Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 3/1 kk. 22-27
  • Ukwaneliseka Kokukhonza UNkulunkulu Kuye Kwangisekela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwaneliseka Kokukhonza UNkulunkulu Kuye Kwangisekela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impofana Ingabela Ingcebo
  • “Ukuntshontsha” Izingane Zakwethu
  • ‘Ukufunda Imfihlo’
  • Ukukhonza Amabandla Siwumkhaya
  • Usizi Lwempi Yombango
  • Ukulwa Nendlala Engokomoya
  • Ukwaneliseka Kuletha Ezinye Izibusiso
  • Ingxenye 4—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Umkhaya Owangithanda Ngempela
    I-Phaphama!—1995
  • UJehova Uyisiphephelo Sami
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ukuqeqeshwa Engakuthola Kwangenza Ngaphumelela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 3/1 kk. 22-27

Indaba Yokuphila

Ukwaneliseka Kokukhonza UNkulunkulu Kuye Kwangisekela

ILANDISWA UBENJAMIN IKECHUKWU OSUEKE

Kungakabi sikhathi esingakanani ngiqale inkonzo yesikhathi esigcwele, ngavakashela ekhaya. Lapho nje engithi nhlá, ubaba wangigxavula ngeyembe wayesememeza ethi, ‘Sela ndini!’ Wathatha inkemba yakhe wangishaya ngempama yayo. Besuswa umsindo, abanye omakhelwane bathi mbó ekhaya. Ngangintshontsheni? Ake ngichaze.

NGAZALWA ngo-1930 endaweni yase-Umuariam eningizimu mpumalanga yeNigeria, futhi ngangiyizibulo ezinganeni ezingu-7. Inkosazana yakwethu yashona ineminyaka engu-13 ubudala. Abazali bami babesonta eSheshi. Ubaba wayengumlimi kanti umama wayenebhizinisi elincane. Wayehamba ngezinyawo alibangise ezimakethe zendawo eziqhele ngamakhilomitha acishe abe ngu-30 ukusuka lapho sihlala khona eyothenga igogogo lamafutha esundu abuye ntambama ngalo lelo langa. Bese kuthi ngakusasa ngovivi, amabombo awabhekise edolobheni elinesiteshi sezitimela eliqhele ngamakhilomitha angu-40 eyothengisa la mafutha. Uma eyithola imali, ngokuvamile eyayingeqi emalini engaba yiRandi elilodwa, wayesithengela ukudla abese ebuya ngalo lelo langa. Wayelokhu enza kanje iminyaka engaba ngu-15 kwaze kwaba yilapho eshona ngo-1950.

Ngaqala ukufunda endaweni yakithi esikoleni esasiphethwe iSonto LaseSheshi, kodwa ukuze ngiphothule esikoleni sabaqalayo, kwadingeka ngihlale endlini eqashisayo eyayiqhele ngamakhilomitha acishe abe ngu-35. Njengoba abazali bami babengenayo imali yokuba ngiqhubeke nemfundo yami, ngaqala ukuthungatha umsebenzi. Ngaqale ngaba isisebenzi sasendlini sikanogada wasesitimeleni eLagos, entshonalanga yeNigeria, kamuva ngaqashwa isisebenzi sikahulumeni eKaduna, enyakatho yeNigeria. EBenin City, entshonalanga ephakathi yeNigeria, ngathola umsebenzi wokuba umabhalane wommeli, kamuva ngathola umsebenzi lapho kusahwa khona amapulangwe. Ukusuka lapho ngaya eCameroon ngo-1953 ngiyohlala nomzala owangisiza ukuba ngithole umsebenzi endaweni okutshalwe kuyo izihlahla zenjoloba. Ngangihola imali ecishe ibe amaRandi angu-62 ngenyanga. Ngangithola imisebenzi ephansi nje kuphela, kodwa nganganelisekile inqobo nje uma kukhona okuya ngasethunjini okwanele.

Impofana Ingabela Ingcebo

USilvanus Okemiri, engangisebenza naye, wayengomunye woFakazi BakaJehova. Wayesebenzisa onke amathuba ukuze angicobelele ulwazi lwakhe lweBhayibheli ngesikhathi sisika utshani semboza ngabo izithombo zezihlahla zenjoloba. Nakuba ngangimlalela, asikho isinyathelo engasithatha ngaleso sikhathi. Noma kunjalo, lapho umzala ezwa ukuthi ngiyaxhumana noFakazi, wenza konke okusemandleni akhe ukuze angidikibalise. Wangidonsa ngendlebe: “Benji, ungalinge umvakashele uMnumzane Okemiri. Ungumuntu kaJehova futhi umpofu kakhulu. Noma ubani ojwayelana naye uyoba njengaye.”

Ekuqaleni kuka-1954, ngabuyela ekhaya, ngoba ngangingasakwazi ukuzibekezelela izimo ezinzima zokusebenza enkampanini. Ngalezo zikhathi iSonto LaseSheshi lalinemithetho yokuziphatha ethé ukuqina. Ngakhula ngikwenyanya ukuziphatha okubi. Nokho, kungakabiphi, nganengwa ubuzenzisi balabo engangisonta nabo. Nakuba babeqinisa ngokuthi bayazilalela izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha, indlela ababephila ngayo yayiphikisana nalokho ababekusho. (Mathewu 15:8) Sasihilizisana kaningi nobaba, okwenza ukuba singazwani impela. Ngobunye ubusuku ngavele ngakhala ngemuka ekhaya.

Ngathuthela e-Omoba, idolobha elincane elinesiteshi sezitimela. Lapho, ngabuye ngahlangana noFakazi BakaJehova. UPriscilla Isiocha, engangimazela ngakithi, wanginikeza incwajana ethi “Lezi Zindaba Ezinhle ZoMbuso” nethi Ngemuva Kwe-Armagedoni—Izwe Elisha LikaNkulunkulu.a Ngiqiniseka ukuthi ngithole iqiniso, ngazifunda ngentshiseko. Lapho ngangisonta khona sasingalifundi iBhayibheli; sasigxile emasikweni abantu. Nokho, izincwadi zoFakazi zazicaphuna kaningi eBhayibhelini.

Esikhathini esingaphansi kwenyanga kamuva, ngabuza uMzalwane noDade Isiocha ukuthi bazoya nini esontweni labo. Ngesikhathi ngisemhlanganweni woFakazi BakaJehova okokuqala, akukho nolu ncú engaluqonda. INqabayokulinda yayikhuluma ngokuhlasela ‘kukaGogi wakwaMagogi,’ okukhulunywa ngaye encwadini kaHezekeli eyisiprofetho. (Hezekeli 38:1, 2) Ngangingawajwayele amagama amaningi, kodwa indlela abangamukela ngayo ngothando yangihlaba umxhwele kakhulu kangangokuthi nganquma ukuphindela ngeSonto elilandelayo. Emhlanganweni wesibili, ngezwa kukhulunywa ngokushumayela. Ngakho ngabuza uPriscilla ukuthi bazoya nini ukuyoshumayela. NgeSonto lesithathu, ngahamba nabo, ngiphethe iBhayibheli elincane. Ngangingaphethe sikhwama nazincwadi zeBhayibheli zokushumayela. Noma kunjalo, ngaba ummemezeli woMbuso futhi ngafaka umbiko wenkonzo yasensimini ekupheleni kwenyanga!

Akukho muntu owayengifundisa iBhayibheli, kodwa noma nini lapho ngivakashele abakwa-Isiocha, ngangithola amazwi akha ukholo nakhuthazayo avela emiBhalweni ngithole nezincwadi ezithile zeBhayibheli. Ngo-December 11, 1954, emhlanganweni wesigodi e-Aba, ngabonakalisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi. Umzala engangihlala naye futhi engifundisa umsebenzi wayeka ukunginika ukudla nokungiqeqesha futhi wayengasanginiki ngisho nendibilishi le ngomsebenzi engangimenzela wona. Nokho, angimbambelanga gqubu; ngangibonga nje ngokuthi nginobuhlobo noNkulunkulu. Lokhu kwangiduduza futhi kwangenza ngaba nokuthula kwengqondo. OFakazi bendawo bangisiza. Abakwa-Isiocha banginika ukudla, abanye bangiboleka imali yokuqala ibhizinisana. Phakathi no-1955, ngathenga ibhayisekili eliyisekeni, kwase kuthi ngo-March 1956, ngaqala ukuba yiphayona elivamile. Ngokushesha ngemva kwalokho, ngakhokha izikweletu zami. Imali engangiyithola ngokudayisa yayiwubala, kodwa manje ngase ngikwazi ukuzinakekela. Lokho uJehova ayenginika kona kwakunganelisa.

“Ukuntshontsha” Izingane Zakwethu

Ngathi nje ngingathola indawo ethi mina, ngaqala ukukhathazeka kakhulu ngokusiza izingane zakwethu ngokomoya. Ngenxa yokuthi ubaba wayenobandlululo futhi engathembi muntu, wamelana nokuba kwami uFakazi. Ngakho, ngangizozisiza kanjani izingane zakwethu ukuba zifunde iqiniso leBhayibheli? Ngacela kubaba ukusiza umfowethu omncane u-Ernest ngezimali, ngakho wavuma ukuba ngihlale naye. Ngokushesha u-Ernest walamukela iqiniso kwathi ngo-1956 wabhapathizwa. Ukuguquka kwakhe kwenza ubaba waphikisa kakhulu. Noma kunjalo, udadewethu owayeseshadile naye walamukela iqiniso nomyeni wakhe. Lapho ngihlela ukuba udadewethu wesibili, uFelicia, angivakashele uma izikole sezivalile, ubaba wavuma kodwa emathintanyawo. Ngokushesha, uFelicia naye wabhapathizwa waba omunye woFakazi BakaJehova.

Ngo-1959, ngaya ekhaya ngiyolanda udadewethu wesithathu, uBernice, ukuze azohlala no-Ernest. Yingaleso sikhathi ubaba angihlasela ngaso, engibeka icala lokuntshontsha izingane zakhe. Wayengaqondi ukuthi yizona ezazizithathele isinqumo sokukhonza uJehova. Ubaba wafunga wagomela ethi akasoze amvumele uBernice ukuba ahambe nami. Kodwa isandla sikaJehova sasingafinyeziwe, ngoba ngawo kanye unyaka owalandela, uBernice weza wazovakashela u-Ernest ngamaholide esikole. Njengodadewabo, walamukela iqiniso futhi wabhapathizwa.

‘Ukufunda Imfihlo’

Ngo-September 1957, ngaqala ukuba iphayona elikhethekile, ngisebenza amahora angaba ngu-150 emsebenzini wokushumayela njalo ngenyanga. Mina nengangiphayona naye, uSunday Irogbelachi, sasisebenza insimu enkulu ese-Akpu-na-abuo, e-Etche. Emhlanganweni wesifunda wokuqala esaya kuwo silapho, kwabhapathizwa abantu abangu-13 ababeseqenjini lethu. Yeka ukuthi sijabula kanjani manje ngokubona amabandla angu-20 kuleyo ndawo!

Ngo-1958, ngaqala ukwazi uChristiana Azuike, owayeyiphayona elivamile elalikhonza eBandleni Lase-Aba East. Intshiseko ayenayo ngangiyethulela isigqoko, kwathi ngo-December wangalowo nyaka, sashada. Ekuqaleni kuka-1959, ngamiswa ukuba ngibe umbonisi ojikelezayo, ngihambela futhi ngiqinisa amabandla abafowethu abangokomoya. Kusukela ngaleso sikhathi kuze kube u-1972, mina nomkami sahambela cishe wonke amabandla abantu bakaJehova empumalanga nasentshonalanga ephakathi yeNigeria.

Amabandla ayeqhelelene kakhulu, futhi okwakuyiyonanto esasihamba ngayo kwakuyibhayisekili. Lapho sikhonza amabandla asemadolobheni amakhulu, abazalwane babesiqashela ithekisi ukuze sidlulele ebandleni elilandelayo. Ngesinye isikhathi izindlu esasihlala kuzo zazingakhonkiwe phansi futhi zingenawo usilingi. Sasilala emibhedeni eyenziwe ngezingodo zelala. Eminye yayinomatilasi abambozwe ngomata; eminye yayingenabo nhlobo omatilasi. Izinga lokudla nobungako bako kwakungeyona inkinga kithi. Ngenxa yokuthi esikhathini esidlule sasifundile ukwaneliswa okuncane esikutholayo, sasijabulela noma yikuphi ukudla esasinikwa kona, futhi kwakubajabulisa lokho labo esasihlala kubo. Ngalezo zinsuku amanye amadolobha ayengenawo ugesi, ngakho njalo sasiphatha isiketekete sethu. Nokho, naphezu kwezimo ezinzima, saba nezikhathi eziningi ezijabulisayo namabandla.

Ngaleyo minyaka, saqala ukukuqaphela ukubaluleka kwesiyalo somphostoli uPawulu esithi: “Uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.” (1 Thimothewu 6:8) Esebunzimeni, uPawulu wafunda imfihlo eyamsiza ukuba ahlale anelisekile. Iyini leyo mfihlo? Wachaza: “Ngempela ngiyakwazi ukuphelelwa ukudla, ngiyakwazi ukuba nensada. Kuzo zonke izinto nakuzo zonke izimo ngiye ngayifunda imfihlo yakho kokubili ukuthi kunjani ukusutha nokuthi kunjani ukulamba, kokubili ukuba nensada nokuswela.” Safunda leyo mfihlo. UPawulu wabuye wathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo [uNkulunkulu] ongipha amandla.” (Filipi 4:12, 13) Yeka ukuthi lokho kwaba yiqiniso kanjani endabeni yethu! Sabusiswa ngokwaneliseka, ngemisebenzi yobuKristu eyakhayo nangokuthula kwengqondo.

Ukukhonza Amabandla Siwumkhaya

Ngasekupheleni kuka-1959, sathola indodana yethu yokuqala, uJoel, kwathi ngo-1962, kwalandela eyesibili, uSamuel. Mina noChristiana saqhubeka nomsebenzi wokujikeleza, sihambela amabandla sikanye nabafana. Ngo-1967, kwabheduka impi yombango eNigeria. Izikole zavalwa ngenxa yokuhlasela kwezindiza okungapheli. Umkami wayenguthisha ngaphambi kokuba ahambe nami emsebenzini wokujikeleza, ngakho phakathi nempi, wayefundisa izingane ekhaya. Lapho eneminyaka eyisithupha, uSamuel wayesekwazi ukufunda nokubhala. Lapho engena esikoleni ngemva kwempi, wayephambili ngamakilasi amabili kontanga yakhe.

Ngaleso sikhathi, sasingabuqondi ngokugcwele ubunzima bokukhulisa izingane kuyilapho sisemsebenzini wokujikeleza. Nokho, ukwabelwa ukuba sibe amaphayona akhethekile ngo-1972 kwasizuzisa. Lokhu kwasenza sakwazi ukuhlala endaweni eyodwa ukuze sikwazi ukulinaka ngokwanele ingokomoya lomkhaya wethu. Esemancane, amadodana ethu sawafundisa ukubaluleka kokwaneliseka kokukhonza uNkulunkulu. Ngo-1973, uSamuel wabhapathizwa, kwathi uJoel yena waba iphayona elivamile ngawo lowo nyaka. Womabili amadodana ethu ashade nabesifazane abakahle abangamaKristu futhi manje akhulisa imikhaya yawo eqinisweni.

Usizi Lwempi Yombango

Ngesikhathi kuqala impi yombango, ngangikhonza ibandla e-Onitsha ngingumbonisi wesifunda, ngihamba nomkhaya wami. Leyo mpi yasenza sabubona nakakhulu ubuze bokuqongelela ingcebo noma ukuthembela kuyo. Ngangibona abantu bethi galoyephuka ukuze basindise ukuphila kwabo—beshiya izinto zabo eziyigugu ezitaladini.

Njengoba impi yayiya iqina, bonke abesilisa abayimiqemane babebuthwa. Abazalwane abaningi abenqaba ukubuthwa bahlushwa. Sasingakwazi ukuhamba ngokukhululekile. Ukuntuleka kokudla kwenza kwaba nesiyaluyalu esikhulu endaweni. Inani lomdumbula ongamakhilogremu angu-0,5 lanyuka lisuka emasentini angu-48 laya emaRandini angu-96 kanti inani lenkomishi kasawoti lanyuka lisukela emaRandini angu-55 laya kwangu-290. Ubisi, ibhotela noshukela kwakungasabonwa. Ukuze siphile, sasigaya upopo ongavuthiwe siwuxube nengcosana kafulawa womdumbula. Sasidla nezintethe, amakhasi omdumbula, amacembe e-hibiscus, utshani obude obuqatha—noma imaphi amacembe esasingawathola. Inyama yayiyivelakancane, ngakho ngangibamba izibankwa ukuze izingane zithole okuya ngasethunjini. Noma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi izinto zaziba zimbi kanjani, uJehova wayehlala esinakekela.

Nokho, okwakuyingozi ngisho nakakhulu kwakuyindlala engokomoya eyayibangelwa yimpi. Abazalwane abaningi babalekela emahlathini noma kwezinye izindawo ngenxa yempi, futhi njengoba babebaleka, balahlekelwa cishe yizo zonke izincwadi zabo zeBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, ukuqapha kwamasosha kahulumeni kwavimbela ukungena kwezincwadi ezintsha zeBhayibheli endaweni yaseBiafra. Nakuba amabandla amaningi ayezama ukuba nemihlangano, ingokomoya labazalwane lathinteka ngoba babengasasitholi isiqondiso esivela ehhovisi legatsha.

Ukulwa Nendlala Engokomoya

Ababonisi abajikelezayo benza konke okusemandleni abo ukuze baqhubeke nelungiselelo lokuhambela ibandla ngalinye. Njengoba abazalwane abaningi base bebalekile emadolobheni, ngabafuna noma kuphi lapho babengase batholakale khona. Ngesinye isikhathi, ngashiya umkami nezingane endaweni ephephile ngase ngihamba ngedwa amasonto ayisithupha, ngiya ezindaweni ezihlukahlukene nasezingxenyeni zehlathi ngifuna abafowethu.

Lapho ngikhonza ibandla e-Ogbunka, ngezwa kuthiwa kunoFakazi abaningi endaweni yase-Isuochi esifundeni sase-Okigwe. Ngacela othile ukuba adlulise umyalezo kubazalwane abakuleyo ndawo wokuba sihlangane ensimini yamantongomane esendaweni yase-Umuaku. Mina nomunye umzalwane osekhulile sahamba ngamabhayisekili amakhilomitha angu-15 siya kule nsimu, lapho kwakubuthene khona oFakazi abangu-200, kuhlanganise nabesifazane nezingane. Omunye udade oyiphayona wangisiza ukuba ngikwazi ukuthola abanye oFakazi abangaba ikhulu, ababebhace ehlathini laseLomara.

ULawrence Ugwuegbu wayengomunye wabazalwane abanesibindi ababehlala edolobheni lase-Owerri elalonakaliswe yimpi. Wangitshela ukuthi kunoFakazi abaningi endaweni yase-Ohaji. Babengakwazi ukuhamba ngokukhululekile, ngoba amasosha ayethé chithi saka kuyo yonke indawo. Sahamba sobabili ngamabhayisekili ebusuku sathola oFakazi abangaba ngu-120 ezakhiweni ezinkulu zomunye umzalwane. Sasebenzisa leli thuba futhi ukuze sihambele abanye oFakazi lapho babebhace khona.

UMzalwan’ u-Isaac Nwagwu wafaka ukuphila kwakhe engozini ukuze angisize ngithole abanye abazalwane ababebalekile ezindaweni zabo. Wangiwelisa ngesikebhe eMfuleni i-Otamiri ukuze ngiyohlangana noFakazi abangaphezu kuka-150 ababebuthene e-Egbu-Etche. Lapho, omunye umzalwane wathi: “Lolu usuku oluhle kakhulu ekuphileni kwami! Bengingacabangi ukuthi ngiyoke ngiphinde ngimbone umbonisi wesifunda. Uma ngingafa manje kule mpi, ngizobe nganelisekile.”

Ngangisengozini yokubuthwa ngenkani, kodwa ezikhathini eziningi ngangibona ukuthi uJehova uyangivikela. Ngenye intambama, sengibuyela lapho ngangihlala khona ngemva kokuhlangana nabazalwane abangaba ngu-250, iqembu labaphathi bamasosha langivimba lapho kwakuvinjwe khona. Labuza: “Kungani ungabuthiwe?” Ngalichazela ukuthi ngiyisithunywa sevangeli esishumayela ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngabona ukuthi lalizimisele ukungibopha. Ngemva kokuthandaza kafushane buthule, ngathi kukaputeni walo: “Ngicela ningidedele.” Ngamangala lapho ephendula ethi: “Konje uthe asikudedele?” Ngathi: “Yebo, ngidedeleni.” Wathi: “Ungahamba.” Amasosha awazange athi vu.—IHubo 65:1, 2.

Ukwaneliseka Kuletha Ezinye Izibusiso

Ngemva kokuphela kwempi ngo-1970, ngaqhubeka ngingumbonisi wesifunda. Kwakuyilungelo ukusiza ekuhleleni kabusha amabandla. Mina noChristiana sabe sesiba amaphayona akhethekile kwaze kwaba ngu-1976, lapho ngimiswa futhi ukuba ngibe umbonisi wesifunda. Maphakathi nonyaka, ngabelwa emsebenzini wesigodi. Ngemva kweminyaka engu-7, mina nomkami sacelwa ukuba sizokhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eNigeria, manje eliyikhaya lethu. Lapha egatsheni, kuhlala kusijabulisa kakhulu ukuphinda sibone abazalwane nodade esahlangana nabo ngesikhathi sempi yombango nangezinye izikhathi futhi abasakhonza uJehova ngokwethembeka.

Kuyo yonke le minyaka, uChristiana ubelokhu engumsizi omuhle kakhulu nomngane othembekile kimi. Isimo sakhe sengqondo esihle nokuzimisela kwakhe, naphezu kwezinkinga zempilo ezingamahlala khona aye wazibekezelela kusukela ngo-1978, kuye kwangisiza ukuba ngiqhubeke ngifeza izabelo zami. Siye sakubona ukuba yiqiniso kwala mazwi omhubi: “UJehova uqobo uyomsekela okhukhweni lokugula.”—IHubo 41:3.

Uma ngibheka emuva eminyakeni edlule yokuba matasa enkonzweni, ngiyambonga ngempela uJehova ngezibusiso zakhe ezinhle kakhulu. Ngenxa yokwaneliswa yilokho anginika kona, ngingasho ngempela ukuthi ngiye ngathola injabulo enkulu. Injabulo yokubona izingane zakwethu, izingane zami nemikhaya yazo yonke ikhonza uJehova kanye nami nomkami kuyisibusiso esingefaniswe nalutho. UJehova uye wanganelisa ngokuphila okucebile nokunenjongo. Asikho isifiso sami esingagcwalisekanga.

[Umbhalo waphansi]

a Zazinyatheliswa oFakazi BakaJehova. Azisanyatheliswa.

[Ibhokisi ekhasini 27]

Ilungiselelo Elifike Ngesikhathi Lisiza Ekusekeleni Abazalwane

Phakathi nawo-1960, ubutha phakathi kwamaqembu ezinhlanga enyakatho nasempumalanga yeNigeria babangela izibhelu, ukuvukela, ukungabi namthetho nodlame lobuzwe. Lezi zenzakalo zabacindezela kakhulu oFakazi BakaJehova, ababezimisele ngokungahlanganyeli nhlobo empini. Kwabulawa cishe abangu-20. Abaningi balahlekelwa yikho konke ababenakho.

Ngo-May 30, 1967, amazwe asempumalanga ahlamuka embusweni ohlangene waseNigeria, akha iRepublic of Biafra. Ibutho lombuso ohlangene laviva, yabe isivinjelwa ngokuphelele iBiafra. Kwalandela impi yombango enobudlova nokuchitheka kwegazi.

Ukungathathi hlangothi koFakazi BakaJehova endaweni yaseBiafra kwababangela amazinyo abushelelezi. Amaphephandaba akhipha amazwi entukuthelo, enza ukuba umphakathi ubabheke kabi. Nokho, uJehova waqikelela ukuba izinceku zakhe zikuthole ukudla okungokomoya. Kanjani?

Ekuqaleni kuka-1968, isisebenzi sikahulumeni sathunyelwa ukuyosebenza eYurophu esinye eshashalazini lezindiza eBiafra. Zombili zazingoFakazi. Umsebenzi wazo wenza ukuba kube yizona kuphela ezikwazi ukuxhumanisa iBiafra namazwe angaphandle. Labo Fakazi ababili bavuma ngokuzithandela ukwenza umsebenzi oyingozi wokuthumela ukudla okungokomoya eBiafra. Basiza nangokunikeza abazalwane bethu abahluphekayo izinto zokubasiza. Laba bazalwane ababili bakwazi ukuqhubeka naleli lungiselelo elibalulekile kwaze kwaba sekupheleni kwempi, ngo-1970. Kamuva omunye wabo wathi, “Leli lungiselelo lingaphezu kwanoma yini abantu ababengayihlela.”

[Isithombe ekhasini 23]

Ngo-1956

[Isithombe ekhasini 25]

Ngo-1965, sinamadodana ethu, uJoel noSamuel

[Isithombe ekhasini 26]

Yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani ukukhonza uJehova siwumkhaya!

[Isithombe ekhasini 27]

Namuhla, mina noChristiana sikhonza egatsheni laseNigeria

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela