Ukufuna Injabulo
EMINYAKENI embalwa edlule, abantu baseFrance, eGreat Britain, eJalimane nase-United States babuzwa, “Yini edingekayo ukuze ujabule?” Kulabo okwaxoxwa nabo, abangamaphesenti angu-89 bathi kudingeka impilo enhle; abangamaphesenti angu-79 bathi umshado noma ukuthandana okwanelisayo; abangamaphesenti angu-62 bathi yimivuzo yokuba ngumzali; abangamaphesenti angu-51 bona babecabanga ukuthi kudingeka umsebenzi wokuziphilisa omuhle ukuze umuntu ajabule. Ngisho nakuba ukuhlakanipha okuvamile kuxwayisa ukuthi imali ayisona isiqinisekiso senjabulo, amaphesenti angu-47 alabo ababuzwa ayeqiniseka ukuthi iyiso. Amaqiniso abonisani?
Okokuqala, bheka ukuxhumana okuthiwa kukhona phakathi kwemali nenjabulo. Ukuhlolwa kwabantu abayikhulu abacebe kunabo bonke e-United States kwabonisa ukuthi babengajabuli ngaphezu kwabantu abavamile. Ngaphezu kwalokho, nakuba iningi labantu e-United States linezinto ezibonakalayo ezithi aziphindwe kabili kunelalinazo emashumini amathathu eminyaka adlule, kodwa alijabule kunangesikhathi esidlule, kusho izazi zempilo yengqondo. Empeleni, omunye umbiko uthi: “Ngesikhathi esifanayo, ukucindezeleka kuye kwanda. Ukuzibulala kwentsha kuphindeke kathathu. Izehlukaniso ziphindeke kabili.” Emazweni angaba ngu-50, abacwaningi abafunda ngokuhlobana phakathi kwemali nenjabulo baphetha ngokuthi imali ayiyithengi injabulo.
Okulandelayo, ukuze sijabule, ibaluleke kangakanani impilo enhle, umshado owanelisayo nomsebenzi wokuziphilisa omuhle? Uma lezi zici zidingeka nakanjani ukuze sijabule, kuthiwani ngezigidi zabantu abangenayo impilo enhle nabo bonke abanemishado engajabulisi? Kuthiwani ngemibhangqwana eshadile engenabantwana nawo wonke amadoda nabesifazane abangenayo imisebenzi yokuziphilisa emihle? Ingabe bonke abantu abanjalo abasoze bajabula? Futhi ingabe leyo njabulo yalabo abanempilo enhle nemishado eyanelisayo ingaphela uma isimo sabo singashintsha?
Ingabe Siyifuna Ezindaweni Ezifanele?
Wonke umuntu ufuna ukujabula. Akumangalisi lokhu ngoba uMdali womuntu uchazwa ngokuthi ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ futhi umuntu wenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. (1 Thimothewu 1:11; Genesise 1:26, 27) Ngakho, kungokwemvelo ukuba abantu bafune injabulo. Nokho, abaningi bathola ukuthi ukubamba injabulo kufana nokubamba izinhlayiya zesihlabathi—kokubili kuphunyuka kalula.
Kungenzeka yini kodwa ukuthi abanye bazama kanzima kakhulu ukuthola injabulo? Isazi sefilosofi yezenhlalo u-Eric Hoffer sacabanga kanjalo. Saphawula: “Ukufuna injabulo kungenye yezimbangela eziyinhloko zokungajabuli.” Lokhu kuyiqiniso ngempela uma sifuna injabulo ezindaweni ezingafanele. Uma kunjalo, singaqiniseka ukuthi siyothola ukudumazeka nokukhungatheka. Ukuzama ukuceba; ukulwela udumo noma ukuqashelwa; ukuphishekela imigomo yezombusazwe, yezenhlalo noma yezomnotho; noma ukuphilela ukuzanelisa, konke akuyilethi injabulo. Yingakho abanye beye bamukela umbono oziphikisayo owavezwa ngomunye umbhali owaphawula: “Uma nje singayeka ukufuna injabulo singajabula”!
Kuyaphawuleka ukuthi inhlolo-vo okukhulunywe ngayo ekuqaleni kwalesi sihloko yabonisa nokuthi kubantu abayishumi abane banomuzwa wokuthi injabulo itholakala ngokwenza okuhle nokusiza abanye. Futhi oyedwa kwabane wagcizelela ukuthi ukholo nezinkolelo zenkolo kunendima ebalulekile ekubeni nenjabulo. Kusobala ukuthi kudingeka sihlolisise ukuthi yini edingekayo ukuze sijabule ngempela. Isihloko esilandelayo sizosisiza ukuba senze kanjalo.
[Izithombe ekhasini 3]
Abaningi bacabanga ukuthi imali, ukuphila komkhaya okujabu-lisayo, noma umse-benzi wokuziphilisa omuhle kuyisihlu-thulelo senjabulo. Ingabe uyavumelana nalokhu?