Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 5/15 kk. 8-9
  • “Imifula Mayishaye Ihlombe”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Imifula Mayishaye Ihlombe”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lapho Inkinga Inkulu Kakhulu Khona
    I-Phaphama!—1997
  • Lithini IBhayibheli Ngenkinga Yamanzi Ekhungethe Umhlaba?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Bonisa Ukubonga Ngemvula
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Indaba Yemifula Emibili
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 5/15 kk. 8-9

Ubuhle Bendalo KaJehova

“Imifula Mayishaye Ihlombe”

AKE ubheke ibalazwe lomhlaba, ezindaweni eziningi uzobona imigqa emagwincigwinci inqamula amazwekazi. Le migqa idabula amathafa, izingwadule nezimfunda. Igwinciza ezigodini, emihosheni nasemahlathini. (Habakuki 3:9) Le migqa yimifula, imithambo yoketshezi lokuphila yomhlaba wethu. Le misele yamanzi ifakazela ukuhlakanipha namandla oMdali womhlaba, uJehova. Njengoba siyibuka, sivumelana nemizwa yomhubi owahlabelela: “Imifula mayishaye ihlombe; izintaba mazikhamuluke ngenjabulo kanyekanye phambi kukaJehova.”—IHubo 98:8, 9.a

Imifula ihlobene eduze nomlando wesintu. IBhayibheli likhuluma ngomfula owawuphuma e-Edene owahlukana waba imifula emine emikhulu. (Genesise 2:10-14) Enye yezimpucuko zokuqala yavela ezigodini ezivundile zemifula iTigrisi ne-Ewufrathe eseMpumalanga Ephakathi. Izimpucuko ezinkulu zakwazi ukuba khona ngenxa yoMfula iHwang oseChina, iGanges ne-Indus eseningizimu ye-Asia, neNile ese-Egypt.

Shono imifula ibilokhu ibashiya bekhexile abantu ngamandla ayo, ngobuningi bamanzi ayo nangobuhle bayo. INile yase-Egypt igeleza amakhilomitha athi awabe ngu-6 670. Umfula omkhulu kunayo yonke i-Amazon yaseNingizimu Melika. Nakuba eminye imifula idle ngobukhulu, eminye imifula emincane idle ngobuhle, njengoMfula iTone waseJapane, omncanyana kodwa onamandla.

Yini eyenza umfula ugeleze? Ngamazwi ambalwa, amandla adonsela phansi. Amandla adonsela phansi yiwo adonsa amanzi ezindaweni eziphakeme awalethe kweziphansi. Ngezinye izikhathi imiphumela kuba izimpophoma ezihlokomayo. Lichaza le mibukiso yamandla nobuhle, iBhayibheli lithi: “Imifula iphakamisile, O Jehova, imifula iphakamisé umsindo wayo; imifula ilokhu iphakamisa ukuhlokoma kwayo.”—IHubo 93:3.

UJehova wabuza uJobe, indoda eyesaba uNkulunkulu: “Ngubani ovulele ukuchichima kwamanzi” emvula? (Jobe 38:25, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Yebo, avelaphi wonke amanzi emvula? Impendulo ihlanganisa isimiso esiyinkimbinkimbi esibizwa ngokuthi umjikelezo wamanzi. Amandla elanga namandla adonsela phansi enza ukuba amanzi omhlaba ahlale ejikeleza. Ngemva kokuba amanzi ehwamukile, akhuphukela emkhathini. Ekugcineni, ayaphola bese ejiya abe amafu. Ngokuhamba kwesikhathi, lo mhwamuko ubuyela emhlabeni usuyiqhwa noma imvula. Amanzi amaningi agcineké olwandle, emachibini, emifuleni, ezinguzungeni zamaqhwa ezihambayo, ezinhlonhlweni zeqhwa nangaphansi komhlaba.

Maqondana nalo mjikelezo omangalisayo, iBhayibheli lithi: “Zonke izifufula zasebusika ziphuma ziye olwandle, kodwa nokho ulwandle alugcwele. Endaweni lapho izifufula zasebusika ziya khona, zibuyela khona futhi ukuze ziphinde ziphume khona.” (UmShumayeli 1:7) NguJehova kuphela, uNkulunkulu wokuhlakanipha okungapheli nonakekela ngothando, owayengenza umjikelezo onjalo usebenze. Futhi yini ubuciko bomklamo obunjalo obusitshela yona ngohlobo lomuntu uNkulunkulu ayilo? UnguNkulunkulu wokuhlakanipha okukhulu nonakekela ngothando.—IHubo 104:13-15, 24, 25; IzAga 3:19, 20.

Naphezu kobungako nobuningi bayo, mancane kakhulu amanzi omhlaba ahlanzekile aqukethwe imifula. Nakuba kunjalo, ibalulekile ekuphileni. Incwadi ethi Water ithi: “Ngaphandle kokutholakala kwamanzi nokulawulwa kwawo ngezinga elithile, izidingo zabantu ezilula neziyinkimbinkimbi kakhulu, bezingeke zaneliswe. Ukulivuma kwabantu lelo qiniso kuyisici esibalulekile emlandweni wempucuko.”

Sekuyizinkulungwane zeminyaka imifula iqeda ukoma kwabantu futhi ibanika amanzi okunisela izivande zabo. Inhlabathi evundile engasemifuleni eminingi iyindawo ekahle kakhulu yokutshala izimila. Phawula indlela lo mqondo ogcizelelwe ngayo esibusisweni sezinceku zikaJehova: “Yeka ukuthi abukeka kahle kanjani amatende akho, Jakobe, amatabernakele akho, Israyeli! Afinyelela kude njengezigodi zezifufula, njengamasimu angasemfuleni. Njengezitshalo zenhlaba ezitshalwe uJehova, njengemisedari engasemanzini.” (Numeri 24:5, 6) Imifula iyasiza nasekondleni izilwane ezifana namadada nempungushe oyibona lapha. Empeleni, lapho sifunda okwengeziwe ngemifula, siya ngokuya sibopheka ukubonga uJehova.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2004, May/June.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8]

IMpophoma i-Iguaçú, esemngceleni we-Argentina neBrazil, iphakathi kwezimpophoma ezinkulu kunazo zonke. Ububanzi bayo bungaphezu kwamakhilomitha amathathu. Le mpophoma isemahlathini angonakalisiwe asezindaweni ezishisayo futhi yakhiwa izimpophoma ezincane ezicishe zibe ngu-300. Umzuzwana ngamunye kwehla amanzi acishe abe ngama-cubic meter angu-10 000 ngezinkathi zemvula.

[Isithombe ekhasini 9]

UMfula iTone, eJapane

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela