Lo Mhlaba Uphokophelephi?
UBUNYE BOMHLABA. Buyinto enhle. Akukhona yini lokho wonke umuntu akufunayo? Yebo, sekukhulunywe kakhulu ngobunye. Lapho abaholi bomhlaba behlangene, bavame ukukhuluma njalo ngale ndaba. Ngo-August 2000, abaholi benkolo abangaphezu kwenkulungwane bahlangana ekomkhulu leZizwe Ezihlangene eNew York, baba neNgqungquthela Yokuthula Komhlaba Yenkulungwane Yeminyaka. Badingida izixazululo zezingxabano zomhlaba. Nokho, wona lowo mhlangano wabonisa ukuthi izingxabano zomhlaba zimbi kakhulu. I-mufti (umuntu ochaza umthetho wamaSulumane) yaseJerusalema yenqaba ukuza kulo mhlangano ngoba kwakuzobe kukhona norabi wamaJuda. Abanye kwabacasula ukuthi iDalai Lama, umholi wenkolo yamaBuddha, yamenywa ngemva kwezinsuku ezimbili uqalile lo mhlangano ngoba abahleli bawo babesaba ukuthi iChina izowuduba lo mhlangano.
Ngo-October 2003, izizwe eZigudle ULwandle IPacific zaxoxa ngezindaba eziphathelene nokulondeka komhlaba emhlanganweni we-Asia-Pacific Economic Cooperation (APEC) owawubanjelwe eThailand. Izizwe ezingu-21 ezazikulo mhlangano zafunga ukuhlakaza amaqembu amaphekula futhi zavumelana ngezindlela zokuthuthukisa ukulondeka komhlaba wonke. Noma kunjalo, phakathi nawo lo mhlangano, abameleli abaningana bakhononda besola amazwi ayegcwele inzondo ngamaJuda ashiwo undunankulu othile.
Kungani Bungekho Ubunye?
Nakuba kukhulunywa kakhulu ngokwenza umhlaba ube nobunye, imbalwa kakhulu imiphumela ebonakalayo. Naphezu kwemizamo eqotho yabaningi, kungani kulokhu kunzima ngesintu ukufinyelela ubunye bomhlaba kuze kube manje ekhulwini leminyaka lama-21?
Ngokwengxenye impendulo yalo mbuzo isemazwini omunye wondunankulu ababesemhlanganweni we-APEC. Wathi, “Inkinga ilele kule nto ebizwa ngokuthi ukuqhosha ngobuzwe.” Yebo, isintu singene sacwila ebuzweni. Isizwe ngasinye nohlanga ngalunye lufuna ukubuswa uhulumeni ofunwa yilo. Ukufuna ukuzimela kuhlangene nomoya wokuncintisana kanye nokuhaha kuvele kwabangela inkiyankiya yenkinga. Ezimweni eziningi, lapho izinto ezifunwa izwe elithile zingafani nezinto ezifunwa umhlaba wonke, kwenziwa lokho okufunwa yilelo zwe.
Umhubi ubuchaza kahle ubuzwe lapho ebubiza ngokuthi ‘isifo esiwumshayabhuqe esibangela izinhlupheko.’ (IHubo 91:3) Buye bafana nesifo esiwumshayabhuqe esintwini, baholela ekuhluphekeni okuningi. Sekungamakhulu eminyaka ubuzwe bukhona kanye nenzondo ngezinye izizwe ewumphumela wabo. Namuhla, ubuzwe busaqhubeka buvuthela amalangabi okuba abantu bahlukane, futhi ababusi abangabantu bahlulekile ukuwacima la malangabi.
Iziphathimandla eziningi ziyabona ukuthi ubuzwe nobugovu buwumsuka wezinkinga zomhlaba. Ngokwesibonelo, owayenguNobhala-jikelele weZizwe Ezihlangene, u-U Thant wathi: “Izinkinga eziningi esinazo namuhla zibangelwa, noma ziwumphumela, wezimo zengqondo ezingafanele . . . Phakathi kwazo kunombono wobuzwe wokungaguquguquki nhlobo—‘izwe lami yizwe lami, kungakhathaliseki ukuthi lenza kahle noma liyabheda.’” Nanamuhla, izizwe zisazicabangela kakhulu, zisalokhu zibanga umsindo zithi zifuna ukubusa. Labo abaphethe izintambo, abafuni ukuzidedela nakancane. Ngokwesibonelo, i-International Herald Tribune yasho okulandelayo nge-European Union: “Ezombusazwe zaseYurophu zisalokhu zilawulwa umbango nokungathembani. Namanje akukamukeleki lapho elinye lamazwe e-EU lidlondlobala futhi lihola.”
IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, likuchaza kahle okwenzekayo lapho kubusa abantu, lithi: ‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Njengoba umhlaba ucazwe waba izizwana, amaqembu abantu kanye nabantu bengabodwa baye bazibonela ukugcwaliseka kwalesi simiso seBhayibheli: “Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.”—IzAga 18:1.
UMdali wethu, owaziyo ukuthi yini esifanele, akakaze ahlose ukuba abantu bazimisele ohulumeni futhi bazibuse. Ngokwenza lokho, abantu baye bayishaya indiva injongo kaNkulunkulu neqiniso lokuthi konke kungokwakhe. IHubo 95:3-5 lithi: “UJehova unguNkulunkulu omkhulu neNkosi enkulu phezu kwabo bonke abanye onkulunkulu, ozinzulu zomhlaba zisesandleni sakhe noziqongo zezintaba zingezakhe; olungolwakhe ulwandle, yena ngokwakhe alwenza nozandla zakhe zawenza umhlabathi owomile.” UNkulunkulu unguMbusi ofanele futhi kufanele bonke abantu bambheke njengenkosi yabo. Lapho izizwe zizifunela imibuso yazo, zimelana nentando yakhe.—IHubo 2:2.
Kudingekani?
Ukuphela kwendlela umhlaba oyoba nobunye ngayo ukuba kube negunya elilodwa elisebenzela izithakazelo zabo bonke abantu. Abantu abaningi abacabangayo bayasibona lesi sidingo. Nokho, labo abasibonayo bavame ukucinga usizo endaweni engafanele. Ngokwesibonelo, abahlaziyi abaningi, kuhlanganise nabaholi benkolo, baye bakhuthaza abantu ukuba bathembele enhlanganweni yeZizwe Ezihlangene ukuthi izoletha ubunye bomhlaba. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi zinezinhloso ezinhle kanjani, izinhlangano zabantu azikaze zikwazi ukuxazulula izinkinga zesintu ezigcwele emhlabeni wonke. Kunalokho, eziningi zalezi zinhlangano zimane zabonisa kahle ukuthi abukho ubunye ezizweni ezihlukahlukene.
IBhayibheli lixwayisa ngokufuna usizo ezinhlanganweni zabantu, lapho lithi: “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa.” (IHubo 146:3) Ingabe lokhu kusiletha kwangqingentshe ngokuqondene nobunye bomhlaba? Lutho neze. Ikhona enye indlela.
Abaningi abazi ukuthi uNkulunkulu usewumisile kakade uhulumeni okwaziyo ukwenza umhlaba ube nobunye. Likhuluma ngoJehova uNkulunkulu, iBhayibheli lithi: “Mina, yebo mina, ngiyimisile inkosi yami eZiyoni, intaba yami engcwele. Cela kimi, ukuba ngikunike izizwe zibe yifa lakho nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho.” (IHubo 2:6, 8) Phawula ukuthi lo mBhalo uthi uJehova uNkulunkulu ‘uyimisile inkosi yakhe,’ ayibiza ngokuthi ‘indodana yakhe’” evesini 7. InguJesu Kristu, oyiNdodana kaNkulunkulu evelele kunawo wonke amadodana akhe omoya, onikwe igunya phezu kwazo zonke izizwe.
Indlela Okuyoba Nobunye Ngayo Emhlabeni
Abantu abaningi abazithobi kulobu bukhosi basezulwini uNkulunkulu abumisile. Izizwe ziyaqhubeka zinamathele elungelweni lokubusa ezicabanga ukuthi lingelazo. Nokho, uNkulunkulu ngeke azibekezelele lezo ezenqaba ukubusa kwakhe nohulumeni ammisile. Likhuluma ngalezo zizwe ezenqaba ukwamukela leli lungiselelo, iHubo 2:9 lithi: “Wena [iNdodana, uJesu Kristu] uyozaphula ngentonga yensimbi, uziphahlaze zibe izicucu njengokungathi isitsha sombumbi.” Kungakhathaliseki ukuthi ziyazi noma cha, manje izizwe ziyamasha futhi zisendleleni yokutholana phezulu noNkulunkulu empini. Incwadi yokugcina yeBhayibheli ikhuluma ‘ngamakhosi omhlaba wonke owakhiwe,’ ebuthelwa ndawonye “empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.” (IsAmbulo 16:14) Izizwe ziyoqedwa kanye nezindlela zazo ezihlukanisa umhlaba phakathi. Lokhu kuyokwenza uhulumeni kaNkulunkulu ukwazi ukwenza umsebenzi wawo ungaphazanyiswa muntu.
Esebenzisa iNdodana yakhe, uJehova uNkulunkulu njengoMbusi Wendawo Yonke, uyosebenzisa amandla ngokuhlakanipha alethe ushintsho oludingekayo ukuze umhlaba ube nobunye. Uhulumeni kaNkulunkulu uyoletha ubunye beqiniso futhi uyobusisa bonke abathandi bokulunga. Kungani ungaziniki imizuzu embalwa ufunde iHubo 72 eBhayibhelini lakho? Leli Hubo lisinikeza isithombe esingokwesiprofetho salokho ukubusa kweNdodana kaNkulunkulu okuyokwenzela isintu. Abantu bayojabulela ubunye beqiniso bomhlaba wonke, futhi zonke izinkinga zabo—ukucindezelwa, ubudlova, ubumpofu, nokunye—ziyoqedwa.
Kuleli zwe lanamuhla elihlukene phakathi, abaningi bacabanga ukuthi leli themba alinangqondo. Kodwa kungaba iphutha ukucabanga kanjalo. Izithembiso zikaNkulunkulu azikaze zingagcwaliseki futhi ziyogcwaliseka nakanjani esikhathini esizayo. (Isaya 55:10, 11) Ungathanda yini ukulubona lolu shintsho? Ungalubona. Empeleni, sebekhona kakade abantu abazilungiselela leso sikhathi. Bavela kuzo zonke izizwe, kodwa kunokuba baklwebhane, manje bazithoba ngobunye ekubuseni kukaNkulunkulu. (Isaya 2:2-4) Bangobani la bantu? Baziwa ngokuthi oFakazi BakaJehova. Kungani ungavumi lapho bekumema ukuba uye lapho behlangana khona? Cishe uyobujabulela ubudlelwane nabantu abangase bakwazi ukukusiza uzithobe ekubuseni kukaNkulunkulu futhi ujabulele ubunye obungasoze baphela.
[Isithombe ekhasini 7]
Abantu abavela kuzo zonke izizwe balungiselela ukuphila ezweni elinobunye
[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]
Saeed Khan/AFP/Getty Images
[Imithombo Yezithombe ekhasini 5]
Woman grieving: Igor Dutina/AFP/Getty Images; protesters: Said Khatib/AFP/Getty Images; armored cars: Joseph Barrak/AFP/Getty Images