“Sondelani KuNkulunkulu, Naye Uyosondela Kini”
Ngaphambi Nangemva Kokufunda IZwi LikaNkulunkulu—Izimiso ZeBhayibheli Zamshintsha
ESEMUSHA, u-Adrian wayegcwele ulaka nentukuthelo embi. Ukushesha kwakhe acasuke kwakuholela entukuthelweni enobudlova. Wayephuza, ebhema futhi ephila ukuphila kokuziphatha okubi. U-Adrian wayaziwa njenge-punk (umthandi womculo ongcolile nonokuvukela) futhi wayene-tattoo eyayibonisa ukukholelwa kwakhe ekuphileni ngesiphithiphithi. Uma echaza leyo minyaka uthi: “Ngangigunda izinwele zami ngendlela evamile yama-punk, ngangisebenzisa inomfi ukuze zime zithi mpó, futhi ngezinye izikhathi ngangizidaya zibe bomvu noma zibe omunye umbala.” U-Adrian wayebhoboze nekhala.
U-Adrian wahamba wayohlala endlini emafukufuku nenye intsha embalwa evukelayo. Lapho babephuza bedla nezidakamizwa. U-Adrian uyakhumbula: “Ngangizijova ngesidakamizwa i-speed nange-Valium nanoma yini engangingayithola. Lapho zingekho izidakamizwa noma i-glue ngangikhipha uphethiloli ezimotweni zabantu bese ngiwubhema ngidakwe.” Njengoba ayegebenga abantu emigwaqweni, u-Adrian wesatshwa futhi waba nobudlova ngokwedlulele. Abantu babengafuni nokumbona. Ngesikhathi esifanayo, idumela lakhe lamdonsela abangane abangalungile.
Kancane kancane, u-Adrian wabona ukuthi “abangane” bakhe babemthandela nje ukuzuza okuthile kuye. Ngaphezu kwalokho, wabona ukuthi “ukuthukuthela nobudlova kwakungamzuzisanga ngalutho.” Ezizwa eyize futhi ekhungathekile, wabashiya abangane bakhe. Lapho ethola ikhophi ye-Nqabayokulinda esakhiweni esithile, wakhangwa umyalezo wayo osekelwe eBhayibhelini, futhi lokhu kwaholela ekutadisheni iBhayibheli noFakazi BakaJehova. U-Adrian wasabela ngokuzimisela kulesi simemo: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Ngenxa yalokho, u-Adrian washeshe wasibona isidingo sokuba aqale asebenzise izimiso ezitholakala emiBhalweni Engcwele.
Ulwazi olwengeziwe lweBhayibheli lwaba nethonya elihle kunembeza ka-Adrian futhi lwayishintsha inkambo yakhe ekuphileni. Wasizwa ukuba anqobe ulaka lwakhe futhi afunde ukuzithiba. Ngenxa yamandla eZwi likaNkulunkulu, ubuntu buka-Adrian bashintsha ngempela.—Hebheru 4:12.
Nokho, iBhayibheli lingaba kanjani nethonya elinamandla kangaka? Ulwazi lwemiBhalo lusisiza ukuba ‘sigqoke ubuntu obusha.’ (Efesu 4:24) Yebo, ubuntu bethu bushintshwa ukusebenzisa ulwazi olunembile oluseBhayibhelini. Kodwa ulwazi olunjalo lubashintsha kanjani abantu?
Okokuqala, iBhayibheli lembula izici zobuntu ezingathandeki ezidinga ukulungiswa. (IzAga 6:16-19) Okwesibili, imiBhalo isinxusa ukuba sibonise izimfanelo ezithandekayo ezivezwa umoya ongcwele kaNkulunkulu. Lezi zimfanelo zihlanganisa “uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.”—Galathiya 5:22, 23.
Ukuziqonda ngokujulile izimfuneko zikaNkulunkulu kwamsiza u-Adrian ukuba azihlole yena futhi abone izici zobuntu okwakudingeka azihlakulele nalezo okwakufanele aziqede. (Jakobe 1:22-25) Kodwa kwakuseyisiqalo nje leso. Ngaphezu kolwazi, kwakudingeka nesikhuthazo—into eyayiyoshukumisa u-Adrian ukuba afune ukushintsha.
U-Adrian wafunda ukuthi ubuntu obusha obuthandekayo buyalolongwa “ngokomfanekiso waLowo owabudala.” (Kolose 3:10) Wagcina ebonile ukuthi ubuntu bomKristu kumelwe bufane nobuntu bukaNkulunkulu uqobo. (Efesu 5:1) Ngokutadisha iBhayibheli, u-Adrian wafunda ngokusebenzelana kukaJehova nesintu futhi waziphawula izimfanelo ezinhle zikaNkulunkulu, ezifana nothando, umusa, ubuhle, ubumnene nokulunga. Ulwazi olunjalo lwashukumisa u-Adrian ukuba athande uNkulunkulu futhi alwele ukuba uhlobo lomuntu olwamukelwa uJehova.—Mathewu 22:37.
Ngosizo lomoya ongwele kaNkulunkulu, ekugcineni u-Adrian wakwazi ukulawula ukuthukuthela kwakhe okunobudlova. Manje yena nomkakhe bamatasa basiza abanye ukuba bahlanze ukuphila kwabo ngosizo lolwazi lweBhayibheli. U-Adrian uthi: “Ngokungafani nabangane bami abaningi bakudala asebafa, mina ngiyaphila futhi ngijabulela ukuphila komkhaya okujabulisayo.” U-Adrian uwubufakazi obuphathekayo bamandla eBhayibheli akwazi ukushintsha ukuphila kube ngcono.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 25]
“Ukuthukuthela nobudlova kwakungamzuzisanga ngalutho”
[Ibhokisi ekhasini 25]
Izimiso ZeBhayibheli Ezisebenzayo
Lezi yizimiso zeBhayibheli ezisize abantu abaningi ababenolaka futhi beyizidlova ukuba babe nokuthula:
“Yibani nokuthula nabantu bonke. Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka.” (Roma 12:18, 19) Makube uNkulunkulu onqumayo ukuthi uyophindisela nini futhi aphindisele kubani. Lokho angakwenza ewazi kahle wonke amaqiniso, futhi noma iyiphi impindiselo evela kuye iyobonisa ubulungisa bakhe obuphelele.
“Thukuthelani, kodwa ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka, futhi ningamniki uDeveli indawo.” (Efesu 4:26, 27) Ngezinye izikhathi umuntu angathukuthela, kube kufanele. Uma kwenzeka lokhu, akufanele ahlale ‘esesimweni sokucasuka.’ Ngani? Ngoba ukwenza kanjalo kungamshukumisela ukuba enze okubi, ngaleyo ndlela anike “uDeveli indawo,” kuphumele ekutheni uJehova uNkulunkulu angamamukeli.
“Hlukana nentukuthelo uyeke ukufutheka; ungafuthelani ukuba nje wenze okubi.” (IHubo 37:8) Imizwa engabanjiwe iholela ezenzweni ezingalawuliwe. Uma umuntu evumela ukuthukuthela, cishe uyosho noma enze izinto eziyolimaza wonke umuntu ohilelekile.