphila kulesi simiso sezinto. Nokho, uma sithembela kuye, siyobona ukusebenza kwamazwi eHubo 46:1 athi: “Kithi uNkulunkulu uyisiphephelo namandla, usizo olutholakala ngokushesha ngesikhathi sokucindezeleka.” Kodwa singabonisa kanjani ukuthi sithembele ngokuphelele kuJehova lapho sicindezeleke ngokwezimali?
4. Lapho sibhekene nezinkinga zemali, yini esingayithandazela, futhi uJehova usabela kanjani emithandazweni enjalo?
4 Enye indlela esingabonisa ngayo ukuthembela kwethu kuJehova iwukuphendukela kuye ngomthandazo. Kodwa yini esingayithandazela? Lapho sibhekene nezinkinga zemali, singase sikudinge kunanini ngaphambili ukuhlakanipha okuzosisiza. Ngakho, kumnyama kubomvu, kuthandazele! IZwi likaJehova liyasiqinisekisa: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola; uyomnika kona.” (Jakobe 1:5) Yebo, cela uJehova akuphe ukuhlakanipha—ukukwazi ukusebenzisa kahle ulwazi, ukuqonda, nekhono lokuhlukanisa—ukuze wenze izinqumo ezinengqondo nokukhetha okulungile. UBaba wethu wasezulwini onothando usiqinisekisa ngokuthi uyoyilalela imithandazo enjalo. Ukulungele njalo ukuqondisa izindlela zalabo abathembela kuye ngenhliziyo yonke.—IHubo 65:2; IzAga 3:5, 6.
5, 6. (a) Kungani singase siphendukele eZwini likaNkulunkulu ukuze sikwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nezingcindezi zomnotho? (b) Singenzani ukuze sinciphise ukukhathazeka lapho sibhekene nokulahlekelwa umsebenzi?
5 Ukuphendukela eZwini likaNkulunkulu ukuze sithole iziqondiso kungenye indlela yokubonisa ukuthi sithembele kuJehova. Izikhumbuzo zakhe ezihlakaniphile eziseBhayibhelini zitholakalé “zithembeke kakhulu.” (IHubo 93:5) Nakuba yalotshwa eminyakeni engaphezu kuka-1 900 edlule, leyo ncwadi ephefumulelwe ineseluleko esinokwethenjelwa nokuhlakanipha okujulile okungasisiza sikwazi ukubhekana kangcono nezingcindezi zomnotho. Cabanga ngezinye izibonelo ezibonisa ukuhlakanipha kweBhayibheli.
6 Kudala, inkosi ehlakaniphile uSolomoni yake yaphawula: “Bumnandi ubuthongo balowo okhonzayo, kungakhathaliseki ukuthi kuncane noma kuningi akudlayo; kodwa inala yocebileyo ayimvumeli ukuba alale.” (UmShumayeli 5:12) Kuthatha isikhathi nemali ukulungisa, ukuhlanza, ukulondoloza, nokuvikela impahla yethu. Ngakho lapho sibhekene nokulahlekelwa umsebenzi, singahlola kabusha indlela yethu yokuphila, sizame ukuhlukanisa phakathi kwezinto eziyisidingo nezinto esizifisayo. Ukuze sinciphise ukukhathazeka, kungase kube ukuhlakanipha ukwenza ushintsho oluthile. Ngokwesibonelo, ingabe singakwenza ukuphila kwethu kube lula, mhlawumbe ngokuthuthela kwenye indlu ethanda ukuba ncanyana noma ngokukhipha impahla esingayidingi ngempela?—Mathewu 6:22.
7, 8. (a) UJesu wakubonisa kanjani ukuthi uyazi ukuthi abantu abangaphelele bathambekele ekukhathazekeni ngokweqile ngezinto ezibonakalayo? (Bheka nombhalo waphansi.) (b) UJesu wanika siphi iseluleko esihlakaniphile mayelana nendlela yokugwema ukukhathazeka ngokweqile?
7 ENtshumayelweni YaseNtabeni, uJesu waluleka: “Yekani ukukhathazeka ngemiphefumulo yenu ngokuqondene nokuthi niyodlani noma niyophuzani, noma ngemizimba yenu ngokuqondene nokuthi niyogqokani.”b (Mathewu 6:25) UJesu wayazi ukuthi kungokwemvelo ngabantu abangaphelele ukuba bakhathazeke ngokuthola izinto eziyisisekelo. Manje ‘singakuyeka kanjani ukukhathazeka’ ngezinto ezinjalo? UJesu wathi: “Qhubekani nifuna kuqala umbuso.” Kumnyama kubomvu, kumelwe siqhubeke sibeka ukukhulekela uJehova endaweni yokuqala ekuphileni kwethu. Uma senza kanjalo, zonke izidingo zethu zansuku zonke ‘siyozenezelelwa’ nguBaba wethu wasezulwini. Ngandlela-thile, uyosinika esikudingayo.—Mathewu 6:33.
8 UJesu waqhubeka eluleka: “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo.” (Mathewu 6:34) Akuhlakaniphile ukukhathazeka ngokweqile ngalokho okungase kuze nekusasa. Esinye isazi sathi: “Lokho ikusasa eliba yikho ngokoqobo akuvami ukuba kubi njengalokho esikwesabayo ngalo.” Ukulalela ngokuthobeka iseluleko seBhayibheli sokugxila ezintweni okumelwe zize kuqala nokuphila usuku olulodwa ngesikhathi kungasisiza ukugwema ukukhathazeka ngokweqile.—1 Petru 5:6, 7.
9. Lapho sibhekana nezingcindezi zezimali, iluphi usizo esingaluthola ezincwadini ‘zenceku ethembekileyo neqondayo’?
9 Lapho sibhekana nezingcindezi zezimali, singakubonisa futhi ukuthembela kwethu kuJehova ngokufuna usizo ezincwadini ‘zenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45) Ngezinye izikhathi, umagazini i-Phaphama! uye waba nezihloko ezinamacebiso awusizo nokusikisela kokubhekana nezinkinga zomnotho. Isihloko esithi “Ukuphelelwa Umsebenzi—Ayini Amakhambi?” esikuyi-Phaphama! ka-August 8, 1991, sabeka iziqondiso ezisebenzisekayo ezingu-8 eziye zasiza abaningi bakwazi ukulawula izimali nemizwelo ngesikhathi bengasebenzi.c Yebo, iziqondiso ezinjalo kumelwe zihambisane nombono ofanele ngokubaluleka kwangempela kwemali. Lokhu kwaxoxwa ngakho esihlokweni esithi “Okuthile Okubaluleke Ngaphezu Kwemali,” esasikumagazini ofanayo.—UmShumayeli 7:12.
Lapho Sicindezelwe Izinkinga Zempilo
10. Isibonelo seNkosi uDavide sibonisa kanjani ukuthi kungenzeka ukuthembela kuJehova lapho sigula kanzima?
10 Ingabe kungenzeka ukuthembela kuJehova lapho sigula kanzima? Yebo! UJehova uyazwelana nabagulayo kubantu bakhe. Ngaphezu kwalokho, uzimisele ukusiza. Ngokwesibonelo, cabanga ngeNkosi uDavide. Kungenzeka ukuthi kwakumbulwa kwembeswa kuye ngesikhathi ebhala ngendlela uNkulunkulu amphatha ngayo olungile ogulayo. Wathi: “UJehova uqobo uyomsekela okhukhweni lokugula; ngokuqinisekile wonke umbhede wakhe uyowushintsha phakathi nokugula kwakhe.” (IHubo 41:1, 3, 7, 8) Ithemba likaDavide kuNkulunkulu lahlala liqinile, futhi ekugcineni le nkosi yalulama ekuguleni kwayo. Nokho, singakubonisa kanjani ukuthembela kuNkulunkulu lapho sicindezelwe izinkinga zempilo?
11. Lapho sihlaselwe ukugula, yini esingayicela kuBaba wethu wasezulwini?
11 Lapho sihlaselwe ukugula, enye indlela yokubonisa ukuthi sithembele kuJehova iwukumncenga emthandazweni ukuba asisize sikhuthazele. Singamcela ukuba asisize sisebenzise “ukuhlakanipha okusebenzayo” ukuze sifune impilo esezingeni elivunyelwa izimo. (IzAga 3:21) Singamcela futhi ukuba asisize sibekezele futhi sikhuthazele ukuze sikwazi ukubhekana nokugula. Ngaphezu kwakho konke, siyofuna ukucela uJehova ukuba asiqinise, asiphe amandla okuqhubeka sithembekile kuye nokuba singalahlekelwa ukulinganisela, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. (Filipi 4:13) Ukulondoloza ubuqotho bethu kuNkulunkulu kubaluleke kakhulu ukudlula ngisho nokulondoloza ukuphila kwethu kwamanje. Uma sigcina ubuqotho bethu, uMvuzi Omkhulu uyosinika ukuphila okuphelele okungapheli.—Hebheru 11:6.
12. Iziphi izimiso zemiBhalo ezingasisiza senze izinqumo ezihlakaniphile uma kuziwa ekukhetheni izindlela zokwelapha?
12 Ithemba lethu kuJehova lisishukumisela nokuba siphendukele eZwini lakhe, iBhayibheli, ukuze sithole isiqondiso esisebenzayo. Izimiso ezitholakala emiBhalweni zingasisiza ukwenza izinqumo ezihlakaniphile lapho kuziwa ekukhetheni izindlela zokwelapha. Ngokwesibonelo, njengoba sazi ukuthi iBhayibheli liyawulahla “umkhuba wokusebenzisa imimoya,” siyokugwema ukuxilongwa noma ukwelashwa okuhilela imimoya. (Galathiya 5:19-21; Duteronomi 18:10-12) Nasi esinye isibonelo sokuhlakanipha kweBhayibheli okunokwethenjelwa: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” (IzAga 14:15) Ngakho-ke, lapho sicabanga ngezindlela zokwelapha, kuyoba ukuhlakanipha ukufuna ukwaziswa okunokwethenjelwa kunokumane ‘sikholwe ngamazwi onke.’ ‘Ukuhluzeka kwengqondo’ okunjalo kungasisiza sikucabangisise ngokucophelela ukukhetha esinakho bese senza isinqumo sazi.—Thithu 2:12.
13, 14. (a) Iziphi izihloko ezinokwaziswa ngezindaba zempilo eziye zanyatheliswa komagazini i-Phaphama! ne-Nqabayokulinda? (Bheka ibhokisi ekhasini 17.) (b) Isiphi iseluleko mayelana nokubhekana nokugula okungamahlala-khona esakhishwa kuyi-Phaphama! ka-January 22, 2001?
13 Singakubonisa futhi ukuthembela kwethu kuJehova ngokucwaninga ezincwadini zenceku ethembekile. Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ngezinye izikhathi baye baba nezihloko ezifundisayo ezikhuluma ngezinkinga nezifo eziningi ezihlukahlukene.d Ngezinye izikhathi lab’ omagazini baye baba nezihloko ezikhuluma ngabantu abaye babhekana ngokuphumelelayo nokuphazamiseka kwempilo, ukugula, nokukhubazeka okunhlobonhlobo. Ngaphezu kwalokho, ezinye izihloko ziye zaba nokusikisela okungokomBhalo kanye neseluleko esisebenzayo mayelana nendlela yokuphila nezinkinga zempilo ezingamahlala-khona.
14 Ngokwesibonelo, i-Phaphama! ka-January 22, 2001, yayinesihloko esiwuchungechunge esisekuqaleni esasithi “Induduzo Kwabagulayo.” Lezo zihloko zakhuluma ngezimiso eziwusizo eziseBhayibhelini kanye nokwaziswa okwatholwa ezingxoxweni nalabo abanolwazi asebephile iminyaka nokugula okukhubazayo. Isihloko esithi “Ukuphila Ngokuphumelelayo Nokugula Kwakho—Kanjani?” sanika lesi seluleko: Funda okuningi ngangokunokwenzeka ngesifo esikuphethe. (IzAga 24:5) Beka imigomo efinyelelekayo, kuhlanganise nemigomo yokusiza abanye, kodwa uqaphele ukuthi ungase ungakwazi ukufinyelela imigomo efanayo naleyo efinyelelwa abanye. (IzEnzo 20:35; Galathiya 6:4) Kugweme ukuba unkom’ idla yodwa. (IzAga 18:1) Yenza abanye bakujabulele ukukuvakashela. (IzAga 17:22) Ngaphezu kwakho konke, londoloza ubuhlobo obuseduze noJehova nebandla. (Nahume 1:7; Roma 1:11, 12) Asisijabuleli yini isiqondiso esinokwethenjelwa uJehova asinika ngenhlangano yakhe?
Lapho Ubuthakathaka Benyama Buphikelela
15. Umphostoli uPawulu wakunqoba kanjani ukulwa kwakhe nobuthakathaka benyama engaphelele, futhi singaba nasiphi isiqinisekiso?
15 Umphostoli uPawulu wabhala: “Enyameni yami, akuhlali lutho oluhle.” (Roma 7:18) UPawulu wazizwela ngokwakhe ukuthi kungaba nzima kangakanani ukulwa nezifiso nobuthakathaka benyama engaphelele. Nokho, uPawulu wayeqiniseka ukuthi anganqoba. (1 Korinte 9:26, 27) Kanjani? Ngokuthembela kuJehova ngokuphelele. Yingakho nje uPawulu ayengathi: “Yeka mina muntu wosizi! Ubani oyongophula kulo mzimba othola lokhu kufa? Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu!” (Roma 7:24, 25) Thina? Nathi sisempini yokulwa nobuthakathaka benyama. Njengoba sizabalazela ukubhekana nalobo buthakathaka, kulula ukulahlekelwa ithemba, size siqiniseke ukuthi asisoze saphumelela. Kodwa uJehova uyosisiza uma, njengoPawulu, sincika ngempela kuYe, hhayi emandleni ethu nje kuphela.
16. Lapho ubuthakathaka benyama buphikelela, kudingeka sithandazele ini, futhi kumelwe senzeni uma siphinda sinqotshwa yilobo buthakathaka?
16 Lapho ubuthakathaka benyama buphikelela, singabonisa ukuthi sithembele kuJehova ngokumncenga emthandazweni. Kudingeka simcele uJehova, size simncenge, ukuba asisize ngomoya wakhe ongcwele. (Luka 11:9-13) Singacela ngokuqondile imfanelo yokuzithiba, engesinye sezithelo zomoya kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22, 23) Kumelwe senzeni uma siphinde sanqotshwa yilobo buthakathaka? Kumnyama kubomvu, akumelwe siyeke. Masingakhathali ukuthandaza ngokuthobeka kuNkulunkulu wethu onomusa, sicele intethelelo nosizo lwakhe. UJehova akasoze ayilahla, noma ayifulathela inhliziyo “ephukile nechobozekile” ngenxa yesisindo sikanembeza onecala. (IHubo 51:17) Uma simnxusa ngobuqotho, ngenhliziyo edabukile, uJehova uyosisiza sikwazi ukulwa nezilingo.—Filipi 4:6, 7.
17. (a) Kusiza kanjani ukubheka indlela uJehova azizwa ngayo ngobuthakathaka okungenzeka silwa nabo? (b) Singazikhumbuza miphi imiBhalo uma silwisana nokulawula ukuthukuthela ngokushesha? uma silwa nokuqapha ulimi lwethu? ukuze simelane nokuthambekela ekuzijabuliseni okungahlanzekile?
17 Singabonisa futhi ukuthi sithembele kuJehova ngokuhlola eZwini lakhe ukuze sithole usizo. Sisebenzisa ikhonkodensi yeBhayibheli, i-Watch Tower Publications Index, noma izikhombo ezivela komagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ekupheleni konyaka ngamunye, singafuna impendulo yalo mbuzo, ‘UJehova uzizwa kanjani ngalobu buthakathaka engilwa nabo?’ Ukubheka indlela uJehova azizwa ngayo ngendaba kungaqinisa isifiso sethu zokumjabulisa. Ngaleyo ndlela, singakwazi ukuzizwa ngendlela azizwa ngayo, sizonde okubi. (IHubo 97:10) Abanye bakuthola kusiza ukubamba ngekhanda amavesi athile eBhayibheli asebenza kulobo buthakathaka abasuke belwa nabo. Ingabe silwisana nokulawula ukuthukuthela ngokushesha? Uma kunjalo, singazikhumbuza imiBhalo efana nezAga 14:17 neyabase-Efesu 4:31. Ingabe sikuthola kunzima ukuqapha ulimi lwethu? Singase sizikhumbuze imiBhalo efana nezAga 12:18 neyabase-Efesu 4:29. Ingabe sithambekele ekuzijabuliseni okungahlanzekile? Singase sizame ukukhumbula amavesi afana neyabase-Efesu 5:3 neyabaseKolose 3:5.
18. Kungani kungamelwe sibe namahloni okucela usizo kubadala ukuze sinqobe ubuthakathaka bethu?
18 Ukufuna usizo kubadala abamiswe umoya ebandleni kungenye indlela esingabonisa ngayo ukuthi sincike kuJehova. (IzEnzo 20:28) Angithi lezi “zipho ezingabantu” ziyilungiselelo elivela kuJehova ngoKristu ukuze avikele futhi anakekele izimvu zaKhe. (Efesu 4:7, 8, 11-14) Kuyavunywa, kungase kungabi lula ukucela usizo lokubhekana nobuthakathaka. Singase sibe namahloni, sesabe ukuthi abadala bayosibukela phansi. Kodwa akungatshazwa ukuthi la madoda avuthiwe ngokomoya ayosihlonipha ngokuba kwethu nesibindi sokucela usizo. Ngaphezu kwalokho, abadala bazama ukubonisa izimfanelo zikaJehova uqobo endleleni abawuphatha ngayo umhlambi. Iseluleko nesiqondiso sabo esiduduzayo nesisebenzayo esivela eZwini likaNkulunkulu singase sibe yilokho kanye esikudingayo ukuqinisa isinqumo sethu sokunqoba ubuthakathaka bethu.—Jakobe 5:14-16.
19. (a) USathane ufuna ukubusebenzisa ngayiphi indlela ubuze bokuphila kulesi simiso? (b) Ukuba nethemba kuhlanganisani, futhi kumelwe sibe yini isinqumo sethu esiqinile?
19 Ungalinge ukhohlwe ukuthi uSathane uyazi ukuthi isikhathi sakhe sifushane. (IsAmbulo 12:12) Ufuna ukusebenzisa ubuze bokuphila kuleli zwe ukuze asidikibalise futhi asenze sishiye phansi. Kwangathi singathembela ngokuphelele kulokho okushiwo kweyabaseRoma 8:35-39: “Ubani oyosihlukanisa nothando lukaKristu? Ingabe usizi noma ukucindezeleka noma ukushushiswa noma ukulamba noma ukuhamba-ze noma ingozi noma inkemba? . . . Ngokuphambene nalokho, kuzo zonke lezi zinto siyanqoba ngokuphelele ngalowo owasithanda. Ngoba ngiyaqiniseka ukuthi nakufa nakuphila nazingelosi nahulumeni nazinto ezikhona manje nazinto ezizayo namandla nakuphakama nakujula nanoma iyiphi enye indalo ngeke kukwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.” Yaze yakubonisa ukuthembela kuJehova le nkulumo! Nokho, ithemba elinjalo aliwona nje umuzwa ongatheni. Kunalokho, liyithemba elihlanganisa izinqumo ezicatshangisisiwe esizenza ekuphileni kwansuku zonke. Kwangathi-ke, kungaba isinqumo sethu esiqinile ukuthembela kuJehova ngokuphelele ezikhathini zokucindezeleka.
[Imibhalo yaphansi]
a Encwadini eyabhalwa ngo-November 20, 1861, iya eSigayweni Semali sase-United States., uNobhala Wezimali uSalmon P. Chase wabhala: “Asikho isizwe esingaqina ngaphandle kwamandla kaNkulunkulu, noma esingalondeka ngaphandle kwesivikelo saKhe. Ukuthembela kwabantu bethu kuNkulunkulu kumelwe kuvezwe emalini yethu ewuhlweza esetshenziswa ezweni lonke.” Ngenxa yalokho, ngo-1864, isiqubulo esithi “Sithembele KuNkulunkulu” saqala ukuvela emalini ewuhlweza yase-United States esetshenziswa umphakathi.
b Ukukhathazeka okuchazwe lapha kuthiwa “kuwukwesaba okuhambisana nokukhathazeka, okuyamuka yonke injabulo ekuphileni.” Ezinye izinguqulo zithi “ungakhathazeki.” Kodwa ukuhumusha okunjalo kusikisela ukuthi akufanele sikuqale ukukhathazeka. Enye incwadi ithi: “Isenzo sesiGreki sisenkathini yamanje ephoqayo, okubonisa umyalo wokuyeka isenzo esithile ebesesiqhubeka kakade.”
c Lezo ziqondiso ezingu-8 zithi: (1) Ungethuki; (2) cabanga kahle; (3) vulela ingqondo yakho ezinhlotsheni ezintsha zomsebenzi; (4) phila ngokwemali onayo wena—hhayi omunye; (5) qaphela isikweleti; (6) gcina umkhaya unobunye; (7) londoloza ukuzethemba kwakho; (8) yenza uhlelo lokusetshenziswa kwemali.
d Lab’ omagazini abasekelwe eBhayibhelini abatusi noma bakhangise noma yiluphi uhlobo lokwelapha, beqaphela ukuthi lokho kuyisinqumo somuntu siqu. Kunalokho, izihloko ezikhuluma ngezifo noma ukuphazamiseka kwempilo okuthile zihloselwe ukwazisa abafundi ngamaqiniso ngendlela aziwa ngayo ngaleso sikhathi.
Uyakhumbula?
• Lapho sibhekene nezinkinga zomnotho, singabonisa ngaziphi izindlela ukuthi sithembele kuJehova?
• Singakubonisa kanjani ukuthembela kuNkulunkulu lapho sicindezelwe izinkinga zempilo?
• Lapho ubuthakathaka benyama buphikelela, singabonisa kanjani ukuthi sincike ngempela kuJehova?
[Ibhokisi ekhasini 17]
Uyazikhumbula Lezi Zihloko?
Lapho sicindezelwe izinselele zempilo, kuyakhuthaza ukufunda ngabanye abaye babhekana ngokuphumelelayo nokuphazamiseka kwempilo, ukugula, noma ukukhubazeka. Lezi zihloko ezilandelayo ziye zavela komagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!
Esithi “Ukubhekana Nobuthakathaka Bami” sagxila ekubhekaneni nokucabanga okungekuhle nokucindezeleka.—INqabayokulinda ka-May 1, 1990.
“Ngisho Nephaphu Lensimbi Lalingenakukuvimbela Ukushumayela Kwakhe.”—I-Phaphama! ka-January 22, 1993.
Esithi “Inhlamvu Yashintsha Ukuphila Kwami” sagxila ekubhekaneni nokukhubazeka.—I-Phaphama! ka-October 22, 1995.
Esithi “Anazi Ukuthi Ukuphila Kwenu Kuyoba Yini Kusasa” saxoxa ngokubhekana nokuphazamiseka kokuzizwa ngendlela eguquguqukayo (bipolar disorder).—INqabayokulinda ka-December 1, 2000.
Esithi “ULoida Ufunda Ukukhuluma” sagxila ekubhekaneni nokulimala ebuchosheni (cerebral palsy).—I-Phaphama! ka-May 8, 2000.
“Ukulwa Kwami Ne-endometriosis.”—I-Phaphama! ka-July 22, 2000.
“Ukulwa Kwami Ne-scleroderma.”—I-Phaphama! ka-August 8, 2001.
“Ngakunqoba Ukucindezeleka Kwangemva Kokubeletha.”—I-Phaphama! ka-August 8, 2002.
[Isithombe ekhasini 15]
Lapho sibhekene nokulahlekelwa umsebenzi, kuyoba ukuhlakanipha ukuhlola kabusha indlela yethu yokuphila
[Isithombe ekhasini 16]
Indaba kaLoida iyabonisa ukuthi ukuthembela kuJehova kuyamsiza umuntu ukuba akhuthazele (Bheka ibhokisi ekhasini 17)
[Isithombe ekhasini 18]
Akudingeki sibe namahloni okucela usizo lokunqoba ubuthakathaka bethu