Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukwamukela Izindaba Ezinhle EBelgium
“NGUBANI obonile okunjengalokhu na?” kusho ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eBelgium. (Qhathanisa noIsaya 66:8.) Lelizwe elihle libika inani eliphakeme labamemezeli abangu-24 464 onyakeni wenkonzo ka-1989. Kwaba futhi nokwanda kwamaphesenti amane esilinganisweni salabo abahlanganyela emsebenzini wokushumayela inyanga ngayinye.
◻ Izindaba ezinhle ezimenyezelwa oFakazi BakaJehova zaqashelwa umpristi ongumKatolika owasho lamazwi kubantu besifunda sakhe eMiseni langeSonto: “Uma oFakazi BakaJehova befika ekhaya lakho, bamukele ngokungananazi. Baneqiniso!” Yilokho kanye omunye wesifazane akwenza. Lapho oFakazi befika, wabamukela ngokungananazi futhi wathatha incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? Kamuva wacela incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Isifundo seBhayibheli saqaliswa naye, kodwa umyeni wakhe akazange ahlanganyele naye. Ngakho uMzalwane wamshayela ucingo futhi wambuza ukuthi angathanda yini ukuphila nomkakhe ezweni elingcono? Ngenxa yalokho, wahlanganyela esifundweni. Lombhangqwana wawuhlala ndawonye ungashadile ngokomthetho, kodwa wabhalisa umshado wawo futhi ngokushesha wabhapathizwa.
◻ Iqiniso laguqula ukuphila kwentombazanyana. Ingakayihlanganisi iminyaka engu-14, yashiywa yodwa. Yahlangana nomfana omncane futhi yahlala naye iphila impilo yemidlwembe, idla izidakamizwa futhi ibonisa umoya wobudlova. Lomfana wayeseshona engozini yemoto. Lokhu kwashiya lentombazane inesifo sokuphazamiseka kwemizwa esingathi sína, futhi yacabanga ukuzibulala. Yazibuza: ‘Ngingalitholaphi ikhambi lezinkinga zami?’ Yahlangana nomuntu oyisangoma owayenza yakholelwa ukuthi yayingase ikwazi ukuxhumana nomngane wayo ongasekho. Bazama ukulutha ingqondo nokuqonda okungalé kwengqondo yomuntu. Ingatholi nduduzo eyayiyilindele kulokhu, yaphinda yacindezeleka kakhulu. Ezinyangeni eziningana yazehlukanisa ngokuphelele. Khona-ke omunye woFakazi BakaJehova wahlangana nayo futhi wazama ukuyisiza ngokomoya. Esikhathini esithile lokhu kwenziwa ngencwadi, futhi ngokuhamba kwesikhathi izinto zalunga ngemva komzamo omkhulu nesibindi sayo. Manje yayisikhululekile ethonyeni lamademoni, emkhubeni kagwayi, kanye nasemizweni ejulile yokuba necala. Njengoba isikhathi sasiqhubeka, ulwazi olwengeziwe lweBhayibheli nomoya kaJehova kwayisiza kakhulu. Futhi, imihlangano yayiqinisa, njengoba yayiyilungiselela ngokuzimisela. Manje isibhapathiziwe futhi inomoya wamaphayona. Kakade isiqhuba izifundo eziningana zeBhayibheli, esinye sazo isiqhuba nonina, oseba khona kweminye imihlangano. Ngempela, uJehova uyisizile!
◻ Labo abasebenzisa kahle amathuba esikoleni bajabulela impumelelo enhle ekusakazeni izindaba ezinhle. Omuye udade osemusha esikoleni eBelgium wabelwa ukuba anikeze inkulumo ngendaba azikhethele yona. Wanquma ukukhuluma ngoFakazi BakaJehova nangezinkolelo zabo, esekela indaba yakhe encwajaneni engangomagazini ethi OFakazi BakaJehova Ekhulwini Lamashumi Amabili. Uprofesa owayemfundisa wahlabeka umxhwele. Ngemva kokuba enikeze leyonkulumo ekilasini, abafundi bavunyelwa ukuba babuze imibuzo. Abafundi abaningana kamuva bambuza ukuthi yini okwakumelwe bayenze ukuze baphile ePharadesi likaNkulunkulu akhulume ngalo enkulumweni yakhe. Abaningi, kuhlanganise noprofesa, bacela amakhophi ezincwajana ezinemibala ezihlukahlukene udade ayeziphethe. Amanye amakilasi acela izincwajana kanye nokwaziswa okwengeziwe, futhi uprofesa wezenkolo wazihlola lezincwajana wayesezitusela ikilasi lakhe.
Isenzo sesibindi sikadadewethu osemncane sabusiswa. Kwasakazwa izincwajana ezingangomagazini ezingamashumi amabili nantathu koprofesa ababili nakubafundi abaningi; omunye umfundi, esezwile ngalenkulumo, wayicela lendaba ukuze achaze ngomsebenzi woFakazi BakaJehova ekilasini lakhe.
Abaningi bayazemukela izindaba ezinhle eBelgium. Bamukela iZwi likaNkulunkulu, hhayi “njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.”—1 Thesalonika 2:13.