Isizathu Sokuba Ngingayingeni Eyemfundiso Yenkolo Yenkululeko
Oh bantu babantu, bantu ababuswayo,
Kungani nimi lapho ningenzi lutho?
Izwe lesintu kumelwe liguqulwe!
Phakamani, niqede ukuhlupheka kwenu!”
YILOKHO okwangidonsela enhlanganweni yemfundiso yenkolo yenkululeko—isithembiso senguquko, njengoba kuboniswe emazwini aphindaphindwayo eculo esasivame ukulicula. Kodwa ingabe ithemba lami lenguquko yezwe lalisebenza?
Ukukhuliswa NjengomKatolika
Njengoba ngangizalwa abazali abangamaKatolika, ngakhulela esontweni. Ngangenela iqembu labafana basealtare ukuze ngisize umpristi phakathi neMisa. Lapho ngineminyaka eyi-17, ngakhethelwa ukuba ngumongameli weqembu, futhi lokhu kwangisondeza eduze nabapristi. Kwakujabulisa ukuzwa lokho ababekhuluma ngakho nokufunda ababekufunda. Okwakungikhanga ngokukhethekile kwakuyizincwadi zemfundiso yenkolo yenkululeko ezazikhuluma ngokukhululwa kwesintu ekugcineni ekucindezelekeni.
Njengoba ngangiqhubeka ngifunda futhi ngizwa, ngaqala ukubona isidingo sokuba abantu bafunde ngalezinto futhi baqaphele amalungelo abo. Ngakho ngajabula lapho okubizwa ngokuthi imiphakathi yabampofu kumiswa esifundeni sethu. Imiphakathi yabampofu ingamaqembu lapho “ukunakekela komfundisi” abampofu kuhlanganiswa nemfundo khona futhi kubizele isinyathelo esingokwezombangazwe. EBrazil iyodwa, kunemiphakathi yabampofu eyizi-70 000.
Umgomo walemiphakathi uwukuhlela amaKatolika anolwazi ezikhungweni zokuyalwa nezokuvuselelwa. Ngahlela futhi ngabhala amabhodi namafulegi ezikhalo futhi ngayisa amalungu eqembu lethu emaMiseni akhethekile akwamanye amaqembu futhi ngangigcizelela ukumasha.
Ukusebenza Emiphakathini Yabampofu
Abanye babantu esikhungweni sakithi eBelém babehlala endaweni ephansi, enamaxhaphozi lapho kwakudingeka basebenzise khona amabhuloho amapulangwe ukuze bafinyelele emakhaya abo. Idolobha lahlela ukuthatha amakhaya futhi abantu libathumele kwezinye izindawo, libakhokhela izindleko ngendlela efanelekile. Ngayalwa ukuba ngidumaze abantu ukuba bangakwamukeli ukunikwa idolobha nokubakhumbuza ukuthi umpristi wethu wayethe uma bema beqinile, idolobha laliyodela futhi lenze intuthuko endaweni yabo. Ngenxa yalokho, abanye benqaba ukuthutha. Kodwa yeka ukuthi kwakudabukisa kanjani ukubona abacishimlilo bebaxosha emakhaya abo ngamathumbu amanzi! Nginomuzwa wokuthi ngibaphoxile abantu besikhungo sakithi, ngathuthela komunye umphakathi.
Ukubanga indawo kwagqashuka cishe ngalesikhathi, futhi kwaboshwa abayi-13 abahlala ngaphandle kwemvume nabapristi bamaFulentshi ababili. Kokubili abahlala ngaphandle kwemvume nabapristi bayiswa eBelém ukuze balindele ukuthethwa kwecala. Ukuboshwa kwabo kithi kwabonakala kungekhona ukulunga. Ngakho kwavunyelwana ngokuthi yonke imiphakathi yabampofu yaseBelém ihlanganyele ekukhalazeni okungenabudlova phambi kwesiteshi samaphoyisa. Ngobunye ubusuku ngisho nodadewethu nogogo baziyela mathupha kanye nabanye. Ukukhalaza kwethu kwakuthatha amahora angama-24 ngosuku, kwakushintshwana, futhi kwaze kwaphela lapho iziboshwa ziyiswa eBrasflia ukuba kuyothethwa icala.
Kwahlelwa umbukiso wobusuku bonke ngosuku olwandulela olwecala. Nokho, lokhu kwadingeka kungenziwa lapho kufika amasosha. Ukubhikisha kwenzelwa kwenye indawo, eduze kweSonto likaZiqu-zintathu oNgcwele. Lapho amasosha ezokuvikela efika namabhomu esisi esikhalisa unyembezi, sonke sathutheleka esontweni.
Kwakunabacishe babe yizi-2 000 ababevaleleke ngaphakathi kanye namasosha ayi-1 200 ngaphandle. Phakathi naleso siyaluyalu, ngazibuza: ‘Ingabe laba abantu bakaNKulunkulu. Kufanele, ngoba uJesu akashongo yini ukuthi: “Uma bengizingele mina, nani bay akunizingela”?’—Johane 15:20.
Kusihlwa sonke sase siqala ukulamba, njengoba sasingadlile lonke usuku. Kwafika umbhishobhi wayesecela ukulalelwa, ethi: ‘Bafowethu, kungcono kakhulu ukuba sisuke esontweni, njengoba kungekho manzi noma ugesi, futhi uNkulunkulu kuphela owazi ukuthi bayosenzani phakathi nobusuku.’
Kwase kukhuluma ummeli ovelele: ‘Bangane, siphila embusweni weningi, futhi ngeke basenze lutho, ngakho kumelwe singaphumi lapha.’
Ngemva kwesikhathi kuphikiswana, abaholi beqembu banquma ukuba sihambe. Amaphoyisa asiyeka sahamba ngokuthula.
Isidingo Sokuphendula Imibuzo
Njengoba umsebenzi wami esikhungweni wawuqhubeka, nganquma ukufundisa abantwana eqenjini lethu, ngisebenzisa incwadi Ukulalela Umfundisi oMkhulu engangiyinikezwe ugogo ngo-1974. Lencwadi yayikhuluma ngokuziphatha okuhle, ngokulalela iziphathi-mandla, nangokungasebenzisi izithombe. Kodwa ngangingazivumelanisa kanjani lezimfundiso ezisekelwe eBhayibhelini nalokho esasikwenza?
Lokhu kwaholela ekubeni ngiwushiye lowomphakathi. Nganginemibuzo eminingi engqondweni eyayidinga ukuphendulwa. Ngokwesibonelo: Uma labo abasekela imfundiso yenkolo yenkululeko bengabantu bakaNkulunkulu ngempela, kungani bengalandeli izindinganiso zokuziphatha eziphakeme zikaJesu? Futhi, uNkulunkulu wasebenzisa uMose ukuba akhulule ama-Israyeli acindezelekile eGibithe, pho kungani abanye bezombangazwe ngemva kokuthola izikhundla zokuphatha bekhohlwa abantu abacindezelekile okufanele babakhulule?
Izinyanga eziyisithupha kamuva enye inkosikazi yangqongqoza emnyango wami futhi yaqala ukukhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu. Yayiyisithunywa sevangeli soFakazi BakaJehova. Ngemva kwengxoxo emfushane, yanginika incwadi ethi Ubusha bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ngesikhathi esifanele kwaqaliswa isifundo seBhayibheli, futhi ngamenyelwa ukuba ngiye emhlanganweni eHholo LoMbuso. Kamuva ngaphindela ekhaya ngicabanga ngomehluko phakathi kwalowomhlangano naleyo engangiya kuyo esikhungweni. EHholo LoMbuso kwakungekho ukuBhema, ukuphuza, noma amahlaya angcolile.
Cishe ngalesikhathi ngaya emhlanganweni weSonto lamaKatolika owawumayelana no“Kholo neZombangazwe.” Lapho, ukholo nezombangazwe kwachazwa njengezinhlangothi ezimbili zohlamvu lwemali olufanayo. Kwathiwa umKristu onokholo kumelwe ahlanganyele kwezombangazwe futhi angazamukeli nje iziqondiso zikahulumeni. Kodwa ngashaywa ukukhulumela komngane oseqenjini. “Khona-ke umphostoli uPawulu uyeza abese echitha konke,” esho.
“Usho ukuthini, Demetrius?” ngibuza.
Waphendula: “Ngeke ukuqonde, khohlwa nje yikho.”
Kodwa ngangifuna ukukuqonda hhayi ukumane nje ngikukhohlwe, ngakho nganquma ukuthatha isifundo seBhayibheli noFakazi BakaJehova ngokungathí sina ngokwengeziwe futhi ngizame ukukuthola.
Imfundiso Yenkolo Yenkululeko NeBhayibheli
Ngomunye umhlangano eHholo LoMbuso, isikhulumi sakhuluma ngamaRoma 13:1, 2, athi ‘yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, nokuthi lawa akhona amiswe nguNkulunkulu. Ngakho-ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulunkulu.’
Ngacabanga: ‘Yilokho uDemetrius ayekhuluma ngakho! Ngalawomazwi, umphostoli uPawulu uchitha konke okumelelwa yimfundiso yenkolo yenkululeko. Akulungile ngamaKristu ukuba amelane neziphathi-mandla zikahulumeni.’
Ngafunda futhi ukuthi iBhayibheli linikeza ikhambi langempela lokukhulula isintu ekucindezelekeni—uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu ezandleni zeNkosi yakhe, uJesu Kristu. Njengoba kungoFakazi BakaJehova kuphela abashumayela ngalohulumeni woMbuso, nganquma ukuhlanganyela nabo emsebenzini wabo wokushumayela. Ngokushesha ngabhapathizwa futhi ngaba yiphayona, njengoba izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova zibizwa kanjalo, futhi kusukela ngoAugust 1985, bengilokhu ngikhonza njengephayona elikhethekile. Kamuva ngashada nephayona, futhi manje sikhonza enkonzweni yesikhathi esigcwele sobabili.
Ngiyambonga uJehova uNkulunkulu ngokufunda ‘ngeqiniso elikhulula umuntu’ nangelungelo lokusiza abanye ukuba bakhululeke ezimfundisweni zamanga. (Johane 8:32) Phakathi kwalabo engiye ngabasiza kukhona abangane bami ababili ababesebenza nami esikhungweni samaKatolika, kanye nodadewethu nogogo wami. Njengami, sebengabona manje ukuthi kungani imfundiso yenkolo yenkululeko ingelona
[Isithombe ekhasini 16]
Ngasebenza ngokungenampumelelo ukuze ngithuthukise izimo zokuphila kwabantu abampofu eBelém
[Isithombe ekhasini 17
Mina nomkami siletha isigijimi senkululeko yangempela kwabampofu