Yini Elawula Ikusasa Lakho?
“NJENGEZILWANE, abantu abanakulilawula ikusasa labo,” kubhala uJohn Gray, isazi sokuziphendukela kwemvelo. Encwadini yakhe ethi An Intelligent Person’s Guide to Judaism, umlobi uShmuley Boteach uveza umbono ohluke kakhulu. Uthi: “Umuntu akasona isilwane, ngakho uhlala ekwazi ukulawula ikusasa lakhe.”
Abantu abaningi bavumelana noGray futhi bakholelwa ukuthi ikusasa lesintu lilawulwa amandla emvelo angenakuqondiswa. Abanye babheka umuntu njengesidalwa sikaNkulunkulu esiphiwe ikhono lokulawula ikusasa laso.
Abanye banomuzwa wokuthi ikusasa labo lilawulwa abantu abanegunya. Ngokusho komlobi uRoy Weatherford, “iningi labantu emhlabeni—ikakhulu iningi labesifazane emlandweni—alinawo . . . amandla noma alinakukulawula ukuphila kwalo ngenxa yezizathu ezisobala, eziwukucindezelwa nokuxhashazwa abanye abantu.” (The Implications of Determinism) Abaningi babone amaphupho abo okuba nekusasa elijabulisayo eqedwa imibuso namabutho empi ancintisanayo.
Kuwo wonke umlando, abanye baye bazizwa bengakwazi nokwenzani ngoba bacabanga ukuthi ikusasa labo lilawulwa amandla angaphezu kwawemvelo. UBoteach uthi: “AmaGreki asendulo ayebuswa umqondo wokuthi akusizi ukuba nethemba ngoba ayikho into umuntu angayenza njengoba ikusasa lakhe limiswa kusengaphambili.” Ayenomuzwa wokuthi ikusasa lawo wonke umuntu linqunywa onkulunkulukazi abenza umathanda. Ayekholelwa ukuthi labo nkulunkulukazi babenquma ukuthi umuntu uyofa nini nokuthi uyobhekana nosizi nobuhlungu okungakanani ngempela ekuphileni kwakhe.
Nanamuhla ivamile inkolelo yokuthi ikusasa lomuntu lilawulwa amandla angaphezu kwawomuntu. Ngokwesibonelo, abantu abaningi bakholelwa kuyiKismet, noma ukudalelwa. Bathi uNkulunkulu umise kusengaphambili ukuthi iyoba yini imiphumela yezenzo zabo bonke abantu nokuthi bayofa nini. Kukhona nemfundiso yokunqunyelwa kusengaphambili, ekhuthaza umbono wokuthi uNkulunkulu uMninimandla onke “wakumisa kudala ukuthi umuntu ngamunye uyosinda yini noma uyolahlwa.” Abantu abaningi abathi bangamaKristu banamathele kule mfundiso.
Wena ubona kanjani? Ingabe amandla ongeke neze ukwazi ukuwalawula aselibophile kakade ikusasa lakho? Noma ingabe aneqiniso elithile amazwi omlobi wemidlalo oyiNgisi, uWilliam Shakespeare, owabhala: “Siba khona isikhathi lapho abantu bengazilawulela khona isigcino sabo”? Ake ucabange ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba.