Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 2/15 kk. 17-22
  • Ukulondoloza Lokho Esiyikho NjengamaKristu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulondoloza Lokho Esiyikho NjengamaKristu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Gxilisa Umuzwa Wakho Wokuba UmKristu
  • Zimisele Ukujabulisa UNkulunkulu
  • Funda Kokudlule, Wakhele Ikusasa
  • Ukuzibona Ngokucacile Ukuthi SingamaKristu Kunezibusiso Zangempela
  • MaKristu—Ziqhenyeni Ngalokho Eniyikho!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • 9 Ukuzazi
    I-Phaphama!—2018
  • Ngingubani?
    Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
  • Bangayeba Imininingwane Yakho!
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 2/15 kk. 17-22

Ukulondoloza Lokho Esiyikho NjengamaKristu

“‘Ningofakazi bami,’ usho uJehova.”—ISAYA 43:10.

1. Luhlobo luni lwabantu uJehova abadonsela kuye?

LAPHO usesifundweni, bhekisisa abantu abakhona. Ubona bani? Kungenzeka ubona intsha eqotho ilalelisisa ukuhlakanipha kwemiBhalo. (IHubo 148:12, 13) Cishe ubona nezinhloko zemikhaya ezizama ukujabulisa uNkulunkulu zibe ziphila ezweni elilulaza ukuphila komkhaya. Mhlawumbe ubona asebekhulile abathandekayo, abagxilile njengoba bephila ngokuvumelana nokuzinikezela kwabo kuJehova naphezu kwezinsizi zokuguga. (IzAga 16:31) Bonke bamthanda kakhulu uJehova. Futhi naye ubone kufaneleka ukuba abadonsele ebuhlotsheni naye. INdodana kaNkulunkulu yaqinisekisa: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.”—Johane 6:37, 44, 65.

2, 3. Kungani kungaba inselele kumuntu ukuhlala ekhumbula ukuthi ungumKristu?

2 Asijabuli yini ngokuba phakathi kwabantu abathola umusa nesibusiso sikaJehova? Nokho, kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” ukuhlala sikhumbula kahle ukuthi singamaKristu kuyinselele. (2 Thimothewu 3:1) Kuyinselele ngokukhethekile entsheni ekhulela emikhayeni yamaKristu. Omunye omusha onjalo wavuma: “Yize ngangiya esifundweni, ngangingenayo imigomo ecacile engokomoya, futhi uma ngikhuluma iqiniso nje, ngangingenasifiso esitheni sokukhonza uJehova.”

3 Abanye, nakuba befisa ngobuqotho ukukhonza uJehova, bangase baphazanyiswe ukucindezela okukhulu kontanga, amathonya ezwe, nokuthambekela esonweni. Lapho sicindezelwa, kancane kancane lokho kucindezelwa kungasenza sikhohlwe ukuthi singamaKristu. Ngokwesibonelo, abaningi ezweni namuhla babheka izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha njengeziyisidala noma ezingasebenzi ekuphileni kwanamuhla. (1 Petru 4:4) Abanye bacabanga ukuthi ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela ayishoyo akubalulekile. (Johane 4:24) Encwadini ayeyibhalele abase-Efesu, uPawulu uthi izwe ‘linomoya’ othile, noma isimo sengqondo esandile. (Efesu 2:2) Lowo moya ucindezela abantu ukuba bazivumelanise nokucabanga komphakathi ongamazi uJehova.

4. UJesu wasigcizelela kanjani isidingo sokuba silondoloze lokho okusenza sibonakale ngokucacile ukuthi singamaKristu?

4 Nokho, njengezinceku zikaJehova ezizinikezele, siyaqaphela ukuthi kungaba buhlungu uma noma ubani kithi—omncane noma omdala—engayeka ukuba umKristu. Umbono ofanele walokho okushiwo ukuba ngumKristu ungasekelwa kuphela ezindinganisweni zikaJehova nakulokho akulindele kithi. Kakade, senziwe ngomfanekiso wakhe. (Genesise 1:26; Mika 6:8) IBhayibheli lifanisa ukubonakala kwethu ngokucacile ukuthi singamaKristu nezingubo zangaphandle, esizigqoka zibonwe yiwo wonke umuntu. UJesu waxwayisa mayelana nezikhathi zethu: “Bheka! Ngiyeza njengesela. Uyajabula ohlala ephapheme embethe njalo izingubo zakhe zangaphandle, ukuze angahambi nqunu nabantu babone ihlazo lakhe.”a (IsAmbulo 16:15) Asifuni ukuhlubula izimfanelo zethu zobuKristu nezindinganiso zokuziphatha, sivumele ukulolongwa izwe likaSathane. Uma kungase kwenzeke lokho, zingasilahlekela lezi ‘zingubo zangaphandle.’ Lokho kungaba into edabukisayo nebangela amahloni.

5, 6. Kungani kubalulekile ukuba umuntu abe ogxilile ngokomoya?

5 Ukuzibona komuntu ngokucacile ukuthi ungumKristu kukuthonya kakhulu lokho akwenzayo ngokuphila kwakhe. Kanjani? Uma umkhulekeli kaJehova engayeka ukuzibona ngokucacile ukuthi ungubani, angase agcine ephazamisekile, engasenayo imigomo ecacile futhi engasazazi ukuthi uyaphi ekuphileni. IBhayibheli lixwayisa kaningi ngokuba kuleso simo sokungazazi. Umfundi uJakobe waxwayisa: “Ongabazayo ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya lipheshulwa liyiswa ngapha nangapha. Eqinisweni, lowo muntu makangacabangi ukuthi uyokwamukela utho kuJehova; ungumuntu omanqikanqika, ongagxilile ezindleleni zakhe zonke.”—Jakobe 1:6-8; Efesu 4:14; Hebheru 13:9.

6 Singakulondoloza kanjani lokho esiyikho njengamaKristu? Yini engasisiza siliqaphele ngokwengeziwe ilungelo lethu elikhulu lokuba abakhulekeli boPhezukonke? Sicela uhlole izindlela ezilandelayo.

Gxilisa Umuzwa Wakho Wokuba UmKristu

7. Kungani kusiza ukunxusa uJehova ukuba asihlole?

7 Qhubeka njalo uqinisa ubuhlobo bakho noJehova. Into eyigugu kunazo zonke umKristu anazo ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. (IHubo 25:14; IzAga 3:32) Uma siqala ukuba nokungabaza okuphazamisayo mayelana nokuthi singobani njengamaKristu, kufanele sihlolisise isimo nokujula kwalobu buhlobo. Umhubi wanxusa kufanele: “Ngihlole, Jehova, ungivivinye; cwenga izinso zami nenhliziyo yami.” (IHubo 26:2) Kungani kubalulekile ukuzihlola okunjalo? Kungenxa yokuthi thina ngokwethu asikwazi ukuzihlolisisa ngokunembile izisusa nokuthambekela kwethu okujulile. NguJehova kuphela okwazi ukuqonda lokho esiyikho ngaphakathi—izisusa, imicabango, nemizwelo yethu.—Jeremiya 17:9, 10.

8. (a) Ukuvivinywa nguJehova kungasizuzisa kanjani? (b) Yini wena eye yakusiza ukuba uthuthuke njengomKristu?

8 Uma sicela uJehova ukuba asihlole, sithi makasivivinye. Angase avumele izimo ezidalula izisusa zethu zangempela nesimo senhliziyo yethu. (Hebheru 4:12, 13; Jakobe 1:22-25) Uvivinyo olunjalo kufanele silwamukele ngoba lusinika ithuba lokubonisa ukujula kobuqotho bethu kuJehova. Lungaveza ukuthi siyibo yini “abaphelele nabaphilile ezicini zonke, abangantuli lutho.” (Jakobe 1:2-4) Futhi ngokubhekana nalo, singakhula ngokomoya.—Efesu 4:22-24.

9. Ingabe ukuzigculisa ngamaqiniso eBhayibheli kuyinto esingayenza uma sithanda? Chaza.

9 Zigculise ngamaqiniso eBhayibheli. Umuzwa walokho esiyikho njengezinceku zikaJehova ungaba buthaka uma ungasekelwe ngokuqinile olwazini lwemiBhalo. (Filipi 1:9, 10) Wonke umKristu—omncane nomdala—kudingeka azigculise yena ngokuthi lokho akukholelwayo kuyilo ngempela iqiniso eliseBhayibhelini. UPawulu wanxusa ayekholwa nabo: “Qinisekani ngazo zonke izinto; bambelelani niqinise kokuhle.” (1 Thesalonika 5:21) Intsha engamaKristu esemikhayeni eyesaba uNkulunkulu kumelwe yazi ukuthi ayinakuthembela okholweni lwabazali bayo. USolomoni wakhuthazwa uyise uqobo, uDavide, ukuba ‘amazi uNkulunkulu kayise futhi amkhonze ngenhliziyo ephelele.’ (1 IziKronike 28:9) Kwakungeke kwanele ukuba uSolomoni osemncane agcine ngokubuka uyise akha ukholo lwakhe kuJehova. Kwakudingeka ukuba yena uSolomoni amazi mathupha uJehova, futhi wamazi. Wanxusa uNkulunkulu: “Manje nginike ukuhlakanipha nolwazi ukuze ngiphume futhi ngingene phambi kwalesi sizwe.”—2 IziKronike 1:10.

10. Kungani kungekubi ukubuza imibuzo eqotho ngesisusa esifanele?

10 Ukholo oluqinile lwakhelwa olwazini. UPawulu wathi: “Ukholo lulandela into ezwiweyo.” (Roma 10:17) Wayesho ukuthini? Wayesho ukuthi ngokuzondla ngeZwi likaNkulunkulu, sakha ukholo lwethu nokuthembela kuJehova, ezithembisweni zaKhe, nasenhlanganweni yaKhe. Ngokubuza imibuzo eqotho ngezindaba eziseBhayibhelini singathola izimpendulo eziqinisekisayo. Ngaphezu kwalokho, kweyabaseRoma 12:2, sithola iseluleko sikaPawulu: “[Zitholeleni] ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” Singakwenza kanjani lokho? Ngokuzuza ‘ulwazi olunembile lweqiniso.’ (Thithu 1:1) Umoya kaJehova ungasisiza siqonde ngisho nezindaba ezinzima. (1 Korinte 2:11, 12) Kufanele sithandazele usizo lukaNkulunkulu lapho sinenkinga ekuqondeni okuthile. (IHubo 119:10, 11, 27) UJehova ufuna siliqonde iZwi lakhe, silikholelwe, futhi sililalele. Uyayazisa imibuzo eqotho ebuzwa ngesisusa esifanele.

Zimisele Ukujabulisa UNkulunkulu

11. (a) Isiphi isifiso esingokwemvelo esingaba ugibe kithi? (b) Singasiqunga kanjani isibindi sokumelana nokucindezela kontanga?

11 Funa ukujabulisa uNkulunkulu, hhayi abantu. Kungokwemvelo ukufuna ukugxilisa umuzwa walokho esiyikho ngokuba seqenjini elithile. Wonke umuntu uyabadinga abangane, futhi ukwamukelwa kusenza sijabule. Lapho umuntu esakhula—nalapho esemdala—ukucindezela kontanga kungaba namandla, kwakhe isifiso esikhulu sokulingisa noma sokujabulisa abanye. Kodwa abangane nontanga abasifuneli okuhle ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi, basuke nje befuna umuntu abazodudana naye ekoneni. (IzAga 1:11-19) Lapho umKristu enqotshwa ukucindezela okubi kontanga, uye azame ukuzifihla ukuthi ungumKristu. (IHubo 26:4) Umphostoli uPawulu waxwayisa: “Ukuziphatha kwenu maningakwenzi kufane nokwezwe elinizungezile.” (Roma 12:2, The Jerusalem Bible) UJehova usinika amandla angaphakathi esiwadingayo ukuze silwe nanoma ikuphi ukucindezela kwabanye kokuba sizifanise nabo.—Hebheru 13:6.

12. Isiphi isimiso nesibonelo okungasiqinisa ukuze singahlehleli emuva ezimweni ezihilela ukuthembela kwethu kuNkulunkulu?

12 Lapho ukucindezela kwabanye kufuna ukulimaza umuzwa wethu wokuba amaKristu, kuhle sikhumbule ukuthi ubuqotho bethu kuNkulunkulu bubaluleke kakhulu kunombono wabantu noma ukuthambekela kweningi. Amazwi ka-Eksodusi 23:2 ayisimiso esihle: “Ungalandeli isixuku ngezinhloso ezimbi.” Lapho iningi lama-Israyeli akubo lingabaza amandla kaJehova okufeza izithembiso zaKhe, uKalebi wala waphetha ukuhambisana nalo. Wayeqiniseka ukuthi izithembiso zikaNkulunkulu zithembekile, futhi wavuzwa ngokucebile ngokuma kwakhe. (Numeri 13:30; Joshuwa 14:6-11) Ingabe nawe uzimisele ngokufanayo ukumelana nokucindezela kweningi ukuze ulondoloze ubuhlobo bakho noNkulunkulu?

13. Kungani kuyinkambo yokuhlakanipha ukutshela abanye ukuthi simiphi njengamaKristu?

13 Yenza kwaziwe ukuthi ungumKristu. Inkulumo yesiNgisi ethi kungcono kakhulu ukuzivikela ngokuhlasela iyiqiniso ekuvikeleni kwethu lokho esiyikho njengamaKristu. Lapho imizamo yokwenza intando kaJehova iphikiswa ezinsukwini zika-Ezra, ama-Israyeli athembekile athi: “Siyizinceku zikaNkulunkulu wamazulu nomhlaba.” (Ezra 5:11) Uma sithonywa izenzo nokugxeka kwabantu abangasithandi, ukwesaba kungase kusiqede amandla. Ukuhlale sizama ukujabulisa wonke umuntu kuyosenzela phansi. Ngakho ungavumi ukwesatshiswa. Ngaso sonke isikhathi kuhle ukwenza kubacacele abantu ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Ngendlela enenhlonipho kodwa eqinile, ungabachazela izindinganiso, izinkolelo, nokuma kwakho njengomKristu. Benze bazi ukuthi uzimisele ukulondoloza izindinganiso zikaJehova eziphakeme ezindabeni zokuziphatha. Kwenze kucace ukuthi ubuqotho bakho bobuKristu abuyona into ongayihoxisa. Bonisa ukuthi uyaziqhenya ngezindinganiso zakho zokuziphatha. (IHubo 64:10) Ukuhluka njengomKristu ogxilile kungakuqinisa, kukuvikele, futhi kushukumisele ngisho nabanye ukuba babuze ngoJehova nangabantu bakhe.

14. Kufanele yini kusidangalise ukuhlekwa noma ukuphikiswa? Chaza.

14 Yebo, abanye bangase bakuhleke noma bakuphikise. (Jude 18) Uma abanye bengasabeli kahle emizamweni yakho yokubachazela izindinganiso zakho, ungadangali. (Hezekeli 3:7, 8) Ngisho ungazimisela kangakanani, awusoze wabafunza abantu umbono abangafuni ukuwamukela. Khumbula uFaro. Akukho nhlupho nasimangaliso—ngisho nokushonelwa izibulo lakhe imbala—okwamenza wakholwa ukuthi uMose uthunywe uJehova. Ngakho-ke, ungavumi ukwesaba abantu kukuqede amandla. Ukuthembela kuNkulunkulu nokholo kuye kungasisiza sikunqobe ukwesaba.—IzAga 3:5, 6; 29:25.

Funda Kokudlule, Wakhele Ikusasa

15, 16. (a) Liyini ifa lethu elingokomoya? (b) Singazuza kanjani ekuzindleni ngefa lethu elingokomoya sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu?

15 Yazisa ifa lakho elingokomoya. AmaKristu ayozuza ngokuzindla ngefa lawo elicebile elingokomoya, esebenzisa iZwi likaNkulunkulu. Leli fa lihlanganisa iqiniso leZwi likaJehova, ithemba lokuphila okuphakade, nelungelo lokumelela uNkulunkulu njengabamemezeli bezindaba ezinhle. Uyayibona yini indima onayo phakathi koFakazi bakhe, eqenjini elibusisekile labantu abanikwe umsebenzi osindisa ukuphila wokushumayela ngoMbuso? Khumbula, nguJehova uqobo oqinisekisayo: “Ningofakazi bami.”—Isaya 43:10.

16 Ungazibuza imibuzo enjengalena: ‘Liyigugu kangakanani kimi leli fa? Ingabe ngilazisa ngokwanele ukuba ngenze intando kaNkulunkulu ize kuqala ekuphileni kwami? Ingabe ukulazisa kwami kuqine ngokwanele ukuba kungisize ngigweme noma isiphi isilingo esingase siholele ekubeni lingilahlekele?’ Ifa lethu elingokomoya lingasinika nomuzwa ojulile wokulondeka okungokomoya okungatholakala enhlanganweni kaJehova kuphela. (IHubo 91:1, 2) Ukubukeza izenzakalo ezimangalisayo zomlando wanamuhla wenhlangano kaJehova kungagcizelela kithi ukuthi akukho muntu noma into engaqothula abantu bakaJehova emhlabeni.—Isaya 54:17; Jeremiya 1:19.

17. Yini enye edingekayo ngaphezu kokumane sithembele efeni lethu elingokomoya?

17 Yebo, asinakuthembela efeni lethu elingokomoya kuphela. Ngamunye wethu kumelwe akhe ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Ngemva kokuba uPawulu esebenze kanzima ukuze akhe ukholo lwamaKristu eFilipi, wawabhalela: “Ngakho-ke, bathandekayo, ngendlela ebenilalela ngayo ngaso sonke isikhathi, kungekhona phakathi nokuba khona kwami kuphela, kodwa manje ngokuzithandela nakakhulu ngesikhathi ngingekho, qhubekani nisebenzela ukusindiswa kwenu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.” (Filipi 2:12) Asinakuthembela komunye umuntu ukuze sithole insindiso.

18. Imisebenzi yobuKristu ingawujulisa kanjani umuzwa walokho esiyikho njengamaKristu?

18 Zinikele emisebenzini yobuKristu. Kuye kwaphawulwa ukuthi “umsebenzi uyakuthonya lokho umuntu aba yikho.” AmaKristu namuhla athunywe ukuba enze umsebenzi obalulekile wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe. UPawulu wathi: “Njengoba, eqinisweni, ngingumphostoli ezizweni, ngikhazimulisa inkonzo yami.” (Roma 11:13) Umsebenzi wethu wokushumayela usenza sihluke ezweni, futhi ukuhlanganyela kuwo kugcizelela umuzwa walokho esiyikho njengamaKristu. Ukuzinikela kweminye imisebenzi engokwasezulwini, enjengemihlangano yobuKristu, ukwakhiwa kwezindawo zokukhulekela, imizamo yokusiza abaswele, nokunye okunjalo, kungajulisa umuzwa walokho esiyikho njengamaKristu.—Galathiya 6:9, 10; Hebheru 10:23, 24.

Ukuzibona Ngokucacile Ukuthi SingamaKristu Kunezibusiso Zangempela

19, 20. (a) Iziphi izinzuzo wena ozitholile ngokuba umKristu? (b) Yini esenza sibone ngokunembile ukuthi singobani?

19 Ake uthi ukucabanga ngezinzuzo eziningi esizithola ngokuba amaKristu eqiniso. Sinelungelo lokwaziwa nguJehova ngokuqondile. Umprofethi uMalaki wathi: “Abamesabayo uJehova bakhuluma omunye komunye, yilowo nalowo nomngane wakhe, uJehova waqhubeka enakile futhi elalele. Kwalotshwa incwadi yenkumbulo phambi kwakhe yalabo abamesabayo uJehova nalabo abacabanga ngegama lakhe.” (Malaki 3:16) UNkulunkulu angasibheka njengabangane bakhe. (Jakobe 2:23) Ukuphila kwethu kuyathuthuka ngenxa yokuba nomuzwa ocacile wokuba nenjongo yangempela, nemigomo emihle futhi enemiphumela. Sinikwe nethemba lekusasa elingunaphakade.—IHubo 37:9.

20 Khumbula ukuthi lokho oyikho ngempela nokubaluleka kwakho kuya ngokuthi uNkulunkulu ukubheka kanjani, hhayi ukuthi abanye abantu bacabangani ngawe. Abanye bangase basibheke ngokwezindinganiso ezisilelayo zabantu. Kodwa uthando lukaNkulunkulu nesithakazelo anaso kithi kwenza sibone ngokunembile ukuthi sibaluleke kangakanani—singabakhe. (Mathewu 10:29-31) Nolwethu uthando ngoNkulunkulu lungenza umuzwa walokho esiyikho ube namandla, lusinike nesiqondiso esicacile ekuphileni kwethu. “Uma umuntu emthanda uNkulunkulu, lowo uyaziwa nguye.”—1 Korinte 8:3.

[Umbhalo waphansi]

a La mazwi kungenzeka agudlisela emisebenzini yomqaphi wethempeli waseJerusalema. Ebusuku, wayehamba ethempelini abheke ukuthi onogada abangamaLevi baphapheme yini noma balele lapho besebenza khona. Unogada owayetholakala elele wayeshaywa ngomshiza, futhi izingubo zakhe zangaphandle zazingase zishiswe njengesijeziso sokumhlaza.

Uyakhumbula?

• Kungani kubalulekile ukuba amaKristu alondoloze lokho ayikho ngokomoya?

• Singawugxilisa kanjani umuzwa walokho esiyikho njengamaKristu?

• Lapho sibhekene nenselele yokuthi ubani esizomjabulisa, iziphi izici ezingasisiza ekwenzeni isinqumo?

• Ukuzibona ngokucacile ukuthi singobani kungalithonya kanjani ikusasa lethu njengamaKristu?

[Izithombe ekhasini 21]

Ukuzinikela emisebenzini yobuKristu kungathuthukisa umuzwa walokho esiyikho njengamaKristu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela