Indaba Yokuphila
Amehlo Ami Avuleka Nakuba Ngangiyimpumputhe!
ILANDISWA NGU-EGON HAUSER
Ngemva kwezinyanga ezimbili ngiyimpumputhe ngokoqobo, amehlo ami avuleka ngabona amaqiniso eBhayibheli engangiwashaye indiva kukho konke ukuphila kwami.
LAPHO ngibheka emuva esikhathini esingaphezu kweminyaka engamashumi ayisikhombisa, izici eziningi zokuphila kwami zinginika ukwaneliseka okukhulu. Kodwa ukube bengingakwazi ukushintsha okukodwa nje, bengingakhetha ukwazi uJehova uNkulunkulu ngisemncane kakhulu.
Ngazalwa ngo-1927 e-Uruguay, izwe elincane eliphakathi kwe-Argentina neBrazil futhi elibusiswe ngezindawo eziningi ezinhle kakhulu ngasoGwini Lwase-Atlantic. Abantu bakhona ngokuyinhloko badabuka e-Italy naseSpain. Nokho, abazali bami bona babedabuka eHungary. Lapho ngisemncane kakhulu, sasihlala endaweni yabantu abasezingeni eliphansi, kodwa ababebumbene. Kwakungenasidingo sezihluthulelo eminyango nemigoqo emafasiteleni ethu. Sasingayazi nhlobo indaba yobandlululo lwezinhlanga. Sonke sasingabangane—abantu bakwamanye amazwe nabomdabu, abamnyama nabamhlophe.
Abazali bami babengamaKatolika ashisekayo, ngakho kwathi lapho ngineminyaka eyishumi ubudala ngaba isikhonzi. Lapho sengimdala, ngangisebenza nebandla lendawo futhi ngangiyilungu leqembu elalixhumanisa ibandla nombhishobhi wesifunda. Njengoba ngangikhethe umsebenzi wobudokotela, ngamenywa ukuba ngibe nengxenye emhlanganweni wokufundisa owawuseVenezuela, owawuhlelwe iSonto LamaKatolika. Njengoba iqembu lethu lalingodokotela abangochwepheshe bezifo zabesifazane labelwa ukuba licwaninge ngamaphilisi okuvimbela inzalo ayedayiswa ngaleso sikhathi.
Engakubona Ekuqaleni Ngisafundela Ubudokotela
Lapho ngisafundela ubudokotela ngifunda ngomzimba womuntu, ngaya ngokuya ngihlatshwa umxhwele ubuhlakani owawuklanywe ngabo. Ngokwesibonelo, ngamangala lapho ngibona ikhono lomzimba lokuzelapha ululame ngemva kokulimala, njengalapho isibindi noma izimbambo ezithile zikwazi ukuhluma zibuyele esimweni sazo ngemva kokuba kususwe ingxenye ethile.
Ngesikhathi esifanayo, ngabona abantu abaningi ababelimele ezingozini ezimbi kakhulu, futhi ngangizwa ubuhlungu obukhulu lapho befa ngenxa yokumpontshelwa igazi. Ngisakukhumbula nanamuhla ukuthi kwakuba nzima kanjani ukukhuluma nezihlobo zeziguli eziye zabulawa izinkinga ezithile zokumpontshelwa igazi. Ezikhathini eziningi, izihlobo zazingatshelwa ukuthi abathandekayo babo babulawe ukumpontshelwa igazi. Kunalokho, zazitshelwa ezinye izizathu. Nakuba sekudlule iminyaka eminingi, ngisayikhumbula indlela engangingakhululeki ngayo ngenqubo yokumpompela igazi, futhi ekugcineni ngaphetha ngokuthi kukhona okuthile okwakungalungile ngale nqubo. Ukube nje ngaleso sikhathi ngangiwazi umthetho kaJehova mayelana nobungcwele begazi! Ngangiyoqonda ukuthi kungani ngangingakhululeki kangaka ngale nqubo yokwelapha.—IzEnzo 15:19, 20.
Ukwaneliseka Ngokusiza Abantu
Ngokuhamba kwesikhathi, ngaba udokotela ohlinzayo futhi ngaba umqondisi wesibhedlela saseSanta Lucía. Ngangisebenza nakuyi-National Institute of Biological Science. Lokhu kwakunginika ukwaneliseka okukhulu. Ngangisiza abantu lapho begula, ngidambisa izinhlungu zabo, ezimweni eziningi ngisindisa ukuphila, kanti futhi ngangiletha izingane emhlabeni ngokusiza omama lapho bebeletha. Ngenxa yendlela engangizizwa ngayo ekuqaleni ngenqubo yokumpompela igazi, ngangikugwema ukuyisebenzisa futhi ngáhlinza izinkulungwane zabantu ngaphandle kwegazi. Ngangizitshela ukuthi ukopha kakhulu kufana namanzi avuzayo emgqonyeni. Ikhambi nje liwukuba uvale imbobo evuzayo, hhayi ukulokhu ugcwalisa umgqomo.
