“Qhubekani Nihlola Lokho Nina Ngokwenu Eniyikho”
“Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini, qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.”—2 KORINTE 13:5.
1, 2. (a) Ukungaqiniseki ngezinkolelo zethu kungasithinta kanjani? (b) Isiphi isimo okungenzeka sabangela ukuba abanye bangaqiniseki ngendlela okufanele bahambe ngayo eKorinte yekhulu lokuqala?
UMUNTU othile uhamba endaweni eyinkangala, abese efika enhlukana-ndlela. Engaqiniseki ukuthi iyiphi indlela ezomyisa lapho eya khona, ucela abantu abadlulayo ukuba bamlayele kodwa bamtshela izinto eziphikisanayo. Edidekile, akakwazi ukuqhubeka. Kungenzeka okufanayo nakithi lapho singabaza izinkolelo zethu. Ukungaqiniseki okunjalo kungasenza singakwazi ukwenza izinqumo, singaqiniseki ukuthi kufanele sihambe ngayiphi indlela.
2 Ngekhulu lokuqala, kwavela isimo okungenzeka senza okufanayo kwabathile ebandleni lobuKristu eKorinte, eGrisi. ‘Abaphostoli abahle kakhulu’ babelibekela inselele igunya lomphostoli uPawulu, bethi: “Izincwadi zakhe zinesisindo futhi zinamandla, kodwa ukuba khona kwakhe ngesiqu kubuthakathaka nokukhuluma kwakhe kudelelekile.” (2 Korinte 10:7-12; 11:5, 6) Umbono onjalo kungenzeka wabangela abanye ebandleni laseKorinte ukuba bangaqiniseki ukuthi kufanele bahambe kanjani.
3, 4. Kungani kufanele sibe nesithakazelo esiyalweni sikaPawulu kwabaseKorinte?
3 UPawulu wamisa ibandla laseKorinte lapho ehambele khona ngo-50 C.E. Wahlala eKorinte “unyaka nezinyanga eziyisithupha, efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.” Empeleni, “baningi kwabaseKorinte abezwa, bakholwa futhi babhapathizwa.” (IzEnzo 18:5-11) UPawulu wayenesithakazelo esijulile enhlalakahleni engokomoya yalabo ayekholwa nabo eKorinte. Ngaphezu kwalokho, abaseKorinte babembhalele uPawulu, becela iseluleko ezindabeni ezithile. (1 Korinte 7:1) Ngakho wabanika isiyalo esihle kakhulu.
4 UPawulu wabhala: “Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini, qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.” (2 Korinte 13:5) Ukusebenzisa lesi seluleko kwakuyosiza labo bazalwane baseKorinte ukuba baqiniseke ngendlela okufanele bahambe ngayo. Nathi namuhla kungasenza siqiniseke ngokufanayo. Singasilandela kanjani-ke iseluleko sikaPawulu? Singahlola kanjani ukuthi sisokholweni yini? Futhi yini ehilelekile ekuhloleni lokho thina ngokwethu esiyikho?
“Qhubekani Nihlola Ukuthi Nisokholweni Yini”
5, 6. Sinayiphi indinganiso yokuhlola ukuthi sisokholweni yini, futhi kungani leyo ndinganiso ifaneleka kahle kakhulu?
5 Ukuhlola ngokuvamile kuhilela umuntu noma into ehlolwayo kanye nesilinganiso okuhlolwa ngaso. Kulokhu, akuhlolwa ukholo—oluyizinkolelo zethu zizonke. Kuhlolwa thina ngabanye. Sinendinganiso ephelele yokwenza lokhu kuhlola. Ingoma eyaqanjwa umhubi uDavide ithi: “Umthetho kaJehova uphelele, ubuyisa umphefumulo. Isikhumbuzo sikaJehova sithembekile, sihlakaniphisa ongenalwazi. Imiyalo evela kuJehova iqotho, ibangela inhliziyo ukuba ijabule; umyalo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.” (IHubo 19:7, 8) IBhayibheli linemithetho kaJehova ephelele nemiyalo eqotho, izikhumbuzo ezithembekile nemiyalo ehlanzekile. Isigijimi esikulo siyindinganiso ekahle kakhulu yokuzihlola.
6 Umphostoli uPawulu wabhala ngaleso sigijimi esiphefumulelwe uNkulunkulu: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Hebheru 4:12) Yebo, izwi likaNkulunkulu lingazihlola izinhliziyo zethu—lokho esiyikho ngempela ngaphakathi. Singenza kanjani ukuba lesi sigijimi esibukhali nesinamandla sisebenze kithi? Umhubi ukwenza kucace ukuthi lokhu kuhilelani. Wahlabelela: “Uyajabula umuntu . . . [onjabulo] yakhe isemthethweni kaJehova, futhi ufunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku.” (IHubo 1:1, 2) ‘Umthetho kaJehova’ useZwini lakhe elilotshiwe, iBhayibheli. Kumelwe sikujabulele ukufunda iZwi likaJehova. Yebo, kumelwe sizinike isikhathi sokulifunda ngezwi eliphansi, noma sokuzindla ngalo. Njengoba senza lokhu, kudingeka sivumele okulotshwe kulo ukuba kusihlole.
7. Iyiphi indlela eyinhloko yokuhlola ukuthi sisokholweni yini?
7 Ngakho-ke, indlela eyinhloko yokuhlola ukuthi sisokholweni yini ukufunda iZwi likaNkulunkulu, sizindle ngalo futhi sibheke ukuthi indlela esiziphatha ngayo ivumelana ngezinga elingakanani nalokho esikufundayo. Kufanele sijabule ngokuthi sinokuningi okungasisiza siliqonde iZwi likaNkulunkulu.
8. Izincwadi ‘zenceku ethembekileyo neqondayo’ zingasisiza kanjani ukuba sihlole ukuthi sisokholweni yini?
8 UJehova unikeze izimfundiso kanye nemfundo ngezincwadi ‘zenceku ethembekileyo neqondayo’ ezichaza imiBhalo. (Mathewu 24:45) Ngokwesibonelo, cabanga ngebhokisi elithi “Imibuzo Yokuzindla” elisekugcineni kweziningi zezahluko zencwadi ethi Sondela KuJehova.a Yeka ukuthi lesi sici sale ncwadi sinikeza amathuba amahle kanjani okuzihlola! Izindaba eziningi okuxoxwa ngazo komagazini bethu, INqabayokulinda ne-Phaphama!, nazo ziyasisiza ukuba sihlole ukuthi sisokholweni yini. Mayelana nezihloko ezikhulumela incwadi yezAga ezikomagazini bamuva be-Nqabayokulinda, owesifazane othile ongumKristu wathi: “Lezi zihloko azive ziwusizo. Zingisiza ukuba ngihlole ukuthi ukukhuluma, ukuziphatha, nesimo sami sengqondo kuyavumelana ngempela yini nezindinganiso zikaJehova zokulunga.”
9, 10. Imaphi amalungiselelo kaJehova asisiza ukuba siqhubeke sihlola ukuthi sisokholweni yini?
9 Sithola iziqondiso nezikhuthazo eziningi nasemihlanganweni yebandla, yesifunda, neyesigodi. Lawa amanye amalungiselelo angokomoya uNkulunkulu awenzele labo u-Isaya aprofetha ngabo: “Engxenyeni yokugcina yezinsuku intaba yendlu kaJehova iyomiswa iqine ibe ngaphezu kwesiqongo sezintaba, futhi ngokuqinisekile iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma; zonke izizwe ziyogobhozela kuyo. Ngokuqinisekile izizwe eziningi ziyohamba zithi: ‘Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova, . . . uzosifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe.’” (Isaya 2:2, 3) Impela kuyisibusiso ukufundiswa izindlela zikaJehova ngale ndlela.
10 Kukhona neseluleko esivela kulabo abanezimfanelo ezingokomoya, abahlanganisa nabadala abangamaKristu. IBhayibheli lithi ngabo: “Bazalwane, ngisho noma umuntu ethatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba aqaphele, nina eninezimfanelo ezingokomoya zamani ukumlungisa ngomoya wobumnene umuntu onjalo, kuyilapho niziqaphela nina ngabanye, funa nani nilingwe.” (Galathiya 6:1) Yeka indlela esilazisa ngayo leli lungiselelo lokuba silungiswe!
11. Ukuhlola ukuthi sisokholweni yini kudingani?
11 Izincwadi zethu, imihlangano yobuKristu, amadoda amisiwe—lawa amalungiselelo amahle kakhulu avela kuJehova. Nokho, ukuhlola ukuthi sisokholweni yini kudinga ukuzibhekisisa thina ngokwethu. Ngakho lapho sifunda izincwadi zethu noma silalele isiyalo esisekelwe emiBhalweni, kudingeka sizibuze: ‘Ingabe ngiyilokhu okuchazwa lapha? Ngiyakwenza yini lokhu? Ngiyanamathela yini ezinkolelweni zobuKristu?’ Isimo sethu sengqondo mayelana nokwaziswa esikuthola ngala malungiselelo siyalithinta ingokomoya lethu. IBhayibheli lithi: “Umuntu wenyama akazamukeli izinto zomoya kaNkulunkulu, ngoba ziwubuwula kuye . . . Nokho, umuntu ongokomoya ngempela uhlola zonke izinto.” (1 Korinte 2:14, 15) Akufanele yini sizame ukuhlala sinombono ongokomoya wokwazisa izinto esizifunda ezincwadini nakomagazini bethu nangalokho esikuzwa emihlanganweni yethu nakubadala?
“Qhubekani Nihlola Lokho Nina Ngokwenu Eniyikho”
12. Ukuhlola lokho thina ngokwethu esiyikho kuhilelani?
12 Ukuhlola lokho thina ngokwethu esiyikho kuhilela ukuzikala. Yebo, singaba seqinisweni, kodwa ingokomoya lethu lisezingeni elinjani? Ukuhlola lokho esiyikho kuhilela ukubonisa ukuthi sivuthiwe futhi siwazisa ngobuqotho amalungiselelo angokomoya.
13. NgokwamaHebheru 5:14, yini eba ubufakazi bokuvuthwa kwethu?
13 Yini ebonisa ukuvuthwa kobuKristu okudingeka siyifune kithi? Umphostoli uPawulu wabhala: “Ukudla okuqinile kungokwabantu abavuthiwe, labo okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” (Hebheru 5:14) Sibonisa ukuthi sivuthiwe ngokuqeqesha amandla ethu okuqonda. Njengoba nje izicubu ezithile zomzimba womdlali zidinga ukuqeqeshwa ngokusetshenziswa ngokuphindaphindiwe ukuze akwazi ukwenza ezibukwayo emdlalweni wakhe, amandla ethu okuqonda kudingeka aqeqeshwe ngokuwasebenzisa lapho sisebenzisa izimiso zeBhayibheli.
14, 15. Kungani kufanele sizame ngenkuthalo ukutadisha izinto ezijulile zeZwi likaNkulunkulu?
14 Nokho, ngaphambi kokuba sikwazi ukuqeqesha amandla ethu okuqonda kumelwe sithole ulwazi. Ukuze siluthole, kudingeka sibe nesifundo somuntu siqu esisenza ngenkuthalo. Lapho sisenza njalo isifundo somuntu siqu—ikakhulu sezinto ezijulile zeZwi likaNkulunkulu—amandla ethu okuqonda ayathuthuka. Ziningi izindaba ezijulile okuye kwaxoxwa ngazo kuyi-Nqabayokulinda. Sisabela kanjani lapho sithola izihloko ezidingida amaqiniso ajulile? Ingabe sithambekele ekuzigwemeni ngoba nje “kukhona izinto ezithile kuzo okunzima ukuziqonda”? (2 Petru 3:16) Kunokuzigwema, senza umzamo owengeziwe wokuqonda lokho ezikushoyo.—Efesu 3:18.
15 Kuthiwani uma kunzima kithi ukwenza isifundo somuntu siqu? Kubaluleke kakhulu ukuba sizame ukufunda noma ukuhlakulela ukusithanda.b (1 Petru 2:2) Ukuze sibe abavuthiwe kudingeka sifunde ukuthola umsoco ekudleni okuqinile, amaqiniso ajulile eZwi likaNkulunkulu. Ngale kwalokho, amandla ethu okuqonda ayokuma ndawonye nakanjani. Nokho, ukubonisa ukuvuthwa kuhilela okungaphezu kokuzuza amandla okuqonda. Ekuphileni kwansuku zonke, kumelwe silusebenzise ulwazi esiluthola esifundweni somuntu siqu esisenza ngenkuthalo.
16, 17. Isiphi isiyalo umfundi uJakobe asinikezayo mayelana nokuba “abenzi bezwi”?
16 Ubufakazi balokho thina ngokwethu esiyikho bubonakala nasezenzweni zethu ezibonisa ukuthi siyalazisa iqiniso—imisebenzi yethu yokholo. Esebenzisa umfanekiso onamandla ukuze achaze lesi sici esizikala kuso, umfundi uJakobe uthi: “Yibani abenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa ngokucabanga okungamanga. Ngoba uma umuntu engumuzwi wezwi, engeyena umenzi, lowo ufana nomuntu ozibuka ubuso esibukweni. Ngoba uyazibuka, abese ehamba futhi masinyane akhohlwe ukuthi ungumuntu onjani. Kodwa lowo obukisisa umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lo muntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube ngumenzi womsebenzi, uyojabula lapho ewenza.”—Jakobe 1:22-25.
17 UJakobe uthi: ‘Bhekisisa isibuko esiyizwi likaNkulunkulu, uzihlole. Phikelela ekwenzeni lokhu, uzihlolisise ngalokho okuthola ezwini likaNkulunkulu. Ngemva kwalokho, musa ukusheshe ukhohlwe ukuthi uboneni. Lungisa lapho kudingeka khona.’ Ukulandela lesi seluleko kungase kube inselele ngezinye izikhathi.
18. Kungani kuyinselele ukulandela iseluleko sikaJakobe?
18 Ngokwesibonelo, cabanga ngemfuneko yokwenza umsebenzi wokushumayela ngoMbuso. UPawulu wabhala: “Ngenhliziyo umuntu ubonisa ukholo kube ngukulunga, kodwa ngomlomo umuntu uvuma obala kube yinsindiso.” (Roma 10:10) Ukuze sivume obala sithole insindiso, kunezinto eziningana okudingeka sizilungise. Ngokwemvelo, akulula ngabaningi bethu ukwenza umsebenzi wokushumayela. Ukuze siwushisekele lo msebenzi futhi siwunike indawo ewufanele ekuphileni kwethu, kudingeka izinguquko nokuzidela okukhulu nakakhulu. (Mathewu 6:33) Kodwa lapho sesingabenzi balo msebenzi esiwunikwe uNkulunkulu, siyajabula ngenxa yodumo oluletha kuJehova. Ngakho-ke, ingabe singabamemezeli boMbuso abashisekayo?
19. Imisebenzi yethu yokholo kufanele ihlanganiseni?
19 Imisebenzi yethu yokholo kufanele ihlanganiseni? UPawulu uthi: “Izinto enazifunda futhi nazamukela, nazizwa, nazibona mayelana nami, qhubekani nizenza; khona-ke uNkulunkulu wokuthula uyoba nani.” (Filipi 4:9) Ubufakazi balokho esiyikho sibunikeza ngokwenza lokho esikufundile, esikwamukele, esikuzwile, nesikubonile—konke okuhilelekile ekuzinikezeleni kobuKristu nasekubeni umfundi. “Nansi indlela. Hambani ngayo,” kuyala uJehova ngomprofethi u-Isaya.—Isaya 30:21.
20. Hlobo luni lwabantu abayisibusiso esikhulu ebandleni?
20 Amadoda nabesifazane abangabafundi abakhuthele beZwi likaNkulunkulu, abangabamemezeli abashisekayo bezindaba ezinhle, abangenaphutha ebuqothweni babo, futhi abangabasekeli abaqotho boMbuso, bayisibusiso esikhulu ebandleni. Ukuba khona kwabo kwenza ibandla abakulo lizinze. Baba usizo olukhulu, ikakhulu ngenxa yokuthi baningi kakhulu abasaqala ukuhlanganyela abadinga ukunakekelwa. Lapho silalela iseluleko sikaPawulu ‘sokuqhubeka sihlola ukuthi sisokholweni yini, futhi siqhubeke sihlola lokho thina ngokwethu esiyikho,’ nathi siba nethonya elihle kwabanye.
Kujabulele Ukwenza Intando KaNkulunkulu
21, 22. Singenze njani ukuze sikujabulele ukwenza intando kaNkulunkulu?
21 Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide, yahlabelela: “O Nkulunkulu wami, ngikujabulele ukwenza intando yakho, nomthetho wakho usezibilinini zami.” (IHubo 40:8) UDavide wayekujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu. Ngani? Ngoba umthetho kaJehova wawusenhliziyweni yakhe. UDavide wayengangabazi ukuthi iyiphi indlela okwakufanele ahambe ngayo.
22 Lapho umthetho kaNkulunkulu usezibilinini zethu, asingabazi ukuthi iyiphi indlela okufanele sihambe ngayo. Siyakujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu. Kwangathi-ke ‘singazikhandla ngamandla’ njengoba sikhonza uJehova ngokusuka enhliziyweni.—Luka 13:24.
[Imibhalo yaphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Ukuze uthole ukusikisela okuwusizo mayelana nendlela yokutadisha, bheka amakhasi 27-32 encwadi ethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Uyakhumbula?
• Singahlola kanjani ukuthi sisokholweni yini?
• Yini ehilelekile ekuhloleni lokho thina ngokwethu esiyikho?
• Singabonisa kanjani ukuthi singamaKristu avuthiwe?
• Imisebenzi yethu yokholo isisiza kanjani ukuba sizikale?
[Isithombe ekhasini 23]
Uyayazi yini indlela eyinhloko yokuhlola ukuthi usokholweni yini?
[Isithombe ekhasini 24]
Sinikeza ubufakazi bokuthi singamaKristu avuthiwe ngokusebenzisa amandla ethu okuqonda
[Izithombe ekhasini 25]
Sihlola lokho esiyikho ‘ngokungabi abantu abezwayo abayizikhohlwa, kodwa sibe abenzi bezwi’