Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Abantu Abathembekile Badumisa UJehova
EMHLABENI jikelele, oFakazi BakaJehova—abasha nabadala—baziwa ngokwethembeka kwabo. Cabanga ngezibonelo ezivela emazwekazini amathathu.
Ngelinye ilanga, u-Olusula, oneminyaka engu-17 ubudala, ohlala eNigeria, wayebuya esikoleni eya ekhaya ngesikhathi ethola isikhwama semali. Wasicosha wasiyisa kuthishanhloko, owabala imali eyayikuso wathola ukuthi yayingu-R280. Uthishanhloko wabuyisela lesi sikhwama kuthisha owayengumnikazi waso. Ebonga, lo thisha wanikeza u-Olusula u-R45, wathi akhokhe ngayo imali yesikole. Lapho ezinye izingane zizwa ngalokho okwakwenzekile, zamenza inhlekisa u-Olusula. Ngemva kwamasonto athile, omunye umfundi wabika ukuthi wayentshontshelwe imali, ngakho othisha bacelwa ukuba baseshe bonke abafundi. Uthisha wathi ku-Olusula: “Wena yima eceleni. Ngiyazi ukuthi njengoba ungomunye woFakazi BakaJehova, ngeke untshontshe.” Leyo mali yatholakala kubafana ababili ababehleke u-Olusula, futhi bajeziswa kakhulu. U-Olusula wabhala: “Angive ngijabula ngokuthi ngaziwa njengomunye woFakazi BakaJehova abangasoze bantshontshe, ngaleyo ndlela bakhazimulise uJehova.”
Lapho eya emsebenzini ngolunye usuku, uMarcelo, ongowokuzalwa e-Argentina, wathola isikhwama budebuduze nomnyango ongemuva womuzi wakhe. Wathatha lesi sikhwama wangena naso endlini, futhi yena nomkakhe basivula ngokucophelela. Bamangazwa isizumbulu semali, amakhadi okuthenga ngesikweletu, namasheke amaningana asayiniwe ayekuleso sikhwama; elinye lawo lalisayinwe imali eyizigidi ezimbili zamarandi. Erisidini elalilapho, bathola inombolo yocingo. Bashayela umnikazi wesikhwama ucingo, futhi bahlela ukuba alande isikhwama sakhe lapho uMarcelo esebenza khona. Umnikazi wesikhwama wafika amaphaphu ephezulu. Umqashi kaMarcelo wamtshela ukuba ehlise umoya ngoba uMarcelo ungomunye woFakazi BakaJehova. Ebonga uMarcelo ngokumtholisela isikhwama, wamnikeza u-R40 kuphela. Le madlana yamthukuthelisa kakhulu umqashi kaMarcelo, ngoba yena kwakumhlabe umxhwele ukwethembeka kukaMarcelo. Lokho kwanikeza uMarcelo ithuba lokuchaza ukuthi njengomunye woFakazi BakaJehova, ufuna ukwethembeka ngazo zonke izikhathi.
Okuhlangenwe nakho okulandelayo kuvela eKyrgyzstan. URinat, umfanyana oneminyaka eyisithupha ubudala, wathola isikhwama semali sowesifazane owayehlala ngakubo. Leso sikhwama sasinemali engaba ngu-R150. Lapho uRinat etholisela lona wesifazane isikhwama sakhe, wabala imali wabe esetshela unina kaRinat ukuthi kwakushoda imali engango-R30. URinat wamtshela ukuthi akazange ayithathe leyo mali. Bonke bahamba bayofuna le mali bayithola lapho kwakutholakale khona isikhwama. Wamangala kakhulu lona wesifazane. Wambonga kakhulu uRinat ngokumtholisela imali, watusa nonina ngokukhulisa uRinat ngendlela yobuKristu.