Ukwelapha Iziguli EzingoFakazi
Ngaqala ukwazana noFakazi BakaJehova ngawo-1960 lapho beqala ukuza emtholampilo engangisebenza kuwo bezohlinzwa ngaphandle kwegazi. Angisoze ngayikhohlwa indaba yesinye isiguli, iphayona (isikhonzi sesikhathi esigcwele) okuthiwa nguMercedes Gonzalez. UMercedes wayentula igazi kakhulu kangangokuthi odokotela esibhedlela saseyunivesithi benqaba ukuzifaka engozini yokumhlinza, beqiniseka ukuthi ngeke asinde. Nakuba ayelahlekelwa igazi eliningi, samhlinza emtholampilo engangisebenza kuwo. Saphumelela ekumhlinzeni, futhi waqhubeka ephayona iminyaka engaphezu kwengu-30 kwaze kwaba yilapho eseshona muva nje eneminyaka engu-86 ubudala.
Njalo nje ngangihlatshwa umxhwele uthando nesithakazelo esasiboniswa oFakazi lapho nginakekela abafowabo abangamaKristu ababelaliswe esibhedlela. Lapho ngihambela iziguli zami esibhedlela, ngangikujabulela ukulalela lezo ezingoFakazi zikhuluma ngezinkolelo zazo, futhi ngangizamukela izincwadi ezazinginikeza zona. Kwakungafiki neze engqondweni yami ukuthi maduzane nje ngangingeke ngisaba udokotela wazo nje kuphela kodwa futhi ngase ngizoba ngumfowabo ongokomoya.
Ngazana noFakazi ngisho nakakhulu lapho ngishada noBeatriz, indodakazi yesiguli sami esithile. Iningi lomkhaya wakubo lase lihlanganyela noFakazi kakade, futhi kwathi lapho sesishadile, naye waba nguFakazi oshisekayo. Ngakolunye uhlangothi, mina ngangingene ngagamanxa emsebenzini wami, futhi ngangijabulela ukuvelela okuthile emkhakheni wezokwelapha. Kwakubonakala kuhamba kahle konke ekuphileni. Ngangingazi nakancú ukuthi maduzane nje ukuphila kwami kwakuzoshintsha ngokuphelele.
Usizi Luyahlasela
Enye yezinto ezimbi kakhulu ezingehlela udokotela ohlinzayo ukungaboni. Ngehlakalelwa yilokho kanye mina. Mahlayeni, kwadabuka ulwelwesi kuwo womabili amehlo ami—ngaba impumputhe futhi yayingekho indlela yokwazi ukuthi ngangiyophinde ngikwazi yini ukubona. Ngemva kokuhlinzwa, ngalala embhedeni amehlo ami ebhandishiwe, futhi ngacindezeleka. Ngazizwa ngingento yalutho, ngaphelelwa nayithemba kangangokuthi ngafuna ukuzibulala. Njengoba ngangisesitezi sesine, ngavuka embhedeni ngabambelela odongeni ngihamba ngiphumputha indlela, ngizama ukuthola iwindi. Ngangifuna ukuphuma ngalo ngiyosakazeka phansi, ngife. Nokho, ngagcina sengisephasishi lesibhedlela, futhi umhlengikazi othile wangihola engibuyisela embhedeni wami.
Ngagcina ngaleso sikhathi ukuzama ukuzibulala. Kodwa ngaqhubeka ngicindezeleka, ngicasulwa nawubala nje. Phakathi nale nkathi yokuba yimpumputhe, ngathembisa uNkulunkulu ukuthi uma nje ngangingake ngikwazi ukubona futhi, ngangiyolifunda lonke iBhayibheli. Ekugcineni, amehlo ami avuleka ngakwazi ukubona kancane, ngakwazi nanokufunda. Kodwa ngangingenakukwazi ukuqhubeka ngisebenza njengodokotela ohlinzayo. Noma kunjalo, kunesisho sesi-Uruguay esithandwayo esithi “No hay mal que por bien no venga,” “Ayikho into embi kangangokuthi akunakuvela into enhle kuyo.” Maduze nje ngangizokubona ukuba yiqiniso kwaleso sisho.
Isiqalo Esibi
Ngangifuna ukuthenga uhlelo olubhalwe ngokugqamile lwe-Jerusalem Bible, kodwa ngezwa ukuthi oFakazi BakaJehova baneBhayibheli elingabizi kakhulu, futhi enye insizwa enguFakazi yathi izongilethela lona emzini wami. Kwathi kusa ngakusasa, yayisimi emnyango wakwami iliphethe. Umkami wayivulela wakhuluma nayo. Ngayithethisa ngisendlini, ngathi uma umkami eseyinikile imali yayo yeBhayibheli, ayiphume iphele ingaphinde ilugcobe emzini wami, okuyilokho eyakwenza ngokushesha. Ngangingenawo nomncane umbono wokuthi yena lo muntu wayeyoba nengxenye ebalulekile ekuphileni kwami.
Ngolunye usuku ngathembisa umkami into engingakwazanga ukuyifeza. Ngakho ukuze ngivale leso sikhala futhi ngimjabulise, ngathi ngiyohamba naye uma eya eSikhumbuzweni saminyaka yonke sokufa kukaKristu. Lapho lolo suku lufika, ngasikhumbula isithembiso sami ngahamba naye saya kulowo mkhosi. Umoya wobungane nendlela engamukelwa ngayo ngomusa yangihlaba umxhwele. Lapho isikhulumi siqala ukubeka inkulumo, ngamangala ukubona ukuthi kwakuyileya nsizwa engangiyixoshe kabuhlungu emzini wami. Inkulumo yayo yangithinta ngokujulile, futhi ngazisola kakhulu ngokuyiphatha kabi. Ngangingaxolisa kanjani?
Ngacela umkami ukuba ayimeme izodla kanye nathi ukudla kwakusihlwa, kodwa yena wasikisela: “Awucabangi yini ukuthi kungaba kuhle kakhulu uma imenywa nguwe? Linda nje kancane, izoza ngakithi.” Wayeqinisile. Yeza izosibingelela futhi yasamukela ngenjabulo isimemo.
Ingxoxo esaba nayo ngosuku eyeza ngalo kusihlwa izosivakashela yaba yisiqalo sezinguquko eziningi kimi. Yangibonisa incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade,a mina ngayibonisa amakhophi ayisithupha ayo yona leyo ncwadi. Iziguli ezihlukahlukene ezingoFakazi zazinginikeze lezi zincwadi esibhedlela, kodwa ngangingazange ngizifunde. Phakathi nesikhathi sokudla nangemva kwaso, kwaze kwaba phakathi kwamabili, ngayiphonsa ngemibuzo ilandelana—yonke eyayiphendula ngeBhayibheli. Saxoxa kwaze kwaba sentathakusa. Ngaphambi kokuba ihambe, le nsizwa yacela ukungiqhubela isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi IQiniso. Saqeda ukuyifunda ngezinyanga ezintathu futhi saqhubeka ngethi “Babylon the Great Has Fallen!” God’s Kingdom Rules!b Ngemva kwalokho, nganikezela ukuphila kwami kuJehova uNkulunkulu, ngabhapathizwa.
Ukuzizwa Ngilusizo Futhi
Ngenxa yokuba yimpumputhe ngokoqobo, ‘amehlo enhliziyo yami’ avulwa, futhi kusukela lapho, ngaqala ukubona amaqiniso eBhayibheli engangiwashaye indiva! (Efesu 1:18) Ukwazi ngoJehova nangenjongo yakhe yothando kwakushintsha konke ukuphila kwami. Manje futhi, sengizizwa ngilusizo futhi ngijabula. Ngisiza abantu ngokwenyama nangokomoya ngibabonise nendlela abangakwelula ngayo ukuphila kwabo ukuze bathi ukuphila isikhathi esijana kulesi simiso, bese kuthi kwesisha baphile lonke iphakade.
Ngiye ngazigcina nginolwazi ngentuthuko eyenzekayo kwezokwelapha, futhi ngiye ngacwaninga ngezingozi eziphathelene negazi, ezinye izindlela zokwelapha, amalungelo eziguli nangendlela okumelwe ziphathwe ngayo. Ngiye ngathola amathuba okuba ngabelane nodokotela bendawo ngalokhu kwaziswa lapho ngimenyiwe ukuba ngizokhuluma ngalezi zinto emihlanganweni yodokotela yokufundisa. Ngo-1994, ngaya engqungqutheleni yokwelapha ngaphandle kwegazi eyayingeyokuqala ngqá eRio de Janeiro, eBrazil. Ngabeka inkulumo eyayiphathelene nezindlela zokusingatha izinkinga zokopha kakhulu. Ingxenye yalokho kwaziswa yafakwa esihlokweni engasibhala esithi, “Una propuesta: Estrategias para el Tratamiento de las Hemorragias” (Ukusikisela Okuwusizo Kokwelapha Okunciphisa Ukopha Kakhulu), esanyatheliswa kumagazini wezokwelapha i-Hemoterapia.
Ubuqotho Ngaphansi Kokucindezelwa
Ekuqaleni, ukungabaza kwami ukumpompela igazi kwakusekelwe ikakhulu olwazini lwezesayensi. Kodwa lapho sekugula mina, futhi ngilaliswa esibhedlela, kwaba nzima ukwenqaba ukumpontshelwa igazi ngilondoloze ukholo oluqinile lapho ngibhekene nokucindezela kodokotela. Ngemva kokuhlaselwa yisifo senhliziyo okubi kakhulu, kwadingeka ngihlale amahora amabili nodokotela owayezongihlinza ngimchazela ngesinqumo sami. Wayeyindodana yabangane bami abakhulu futhi wathi yena wayengenakusonga izandla angibukele nje ngifa kuyilapho ebona ukuthi ukumpontshelwa igazi kungakusindisa ukuphila kwami. Ngathandaza buthule kuJehova ngimcela ukuba asize lo dokotela aqonde, nokuba ahloniphe isinqumo sami ngisho noma engavumelani naso. Ekugcineni, udokotela wathembisa ukuthi uzokwenza ngokuvumelana nezifiso zami.
Ngesinye isikhathi, kwadingeka ngiyohlinzwa kukhishwe isimila esikhulu endlaleni engasesinyeni. Ngopha kakhulu. Nalapha futhi, kwadingeka ngichaze izizathu zokwenqaba ukumpontshelwa igazi. Nakuba ngalahlekelwa igazi eliningi kakhulu, izisebenzi zasesibhedlela zasihlonipha isinqumo sami.
Ukushintsha Kwesimo Sengqondo
Njengelungu le-International Association of Bioethics, ngiye ngathola ukwaneliseka lapho ngibona isimo sengqondo sezisebenzi zasesibhedlela nesezikhulu zomthetho sishintsha ngokuphathelene namalungelo eziguli. Odokotela baye bashintsha esimweni sabo sokufuna ukunqumela iziguli futhi manje sebeyazihlonipha izinqumo zazo ezizenza ngemva kokwaziswa ngenqubo ezizokwelashwa ngayo. Sebeyazivumela manje ukuba zibe nengxenye ekukhetheni indlela ezizokwelashwa ngayo. OFakazi BakaJehova abasabhekwa njengabantu abashiseka ngokweqile okungafanele neze beze esibhedlela bezofuna usizo lodokotela. Kunalokho, babhekwa njengeziguli ezinolwazi oluhle, ezimalungelo azo kufanele ahlonishwe. Emihlanganweni yodokotela yokufundisa nasezinhlelweni ezithile zethelevishini, oprofesa abaziwayo baye bathi: “Ngenxa yemizamo yoFakazi BakaJehova, manje sesiyaqonda . . . ” “Siye safunda koFakazi . . . ” futhi bathi “Baye basisiza safunda izindlela zokuthuthuka.”
Kuye kwathiwa ukuphila kubaluleke kunakho konke ngoba inkululeko, igunya lokuzikhethela nesithunzi bekuyoba yize ngaphandle kwako. Manje, abantu abaningi bayawamukela umqondo wezomthetho obaluleke kunayo yonke, beqaphela ukuthi umuntu ngamunye unegunya emalungelweni akhe nokuthi nguye yedwa onganquma ukuthi yikuphi okufanele kuze kuqala emalungelweni akhe ngaphansi kwanoma iziphi izimo. Ngale ndlela, isithunzi, inkululeko yokuzikhethela nezinkolelo ezingokwenkolo kubhekwa njengokuza kuqala. Isiguli sinelungelo lokuzinqumela ngempilo yaso. UMnyango Wokwaziswa Ngezezibhedlela, owasungulwa oFakazi BakaJehova, uye wasiza odokotela abaningi ukuba bathuthuke endleleni abaqonda ngayo lezi zindaba.
Ukusekela okuqhubekayo komkhaya wami kuye kwangivumela ukuba ngibe usizo enkonzweni kaJehova nokuba ngibe umdala ebandleni lobuKristu. Njengoba sengichazile kakade, ngiyazisola kakhulu ngokuthi angizange ngifunde ngoJehova lapho ngisemncane kakhulu. Kodwa-ke, ngiyajabula kakhulu ngokuthi uye wavula amehlo ami ngabona ithemba elimangalisayo lokuphila ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, lapho ‘kungekho ohlala khona oyothi “ngiyagula.”’—Isaya 33:24.c
[Imibhalo yaphansi]
a Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
c UMzalwan’ u-Egon Hauser ushone sisabhalwa lesi sihloko. Ushone ethembekile futhi sijabula naye ngokuthi ithemba lakhe liqinisekile.
[Isithombe ekhasini 24]
Lapho ngineminyaka eyevile kwengu-30 ubudala, ngisebenza esibhedlela saseSanta Lucía
[Isithombe ekhasini 26]
Nginomkami, uBeatriz, ngo-1995