Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 2/22 k. 31
  • Lapho IAIDS Ingaselona Usongo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho IAIDS Ingaselona Usongo
  • I-Phaphama!—1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusebenza—Kuyisibusiso Noma Kuyisiqalekiso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • “Izindaba Ezingokomthetho Ngokwelapha Ngokumpontshelwa Igazi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ukuvikela Izingane Zakho Ekusetshenzisweni Kabi Kwegazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Isipho Sokuphila Noma Uju Lokufa?
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 2/22 k. 31

Lapho IAIDS Ingaselona Usongo

Ngobusuku bango-October 3, 1984, uKyle Bork osemncane wazalwa ngaphambi kwesikhathi ngamasonto ayisikhombisa. Amaphaphu akhe amancane ayengakulungele neze ukusebenza ngendlela, khona-ke wathuthelwa esiBhedlela Sabantwana saseOrange County esikude ngamakhilomitha angama-56, lapho kwakutholakala khona imishini yokunakekela izingane ezinjalo ezigula kakhulu.

Udokotela wachaza ukuthi igazi likaKyle lalizodinga ukuba lenezelwe ngokumpontshelwa igazi; kungenjalo wayezofa noma kanjani. Nakuba kwakunzima kakhulu ngabazali, bama beqinile esinqumweni sabo esisekelwe eBhayibhelini sokungavumeli umntwana wabo ampontshelwe igazi. (Genesise 9:4, 5; Levitikusi 17:10-14; IzEnzo 15:28, 29) Udokotela wayeqonda futhi ebambisene nabo. Nokho, wathi, uma isimo siba sibi kakhulu, wayezothola imvume yasenkantolo futhi ammpompele igazi.

Ngokuphawulekayo, uKyle wabonisa ukululama kancane kancane, futhi ngosuku lwesishiyagalolunye, wakhishwa emshinini wokuphefumula. Ezinsukwini ezimbili kamuva abazali bamthatha baya naye ekhaya, futhi wakhula waba umntwana ojabulayo, nophile saka, njengoba ungase ubone esithombeni. Kodwa lokho akukhona ukuphela kwendaba.

Ngonyaka odlule izindaba zethelevishini eLos Angeles zabika ukuthi iningi labantwana ababesesiBhedlela Sabantwana saseOrange County cishe ngesikhathi uKyle ayelapho ngaso babethole iAIDS egazini elonakele. Isibhedlela sasizama ukuthintana nemikhaya yabantwana abacishe babe yizi-3 000 ukuze bahlolwe ukuthi banalo yini igciwane leAIDS.

Ngokushesha, abazali bakaKyle bashayela isibhedlela ucingo ukuze baqiniseke ukuthi wayengazange yini ampontshelwe igazi bona bengazi. Ngokushesha, isibhedlela sabashayela ucingo sibaqinisekisa ngokuthi wayengazange athole nelincane igazi futhi wayengekho engozini yokuthola iAIDS. “Sawa ngamadolo ethu ngokoqobo sambonga uJehova,” kuchaza abazali, “ngokusinikeza imithetho yakhe elungile namandla okugcina ubuqotho bethu lapho sibhekene novivinyo olunjalo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela