Ifa Ongathembela Kulo
“UMA uthola isaziso eposini sivela kothile sithi unefa okumelwe ulilande, qaphela. Ungaba isisulu somuntu oyiqili.”
Leso isixwayiso esakhishwa i-Postal Inspection Service yase-United States engosini yayo ye-Internet. Kungani? Kungoba izinkulungwane zabantu zathola isaziso eposini esithi, ‘Isihlobo sakho sishonile futhi sikushiyele ifa.’ Ngenxa yalokho, abaningi bathumela imali engu-R210 noma ngaphezulu ukuze bathole ‘umbiko wefa’ okwakuthiwa uzochaza ukuthi likuphi lelo fa kanye nendlela elingatholakala ngayo. Badumazeka kabuhlungu. Bonke abaphendula bathola umbiko ofanayo—futhi ukuthola ifa elinjalo kwakungenakwenzeka nhlobo.
Amaqhinga anjalo akhanga isifiso esingokwemvelo sabantu sokuthola ifa. Nokho, iBhayibheli likhuluma kahle ngalabo ababeka ifa lapho lithi: “Omuhle uyoshiyela abazukulu ifa.” (IzAga 13:22) Eqinisweni, nguJesu Kristu ngokwakhe owasho la mazwi adumile nathandwayo eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.”—Mathewu 5:5.
Amazwi kaJesu asikhumbuza lokho iNkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo eyaphefumulelwa ukuba ikubhale emakhulwini eminyaka adlule: “Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11.
‘Ukudla ifa lomhlaba’—yeka ithemba elijabulisayo! Kodwa singaqiniseka yini ukuthi leli akusilo elinye icebo lobuqili eliklanyelwe ukuphanga abantu okuthile? Yebo, singaqiniseka. Njengoba umhlaba uyingxenye yendalo kaJehova emangalisayo, yena njengoMenzi noMnikazi wawo unelungelo lokuwunika noma ubani amthandayo ube yifa lakhe. NgeNkosi uDavide, uJehova wenza lesi sithembiso esiyisiprofetho eNdodaneni yakhe ethandekayo, uJesu Kristu: “Cela kimi, ukuba ngikunike izizwe zibe yifa lakho nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho.” (IHubo 2:8) Ngenxa yalesi sizathu, umphostoli uPawulu wachaza uJesu njengalowo ‘[uNkulunkulu] ammise ukuba abe yindlalifa yezinto zonke.’ (Hebheru 1:2) Ngakho-ke, singaqiniseka ngokugcwele ukuthi lapho uJesu ethi abamnene “bayokudla ifa lomhlaba,” wayekusho eqinisile, futhi unegunya elifanele lokugcwalisa isithembiso sakhe.—Mathewu 28:18.
Ngakho, umbuzo obalulekile uwukuthi, Siyogcwaliseka kanjani leso sithembiso? Kuyo yonke indawo namuhla, abanonya nabaqhoshayo babonakala bephumelela futhi benza abakuthandayo. Yini eyoba yifa labamnene? Ngaphezu kwalokho, umhlaba ukhungethwe izinkinga ezinkulu zokungcoliswa kwawo, futhi ingcebo yawo ixhashazwa abantu abangamagovu nabangenangqondo. Uyobe usekhona wona umhlaba ongaba yifa? Sikucela ukuba ufunde isihloko esilandelayo ukuze uthole impendulo yale mibuzo kanye neminye ebalulekile.
[Isithombe ekhasini 3]
Ingabe uyolidla ifa langempela?