Osemusha Oziqhenyayo Ngenkolo Yakhe
LAPHO eneminyaka engu-13 ubudala, u-Andrew wabelwa umsebenzi wesikole okhuluma ngefa lezinkolelo. Uthi: “Ekuqaleni ngacabanga ukuthi ngizobhala ngomkhulu, kodwa ngabe sengicabanga: ‘Hhayi! Ngingomunye woFakazi BakaJehova. Leli yithuba elihle lokukhuluma ngokholo lwami!’
“Umsebenzi wami ngawunika isihloko esithi ‘Yima Uqinile,’ futhi ngenza isithombe esikhulu esasibonisa ukushushiswa ngonya koFakazi BakaJehova eJalimane lamaNazi. Izinsiza-kufundisa zami zazihlanganisa iyunifomu enonxathathu onsomi efana nsé neyasekuqaleni kanye nezithombe nezincwadi ezihlukahlukene ezivela kwabakwaKusserow.a Nganikeza izilaleli amakhophi ezincwadi ezazithunyelwe oFakazi BakaJehova kuhulumeni waseJalimane, ezazikhala ngezenzo ezingenabulungisa ezenziwa koFakazi BakaJehova kodwa zingathathi hlangothi kwezombangazwe. Kwakulokhu kudlala ikhasethi le-video ethi Jehovah’s Witnesses Stand Firm Against Nazi Assault. Ngangibeke namaBhayibheli, izincwajana namapheshana.
“Izabelo zethu zaqale zaboniswa bonke abafundi nothisha endlini yokuzivivinya esikoleni. Ngakusasa kusihlwa kwamenywa imikhaya nabangane. Abaningi bangibuza imibuzo, ngoba babengazi nokuthi oFakazi BakaJehova babeke bashushiswa amaNazi.”
U-Andrew uyavuma ukuthi kwakudinga isibindi ukukhuluma ngokholo lwakhe. Uthi: “Ngangazi ukuthi abanye bazongenza inhlekisa, kodwa ngangizozizwa kabi ukuba angizange ngikwenze. Nampa abantu abadela ukuphila kwabo ukuze balwele ukholo lwabo kuJehova, ngakho ngacabanga ukuthi okuncane engingakwenza ukukhuthazelela ukugxekwa.”
Ekugcineni, u-Andrew wayejabule ngokuthi wasebenzisa leli thuba lokunikeza ubufakazi. Uthi: “Ngaxoxa nabantu abaningi ngokuthi kungani singayi empini, futhi ngahambisela abathakazelayo amaBhayibheli, izincwadi namapheshana.” Uyanezela: “Angikhumbuli ngiziqhenya kangaka ngokuba ngomunye woFakazi BakaJehova.”
[Umbhalo waphansi]
a OFakazi BakaJehova babebonakala ngonxantathu onsomi emakamu. AbakwaKusserow bama beqinile ezinkolelweni zabo njengoFakazi BakaJehova phakathi nokubusa kwamaNazi. Bheka INqabayokulinda ka-September 1, 1985, amakhasi 10-15.