Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 3/15 k. 28
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Niyoba “Umbuso Wabapristi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ukusoka—Ingabe Kuwuphawu Lobudoda?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Isivumelwano Esisha SikaNkulunkulu Sisondela Ekufezekeni Kwaso
    Ukulondeka (ws)
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 3/15 k. 28

Imibuzo Evela Kubafundi

Yini eyenzeka phakathi nesenzakalo esilotshwe ku-Eksodusi 4:24-26, futhi okukabani ukuphila okwakusengozini?

UMose wayesendleleni eqonde eGibhithe nomkakhe uZiphora, namadodana akhe uGereshomi no-Eliyezeri lapho kwenzeka okulandelayo: “Kwathi endleleni endaweni yokungenisa izihambi uJehova wamhlangabeza walokhu efuna indlela yokumbulala. Ekugcineni uZiphora wathatha insengetsha wanquma ijwabu lendodana yakhe futhi walithintisa izinyawo zayo wathi: ‘Yingoba ungumyeni wami wegazi.’ Ngakho wamdedela. Ngaleso sikhathi wathi: ‘Umyeni wegazi,’ ngenxa yokusokwa.” (Eksodusi 4:20, 24-26) Nakuba le ndima ingacacile kahle futhi umuntu engeke ayazi ngokuqinisekile incazelo yayo, ngezinga elithile, imiBhalo iyawacacisa la mavesi.

Lokhu kulandisa akusho ngokuqondile ukuthi okukabani ukuphila okwakusengozini. Nokho, kunengqondo ukuphetha ngokuthi kwakungekhona ukuphila kukaMose, ngoba wayesanda kuthunywa nguNkulunkulu ukuba ahole ama-Israyeli awakhiphe eGibhithe. (Eksodusi 3:10) Kubonakala kungenakwenzeka ukuthi lapho esesendleleni eyofeza leso sabelo, bese ingelosi kaNkulunkulu ifuna ukumbulala. Ngakho-ke kungaba ukuphila kwenye yamadodana akhe. Umthetho owawunikwe u-Abrahama ngaphambili mayelana nokusoka wawuthi: “Owesilisa ongasokile ongeke alisoke ijwabu lakhe, wona kanye lowo mphefumulo kumelwe unqunywe kubantu bakubo. Uphulé isivumelwano sami.” (Genesise 17:14) Kusobala ukuthi uMose wayekudebeselele ukusoka indodana yakhe, futhi ngenxa yalokho, ingelosi kaJehova yafuna ukuyibulala.

Ezikabani izinyawo ezathintwa ngejwabu lendodana kaZiphora lapho ezama ukulungisa izinto? Yingelosi kaJehova eyayinamandla okubulala leyo ndodana eyayingasokile. Ngakho-ke, kunengqondo ukuthi uZiphora walithintisa izinyawo zengelosi, elibeka phambi kwayo njengobufakazi bokuthi wayenze ngokuvumelana nesivumelwano.

Amazwi kaZiphora athi “ungumyeni wami wegazi” awavamile. Asho ukuthini la mazwi ngoZiphora? Ngokulalela kwakhe futhi enze ngokuvumelana nezimfuneko zesivumelwano sokusoka, uZiphora wahlonipha lobo buhlobo besivumelwano noJehova. Isivumelwano soMthetho esenziwa kamuva nama-Israyeli sabonisa ukuthi ebuhlotsheni besivumelwano, uJehova angase abhekwe njengomyeni futhi abanye abantu bamelele indima yomfazi. (Jeremiya 31:32) Ngakho ngokubiza uJehova (ngengelosi yaKhe eyayimmelele) ngokuthi ‘ungumyeni wakhe wegazi,’ uZiphora wabonisa ukuyithobela kwakhe imithetho yesivumelwano. Kwakungathi wamukela isikhundla sakhe njengomfazi esivumelwaneni sokusoka, uJehova uNkulunkulu efana nomyeni wakhe. Kunoma ikuphi, ngenxa yokuzimisela kwakhe ukulalela imfuneko kaNkulunkulu, indodana yakhe ayibange isazulelwa amanqe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela