Ingabe Ukungangeni Kwezombusazwe Kuyamvimbela UmKristu Ukuba Abonise Uthando?
UKUBA ngumKristu kuhilela okungaphezu kokufunda iBhayibheli, ukuthandaza nokucula amaculo njalo ngeSonto. Kuhilela ukwenzela uNkulunkulu nabantu okuthile. IBhayibheli lithi: “Masibe nothando, hhayi ngezwi noma ngomlomo, kodwa ngesenzo nangeqiniso.” (1 Johane 3:18) UJesu wayebakhathalela ngempela abanye ngakho namaKristu afuna ukumlingisa. Umphostoli uPawulu wakhuthaza amakholwa ayekanye nawo ukuba ngaso sonke isikhathi abe ‘nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’ (1 Korinte 15:58) Kodwa uyini lo msebenzi weNkosi? Ingabe uhlanganisa nokuzama ukushintsha isimiso sikahulumeni ukuze kuzuze abampofu nabacindezelekile? Ingabe yilokho uJesu akwenza?
Nakuba uJesu acelwa ukuba angene ezindabeni zombusazwe noma athathe uhlangothi, wenqaba. Wenqaba lapho uSathane emnikeza igunya lokubusa yonke imibuso yomhlaba, wakugwema ukungena empikiswaneni ngendaba yokukhokha intela, futhi wahoxa lapho iqembu elithile labantu lifuna ukumbeka inkosi. (Mathewu 4:8-10; 22:17-21; Johane 6:15) Kodwa ukungangeni kwakhe kwezombusazwe akuzange kumvimbele ukuba asize abanye.
UJesu wagxila kulokho okwakuyozuzisa abanye phakade. Nakuba ukusuthisa kwakhe abayizinkulungwane ezinhlanu nokuphulukisa abagulayo kwaletha impumuzo yesikhashana kwabambalwa, izimfundiso zakhe zenza ukuba sonke isintu sikwazi ukuthola izibusiso zaphakade. UJesu wayaziwa ngokuthi “UMfundisi,” hhayi ngokuba umhleli wemikhankaso yokusiza abaswele. (Mathewu 26:18; Marku 5:35; Johane 11:28) Wathi: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.”—Johane 18:37.
Ukwenza Okungcono Kunokungena Kwezombusazwe
Iqiniso uJesu alifundisa lalingeyona imibono yezombusazwe. Kunalokho, laligxile eMbusweni yena ngokwakhe ayezoba iNkosi yawo. (Luka 4:43) Lo Mbuso unguhulumeni wasezulwini, futhi uyothatha indawo yakho konke ukubusa kwabantu bese uletha ukuthula okungasoze kwaphela kubantu. (Isaya 9:6, 7; 11:9; Daniyeli 2:44) Ngakho, uwukuphela kwethemba langempela lesintu. Akubonisi yini uthando ngokuthé xaxa ukumemezela ngalelo themba lekusasa eliqinisekile kunokukhuthaza abantu ukuba bathembe abantu ukuthi bazobalethela ikusasa eliqinisekile? IBhayibheli lithi: “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa. Umoya wayo uyaphuma, iphindela emhlabathini wayo; ngalolo suku imicabango yayo iyashabalala. Uyajabula lowo olusizo lwakhe lunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe.” (IHubo 146:3-5) Ngakho, kunokuba athume abafundi bakhe ukuba bashumayele ngendlela engcono yokuhlela ohulumeni, uJesu wabafundisa ukuba bashumayele ‘izindaba ezinhle zombuso.’—Mathewu 10:6, 7; 24:14.
Yilona-ke ‘umsebenzi weNkosi’ amaKristu angabashumayeli athunywe ukuba awenze. Ngenxa yokuthi izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu kudingeka zithandane, uMbuso uyokwazi ukuqeda ubumpofu ngokwaba umcebo ngokulinganayo. (IHubo 72:8, 12, 13) Lezi izindaba ezinhle futhi kufanele ngempela ukuba zishunyayelwe.
Namuhla, oFakazi BakaJehova benza lo ‘msebenzi weNkosi’ emazweni angu-235. Ngokuvumelana nomyalo kaJesu, bayabahlonipha bonke ohulumeni. (Mathewu 22:21) Kodwa futhi bayawalalela la mazwi akhe awatshela abalandeli bakhe: “Aniyona ingxenye yezwe, kodwa nginikhethile kuleli zwe.”—Johane 15:19.
Abanye ababekwezombusazwe baye bashintsha ngemva kokufunda ngokucophelela iBhayibheli. Omunye owayekwezombusazwe e-Italy eyilungu le-Catholic Action, inhlangano eyayiphethwe isonto, wathi: “Ngangena kwezombusazwe, nginomuzwa wokuthi umuntu kufanele abe nesandla kwezombusazwe nasentuthukweni yomphakathi.” Ngemva kokusula esikhundleni sokuba imeya yedolobha ukuze ashumayele ngoMbuso kaNkulunkulu njengomunye woFakazi BakaJehova, wachaza ukuthi kungani ibhuntsha imizamo eqotho yabantu abakwezombusazwe. “Izwe liyile nto eliyiyo hhayi ngoba abantu abaqotho bengazamanga ukuthuthukisa izimo zomphakathi, kodwa, kungenxa yokuthi imizamo eqotho yabambalwa iye yagqitshwa ububi babaningi.”
Ukungangeni kwezombusazwe ukuze amemezele ngalokho okuwukuphela kwethemba langempela lesintu akuwavimbeli amaKristu eqiniso ukuba asize abanye ngezenzo. Labo ababasiza ukuba babe izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu bafunda ukushintsha izimo zabo zengqondo ezingalungile, ukuba bahloniphe igunya, ukuba bathuthukise ukuphila kwemikhaya yabo nokuba babe nombono olinganiselayo ngengcebo. Okubaluleke kakhulu, oFakazi BakaJehova basiza abantu ukuba babe nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu.
Abamemezeli boMbuso kaNkulunkulu basiza umphakathi abahlala nawo. Kodwa ngaphezu kwalokho, basiza abantu ukuba babeke ithemba labo kuhulumeni wangempela oyoletha ukuthula okungapheli kubo bonke abathanda uNkulunkulu. Ngenxa yokungangeni kwawo kwezombusazwe, la maKristu akhululekile ukuba asize abantu ngezenzo, okuwusizo olubazuzisa isikhathi eside ngaphezu kwanoma yiluphi olutholakalayo namuhla.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]
Ngayeka Ezombusazwe Ngashumayela NgoMbuso KaNkulunkulu
Esengumfana, u-Átila wafunda imfundiso yenkolo yokulwela inkululeko kubefundisi bakhe besifunda eBelém, eBrazil. Kwakumjabulisa ukuzwa ukuthi ekugcineni isintu siyokhululwa ekucindezelekeni ngakho wajoyina iqembu lomzabalazo lapho afunda khona ukuhlela imibhikisho kanye nemikhankaso yokuhambisa izikhalazo.
Kodwa kwakumjabulisa futhi u-Átila ukufundisa izingane eziseqenjini lomzabalazo, esebenzisa incwadi ayeyinikeziwe ethi, Ukulalela Umfundisi Omkhulu.a Le ncwadi yayikhuluma ngokuziphatha okuhle nokuthobela amagunya. Lokhu kwenza u-Átila wazibuza ukuthi kungani labo abasekela imfundiso yenkolo yokulwela inkululeko bengayilaleli imithetho kaJesu ephakeme yokuziphatha wazibuza nokuthi kungani abanye bebakhohlwa abantu abacindezelekile lapho bona sebethole amandla okubusa. Waliyeka lelo qembu. Kamuva, oFakazi BakaJehova bangqongqoza emnyango wakhe bakhuluma naye ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngokushesha wabe esefunda iBhayibheli futhi esefunda nangekhambi langempela lokukhulula abantu ekucindezelekeni.
Ngesikhathi esafunda iBhayibheli, u-Átila waya emhlanganweni wamaKatolika wokufundisa ngenkolo nangezombusazwe. Ababebafundisa bachaza: “Lezi izinhlangothi ezimbili zento eyodwa.” Waya nasemhlanganweni eHholo LoMbuso. Yeka ukuthi kwakuhluke kangakanani! Ngokwesibonelo, kwakungekho muntu obhemayo, ophuzayo, noma owenza amahlaya angcolile. Wanquma ukuhlanganyela nabo umsebenzi wabo wokushumayela, futhi ngokushesha wabhapathizwa. Manje useyabona ukuthi kungani imfundiso yenkolo yokulwela inkululeko ingelona ikhambi langempela lezinkinga zabampofu.
[Umbhalo waphansi]
a Yayinyatheliswa OFakazi BakaJehova.
[Izithombe ekhasini 6]
Ukungangeni kwezombusazwe kwezikhonzi ezingamaKristu akuzivimbeli ukuba zisize abanye