Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 6/15 kk. 4-8
  • Ukusebenza—Kuyisibusiso Noma Kuyisiqalekiso?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusebenza—Kuyisibusiso Noma Kuyisiqalekiso?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlola Isimo Sethu Sengqondo
  • Lapho Umsebenzi Uyoba Isibusiso
  • Bona Okuhle Ngomsebenzi Wakho Onzima
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ukuzikhandla—Lapho Kuyimfanelo Enhle
    I-Phaphama!—1993
  • Isipho SikaNkulunkulu Somsebenzi Ezincekwini Zakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Lapho IAIDS Ingaselona Usongo
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 6/15 kk. 4-8

Ukusebenza—Kuyisibusiso Noma Kuyisiqalekiso?

‘Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba abone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.’—UmShumayeli 2:24.

“NGISUKE ngikhathele ngiyingcuba ngemva kosuku lomsebenzi.” Inhlolo-vo eyenziwe muva nje, ibonisa ukuthi yileyo ndlela umuntu oyedwa kwabathathu abasebenzayo avame ukuzizwa ngayo. Lokhu akumangazi ngenxa yokuthi emsebenzini yilapho abantu bekhathazwa khona ukucindezeleka; basebenza isikhathi eside futhi bathatha omunye umsebenzi bayowenza emakhaya—kuyilapho besebenzela abaphathi abaqabukelayo bebancoma.

Umkhiqizo omningi uye wenza izisebenzi eziningi zaba nomuzwa wokuthi zinegalelo elincane kakhulu emsebenzini, njengesondo lesihlanu emotweni. Ugqozi namakhono okusungula kuvame ukunyathelwa phansi. Njengoba ungacabanga, lokhu kuthonya isimo sengqondo sabantu ngomsebenzi. Ugqozi lomuntu ngomsebenzi wakhe luyaphela. Isifiso sokuba ingcweti emsebenzini singase sinciphe. Imiphumela enjalo ingabangela ukungawuthandi kwawona umsebenzi, mhlawumbe kwenze nomuntu awuzonde umsebenzi wakhe.

Ukuhlola Isimo Sethu Sengqondo

Yiqiniso, asikwazi ngaso sonke isikhathi ukushintsha izimo zethu. Nokho, awuvumi yini ukuthi singasishintsha isimo sethu sengqondo? Uma uthola ukuthi ngokwezinga elithile usuye wathonywa isimo sengqondo esiphambene ngomsebenzi, kuyokusiza ukucabanga ngombono nangezimiso zikaNkulunkulu maqondana nale ndaba. (UmShumayeli 5:18) Abaningi baye bathola ukuthi ukucabanga ngalezi zinto kuye kwabenza bathola injabulo nokwaneliseka ngezinga elithile emsebenzini wabo.

UNkulunkulu uyiSisebenzi Esizedlula Zonke. UNkulunkulu uyisisebenzi. Mhlawumbe asikaze simcabange ngaleyo ndlela, kodwa yileyo ndlela aziveza ngayo okokuqala eBhayibhelini. Ukulandisa kukaGenesise kuqala ngoJehova edala izulu nomhlaba. (Genesise 1:1) Cabanga ngamakhono ahlukahlukene uNkulunkulu awabonisa lapho eqala ukudala—uma siphawula ambalwa waba umklami, umhleli, unjiniyela, ingcweti yobuciko, uchwepheshe ekukhetheni izinto ezifanelekayo, umakhi, umthaki wemithi, isazi sezinto eziphilayo, isazi sesayensi yezilwane nesazi sezilimi.—IzAga 8:12, 22-31.

Wawunjani umsebenzi kaNkulunkulu? Ukulandisa kweBhayibheli kuthi ‘wawumuhle,’ ‘wawumuhle kakhulu.’ (Genesise 1:4, 31) Ngempela, indalo ‘imemezela inkazimulo kaNkulunkulu,’ futhi nathi kufanele simdumise!—IHubo 19:1; 148:1.

Nokho, umsebenzi kaNkulunkulu awuzange uphele lapho edala amazulu, umhlaba nombhangqwana wokuqala. INdodana kaJehova, uJesu Kristu, yathi: “UBaba ulokhu esebenza kuze kube manje.” (Johane 5:17) Yebo, uJehova uyaqhubeka esebenza ngokuthi aphe izidalwa zakhe ukudla, asekele indalo yakhe futhi asindise abakhulekeli bakhe abathembekile. (Nehemiya 9:6; IHubo 36:6; 145:15, 16) Uze asebenzise ngisho nabantu, “izisebenzi ezikanye noNkulunkulu,” ukuze zisize ekufezeni imisebenzi ethile.—1 Korinte 3:9.

Ukusebenza kungaba isibusiso. IBhayibheli alisho yini ukuthi ukusebenza kuyisiqalekiso? UGenesise 3:17-19 angase abonakale esikisela ukuthi ngesikhathi u-Adamu no-Eva behlubuka, uNkulunkulu wabajezisa ngokubanika umsebenzi onzima. Lapho egweba labo bantu bokuqala, uNkulunkulu wathi ku-Adamu: “Uzodla isinkwa ngesithukuthuku sobuso bakho uze ubuyele emhlabathini.” Ingabe lokho kwakuyisiqalekiso esibhekiswe kuwo wonke umsebenzi?

Cha. Ngenxa yokungathembeki kuka-Adamu no-Eva, ukwandiswa kwePharadesi lase-Edene kwakungeke kusenzeka ngaleso sikhathi. UNkulunkulu waqalekisa umhlabathi. Kwase kuzodingeka ukuba umuntu ajuluke futhi akhandleke ukuze akwazi ukuziphilisa ngokuvela kuwo.—Roma 8:20, 21.

Kunokuba lichaze umsebenzi ngokuthi uyisiqalekiso, iBhayibheli libonisa ukuthi uyisibusiso okufanele saziswe. Njengoba kuphawuliwe ngenhla, uNkulunkulu uyisisebenzi esikhuthele. Njengoba adala abantu ngomfanekiso wakhe, uJehova uye wabanika ikhono negunya lokulawula indalo yakhe esemhlabeni. (Genesise 1:26, 28; 2:15) UNkulunkulu wabanika leso sabelo ngaphambi kokuba asho amazwi alotshwe kuGenesise 3:19. Uma ukusebenza kwakuyisiqalekiso futhi kukubi, uJehova wayengeke akhuthaze abantu ukuba basebenze. UNowa nomkhaya wakhe babenomsebenzi omningi ngaphambi nangemva kukaZamcolo. Ngenkathi yamaKristu, nabafundi bakaJesu banxuswa ukuba basebenze.—1 Thesalonika 4:11.

Nakuba kunjalo, sonke siyazi ukuthi namuhla umsebenzi ungaba umthwalo osindayo. Ukucindezeleka, izingozi, isithukuthezi, ukudumazeka, ukuncintisana, ukukhohlisa nokungabi khona kobulungisa kumane kungamanye “ameva namakhakhasi” ahlobene nawo. Kodwa wona umsebenzi awusona isiqalekiso. KumShumayeli 3:13, iBhayibheli libiza umsebenzi nezinzuzo ezitholakala kuwo ngokuthi isipho esivela kuNkulunkulu.—Bheka ibhokisi elithi “Ukubhekana Nokucindezeleka Okuhlobene Nomsebenzi.”

Ungamkhazimulisa uNkulunkulu ngomsebenzi wakho. Selokhu kwathi nhló, izinga eliphezulu nobuhle bomsebenzi kuyanconywa emsebenzini. Ukuze sibe nombono weBhayibheli ngomsebenzi kufanele sikhathalele izinga lawo. UNkulunkulu ngokwakhe uwenza ngobungcweti umsebenzi wakhe. Uye wasinika iziphiwo namakhono, futhi ufuna sikusebenzise kahle. Ngokwesibonelo, ngesikhathi u-Israyeli wasendulo akha itabernakele, uJehova wenza abantu abanjengoBhezaleli no-Oholiyabe bagcwala ukuhlakanipha, ukuqonda nolwazi, okwabenza bakwazi ukufeza imisebenzi ekhethekile ngobungcweti. (Eksodusi 31:1-11) Lokhu kubonisa ukuthi uNkulunkulu wayenesithakazelo esikhethekile emsebenzini, ubungcweti, emklamweni nakweminye imininingwane yemisebenzi yabo.

Lokhu kubaluleke kakhulu endleleni esibheka ngayo amakhono ethu siqu nemikhuba yethu yokusebenza. Kusisiza ukuba siwabheke njengezipho ezivela kuNkulunkulu ngomqondo othile, izipho okungafanele zithathwe kalula. Ngakho, amaKristu ayalwa ukuba asebenze sengathi uNkulunkulu ngokwakhe ohlola umsebenzi wawo: “Noma yini eniyenzayo, yenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu.” (Kolose 3:23) Izinceku zikaNkulunkulu ziyalwa ukuba zenze umsebenzi omuhle, kanjalo zenze isigijimi samaKristu sikhange ngokwengeziwe kubantu ezisebenza nabo kanye nakwabanye.—Bheka ibhokisi elithi “Ukusebenzisa Izimiso ZeBhayibheli Emsebenzini.”

Sicabanga ngalokhu, senza kahle uma sizibuza ukuthi umsebenzi wethu siwenza ube sezingeni elinjani futhi siwukhuthalela kangakanani. Ingabe indlela esisebenza ngayo iyamjabulisa uNkulunkulu? Ingabe iyasanelisa ngokugcwele indlela esifeza ngayo imisebenzi esiyabelwe? Uma kungenjalo, kudingeka sithuthukise.—IzAga 10:4; 22:29.

Linganisela phakathi komsebenzi nezinto ezingokomoya. Nakuba ukusebenza kanzima kuncomeka, kunesinye isici esibalulekile sokuthola ukwaneliseka emsebenzini nasekuphileni. Ukuqaphela ingokomoya. INkosi uSolomoni, eyazikhandla futhi yajabulela yonke ingcebo nokuphila kamnandi eyayingakuthola, yaphetha ngokuthi: “Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.”—UmShumayeli 12:13.

Kusobala ukuthi kukho konke esikwenzayo kumelwe sicabange ukuthi iyini intando kaNkulunkulu. Ingabe senza ngokuvumelana nentando yakhe, noma kungenzeka senza ngokuphambene nayo? Ingabe sizama ukujabulisa uNkulunkulu, noma simane nje sizama ukuzijabulisa thina? Uma singayenzi intando kaNkulunkulu, ekugcineni siyokhathazwa ubuhlungu bokuphelelwa ithemba, isithukuthezi nobuze.

USteven Berglas wasikisela ukuba izikhulu ezitubekile ‘zithole into eziyithanda kakhulu ziyenze ibe yingxenye yokuphila kwazo.’ Ayikho inkambo enenzuzo ngaphezu kokukhonza Lowo owasipha amakhono namandla okwenza umsebenzi onenjongo. Ukwenza umsebenzi ojabulisa uMdali wethu kuyosenza saneliseke. UJehova wanika uJesu umsebenzi owamnika amandla, wanelisa futhi wamqabula njengokudla. (Johane 4:34; 5:36) Ngaphezu kwalokho, khumbula ukuthi uNkulunkulu, iSisebenzi Esizedlula Zonke, usicela ukuba sibe “yizisebenzi ezikanye” naye.—1 Korinte 3:9.

Ukukhulekela uNkulunkulu nokuthuthuka ngokomoya kusihlomisela umsebenzi onomvuzo kanye nomthwalo wemfanelo. Njengoba emsebenzini kuvame ukugcwala izingcindezi, izingxabano nokuthile okufunwa kithi, ukholo lwethu olugxilile nengokomoya eliqinile kungasinika amandla adingekayo njengoba silwela ukuba izisebenzi noma abaqashi abangcono. Ngakolunye uhlangothi, izinto ezenzeka kuleli zwe elingamesabi uNkulunkulu zingasiqaphelisa ngezindawo lapho kudingeka sikhule khona okholweni.—1 Korinte 16:13, 14.

Lapho Umsebenzi Uyoba Isibusiso

Labo abasebenza kanzima manje ukuze bakhonze uNkulunkulu bangabheka phambili lapho eyobuyisela khona iPharadesi futhi wonke umhlaba usugcwele umsebenzi ozuzisayo. U-Isaya, umprofethi kaJehova, wabikezela ngalokho kuphila: ‘Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye. Umsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele.’—Isaya 65:21-23.

Yeka ukuthi umsebenzi uyoba isibusiso kangakanani ngaleso sikhathi! Ngokufunda ukuthi intando kaNkulunkulu iyini ngawe futhi uphile ngokuvumelana nayo, kwangathi ungaba phakathi kwalabo ababusiswe uJehova futhi njalo ‘ubone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakho onzima.’—UmShumayeli 3:13.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

UNkulunkulu uyiSisebenzi Esizedlula Zonke: Genesise 1:1, 4, 31; Johane 5:17

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

Ukusebenza kungaba isibusiso: Genesise 1:28; 2:15; 1 Thesalonika 4:11

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

Ungamkhazimu-lisa uNkulunkulu ngomsebenzi wakho: Eksodusi 31:1-11; Kolose 3:23

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

Linganisela phakathi komsebenzi nezinto ezingokomoya: UmShumayeli 12:13; 1 Korinte 3:9

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

UKUBHEKANA NOKUCINDEZELEKA OKUHLOBENE NOMSEBENZI

Ochwepheshe bezokwelapha baye babeka ukucindezeleka kwasemsebenzini njengengozi ehambisana nomsebenzi. Kungabangela izilonda zangaphakathi, ukucindezeleka futhi ngisho nokuzibulala. Abantu baseJapane banegama lako—elithi karoshi, “ukufa ngenxa yokusebenza ngokweqile.”

Kunezici ezihlukahlukene ezihlobene nomsebenzi ezingabangela ukucindezeleka. Zihlanganisa ukushintsha kwezikhathi zomsebenzi noma izimo, ukuba nezinkinga nabaphathi, ukushintsha kwemithwalo yemfanelo noma uhlobo lomsebenzi, umhlalaphansi nokuxoshwa emsebenzini. Ukuze babhekane nalokho kucindezeleka, abanye bazama ukukubalekela ngokushintsha imisebenzi noma indawo abasebenza kuyo. Abanye bafuna ukukugqiba lokho kucindezeleka, bese kubonakala kwezinye izici zokuphila, ngokuvamile emkhayeni. Abanye abantu baze bagule nangokomzwelo, bakhandleke, futhi baphelelwe ithemba.

AmaKristu akuhlonyiselwe kahle ukubhekana nalokhu kucindezeleka okubangelwa umsebenzi. IBhayibheli lisinikeza izimiso eziningi eziyisisekelo ezingasisiza ngezikhathi ezinzima futhi zibe nethonya elihle enhlalakahleni yethu engokomoya nengokomzwelo. Ngokwesibonelo, uJesu wathi: “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Ububi bosuku ngalunye banele lona.” Isikhuthazo lapha siwukugxila ezinkingeni zanamuhla, hhayi zakusasa. Ngakho sigwema ukwenza izinkinga zethu ezincane zibe zinkulu, okumane kwandise ukucindezeleka.—Mathewu 6:25-34.

Kubalulekile ukuba amaKristu ancike emandleni kaNkulunkulu, hhayi awawo. Uma sinomuzwa wokuthi sekungaphezu kwamandla ethu, uNkulunkulu angasinika ukuthula nenjabulo yakhe ezinhliziyo zethu futhi asiphe ukuhlakanipha ukuze sibhekane nanoma ibuphi ubunzima. Umphostoli uPawulu wabhala: “Qhubekani nizuza amandla eNkosini nasebukhulwini bamandla ayo.”—Efesu 6:10; Filipi 4:7.

Okokugcina, ngisho nezimo ezicindezelayo zingaba nemiphumela emihle. Ukulingwa kungasenza siphendukele kuJehova, simfune futhi simethembe. Kungasishukumisela nokuba siqhubeke sihlakulela ubuntu bobuKristu nokubekezela lapho sicindezelekile. UPawulu uyasiyala: “Masethabe lapho sisezinsizini, njengoba sazi ukuthi usizi luveza ukukhuthazela; ukukhuthazela kona kuveza ukwamukeleka; ukwamukeleka kuveza ithemba.”—Roma 5:3, 4.

Ngakho, kunokuba ukucindezeleka kube imbangela yokuphelelwa ithemba nosizi, kungaba isikhuthazo sokuba sikhule ngokomoya.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]

UKUSEBENZISA IZIMISO ZEBHAYIBHELI EMSEBENZINI

Isimo sengqondo nokuziphatha komKristu emsebenzini kungenza isigijimi seBhayibheli sikhange kwasebenza nabo nakwabanye. Encwadini yakhe eyayiya kuThithu, umphostoli uPawulu uyala labo abasesimweni esifana nesezisebenzi ukuba ‘bazithobe kubaphathi babo ezintweni zonke, zibajabulise, zingaqagulisani nabo, zingebi, kodwa zibonise ukwethembeka okuhle ngokugcwele, ukuze zihlobise imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu, ezintweni zonke.’—Thithu 2:9, 10.

Ngokwesibonelo, cabanga ngalokho omunye usomabhizinisi akubhalela indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova: “Nginibhalela ukuze ngicele imvume yokuqasha oFakazi BakaJehova. Ngifuna ukuqasha bona ngoba ngiyaqiniseka ukuthi bathembekile, baqotho, banokwethenjelwa, futhi ngeke bakhohlise. OFakazi BakaJehova ukuphela kwabantu engibathemba ngempela. Ngicela ningisize.”

UKyle ungumKristu omsebenzi wakhe kungukubamba izingcingo esikoleni esingesona esikahulumeni. Ngenxa yokungaboni ngaso linye, umuntu asebenza naye wathuka uKyle phambi kwabafundi abathile. UKyle uyakhumbula: “Kwakudingeka ukuba ngiqaphele ngingalihlambalazi igama likaJehova.” Phakathi nezinsuku ezinhlanu ezalandela, uKyle wayecabanga ngendlela ayengazisebenzisa ngayo izimiso zeBhayibheli. Esinye sitholakala encwadini yamaRoma 12:18: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.” Wathumela i-E-mail kulo muntu asebenza naye futhi waxolisa ngengxabano eyayikhona phakathi kwabo. UKyle wamcela ukuba asale ngemva komsebenzi ukuze baxoxe futhi baxazulule inkinga. Lapho sebeyixazululile, lwehla ulaka kulo muntu osebenza noKyle futhi wayincoma nendlela ayisingatha ngokuhlakanipha ngayo le ndaba. Wathi kuKyle, “Lokhu kumelwe kube yinto oyifundiswe esontweni lakho,” futhi wamanga njengoba babehlukana. UKyle waphetha ngokuthini? “Kuyinto elungile ngaso sonke isikhathi ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli.”

[Isithombe ekhasini 4, 5]

Abantu abaningi abasebenzayo bazizwa njengesondo lesihlanu emotweni

[Umthombo]

Japan Information Center, Consulate General of Japan in NY

[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]

Globe: NASA photo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela