Wazisa Izingane Zasekilasini Lakhe Izinkolelo Zakhe
UNGATHANDA yini ukusiza izingane zasekilasini lakho ziziqonde kangcono izinkolelo zakho ezisekelwe eBhayibhelini? UMagdalena oneminyaka engu-18 ubudala, ongumfundi wasesikoleni esiphakeme ePoland, uvamile ukukhuluma nabafundi basekilasini lakhe ngezinkolelo zakhe njengoba engomunye woFakazi BakaJehova. Ngenxa yalokho, uvame ukubuzwa imibuzo enjengokuthi, ‘Kudingeka ube umuntu onjani uma ungomunye woFakazi BakaJehova?’ nokuthi ‘Anikholelwa yini nina kuJesu Kristu?’ Wayengazisiza kanjani izingane zasekilasini lakhe? UMagdalena wathandaza kuJehova ecela isiqondiso wabe esenza ngokuvumelana nemithandazo yakhe.—Jakobe 1:5.
Ngelinye ilanga, uMagdalena wacela kuthisha wakhe ozihloniphayo izinkolelo zoFakazi ukuba abukise ikilasi i-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name.a Uthisha wavuma. UMagdalena wabe esetshela ikilasi lakhe: “Ngihlela ukuba umngane wami anethulele uhlelo lwemizuzu engu-90. Kuzobukwa i-video bese kuxoxwa ngoFakazi BakaJehova. Ningathanda ukuba khona?” Bonke bavuma. UMagdalena noWojciech, umshumayeli wesikhathi esigcwele ongumakad’ ebona, baqala ukulungiselela lo msebenzi.
Bahlela ukuthi bazoqala ngenkulumo yemizuzu engu-20 esekelwe encwajaneni ethi OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?b ilandelwe ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Ngemva kwalokho kwakuzobukwa i-video emtatsheni wezincwadi wesikole. Umfundi ngamunye ekilasini wayezophiwa isipho—imvilophu enkulu enezincwajana ezimbalwa, incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayoc kanye namapheshana nomagazini abathile.
Ngelanga lokubuka i-video, kwaba khona abafundi abangu-14 basekilasini lakhe, uthisha kanye nabanye abafundi abane okwenzeka ukuthi babesemtatsheni wezincwadi. UWojciech waqala ngokuchaza ukuthi izimbongi nababhali abaningana basePoland balisebenzisa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, ezinkondlweni nasezincwadini zabo. Waphawula namanye amakhathekizimu amadala amaKatolika ayenalo igama likaNkulunkulu. Lapho echaza umsebenzi wanamuhla woFakazi BakaJehova wabonisa izilaleli zakhe amapheshana anezithombe zamahhovisi egatsha ahlukahlukene kanye nezithombe eziningana zamaHholo OMhlangano.
Kwalandela ingxoxo ethakazelisayo. UMagdalena noWojciech basebenzisa iBhayibheli ekuphenduleni imibuzo. Lokhu kwazihlaba umxhwele izilaleli futhi kwazikholisa ukuthi oFakazi BakaJehova abashumayeli imibono yabo. Imiphi eminye yemibuzo eyabuzwa, futhi yaphendulwa kanjani?
Umbuzo: IBhayibheli ligcwele izinkulumo ezingacacile nezingathekiso, ezingachazwa ngezindlela eziningi ezihlukahlukene. Umuntu angakwazi kanjani ukuphila ngokuvumelana neBhayibheli?
Impendulo: Abanye bathi iBhayibheli lifana nesiginci ongadlala kuso noma iyiphi ingoma oyithandayo. Kodwa cabanga: Uma ufuna ukuthola ukuthi umlobi uqonde ukuthini ngamazwi akhe, akungcono yini uvele ubuze yena? Ngokungafani nababhali abangasekho abangabantu, uMlobi weBhayibheli, uJehova uNkulunkulu, uyaphila. (Roma 1:20; 1 Korinte 8:5, 6) Umongo wevesi ungayibonisa incazelo yalo enembile. Ngaphezu kwalokho, ngokuvamile iBhayibheli likhuluma ngendaba eyodwa emavesini ahlukahlukene, ngakho ukuqhathanisa lawo mavesi kungasiza. Ngaleyo ndlela singavumela uNkulunkulu aqondise imicabango yethu, njengokungathi nguye ngokwakhe osichazela lelo vesi. Ngokwenza kanjalo, singayazi intando yakhe futhi siphile ngokuvumelana nayo njengoba yembulwe eBhayibhelini, akunjalo?
Umbuzo: Uyini umehluko phakathi kwamaKristu noFakazi BakaJehova?
Impendulo: Siyiwo amaKristu! Kodwa kunokuba oFakazi BakaJehova bamane nje bathi bangamaKristu, balwela ukuphila ngokuvumelana nalokho abakukholelwayo nalokho uNkulunkulu abafundisa khona ukuze bazizuzise. (Isaya 48:17, 18) Njengoba zonke izimfundiso zabo zisekelwe eBhayibhelini, bayazi ukuthi baneqiniso.—Mathewu 7:13, 14, 21-23.
Umbuzo: Kungani nisukela abantu eningabazi nhlobo nifune ukukhuluma nabo? Lokho akukona yini ukuphoqelela inkolo yenu kwabanye abantu?
Impendulo: Ucabanga ukuthi kuyiphutha yini uma umuntu emgwaqweni ekhuluma nawe ngenhlonipho futhi ebuza umbono wakho ngendaba ethile? (Jeremiya 5:1; Zefaniya 2:2, 3) (UWojciech noMagdalena babe sebebonisa indlela abábuza ngayo abantu emgwaqweni ukuthi uNkulunkulu unendaba yini nabantu abalahlekelwa ezikhukhuleni ezazisanda kuba khona ePoland.) Uma sesiwuzwile umbono womuntu, sibe sesimbonisa lokho okushiwo iBhayibheli. Uma umuntu engathandi ukuxoxa, siyavalelisa, siqhubekele phambili. (Mathewu 10:11-14) Ingabe lokho kuwukuphoqelela abantu ukuba baxoxe? Noma, ingabe akusafanele abantu baxoxe?
Umbuzo: Kungani ningawagubhi amaholide?
Impendulo: Sigubha isenzakalo esisodwa kuphela iBhayibheli elisiyala ukuba sisigubhe—iSikhumbuzo sokufa kukaJesu Kristu. (1 Korinte 11:23-26) Ngokuqondene namaholide, ungawuthola umsuka wawo ngokubheka ama-encyclopedia nezincwadi ezithembekile. Ngaleyo ndlela, uyobona kalula ukuthi kungani singazigubhi izenzakalo ezinjengalezo.—2 Korinte 6:14-18.
Kwabuzwa futhi kwaphendulwa neminye imibuzo eminingi. Ingxoxo yaba yinde kangangokuthi kwadingeka ukuba i-video ibukwe ngesinye isikhathi.
Bazizwa kanjani-ke abafundi? UMagdalena makasitshele: “Ngamangala ukuthi abanye abafundi abavame ukuganga futhi bahleke abanye babebuza imibuzo enzulu. Nakuba babethi abakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, kwathi lapho sekuxoxwa bathi bayakholelwa kuNkulunkulu!” Ababekhona bazamukela ngokwazisa izipho—banikwa izincwadi ezingu-35, izincwajana ezingu-63 nomagazini abangu-34.
Yeka umphumela omuhle womsebenzi wesikole! Awusizanga nje kuphela abafundi basekilasini likaMagdalena ukuba babazi futhi babaqonde kangcono oFakazi BakaJehova kodwa futhi wakhuthaza eningi yaleyo ntsha ukuba icabange ngenjongo yokuphila. Kunganjani nawe uzame ukusiza izingane zasekilasini lakho ukuba zazi okwengeziwe ngalokho okukholelwayo?
[Umbhalo waphansi]
a Ikhishwa oFakazi BakaJehova.
b Ikhishwa oFakazi BakaJehova.
c Ikhishwa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 31]
UMagdalena noWojciech balungiselela ingxoxo