Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 6/15 k. 3
  • Izinselele Zokuqeqesha Izingane Namuhla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinselele Zokuqeqesha Izingane Namuhla
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Bazali, Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indlela Yokuvikela Abantwana Bakho
    I-Phaphama!—2007
  • Izihluthulelo Zemfundo Enhle
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 6/15 k. 3

Izinselele Zokuqeqesha Izingane Namuhla

KUSEBUSUKU; umnikazi wesitolo sokudlela ulungiselela ukuvala abese eya ekhaya. Kuthi kusenjalo kungene abesifazane ababili nengane ba-ode ukudla. Ekhathele eyingcuba, lo mnini-sitolo kuthi akabatshele ukuthi sekuvaliwe, kodwa abuye anqume ukubenzela ukudla. Njengoba laba besifazane ababili bexoxa futhi bedla, ingane ilokhu iyagijima lapha esitolo sokudlela, ihamba iwisa amakhekhe phansi futhi iwagxoba ngezinyawo. Kunokuba unina ayikhuze, umane amomotheke nje. Lapho ekugcineni behamba laba bathengi, umnini-sitolo okhathele kufanele ashanele.

Cishe njengoba wazi, isimo esinjengalesi, esenzeka ngokoqobo, sibonisa ukuthi aziqeqeshwa kahle izingane emikhayeni eminingi. Ziyahlukahluka izizathu zalokhu. Abanye abazali bavumela izingane zabo zenze ezikuthandayo, becabanga ukuthi kufanele izingane zibe nenkululeko lapho zikhuliswa. Kokunye, ngenxa yokuthi abazali bamatasa kakhulu, bangase bangabi naso isikhathi sokunika izingane zabo ukunakekela nokuqeqesha ezikudingayo. Abanye abazali banomuzwa wokuthi imfundo yezingane zabo iyona ebaluleke ukudlula konke, ngakho banika ingane cishe yonke inkululeko engalinganiselwe, uma nje izophasa kahle esikoleni futhi ifunde ekolishi elivelele.

Nokho, abanye bathi izindinganiso zabazali nezomphakathi uwonke zidinga ukulungiswa. Basho lokhu ngenxa yokuthi izingane zihileleka kuzo zonke izinhlobo zobugebengu futhi ubudlova ezikoleni banda mihla namalanga. Ngakho, uthishanhloko wesikole sabafunda amabanga aphakathi eSeoul, eRepublic of Korea, wagcizelela ukuthi ukuqeqesha ubuntu bezingane kufanele kube yinto eza kuqala. Wathi: “Kufanele kwakhiwe ubuntu obuhle kuqala, bese-ke kulandela ukucobelela ulwazi.”

Abazali abaningi abafuna izingane zabo zifunde ezikoleni eziphakeme futhi ziphumelele ekuphileni abazishayi mkhuba izixwayiso. Uma ungumzali, ufuna ingane yakho ibe luhlobo luni lomuntu? Ufuna ibe umuntu omdala oziphatha kahle nokwaziyo ukuthwala imithwalo yakhe yemfanelo? Ufuna ibe umuntu ocabangela abanye abantu, okwazi ukuzivumelanisa nezimo, futhi onombono oqondile ngezinto? Uma kunjalo, siza ucabangele isihloko esilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela