Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 9/1 kk. 30-31
  • Ingabe Uyabazisa Asebekhulile Okholwa Nabo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyabazisa Asebekhulile Okholwa Nabo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wamazisa Umngane Wakhe Osekhulile
  • ‘Njengawobaba Nanjengawomama’
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Isibonelo Sokuzidela Nokwethembeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • U-Elisha Wabona Izinqola Zomlilo—Ingabe Nawe Uyazibona?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Wathola Induduzo KuNkulunkulu Wakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 9/1 kk. 30-31

Ingabe Uyabazisa Asebekhulile Okholwa Nabo?

NGESIKHATHI abantu bakwa-Israyeli wasendulo babesebuhlotsheni besivumelwano noNkulunkulu, bayalwa ngokuthi: “Kufanele usukume phambi kwempunga, ubonise ukucabangela ixhegu, umesabe uNkulunkulu wakho.” (Levitikusi 19:32) Ngaleyo ndlela, ukuhlonipha asebekhulile kwakuyisibopho esingcwele, esihlobene nokuzithoba kuNkulunkulu. Nakuba amaKristu namuhla engasekho ngaphansi koMthetho KaMose, usikhumbuza ukuthi uJehova uyazazisa izinceku zakhe esezikhulile futhi ziyigugu kuye. (IzAga 16:31; Hebheru 7:18) Ingabe sinombono ofana nokaJehova? Ingabe siyabazisa abafowethu nodadewethu abangamaKristu asebekhulile?

Wamazisa Umngane Wakhe Osekhulile

Okunye ukulandisa kweBhayibheli okuqokomisa ukubonisa inhlonipho kwasebekhulile kutholakala encwadini yesiBili YamaKhosi. Inomlando ochaza indlela umprofethi u-Elija alandelwa ngayo esikhundleni ngumprofethi osemusha u-Elisha. Cabanga ngalokho okwenzeka ngosuku lokugcina u-Elija engumprofethi embusweni wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi.

Ngalolo suku, lo mprofethi osekhulile waqondiswa uJehova ukuba ahambe asuke eGiligali aye eBhethele, asuke eBhethele aye eJeriko, asuke eJeriko aye eMfuleni iJordani. (2 AmaKhosi 2:1, 2, 4, 6) Kulolo hambo lwamakhilomitha angaba ngu-50, u-Elija wacela u-Elisha kathathu ukuba ayeke ukumlandela. Nokho, njengoba nje uRuthe osemusha emakhulwini eminyaka ngaphambili enqaba ngokuqinile ukushiya uNawomi, kanjalo no-Elisha wenqaba ukushiya umprofethi osekhulile. (Ruthe 1:16, 17) Kathathu u-Elisha wathi: “Kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, ngeke ngikushiye.” (2 AmaKhosi 2:2, 4, 6) Ngaleso sikhathi, u-Elisha wayesesize u-Elija iminyaka ecishe ibe yisithupha. Noma kunjalo, wayefisa ukukhonza no-Elija, uma nje kusengenzeka. Eqinisweni, ukulandisa kuthi: ‘Kwathi njengoba babehambisana, behamba bekhuluma, bheka! u-Elija wenyuka.’ (Ivesi 11) U-Elija no-Elisha babexoxa kwaze kwaba sekupheleni impela kwenkonzo ka-Elija kwa-Israyeli. Kusobala ukuthi lo mprofethi osemusha wayefisa ukuncela amazwi amaningi ngangokunokwenzeka esiyalo nesikhuthazo kumprofethi osekhulile, ongumakad’ ebona. Kuyacaca ukuthi wayemazisa umngane wakhe osekhulile.

‘Njengawobaba Nanjengawomama’

Akunzima ukubona ukuthi kungani u-Elisha ayethanda lo mprofethi osekhulile njengomngane—ngisho nanjengoyise ongokomoya. (2 AmaKhosi 2:12) Ngaphambi nje kokuba isabelo sakhe kwa-Israyeli siphele, u-Elija wathi ku-Elisha: “Cela ofuna ngikwenzele kona ngaphambi kokuba ngisuswe kuwe.” (Ivesi 9) Ngakho, u-Elija wabonisa ukukhathalela ingokomoya lalowo owayezomlandela esikhundleni kanye nokuqhubekela phambili komsebenzi kaNkulunkulu kwaze kwaba sekupheleni impela.

Namuhla, kuyajabulisa ukubona ukukhathalela okufanayo okunjengokukababa nomama kubafowethu nodadewethu abangamaKristu asebekhulile njengoba becobelela ngokukhululekile abasebasha ulwazi nokuhlakanipha abanakho. Ngokwesibonelo, izisebenzi zokuzithandela esezikhonze isikhathi eside emahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova zisiza ngokuzithandela amalungu amasha omkhaya waseBethel ukuba afunde amakhono adingekayo ukuze afeze inkonzo yawo. Ngokufanayo, ababonisi abajikelezayo nomkabo osekuyiminyaka behambela amandla bacobelela ngenjabulo ulwazi lwabo oluningi labo abaqeqeshelwa ukuba babe izinceku ezijikelezayo. Ngaphezu kwalokho, emabandleni oFakazi BakaJehova embulungeni yonke, kunabafowethu nodadewethu asebekhulile abebelokhu bekhonza uJehova ngokwethembeka amashumi eminyaka futhi abacobelela ngenjabulo amalungu amasha ebandla ulwazi lwabo nokuhlakanipha okusebenzayo.—IzAga 2:7; Filipi 3:17; Thithu 2:3-5.

Ukukhathalela okuqotho okuboniswa yila maKristu asekhulile athandekayo kwenza ukubonisa inhlonipho kulaba asebekhulile kujabulise ngempela. Ngakho, sifuna ukulingisa isibonelo sika-Elisha sokubazisa ngokujulile asebekhulile esikholwa nabo. Njengoba umphostoli uPawulu esikhumbuza, masiqhubeke siphatha ‘indoda endala . . . njengobaba’ ‘nabesifazane abadala njengawomama.’ (1 Thimothewu 5:1, 2) Ngokwenza kanjalo, siyanezela kakhulu ekusebenzeni kahle nasekuthuthukeni kwebandla lobuKristu emhlabeni wonke.

[Isithombe ekhasini 30]

U-Elisha wayefisa ukukhonza no-Elija, uma nje kusengenzeka

[Izithombe ekhasini 31]

Abasha bayazuza kakhulu kumaKristu asekhulile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela