Ungakwazi Yini Ukulawula Ikusasa Lakho?
INGABE ikusasa nesigcino sethu kwamiswa kusengaphambili? Ingabe ukukhetha esikwenza ekuphileni akulithonyi ikusasa lethu?
Ake sithi umuntu uyakwazi ukuzilawulela ikusasa lakhe. Uma kunjalo, ingabe ukhona umuntu obengamiselwa kusengaphambili ukuba enze umsebenzi othile okhethekile noma anikwe isikhundla esithile? Futhi uNkulunkulu ubengayifeza kanjani intando yakhe ngomhlaba ukube abantu bebenenkululeko yokulawula ikusasa labo? IBhayibheli linikeza izimpendulo ezigculisayo zale mibuzo.
Ingabe Ukunqunyelwa Kusengaphambili Kungavunyelaniswa Nenkululeko Yokuzikhethela?
Cabanga indlela uJehova uNkulunkulu asidala ngayo. IBhayibheli lithi: “Wamdala [umuntu] ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala kwaba owesilisa nowesifazane.” (Genesise 1:27) Njengoba sidalwe safana noNkulunkulu, sinekhono lokubonisa izimfanelo zakhe, ezifana nothando, ubulungisa, ukuhlakanipha, namandla. UNkulunkulu usinike nesipho esiyinkululeko yokuzikhethela. Lokhu kusenza sihluke kwezinye izidalwa zakhe zasemhlabeni. Singakhetha ukuthi sizosilandela yini isiqondiso sikaNkulunkulu sokuziphatha noma cha. Yingakho umprofethi uMose ayengathi: “Ngimisa amazulu nomhlaba njengofakazi ngokumelene nani namuhla, bokuthi ngibeke ukuphila nokufa phambi kwakho, isibusiso nesiqalekiso; kumelwe ukhethe ukuphila ukuze uqhubeke uphila, wena nenzalo yakho, ngokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho, ngokulalela izwi lakhe nangokunamathela kuye.”—Duteronomi 30:19, 20.
Nokho, isipho senkululeko yokuzikhethela asisho ukuthi sinenkululeko engenamingcele. Asisikhululi emithethweni yemvelo neyokuziphatha uNkulunkulu ayenze ngenjongo yokuba indawo yonke izinze futhi ibe nokuthula. Le mithetho yenzelwe inzuzo yethu, futhi ukuyephula kungaholela emiphumeleni engathí sina. Cabanga nje ukuthi bekungenzekani ukube besingakhetha ukungawunaki umthetho odonsela phansi futhi sigxume sisuka ophahleni lwesakhiwo esiphakeme!—Galathiya 6:7.
Inkululeko yokuzikhethela yenza sibe nesibopho sokuzithiba, okuyinto engekho ezidalweni ezingayinikwanga le nkululeko. Umlobi uCorliss Lamont uyabuza: “Singasho kanjani ukuthi abantu kufanele balandise ngokuziphatha kwabo, sibajezise lapho benza into engalungile, uma kanti sivuma . . . ukuthi izinto abazikhethayo nabazenzayo zamiswa kusengaphambili?” Asinakukwenza lokho. Izilwane ezilawulwa umuzwa wemvelo azibekwa cala ngalokho ezikwenzayo, kanti nama-computer awalandisi ngezinto atshelwe ukuba azenze. Ngakho, inkululeko yokuzikhethela isithwesa umthwalo wemfanelo onzima futhi isenza silandise ngezenzo zethu.
Yeka indlela uJehova uNkulunkulu abeyobonakala engenaluthando futhi engenabulungisa ngayo ukube umisa indlela esiyophila ngayo singakazalwa nokuzalwa, maqede athi silandise ngezenzo zethu! Akakwenzi lokho, ngoba “uNkulunkulu uluthando,” futhi “zonke izindlela zakhe ziwubulungisa.” (1 Johane 4:8; Duteronomi 32:4) Njengoba esinikeze inkululeko yokuzikhethela, akazange asinikeze yona kodwa wabe ‘esenquma kusekude lé ukuthi uyosindisa bani alahle bani,’ njengoba kusho abantu abakholelwa ekunqunyelweni kusengaphambili. Inkululeko yokuzikhethela iyakuphika ukunqunyelwa kusengaphambili.
IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi ukukhetha esikwenzayo kuyothonya ikusasa lethu. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu unxusa abenzi bokubi, ethi: “Sizani nibuye, yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebubini bezenzo zenu . . . ukuze nginganibangeli inhlekelele.” (Jeremiya 25:5, 6) Lesi sicelo besiyoba yize ukube uNkulunkulu ubeselinqumile kakade ikusasa lomuntu ngamunye. Ngaphezu kwalokho, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Ngakho-ke, phendukani futhi niguquke ukuze kusulwe izono zenu, ukuze izinkathi zokuqabuleka zifike zivela ebusweni bukaJehova.” (IzEnzo 3:19) UJehova ubeyobacelelani abantu ukuba baphenduke futhi baguquke uma azé kusengaphambili ukuthi ayikho into abangayenza ukuze bathonye ikusasa labo?
ImiBhalo ikhuluma ngabathile abamenywa uNkulunkulu ukuba babuse njengamakhosi ezulwini bekanye noJesu Kristu. (Mathewu 22:14; Luka 12:32) Nokho, iBhayibheli lithi lelo lungelo liyobalahlekela uma bengakhuthazeli kuze kube sekugcineni. (IsAmbulo 2:10) UNkulunkulu wayengabamemelani uma ayesenqumile kakade ukungabakhethi? Cabanga futhi ngamazwi omphostoli uPawulu ayewaqondise kumakholwa akanye nawo. Wabhala: “Uma senza isono ngamabomu ngemva kokuba sesamukele ulwazi olunembile lweqiniso, awusekho umhlatshelo wesono osele.” (Hebheru 10:26) Isixwayiso esinjalo sasingeke sisho lutho uma uNkulunkulu ayeselimise kusengaphambili ikusasa labo. Kodwa uNkulunkulu akabamiselanga yini kusengaphambili okungenani abathile ukuba babe ababusi kanye noJesu Kristu?
Ngumuntu Noma Iqembu Elamiselwa Kusengaphambili?
Umphostoli uPawulu wabhala: “[UNkulunkulu] usibusise kuKristu ngazo zonke izibusiso ezingokomoya ezindaweni zasezulwini, njengoba nje asikhethela kuye ngaphambi kokusungulwa kwezwe . . . Ngoba wasimisela kusengaphambili ukutholwa njengamadodana kuye ngoJesu Kristu.” (Efesu 1:3-5) Yini uNkulunkulu ayimisa kusengaphambili, futhi kusho ukuthini ukukhethwa “ngaphambi kokusungulwa kwezwe”?
Le ndima ithi uNkulunkulu uye wakhetha abathile benzalo yomuntu wokuqala, u-Adamu, ukuba babuse noKristu emazulwini. (Roma 8:14-17, 28-30; IsAmbulo 5:9, 10) Nokho, ukucabanga ukuthi uJehova uNkulunkulu wabamisa kusengaphambili ngokukhethekile abantu abathile ukuba bathole leli lungelo kusasele izinkulungwane zeminyaka bazalwe kuphikisana neqiniso lokuthi abantu baphiwe inkululeko yokuzikhethela. UNkulunkulu wamisa iqembu kusengaphambili, noma isigaba sabantu, hhayi abantu abathile.
Nasi isibonelo: Ake sithi uhulumeni unquma ukumisa inhlangano ethile. Lo hulumeni unquma kusengaphambili ukuthi iyoba yini imisebenzi yale nhlangano, ukuthi iyoba negunya elingakanani, nokuthi yona iyoba ngakanani. Ekugcineni le nhlangano iyaqala ukusebenza ngemva kwesikhathi esithile imisiwe, futhi amalungu ayo asho isitatimende esinamazwi athi: “Uhulumeni wanquma kudala ukuthi umsebenzi wethu uyoba yini. Manje sesiyawuqala umsebenzi esiwunikiwe.” Ubungaphetha yini ngokuthi lo hulumeni wanquma kusengaphambili ukuthi obani abayoba amalungu aleyo nhlangano? Ubungeke. Ngokufanayo, uJehova wanquma kusengaphambili ukuthi uyomisa inhlangano ekhethekile ukuba iqede imiphumela yesono sika-Adamu. Wamisa kusengaphambili isigaba sabantu ababeyokhonza kuleyo nhlangano—akamisanga abantu. Labo bantu babeyokhethwa kamuva, futhi ukukhetha ababeyokwenza ekuphileni yikona okwakuyothonya ukuthi bayamukelwa yini noma cha.
Wayekhuluma ngaliphi izwe umphostoli uPawulu lapho ethi: ‘UNkulunkulu wasikhethela kuye ngaphambi kokusungulwa kwezwe’? Izwe uPawulu akhuluma ngalo lapha akulona izwe uNkulunkulu alisungula lapho edala u-Adamu no-Eva. Lelo zwe ‘lalilihle kakhulu’—lingenaso nhlobo isono nokonakala. (Genesise 1:31) Lalingadingi “ukukhululwa” esonweni.—Efesu 1:7.
Izwe uPawulu ayekhuluma ngalo yilelo elaba khona ngemva kokuhlubuka kuka-Adamu no-Eva e-Edene—izwe elihluke kakhulu kulelo elalihloswe uNkulunkulu ekuqaleni. Yizwe elaqala ukuhlalwa abantwana baka-Adamu no-Eva. Lelo zwe lalinabantu abahlukanisiwe noNkulunkulu nabagqilazwe isono nokonakala. Laliyizwe labantu ababesemathubeni okuhlengwa, ngokungafani nezoni zamabomu u-Adamu no-Eva.—Roma 5:12; 8:18-21.
UJehova uNkulunkulu washeshe wakwazi ukulungisa isimo esabangelwa ukuhlubuka e-Edene. Kwathi lapho isidingo siphakama, wamisa kusengaphambili ithuluzi elikhethekile ayeyolisebenzisa ukuze lihlenge isintu esonweni sika-Adamu—ithuluzi eliwuMbuso kaMesiya ophethwe uJesu Kristu. (Mathewu 6:10) UNkulunkulu wakwenza lokhu “ngaphambi kokusungulwa kwezwe” elinesintu esisemathubeni okuhlengwa, okungukuthi, ngaphambi kokuba izihlubuki ezingo-Adamu no-Eva zizale abantwana.
Ngokuvamile abantu badinga icebo elithile ukuze bafeze lokho abafuna ukukufeza. Ukunqunyelwa kusengaphambili kuhlobaniswa nombono othi kumelwe ukuba uNkulunkulu unecebo lendawo yonke, elinayo yonke imininingwane, lapho yonke yonke into imiselwe kusengaphambili khona. URoy Weatherford uyabhala: “Ezazini eziningi zefilosofi, kubonakala sengathi ukungazihleli ngokuphelele zonke izenzakalo akufanelani neGunya likaNkulunkulu.” Kuyadingeka ngempela yini ukuba uNkulunkulu azihlele zonke izenzakalo kusengaphambili?
Njengoba enamandla angenamkhawulo nokuhlakanipha okungenakuqhathaniswa, uJehova angasingatha noma isiphi isimo esiphuthumayo noma isehlakalo esingavela kungalindelwe lapho izidalwa zakhe zenza ukukhetha ngokukhululeka. (Isaya 40:25, 26; Roma 11:33) Angakwenza lokhu ngokushesha ngaphandle kokuba necebo elithile. Ngokungafani nabantu abangaphelele abanamakhono alinganiselwe, uNkulunkulu uMninimandla onke akadingi icebo elinayo yonke imininingwane elisho kusengaphambili ukuthi siyoba yini isigcino sabantu ngabanye emhlabeni. (IzAga 19:21) Ezinguqulweni eziningi zeBhayibheli, eyabase-Efesu 3:11 ikhuluma ngoNkulunkulu njengalowo ‘onenjongo engunaphakade’ kunokuthi unecebo elithile elimisiwe.
Indlela Ongalithonya Ngayo Ikusasa Lakho
UNkulunkulu unenjongo ngomhlaba, futhi leyo njongo yamiswa kusengaphambili. IsAmbulo 21:3, 4 sithi: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” Yebo, lo mhlaba uyoba ipharadesi, njengoba nje uJehova ayehlosile kwasekuqaleni. (Genesise 1:27, 28) Umbuzo uthi, Wena uyoba khona yini lapho? Lokho kuxhomeke ekukhetheni okwenzayo manje. UJehova akalinqumanga ikusasa lethu.
Umhlatshelo wesihlengo weNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, wenza ukuba noma ubani obonisa ukholo kuyo akwazi ukuthola ukuphila okuphakade. (Johane 3:16, 17; IzEnzo 10:34, 35) IBhayibheli lithi: “Obonisa ukholo eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongayilaleli iNdodana ngeke akubone ukuphila.” (Johane 3:36) Ungakukhetha ukuphila ngokufunda ngoNkulunkulu, ngeNdodana yakhe, nangentando yaKhe emakhasini eBhayibheli, nangokwenza lokho okufundayo. Umuntu owenza ngokuvumelana nokuhlakanipha kweqiniso okuseZwini likaNkulunkulu uqinisekiswa ukuthi “uyohlala ngokulondeka angaphazanyiswa yingebhe yenhlekelele.”—IzAga 1:20, 33.
[Izithombe ekhasini 5]
Ngokungafani nezilwane, abantu banesibopho sokulandisa ngezenzo zabo
[Umthombo]
Eagle: Foto: Cortesía de GREFA