Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 9/1 k. 29
  • “Izisulu Ezilitshelwe” Ziyakhunjulwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Izisulu Ezilitshelwe” Ziyakhunjulwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Osemusha Oziqhenyayo Ngenkolo Yakhe
    I-Phaphama!—2002
  • Bama Beqinile Ngaphansi Kokubusa KwamaNazi ENetherlands
    I-Phaphama!—1999
  • ‘Njengesinkwa Namanzi Enhliziyweni’
    I-Phaphama!—1989
  • Basha—UJehova Ngeke Awukhohlwe Umsebenzi Wenu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 9/1 k. 29

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

“Izisulu Ezilitshelwe” Ziyakhunjulwa

EKUQALENI kuka-2001, uHaykaz, uFakazi KaJehova oneminyaka engu-15 ubudala, wavakashela umbukiso owawubizwa ngokuthi “Izisulu Ezilitshelwe,” eBern, eSwitzerland, owawuphathelene nokushushiswa koFakazi BakaJehova amaNazi. Ekupheleni kokuvakasha kwakhe, uHaykaz wathi: “Ngangizwile ngokuphathwa ngonya nangokuhlupheka koFakazi BakaJehova ngesikhathi kubusa amaNazi, kodwa ngangiqala ukubona imibhalo nezithombe zangempela zangaleso sikhathi. Imibukiso, imibiko yofakazi bokuzibonela nokushiwo izazi-mlando kulowaya mbukiso kwangithinta kakhulu engqondweni nasenhliziyweni.”

Kamuva, lapho uHaykaz abelwa ukuba abhale umbiko ozofundwa ikilasi lakhe labaphothulayo esikoleni esiphakeme, wakhetha isihloko esithi “OFakazi BakaJehova—Izisulu Ezilitshelwe ZamaNazi.” Uthisha wamvumela uHaykaz ukuba abhale ngalesi sihloko kodwa wathi kumelwe acaphune nasezincwadini zezwe. UHaykaz wavumela phezulu. “Ngabhala ngamafuphi okushiwo ezinye izincwadi engangizibukezile ezikhuluma ngoFakazi BakaJehova ngesikhathi samaNazi. Ngachaza nengangizibonele khona lapho ngivakashele umbukiso othi ‘Izisulu Ezilitshelwe.’ Lo mbiko wami onamakhasi angu-43 wawunemidwebo nezithombe.”

Ngo-November 2002, uHaykaz wethula umbiko wakhe ezinganeni afunda nazo, kothisha, emkhayeni nakubangane. Ngemva kwalokho kwaba khona isikhathi semibuzo nezimpendulo, esamnika ithuba lokuchaza izinkolelo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini. Lapho enye intombazane ezilalelini ibuza ukuthi kungani ayekhethe lesi sihloko, uHaykaz wachaza ukuthi izincwadi eziningi zomlando azikhulumi ngoFakazi nokuthi wayefuna abantu bazi ukuthi oFakazi BakaJehova babeluvikele ngesibindi kangakanani ukholo lwabo lobuKristu. Waba yini umphumela walo mbiko?

“Izingane engifunda nazo zamangala,” kusho uHaykaz. “Zazingazi ukuthi oFakazi BakaJehova njengeqembu babeshushiswe ngonya. Futhi, eziningi zazingazi ukuthi oFakazi ababeboshwe emakamu okuhlushwa amaNazi babefaka uphawu olukhethekile—unxantathu onsomi.”

Ngemva kokwethula umbiko wakhe, uHaykaz wathola amathuba engeziwe okukhuluma nezingane zasekilasini lakhe ngesimo soFakazi esisekelwe eBhayibhelini mayelana nokumpontshelwa igazi, utshwala nokuziphatha. “Ayikho ezinganeni engifunda nazo eyangibhinqa noma eyangihleka usulu,” kuphawula uHaykaz. Ngaphezu kwalokho, umbiko wakhe manje ugcinwe emtatsheni wezincwadi wesikole. Lokho kuzosiza ekuqinisekiseni ukuthi isibindi soFakazi BakaJehova asilitshalwa.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela