Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 12/1 kk. 3-4
  • Isizathu Sokuba Baye Esontweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isizathu Sokuba Baye Esontweni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphila Ngenkathi Yezinguquko Ezinkulu EKorea
    I-Phaphama!—2008
  • Ingabe Isonto Lakho Kumelwe Libe Kwezombangazwe?
    I-Phaphama!—1989
  • Ukuhlanganiswa Kwemikhaya YaseKorea—Ingabe Kuyisiqalo Esisha?
    I-Phaphama!—2001
  • Ngiwubonile Wanda EKorea
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 12/1 kk. 3-4

Isizathu Sokuba Baye Esontweni

“IREPUBLIC OF KOREA manje isinabantu abasonta eHabe abaningi ngokuphindwe kane kunabaseMelika.” Kungenzeka ukuthi leyo nkulumo eyayikumagazini i-Newsweek yabamangaza abafundi abaningi, ngoba abantu abaningi bacabanga ukuthi eKorea kubusa inkolo yobuConfucian noma yobuBuddha. Namuhla, umuntu ovakashele lapho uyothola amasonto “obuKristu” amaningi impela, ngokuvamile aphawuleka ngeziphambano ezikhanya okubomvu. NgamaSonto, kuvamile ukuba kubonakale abantu behamba ngababili noma ngabathathu, bephethe amaBhayibheli ngezandla, beya esontweni. Ngokokuhlola okwenziwa ngo-1998, amaphesenti acishe abe ngu-30 abantu baseKorea asonta esontweni lamaKatolika noma kwelamaProthestani, okuyisibalo esidlula esalabo abathi bangamaBuddha.

Kule nkathi yamanje, akuvamile ukubona isibalo esikhulu kangako sabantu kunoma iyiphi indawo siya esontweni njalo. Noma kunjalo, lokhu kuyenzeka, kungenzeki eKorea kuphela kodwa nakwamanye amazwe ase-Asia, e-Afrika kanye naseLatin America. Njengoba kubonakala sengathi ukunganaki nokungabi nandaba nenkolo kwande kangaka emhlabeni, kungani abantu abaningi kangaka besathi bayakholelwa kuNkulunkulu? Kungani beya esontweni?

Ukuhlola okwenziwa i-Gallup kwembula ukuthi abantu baseKorea abangaphezu kwengxenye baya esontweni ngoba befuna ukuthula kwengqondo; abangaba ingxenye yesithathu banethemba lokuthola ukuphila okuphakade ngemva kokufa; kanti oyedwa kwabayishumi uya ngethemba lokuthola impilo, ingcebo nempumelelo.

Abantu abaningi eChina bathutheleka emasontweni benamathemba okuthola okuthile okuzovala isikhala esingokomoya esivuleke lapho imigomo yokufuna umcebo ithatha kancane kancane indawo yomqondo wobuKhomanisi. Njalo ngonyaka, kunyatheliswa futhi kusakazwe izigidi zamakhophi eBhayibheli eChina, futhi abantu babonakala bewafunda ngentshiseko ababefunda ngayo incwadi encane ebomvu kaMao.

Amanye amaKatolika eBrazil, ikakhulu lawo asemasha, awagculisekile ngesithembiso senjabulo etholakala ekuphileni okuzayo—afuna ukuthola injabulo manje. Umagazini wezindaba i-Tudo uyaphawula: “Uma kuyimfundiso yenkolo yenkululeko eyashukumisa abantu ngawo-1970, yimfundiso yenkolo yokuchuma ebashukumisayo namuhla.” Kokunye ukuhlola okwenziwa eBrithani kwacelwa abantu abasontayo balapho ukuba basho into eyodwa abayithandayo ngesonto labo. Into ewungqa phambili abayisho kwakuwubudlelwane.

Konke lokhu kubonisa ukuthi, nakuba iningi labantu lisakholelwa kuNkulunkulu, iningi labo likhathalela kakhulu lokho elingakuthola manje, alinandaba nalokho elizokuthola esikhathini esizayo, ngisho nanoNkulunkulu imbala. Wena ucabanga ukuthi yisiphi isizathu esifanele sokukholelwa kuNkulunkulu? Lithini iBhayibheli ngale ndaba? Impendulo uzoyithola esihlokweni esilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela