Ubuhle Bendalo KaJehova
“O Jehova, Yeka Ukuthi Miningi Kangakanani Imisebenzi Yakho!”
KUNGAKHATHALISEKI ukuthi sihlala emaphandleni noma edolobheni, phezulu ezintabeni noma phansi ngasolwandle, sizungezwe ubuhle obumangalisayo bendalo. Kuyafaneleka ukuthi IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2004 libonisa iqoqo lemifanekiso yendalo emangalisayo kaJehova uNkulunkulu.
Abantu abanokwazisa baye babonisa ukuthi banesithakazelo emisebenzini kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, cabanga ngoSolomoni, okuhlakanipha kwakhe “kwakukukhulu kunokuhlakanipha kwabo bonke abaseMpumalanga.” IBhayibheli lithi: “Wayekhuluma ngemithi, kusukela kumsedari oseLebhanoni kuya kuyihisopi elimila odongeni; futhi wayekhuluma ngezilwane nangezidalwa ezindizayo nangezinto ezihambayo nangezinhlanzi.” (1 AmaKhosi 4:30, 33) Uyise kaSolomoni, iNkosi uDavide, wayevame ukuzindla ngemisebenzi kaNkulunkulu yobuciko. Washukumiseleka ukuba ababaze uMenzi wakhe: “O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! Yonke uyenzé ngokuhlakanipha. Umhlaba ugcwele imikhiqizo yakho.”—IHubo 104:24.a
Nathi siyobe senza kahle ngokubuka indalo futhi sizindle ngayo. Ngokwesibonelo, singase ‘siphakamisele amehlo ethu phezulu’ kufanele, futhi sibuze: “Ngubani odale lezi zinto?” NguJehova uNkulunkulu, ‘onamandla amaningi ashukumisayo’ ‘nonamandla amakhulu’ ngempela!—Isaya 40:26.
Kufanele kusithinte kanjani ukuzindla ngendalo kaJehova? Ngezindlela okungenani ezintathu. (1) Kungasikhumbuza ukuthi kufanele sikwazise ukuphila kwethu, (2) kungasishukumisela ukusiza abanye bafunde endalweni, futhi (3) kungasiqhubezela ukwazi nokwazisa uMdali wethu ngokwengeziwe.
Ukuphila kwethu njengabantu, okuphakeme kakhulu ‘kokwezilwane ezingenangqondo,’ kusenza sikwazi ukubuka futhi sazise izimangaliso zendalo. (2 Petru 2:12) Amehlo ethu angabona ubuhle bendawo. Izindlebe zethu zingezwa umculo omnandi wezinyoni. Futhi ukwazi kwethu isikhathi nendawo kusenza sibe nezinkumbulo ezinhle. Nakuba manje singaphelele, ukuphila kumnandi impela!
Indalo izihlaba umxhwele izingane, futhi abazali bangakujabulela ukukubona lokho. Yeka indlela izingane ezithanda ngayo ukuthola amagobolondo asesihlabathini ogwini lolwandle, ukuphulula isilwane, ukugibela esihlahleni! Abazali bayofuna ukusiza izingane zabo zibone ukuhlobana phakathi kwendalo noMdali. Izingane zingahlala ziyazisa futhi ziyihlonipha ukuphila kwazo konke indalo kaJehova.—IHubo 111:2, 10.
Besiyobe sinomqondo ofiphele kakhulu uma indalo isikhexisa umlomo kodwa sehluleke ukudumisa uMdali. Isiprofetho sika-Isaya sisisiza ukuba sicabange ngalo kanye leli phuzu lapho sithi: “Awukazi yini noma awukezwa? UJehova, uMdali wemikhawulo yomhlaba, unguNkulunkulu kuze kube nini nanini. Akakhathali noma aphelelwe amandla. Ukuqonda kwakhe akuphenyeki.”—Isaya 40:28.
Yebo, imisebenzi kaJehova inikeza ubufakazi bokuhlakanipha kwakhe okungenakuqhathaniswa, amandla akhe amakhulu, nothando lwakhe olujulile ngathi. Lapho sibona ubuhle obusizungezile bese siqonda izimfanelo zaLowo owenza yonke into, kwangathi singashukumiseleka ukuba senanele amazwi kaDavide: “O Jehova, akekho ofana nawe . . . , futhi ayikho imisebenzi efana neyakho.”—IHubo 86:8.
Singaqiniseka ukuthi abantu abalalelayo bazoqhubeka bekhangwa indalo kaJehova. Kulo lonke iphakade, siyoba namathuba amaningi okufunda okwengeziwe ngoJehova. (UmShumayeli 3:11) Futhi lapho sifunda okwengeziwe ngaye, siyomthanda nangokwengeziwe uMdali wethu.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2004, November/December.
[Ibhokisi ekhasini 9]
Ukudumisa UMdali
Ososayensi abaningi abanokwazisa bayavuma ukuthi nguNkulunkulu owadala imvelo. Kunalezi zibonelo ezilandelayo ezimbalwa:
“Ngithola injabulo emsebenzini wami lapho kuba nalezo zikhathi eziqabukelayo lapho ngithola khona okusha futhi ngithi, ‘Hho, kanti uNkulunkulu wakwenza kanje lokhu.’ Umgomo wami ukuqonda ingxenye encane kakhulu yenjongo kaNkulunkulu.”—UHenry Schaefer, uprofesa wesayensi yokuthakwa kwamakhemikhali.
“Ngokuqondene nokuthi inwetshwa yini iNdawo Yonke, lokho kushiyelwa kumfundi ukuba afike kwezakhe iziphetho, kodwa ngeke siyiqonde imbangela yalokho ngaphandle kwaKhe [uNkulunkulu].”—U-Edward Milne, isazi saseBrithani sokwakheka kwendawo yonke.
“Siyazi ukuthi kusetshenziswa izibalo ezisezingeni eliphezulu ukuze kuchazwe imvelo ngoba nguNkulunkulu owayidala.”—U-Alexander Polyakov, isazi sezibalo saseRussia.
“Lapho sicwaninga imvelo sisuke sisondela emicabangweni yoMdali, sijwayelana nemicabango yaKhe, sichaza isimiso okungesikaNkulunkulu, hhayi esethu.”—ULouis Agassiz, isazi saseMelika sesayensi yezinto eziphilayo.
[Isithombe ekhasini 8, 9]
Izinguza ama-“gentoo,” eNhlonhlweni Ye-Antarctic
[Isithombe ekhasini 9]
IGrand Teton National Park, eWyoming, e-U.S.A.
[Umthombo]
Jack Hoehn/Index Stock Photography