Lokho Esikufunda KuJesu
Indlela Yokuthola Injabulo
Siyini isihluthulelo senjabulo?
▪ Enkulumweni yakhe edumile, into yokuqala uJesu akhuluma ngayo yinjabulo. Wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Wayesho ukuthini? Siyini isidingo sethu esingokomoya?
Ukuze siphile, kudingeka siphefumule, siphuze, sidle njengoba nje nezilwane zenza. Kodwa kunesidingo izilwane ezingenaso thina esinaso futhi leso sidingo sisenza sijabule—isidingo sokwazi injongo yokuphila. NguMdali wokuphila kuphela onganelisa leso sidingo. Shono uJesu athi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4) Labo abaqaphela isidingo sabo esingokomoya bayajabula ngoba basondela kuJehova, ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ futhi ubanika okuthile okubalulekile okubenza bajabule—ithemba.—1 Thimothewu 1:11.
UJesu wabanika kanjani abantu ithemba?
▪ Wathi: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” (Mathewu 5:5) UJesu wanika abantu ithemba ngokwelapha abagulayo nangokuvusa abafileyo emhlabeni. Waphinde wabanika isigijimi sethemba. Wachaza: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Abantu abalalela uNkulunkulu bayojabulela ukuphila phakade emhlabeni. Uyazibona yini ngeso lengqondo uphila nabantu abamnene futhi ungagugi? Akumangazi ukuthi kungani iZwi likaNkulunkulu lithi: “Jabulani ethembeni.” (Roma 12:12) UJesu waphinde wachaza indlela yokuthola injabulo manje.
UJesu wafundisa yiphi indlela yokuphila ejabulisayo?
▪ UJesu wanikeza iseluleko esisebenzayo ezindabeni ezinjengokusebenzelana nabantu, umshado, ukuthobeka nokuba nombono oqondile ngezinto ezibonakalayo. (Mathewu 5:21-32; 6:1-5, 19-34) Ukulalela iseluleko sakhe kuyokusiza ukuba uthole injabulo.
Ukupha kuletha injabulo. (IzEnzo 20:35) Ngokwesibonelo, uJesu wathi: “Lapho wenza idili, mema abampofu, abakhubazekile, izinyonga, izimpumputhe; khona-ke uyojabula, ngoba abanalutho abangakubuyisela ngalo.” (Luka 14:13, 14) Abantu abazicabangela bona abayitholi injabulo, kodwa itholwa yilabo ababonelela abanye.
Yini ewumthombo omkhulu wenjabulo?
▪ Ukwenzela abanye izinto kungakulethela injabulo, kodwa ukwenzela uNkulunkulu kungakunika injabulo ephindiwe. Injabulo yabazali abathanda nabaziqhenya ngezingane zabo ayilutho uma iqhathaniswa nenjabulo yokulalela uNkulunkulu. Iqiniso lalokhu libonakala kulokho okwenzeka lapho uJesu efundisa esigcawini. “Owesifazane othile esixukwini waphakamisa izwi lakhe wathi [kuye]: ‘Siyajabula isibeletho esakuthwala namabele owawancela!’ Kodwa [yena wathi]: ‘Cha, kunalokho, Bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!’”—Luka 11:27, 28.
UJesu ngokwakhe wathola ukwaneliseka nenjabulo ngokwenza intando kaYise wasezulwini. Intando kaNkulunkulu iwukuba abantu bezwe ngethemba lokuphila phakade. Ngemva kokuchaza leli themba kumuntu owayethanda ukwazi, uJesu wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo.” (Johane 4:13, 14, 34) Nawe ungathola injabulo yokwenza okujabulisa uNkulunkulu ngokutshela abanye amaqiniso aseBhayibhelini.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe bheka isahluko 1 sale ncwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 16]
Injabulo yangempela itholakala ngokwanelisa isidingo sethu sokwazi injongo yokuphila