Indlela Esibonisa Ngayo Ukuthi Siyamthanda UNkulunkulu
UKUHLAKULELA uthando ngoNkulunkulu akusho ukumane nje ube nolwazi ngaye. Njengoba izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni wonke zingafakaza, uthando lweqiniso ngoNkulunkulu luyakhula lapho umuntu eya ngokuya ebazi ubuntu bakhe, futhi luqina nakakhulu lapho esekwazi lokho uNkulunkulu akuthandayo, akuzondayo kanye nezimfuneko zakhe.
Ngothando, uJehova usinikeze iZwi lakhe, iBhayibheli, lapho ezembula khona. Kulona, sifunda indlela uJehova azisingatha ngayo izimo ezihlukahlukene. Njengoba nje incwadi evela kothile esimthandayo isijabulisa kakhulu, kanjalo neBhayibheli liyasijabulisa njengoba sibona izici ezintsha zobuntu bukaJehova zembuleka.
Nokho, njengoba ngezinye izikhathi sikuphawula lokhu enkonzweni yethu yasobala, ukuba nolwazi ngoNkulunkulu akwenzi ngaso sonke isikhathi ukuba umuntu amthande uNkulunkulu. Kwamanye amaJuda osuku lwakhe ayengenakho ukwazisa uJesu wathi: “Nihlola imiBhalo, ngoba nicabanga ukuthi niyoba nokuphila okuphakade ngayo; . . . kodwa ngazi kahle ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkulu.” (Johane 5:39, 42) Abanye kuphela iminyaka befunda ngezenzo zikaJehova zothando kodwa noma kunjalo banothando oluncane ngaye. Ngani? Bayehluleka ukuzindla ngalokho okushiwo yilokho abakufundayo. Ngokuphambene, abantu abaningi abaqotho esifunda nabo iBhayibheli bezwa uthando lwabo ngoNkulunkulu luqhubeka lukhula. Ngani? Ngoba, njengoba nathi senza, balandela isibonelo sika-Asafa. Kanjani?
Zindla Ngokwazisa
U-Asafa wayezimisele ukuhlakulela uthando lukaJehova enhliziyweni yakhe. Wabhala: “Ngizobonisa ukukhathazeka ngenhliziyo yami . . . Ngizozikhumbula izenzo zikaJah; ngoba ngizokukhumbula ukwenza kwakho okumangalisayo kwakudala. Ngokuqinisekile ngizozindla ngawo wonke umsebenzi wakho, futhi ngizozikhathaza ngezenzo zakho.” (IHubo 77:6, 11, 12) Uthando ngoNkulunkulu luyokhula enhliziyweni yomuntu ozindla ngezindlela zikaJehova njengoba umhubi enza.
Ngaphezu kwalokho, ukukhumbula okujabulisayo okwénzeka kithi lapho sikhonza uJehova kuyabuqinisa ubuhlobo bethu naye. Umphostoli uPawulu wathi “siyizisebenzi ezikanye” noNkulunkulu, futhi ubungane obungase bubekhona phakathi kwabantu abasebenza ndawonye bukhetheke kakhulu. (1 Korinte 3:9) Lapho sibonisa uthando lwethu ngoJehova, uyakwazisa lokho, ngoba kwenza inhliziyo yakhe ijabule. (IzAga 27:11) Ngakho, lapho sicela usizo lukaJehova futhi esisiza ukuba sichushe ebunzimeni obuthile, siyazi ukuthi unathi, futhi uthando lwethu ngaye luyakhula.
Ubungane phakathi kwabantu ababili buyaqina lapho betshelana indlela abazizwa ngayo. Ngokufanayo, lapho simtshela uJehova ukuthi kungani sizinikele kuye, uthando lwethu ngaye luyaqina. Siyozithola sesicabanga ngala mazwi kaJesu: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo onke amandla akho.” (Marku 12:30) Yini esingayenza ukuze siqiniseke ukuthi sizoqhubeka simthanda uJehova ngenhliziyo yethu yonke, ngomphefumulo wethu wonke, ngengqondo yethu yonke nangamandla ethu onke?
Ukuthanda UJehova Ngenhliziyo Yethu Yonke
ImiBhalo ikhuluma ngenhliziyo engokomfanekiso, okungumuntu wangaphakathi—izifiso zethu, isimo sethu sengqondo nemizwa yethu. Ngakho ukuthanda uJehova ngenhliziyo yethu yonke kusho ukuthi esikufisa ngaphezu kwakho konke, ukujabulisa uNkulunkulu. (IHubo 86:11) Ngokwenza ubuntu bethu bamukeleke kuye sibonisa ukuthi sinalo lolo thando. Sizama ukulingisa uNkulunkulu ‘ngokwenyanya okubi, sibambelele kokuhle.’—Roma 12:9.
Uthando lwethu ngoNkulunkulu luthinta imizwa yethu ngayo yonke into. Ngokwesibonelo, singase sithole umsebenzi wethu wokuziphilisa uthakazelisa noma uthatha isikhathi sethu esiningi, kodwa ingabe yilapho inhliziyo yethu ikhona? Cha. Njengoba uJehova simthanda ngenhliziyo yethu yonke, into ehamba phambili ukuthi siyizikhonzi zakhe. Ngokufanayo, siyafuna ukubajabulisa abazali bethu, esishade nabo nabaqashi bethu, kodwa sibonisa ukuthi uJehova simthanda ngenhliziyo yethu yonke ngokuthi sifune ukujabulisa yena ngaphezu kwabo bonke. Kakade, nguyena okufanele eze kuqala ezinhliziyweni zethu.—Mathewu 6:24; 10:37.
Ukuthanda UJehova Ngomphefumulo Wethu Wonke
EmiBhalweni igama elithi “umphefumulo” ngokuyisisekelo lisho thina kanye nokuphila kwethu. Ngakho ukuthanda uJehova ngomphefumulo wethu wonke kusho ukuthi sisebenzisa ukuphila kwethu ukuze simdumise futhi sibonise ukuthi siyamthanda.
Yiqiniso, kungase kube khona okunye esikuthandayo ekuphileni, njengokufunda umsebenzi, ukuphatha ibhizinisi, noma ukuba nomkhaya. Kodwa ngesikhathi esifanayo, sibonisa ukuthi uJehova simthanda ngomphefumulo wethu wonke ngokwenza izinto ngendlela yakhe nangokugcina ezinye izinto zisendaweni yazo efanele ekuphileni kwethu, ngaleyo ndlela ‘sifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe.’ (Mathewu 6:33) Ukukhulekela ngomphefumulo wonke kusho futhi ukushiseka. Sibonisa uJehova ukuthi siyamthanda ngokushumayela ngentshiseko ngesigijimi soMbuso, ngokunikeza izimpendulo ezakhayo emihlanganweni, noma ngokusiza abafowethu nodadewethu abangamaKristu. Kuzo zonke izinto, siyaqhubeka ‘senza intando kaNkulunkulu ngomphefumulo wonke.’—Efesu 6:6.
UJesu wabonisa ukuthi uNkulunkulu umthanda ngomphefumulo wakhe wonke ngokuba azidele. Wenza intando kaNkulunkulu yeza kuqala kunezidingo zakhe. UJesu wasicela ukuba silandele isibonelo sakhe. Wathi: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.” (Mathewu 16:24, 25) Ukuzidela kusho ukuzinikezela. Kusho ukuthi uNkulunkulu simthanda ngale ndlela yokuthi size simnike ukuphila kwethu, njengasezikhathini zeBhayibheli lapho umIsrayeli ayethanda inkosi yakhe kakhulu kangangokuba aze azibophezele ngokuba yisigqila sayo phakade. (Duteronomi 15:16, 17) Ukunikezela ukuphila kwethu kuJehova kunikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi siyamthanda.
Ukuthanda UJehova Ngengqondo Yethu Yonke
Ukuthanda uJehova ngengqondo yethu yonke kusho ukuthi senza yonke imizamo edingekayo ukuze siqonde ubuntu bakhe, izinjongo zakhe nezimfuneko zakhe. (Johane 17:3; IzEnzo 17:11) Sibonisa uJehova ukuthi siyamthanda ngokuthuthukisa ikhono lethu lokufundisa nangokusebenzisa onke amakhono ethu ekusizeni abanye ukuba nabo bamthande uJehova. Umphostoli uPetru wakhuthaza: “Bhukulani izingqondo zenu ngenjongo yokusebenza.” (1 Petru 1:13) Okunye, senza umzamo wokubonisa isithakazelo kwabanye, ikakhulukazi izinceku zikaNkulunkulu esikanye nazo. Siyazazi izimo zazo ngakho siyabona lapho kufanele sizincome khona noma lapho kudingeka siziduduze khona.
Sibonisa uJehova ukuthi simthanda ngengqondo yethu yonke ngokuvumelanisa ukucabanga kwethu nokwakhe. Sizama ukubheka izinto ngendlela yakhe, singamkhipheli ngaphandle lapho senza izinqumo, ngoba sikholelwa ukuthi izindlela zakhe zinhle kakhulu. (IzAga 3:5, 6; Isaya 55:9; Filipi 2:3-7) Kodwa njengoba siqhubeka sibonisa ukuthi siyamthanda uNkulunkulu, singawasebenzisa kanjani amandla ethu?
Ukuthanda UJehova Ngawo Onke Amandla Ethu
Intsha eningi ebandleni lobuKristu isebenzisa amandla ayo ukuze idumise uJehova. (IzAga 20:29; UmShumayeli 12:1) Enye indlela intsha eningi engamaKristu ebonisa ngayo ukuthi uJehova imthanda ngamandla ayo onke ukungenela inkonzo yokuphayona, inkonzo yesikhathi esigcwele. Omama abaningi bahlanganyela kule nkonzo ngesikhathi izingane zabo zisesikoleni. Abadala abathembekile abenza ukuhambela kokwalusa naphezu kokunakekela inhlalakahle yemikhaya yabo babonisa ukuthi bamthanda ngamandla abo onke uJehova. (2 Korinte 12:15) UJehova uyabanikeza amandla labo abathembele kuye, ukuze babonise uthando lwabo ngokumdumisa, besebenzisa onke amandla abanawo.—Isaya 40:29; Hebheru 6:11, 12.
Uma uthando luhlakulelwe kahle luyokhula. Ngakho, siyaqhubeka sizinika isikhathi sokuzindla. Sikhumbula lokho uJehova asenzele kona nokuthi kungani kufanele sizinikele kuye. Njengenzalo ka-Adamu engaphelele, asisoze sazifanelekela “izinto uNkulunkulu aye wazilungiselela labo abamthandayo,” kodwa singabonisa ukuthi uJehova simthanda ngomphefumulo wethu wonke. Masiqhubekeni senza kanjalo!—1 Korinte 2:9.
[Isithombe ekhasini 20]
Sibonisa ngezenzo ukuthi siyamthanda uNkulunkulu