Okwenza Abaningi Bangabaze Ukuthi Inkolo Ingasenza Isintu Sibe Munye
‘THANDA umakhelwane wakho.’ (Mathewu 22:39) Lesi simiso esiyisisekelo sokuziphatha senanelwa izinkolo eziningi. Ukube lezo zinkolo beziphumelela ekufundiseni amalungu azo ukuthanda omakhelwane, imihlambi yazo ibiyobumbana futhi ibe munye. Nokho, ingabe yilokho oye wakubona? Ingabe izinkolo ziyithonya elinamandla lobunye? Muva nje kokunye ukuhlola okwenziwa eJalimane kwabuzwa lo mbuzo: “Ingabe izinkolo zenza abantu babe munye, noma kungenzeka kakhulu ukuthi ziyabahlukanisa?” Kubantu abaphendula, abangamaphesenti angu-22 baba nomuzwa wokuthi izinkolo zibenza babe munye, kuyilapho abangamaphesenti angu-52 babenomuzwa wokuthi ziyabahlukanisa. Mhlawumbe abantu ezweni lakini bazizwa ngendlela efanayo.
Kungani abantu abaningi benethemba elincane lokuthi inkolo ingenza isintu sibe munye? Mhlawumbe kungenxa yalokho abakwaziyo emlandweni. Kunokuba yenze abantu babumbane, ngokuvamile inkolo iye yabahlukanisa. Kwezinye izimo, inkolo iye yaba isigubuzelo sezenzo zobudlova obunyantisayo. Cabangela ezinye zezibonelo ezenzeke eminyakeni eyikhulu nje edlule.
Egameni Lenkolo
Ngempi yezwe yesibili, amaRoma Katolika aseCroatia nama-Orthodox aseSerbia emaZweni AseBalkan ayebambene ngobhongwane. Womabili la maqembu ayethi angabalandeli bakaJesu, owafundisa abalandeli bakhe ukuba bathande omakhelwane. Nokho, njengoba omunye umcwaningi akubeka, ingxabano yawo yaholela “kokunye ukucekelwa phansi kwezakhamuzi okunyantisa kunakho konke okwake kwenzeka emlandweni.” Umhlaba washaqiswa ukubulawa kwamadoda, abesifazane nezingane abangaphezu kuka-500 000.
Ngo-1947 izwekazi laseNdiya lalinabantu abangaba izigidi ezingu-400—okucishe kube yingxenye yesihlanu yabo bonke abantu abasemhlabeni—abaningi bengamaHindu, amaMuslim namaSikh. Lapho elaseNdiya lihlukaniswa, kwazalwa isizwe sasePakistan samaSulumane. Ngaleso sikhathi, amakhulu ezinkulungwane zababaleki ababevela kuwo womabili la mazwe ashiswa, ashaywa, ahlukunyezwa futhi adutshulwa ochungechungeni lwezimpi zenkolo ezicekela phansi.
Njengokungathi lezi zibonelo zazingezimbi kangako, ukuqala kwekhulu lama-21 kwaqhakambisa usongo lobuphekula. Namuhla, ubuphekula benze umhlaba wonke wama manzonzwane, futhi amaqembu amaningi amaphekula athi angawenkolo ethile. Inkolo ayibhekwa njengegqugquzela ubunye. Kunalokho, ivame ukuhlanganiswa nobudlova nokwahlukana. Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi umagazini waseJalimane i-FOCUS wathi izinkolo ezinkulu zomhlaba—ubuBuddha, ubuConfucian, ubuHindu, ubuJuda, eLobukholwa, ubuSulumane nobuTao—zifana neziqhumane.
Izimpikiswano Zangaphakathi
Ngesikhathi ezinye izinkolo zilwa, ezinye zikhathazwa izimpikiswano zangaphakathi. Ngokwesibonelo, eminyakeni yamuva nje amasonto eLobukholwa aye ahlukana phakathi ngenxa yezimpikiswano eziqhubekayo maqondana nezimfundiso. Abefundisi nabantu abavamile ngokufanayo bayabuza: Ingabe kuvunyelwe ukuvimbela inzalo? Kuthiwani ngokukhipha isisu? Kufanele yini abesifazane bagcotshwe njengabapristi? Isonto kumelwe libubheke kanjani ubungqingili? Kufanele yini inkolo ivumele impi? Ngenxa yalokhu kuhlukana, abaningi bayazibuza, ‘Inkolo ingasenza kanjani isintu sibe munye uma ihlulwa ngisho nawukwenza amalungu ayo abe munye?’
Kusobala ukuthi inkolo ihlulekile ukuba ithonya lokuletha ubunye. Kodwa ingabe zonke izinkolo ziphawuleka ngokwahlukana? Ikhona yini inkolo ehlukile—engasenza isintu sibe munye?
[Isithombe ekhasini 3]
Amaphoyisa álimala ngesikhathi kulwa amaqembu ezinkolo eNdiya ngo-1947
[Umthombo]
Photo by Keystone/Getty Images