Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/15 kk. 3-6
  • Umbono Olinganiselayo Ngemali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbono Olinganiselayo Ngemali
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IMALI NOBANDLULULO
  • OKUSHIWO IBHAYIBHELI
  • UYINI UMBONO WAKHO NGEMALI?
  • Ingabe Imali Iyimpande Yakho Konke Okubi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Imali
    I-Phaphama!—2014
  • Indlela Yokusebenzisa Imali
    Umndeni Wakho Ungajabula
  • Imuphi Umbono Ohlakaniphile Ngemali?
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 9/15 kk. 3-6
Indoda ebuka izinhlamvu zemali ezinqwabelene

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Umbono Olinganiselayo Ngemali

KUYE kuthiwe, ‘Ngeke wenze lutho ngaphandle kwemali.’ Ngokwezinga elithile, le nkulumo iyiqiniso. Kakade, kudingeka imali ukuze sithenge ukudla, sithole okokugqoka futhi sikhokhele indawo yokuhlala noma sithenge indlu. Umhleli wengxenye ekhuluma ngezimali ephepheni uyabhala, “Imali idlala indima ebaluleke kakhulu emphakathini. Uma kungaphela ukuhwebelana ngemali, singaba nezinxushunxushu nezimpi kungakapheli nenyanga.”

Yiqiniso, imali ayikwenzi konke. Imbongi yaseNorway u-Arne Garborg, yathi ngemali “ungathenga ukudla, kodwa hhayi iphango; imithi kodwa hhayi impilo; imibhede entofontofo kodwa hhayi ubuthongo; ulwazi kodwa hhayi ukuhlakanipha; ubucwebe kodwa hhayi ubuhle; ubukhazikhazi kodwa hhayi ukuthokomala; ubumnandi kodwa hhayi injabulo; ungajwayelana nabantu abaningi kodwa ngeke ubathenge abangane; ungathenga izisebenzi kodwa hhayi ukwethembeka.”

Lapho umuntu elondoloza umbono olinganiselayo ngemali—eyibheka njengendlela yokuthola izinto ezibalulekile, hhayi njengento ebalulekile—angakwazi ukwaneliseka ngokwengeziwe. IBhayibheli lixwayisa ngokuthi “uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye . . . bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:10.

Phawula ukuthi uthando lwemali olulimazayo—hhayi imali ngokwayo. Yiqiniso, ukugxila emalini ngokwedlulele kungadala ukungaboni ngaso linye phakathi kwabangane namalungu omndeni. Cabanga ngezinye izibonelo.

Imali enqwabelanayo

UDaniel:a “Ngangilokhu ngicabanga ukuthi uThomas ungumuntu okumnandi ukuba naye futhi othembekile. Sasingakaze sixabane kwaze kwaba yilapho ethenga imoto yami. Futhi ngangingakaze ngiqaphele ukuthi kukhona okungalungile kuyo. Naphezu kwalokho, wasayina isivumelwano sokuthi uzoyithenga injengoba injalo. Ngemva kwezinyanga ezintathu, imoto yaphuka. UThomas waba nomuzwa wokuthi ngimqolile futhi ethukuthele, wafuna ngimbuyisele imali yakhe. Ngashaqeka! Lapho ngizama ukubonisana naye wayeba nodlame futhi angangeneki. Ngenxa yemali, wayengaseyena uThomas engangimazi.”

U-Esin: “UNesrim uwukuphela kwengane yakwethu. Sasilokhu sizwana, ngakho ngangingakaze ngicabange ukuthi ubuhlobo bethu babungalinyazwa imali. Kodwa, yilokho kanye okwenzeka. Lapho abazali bami beshona, basishiyela imadlana encane futhi bathi kwakumelwe sihlukaniselane yona ngokulinganayo. Udadewethu wenza ngokuphambene nezifiso zabazali bethu, wafuna okungaphezu kwalokho ayekwabelwe. Ngenxa yokuthi ngakhetha ukulalela iziqondiso zabazali, wavuk’ umbhejazana futhi wangisongela. Kuze kube namuhla, usangizonda.”

IMALI NOBANDLULULO

Umbono osontekile ngemali ungabangela abantu ukuba bahlulelane. Ngokwesibonelo, umuntu ocebile angase acabange ukuthi abampofu abathuthuki ngenxa yokuthi bayavilapha. Noma, umuntu onokuncane angase asheshe aphethe ngokuthi abanokuningi kunaye bathanda ingcebo noma bangamagovu. Osemusha okuthiwa uLeanne ovela emndenini ocebile naye wacwaswa ngaleyo ndlela. Uyalandisa:

Iseluleko seBhayibheli ngemali sisasebenza ngendlela esasisebenza ngayo ngesikhathi sibhalwa

“Ngangaziwa njengendodakazi yesicebi. Ngakho abantu babevame ukuthi kimi: ‘Uma ufuna okuthile, okumelwe ukwenze nje, ukucela ubaba wakho’ noma, ‘Siyaxolisa ngokuthi akuthina sonke esicebile futhi esikwazi ukuthenga izimoto ezinhle njengabakini.’ Ekugcineni ngacela abangane bami ukuba bayeke ukusho lezo zinto futhi ngabachazela ukuthi kungani amazwi abo engilimaza. Ngangingafuni ukwaziwa njengomuntu onemali, kodwa njengomuntu owenzela abanye izinto ezinhle.”

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli aliyilahli imali futhi alibagxeki abanayo—ngisho nalabo abaneningi. Okubalulekile akukona ukuthi umuntu unemali engakanani kodwa ukuthi ukubheka kanjani anakho noma akufunayo. Iseluleko seBhayibheli ngemali siyalinganisela, futhi sisasebenza ngendlela esasisebenza ngayo ngesikhathi sibhalwa. Phawula izibonelo ezilandelayo.

IBHAYIBHELI LITHI: “Ungakukhandlekeli ukuzuza ingcebo.”—IzAga 23:4.

Ngokwencwadi i-Narcissism Epidemic, abantu abaphishekela ingcebo basemathubeni amaningi okuba “nezinkinga zengqondo; babuye bakhale ngezinkinga eziningi zempilo ezinjengobuhlungu bomphimbo, beqolo nobekhanda futhi maningi amathuba okuba baphuze ngokweqile futhi basebenzise izidakamizwa ezingekho emthethweni. Ngokusobala, ukulwela ukuphumelela ngokwezimali kwenza abantu bangajabuli nhlobo.”

IBHAYIBHELI LITHI: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, naneliswe izinto ezikhona.”—Hebheru 13:5.

Umuntu owanelisekayo uyakhathazeka ngemali; kodwa uyakwazi ukulondoloza umbono ofanele ngayo. Ngokwesibonelo, umuntu owanelisekayo ngeke akhathazeke ngokweqile lapho elahlekelwa ngokwezimali. Kunalokho, uyolwela ukuba nesimo sengqondo umphostoli uPawulu ayenaso, wabhala: “Ngiyakwazi ukuphelelwa ukudla, ngiyakwazi ukuba nensada. Kuzo zonke izinto nakuzo zonke izimo ngiye ngayifunda imfihlo yakho kokubili ukuthi kunjani ukusutha nokuthi kunjani ukulamba, kokubili ukuba nensada nokuswela.”—Filipi 4:12.

IBHAYIBHELI LITHI: “Othembela engcebweni yakhe—yena ngokwakhe uyowa.”—IzAga 11:28.

Abacwaningi bathi izinkinga zemali ziyisici esivamile ezingxabanweni zomshado ezibangela isehlukaniso. Izinkinga zemali ziphinde zibe nomthelela ekuzibulaleni kwabantu. Kwabanye abantu imali ibaluleke ukwedlula izibopho zomshado, noma ukuphila kwabo imbala! Ngokuphambene nalokho, labo abanombono olinganiselayo abathembeli emalini. Kunalokho, bayakuqaphela ukuhlakanipha okusemazwini kaJesu: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.”—Luka 12:15.

UYINI UMBONO WAKHO NGEMALI?

Indoda emi eduze kwemali izihlola esibukweni

Ukuzihlola kungakusiza uqaphele isidingo sokuba nombono olinganiselayo ngemali. Ngokwesibonelo, zibuze le mibuzo elandelayo.

  • Ingabe ngiyazithanda izinhlelo zokuceba ngokushesha?

  • Ingabe ngikuthola kunzima ukupha abanye imali?

  • Ingabe ngithambekela ekwenzeni ubungane nabantu abahlale bexoxa ngemali nezinto abanazo?

  • Ingabe ngike ngiqambe amanga noma ngenze ezinye izinto zokukhohlisa ukuze ngenze imali?

  • Ingabe imali ingenza ngizizwe ngibalulekile?

  • Ingabe ngihlale ngicabanga ngemali?

  • Ingabe indlela engibheka ngayo imali inomthelela ongemuhle empilweni yami nasemndenini wami?

    Hlakulela ukuba nesandla esivulekile ngokupha abanye

Uma uphendule ngoyebo kunoma yimuphi wale mibuzo, yenza umzamo wokwenqaba imicabango nezilingo zokuthanda ingcebo. Gwema ubungane nabantu ababheka imali nokuba nezinto njengokubaluleke kakhulu. Kunalokho, zihlanganise nabantu ababheka ukuba nezimiso zokuziphatha eziphakeme njengokubaluleke kakhulu kunokuba nengcebo.

Ungalokothi uvumele uthando lwemali ukuba luhlume enhliziyweni yakho. Kunalokho, gcina imali isendaweni yayo—ngaso sonke isikhathi ize emva kwabangane, umndeni, nempilo yakho engokomzwelo nengokomzimba. Ngokwenza kanjalo, uyobonisa ukuthi unombono olinganiselayo ngemali.

a Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

Abesifazane ababili abathukuthelelene

UMNDENI UBALULEKE NGAPHEZU KWEMALI

“Ubaba usanda kwenza isinqumo ngefa lakhe, esiyinciphise kakhulu imali engizoyithola, sakhuphula ezotholwa izingane zakwethu. Kodwa saxoxa ngakho. Ngisiqonda ngokuphelele isinqumo sakhe futhi ngiyavumelana naso. Angisoze ngavumela into engathi shú njengemali ukuba ihlukanise umndeni wethu.”—UJosué, oneminyaka engu-55.

IMALI NOKUKHETHA

“Ngisho nakumuntu wakubo umuntu onokuncane uyinto yokuzondwa, kodwa baningi abangane bomuntu ocebile.”—IzAga 14:20.

Njengoba leli vesi leBhayibheli libonisa, umbono wethu ngemali ungayithinta indlela esiphatha ngayo abanye. Ngokwesibonelo, singase sithambekele ekubabukeleni phansi labo abanokuncane futhi abangeke basenzele lutho. Ngakolunye uhlangothi, singase sithambekele ekuthopheni noma sizenze bahle kwabacebile ukuze basithande—mhlawumbe baze basiphe nemali.

IBhayibheli liyabalahla abantu ababonisa ukukhetha, kungaba ngokubukela phansi abanokuncane noma ‘ngokuncoma abantu ukuze kuzuze bona.’ (Jude 16; Isaya 10:1, 2) Kwenze umgomo wakho ukubheka nokuphatha abantu ngokungakhethi.

UKUHLAKANIPHA OKUVELA EBHAYIBHELINI

IBhayibheli liyavuma . . .

  • ‘Imali iyisivikelo.’—UMSHUMAYELI 7:12.

Nokho, iBhayibheli liyaxwayisa . . .

  • “Ojaha ukuzuza ingcebo ngeke ahlale emsulwa.”—IZAGA 28:20.

  • “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo.”—1 THIMOTHEWU 6:9.

Ngakho, iBhayibheli likhuthaza lokhu . . .

  • “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali.”—HEBHERU 13:5.

  • ‘Qaphani yonke inhlobo yokuhaha, ngoba ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.’—LUKA 12:15.

  • “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye izinto.”—HEBHERU 13:16.

Kuzuzisa kuphi?

  • “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IZENZO 20:35.

  • “Umphefumulo ophanayo uyokhuluphaliswa; nophuzisa abanye ngokungagodli naye uyophuziswa ngokungagodli.”—IZAGA 11:25.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela