AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Vikela Ifa Lakho Eliyigugu
UKalebi wavikela ifa lakhe ngokuxosha izitha ezinamandla (Jos 15:14; it-1-E 1083 ¶3)
Akuwona wonke ama-Israyeli alivikela ifa lawo emathonyeni amabi (Jos 16:10; it-1-E 848)
UJehova wabasiza labo ababefuna ukulivikela ngempela ifa labo (Dut 20:1-4; Jos 17:17, 18; it-1-E 402 ¶3)
UJehova unika wonke amaKristu ifa eliyigugu lokuphila okuphakade. Siyaziqinisa ukuze simelane namathonya ngokufunda iBhayibheli, ngokuya emihlanganweni yobuKristu, enkonzweni yasensimini nangokuthandaza ngenjongo yokuqapha ifa lethu.
ZIBUZE, ‘Ngiyalivikela yini ifa lami?’