The Wonders of Creation Reveal God’s Glory
Abantu abaningi bayakujabulela ukubuka indalo. Kodwa bambalwa abaqondayo ukuthi lapho beyibuka, babona amazwibela endlela yokucabanga nenhliziyo kaNkulunkulu uMdali Ophakeme. (Roma 1:20) Endulo, uDavide wafunda ngoJehova ngeZwi laKhe eliphefumulelwe. Kodwa waphinde ‘wabona’ futhi wasondela kuYe ngendalo yakhe. (IHu. 8:3, 4) I-video enesihloko esithi The Wonders of Creation Reveal God’s Glory isiza thina, izingane zethu nalabo esifunda nabo iBhayibheli ukuba sibone enye yendalo kaJehova, sibone izimfanelo nobuntu boMdali wethu Ophakeme, futhi ngenxa yalokho sisondele kuye. Ngemva kokubuka le video, hlola ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo.
(1) Ubukhulu nokuhleleka kwendawo yonke ebonakalayo kukujulisa kanjani ukwazisa kwakho uJehova? (Isaya 40:26) (2) Uma siwabukisisa amanzi, yini esingayifunda ngaLowo owawaklama? (IsAm. 14:7) (3) Ubukhulu bomhlaba nokusondela kwawo elangeni kukubonisa kanjani ukuhlakanipha kukaJehova? (4) Inyanga ifeza yiphi injongo? (IHu. 89:37) (5) UJehova ubaklame ngayiphi indlela abantu ukuze bajabulele ukuphila? (6) Iyini i-DNA? (IHu. 139:16) (7) Bahluke kanjani abantu kuyo yonke indalo kaNkulunkulu? (Gen. 1:26) (8) Yini obheke phambili kuyo ezweni elisha?
Izici Ezengeziwe: (9) Ivelaphi imibala? (10) Amanzi awanqoba kanjani amandla adonsela phansi ukuze afinyelele phezulu ezihlahleni? (11) Amanzi adlala yiphi indima emizimbeni yethu? (12) Yisho izibonelo zobunye obukhona phakathi kwezinto eziphilayo. (13) Zazi kanjani izinto eziphilayo ukuthi kufanele zibambisane nezinye? (14) Iyini i-“golden angle,” futhi ibonakala kanjani endalweni?
“Qaphelisisani” Umsebenzi Wezandla ZikaJehova: UJesu wasikhuthaza ukuba ‘siqaphelisise izinyoni zezulu’ futhi ‘sifunde eminduzeni yasendle.’ (Math. 6:26, 28) Ukwenza kanjalo kungaqinisa ukholo lwethu, kusenze simethembe uJehova, futhi kwakhe ukwazisa kwethu ngokuhlakanipha, amandla okusindisa nangothando lukaJehova. Kunokuba uphazanyiswe ngokungadingekile imisebenzi yaleli zwe, zinike isikhathi futhi uzame ukubuka izimangaliso zendalo kaJehova, ucabange ngalokho ezisitshela khona ngoNkulunkulu wethu.—IHu. 19:1.