Thuthukisa Amandla Akho Okuqonda
1 Izinsuku zokugcina ezicindezelayo esiphila kuzo manje, ziye zaletha izinhlobonhlobo zezingcindezi novivinyo olukhulu kubantu bakaNkulunkulu kuyo yonke indawo. (2 Thim. 3:1-5) Sonke sidinga isikhuthazo ukuze sime siqinile okholweni. (1 Kor. 16:13) Singenza kanjalo ngosizo lukaJehova sibe siqhubeka sizondla njalo ngeZwi lakhe, sincike emoyeni wakhe futhi sinamathela enhlanganweni yakhe.—IHu. 37:28; Roma 8:38, 39; IsAm. 2:10.
2 Yileso sizathu esenza ukuba kukhulunyelwe kabanzi isihloko esithi “Yibani Abakhule Ngokugcwele Emandleni Okuqonda,” esimisweni sanyakenye somhlangano okhethekile wosuku olulodwa. Sasisekelwe kweyoku-1 Korinte 14:20, lapho sifunda khona la mazwi omphostoli uPawulu: “Bafowethu, ningabi abantwana abancane emandleni okuqonda, kodwa yibani izingane ngokuqondene nobubi; nokho nibe abakhule ngokugcwele emandleni okuqonda.” Wazizwa kanjani ngaleso simiso?
3 “Asive Sisikhuthazile!” “Yilokho kanye ebesikudinga!” Lokhu kumane kungokunye kokusabela okwavezwa. Ngisho nomuntu othile ongeyena uFakazi oweza kulo mhlangano okhethekile wosuku olulodwa ezobona indodakazi yakhe eneminyaka engu-12 ibhapathizwa wathi isimiso samhlaba umxhwele kakhulu futhi uyabona ukuthi siyowuzuzisa umkhaya wakhe. Ingabe nawe uzizwa ngale ndlela? Ake sizikhumbuze amanye amaphuzu avelele aleso simiso.
4 Kudingeka Ulwazi Olunembile Ukuze Sithuthukise Amandla Okuqonda: Enkulumweni yokuqala ethi, “Thuthukisa Amandla Akho Okuqonda Manje,” yini isikhulumi esagcizelela ukuthi iyadingeka ukuze sihlangabezane nezinselele zanamuhla? Okungaphezu kokuba abakhaliphile engqondweni. Kumelwe sithuthukise futhi sijulise amandla ethu okuqonda iBhayibheli, funa sinqotshwe yibo bonke ububi obusizungezile. Ukuze sibe nalokhu kuqonda, kudingeka isiqondiso saphezulu. Njengomhubi, kumelwe sicele uJehova ngomthandazo ukuba asenze siqonde imithetho nezikhumbuzo zakhe ukuze simkhonze ngenhliziyo yonke.—IHu. 119:1, 2, 34.
5 Enkulumweni elandelayo, umbonisi wesifunda wabonisa ukuthi uJehova, ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe, usinikeza “Usizo Ekubeni Sibe Abakhule Ngokugcwele Ekuqondeni IBhayibheli.” Ukuqonda kwachazwa ngokuthi “kuyikhono lokubona into futhi uqonde indlela eyakheke ngayo ngokubona ukuhlobana kwezingxenye zayo nayo iyonke, kanjalo uthole umqondo wayo.” Ubani ongasisiza ukuba sithuthukise leli khono? UJehova usinikeze izipho ezingabantu zokusisiza ukuba sithuthuke ngokomoya. (Efe. 4:11, 12) Inhlangano yakhe yasemhlabeni isikhuthaza ukuba sifunde iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke futhi sibe khona njalo kuyo yonke imihlangano yebandla. (IHu. 1:2) Sifundiswa indlela yokusebenzisa iBhayibheli nezincwadi zethu zobuKristu esifundweni somuntu siqu nesomkhaya nalapho silungiselela imihlangano yebandla nenkonzo yasensimini. Ingabe ubuwasebenzisa wonke la malungiselelo? Ingabe unesimiso sasikhathi sonke sokuzifundela iBhayibheli? Lokhu kubalulekile uma sifuna ukuvikeleka ekubeni yizisulu zemikhuba yezwe, izimfashini, amafilosofi namathonya alo akhohlisayo.—Kol. 2:6-8.
6 Amandla Ethu Okuqonda Kumelwe Aqeqeshwe: Enkulumweni yaso yokuqala, enesihloko esithi, “Londoloza Ingokomoya Ngokuqeqesha Amandla Akho Okuqonda,” isikhulumi esihambele sachaza ukuthi abantu abasezweni abakwazi ukuhlukanisa okulungile nokungalungile. (Isaya 5:20, 21) Lokhu kubangelwa ukwenqaba kwabo ukuqaphela nokugcina izindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga. Ngokuphambene, thina esiye samukela ukuqeqeshwa okungokomoya enhlanganweni kaJehova siyaziqaphela izindinganiso zikaNkulunkulu, ezisebenza njengesiqondiso sezenzo zethu nokuziphatha. Kanjalo, sisesimweni sokuzihlolela ngokwethu okulungile nokwamukelekayo emehlweni kaJehova nalokho okuvumelana nentando yakhe ephelele.—Roma 12:2.
7 Ukuze sigweme ukucabanga kwezwe kokukhungatheka nezithelo ezimbi eziwumphumela wako, kumelwe siwaqeqeshe njalo amandla ethu okuqonda. Kufezwa kanjani lokhu? Njengoba kulotshwe kweyamaHeberu 5:12-14, umphostoli uPawulu wagcizelela isidingo sokungagcini ngokuzondla ‘ngobisi’ lwezwi nje kuphela. Sidinga ukudla okungokomoya okuqinile, njengalokho esikuthola esifundweni sesiprofetho sika-Isaya eSifundweni Sencwadi Sebandla. Esikufundayo kumelwe sibe sesikusebenzisa ngokushesha ekuphileni kwethu. Uma senza kanjalo, siyaqiniseka ngokufaneleka kwezimiso nezindinganiso zikaJehova. Lokhu kuqeqesha amandla ethu okuqonda ukuba ahlukanise ngokucacile okulungile nokungalungile.
8 Kuyadabukisa ukuthi abanye baye bawa ngokomoya. Bawiswa yini? Ukuthi abazange bagxilise ukunaka kwabo kokuhle nokulungile emehlweni kaJehova. Ngenxa yalokho, baye baba yizisulu zezinhlelo zezingxoxo zomsakazo nezethelevishini ezinezinto ezingamukeleki ngokomBhalo, umculo owonakalisayo, noma amathonya amabi ezingosi zezingxoxo zama-computer. Ngokwenza ngokuhlakanipha, siyogwema ukuthonywa abantu abaziphethe kabi, abayiziwula, noma ababi.—IzAga 13:20; Gal. 5:7; 1 Thim. 6:20, 21.
9 Intsha Kumelwe Ibe “Yizingane Ngokuqondene Nobubi”: Isimiso sasinezinkulumo ezimbili ezakhuthaza intsha ngokukhethekile ukuba ithuthukise amandla ayo okuqonda. Izikhulumi zabonisa ukuthi ukuba “yizingane ngokuqondene nobubi” kusho ukuhlala singenalwazi, okungukuthi, simsulwa njengezingane, ngokuphathelene nezinto ezingcolile emehlweni kaJehova. (1 Kor. 14:20) Sonke sakhuthazwa ukuba sibhekisise indlela esisisebenzisa ngayo isikhathi sethu ukuze sigweme ukuchayeka kuzo zonke izinhlobo zobubi futhi sigweme ukuthonywa yizo. (Efe. 5:15-17) Sakhuthazwa ukuba sibale ukuthi singakanani isikhathi esisichitha sifunda izincwadi ezingasizi ngokuqondile ekukhuleni kwethu ekuqondeni izinto ezingokomoya. Wakwenza yini lokho? Imiphumela yakwembulelani? Ngaphandle kokufunda iBhayibheli nsuku zonke, zimisele ukuba uhambisane nezincwadi inhlangano esilungiselela zona. Ukwenza lokhu kusisiza sonke, kuhlanganise nentsha, ukuba “sizuze ukuqonda.”—IzAga 4:7-9.
10 “Zuza Ngokusebenzisa Izimiso ZeBhayibheli Ngokuqonda”: Leso kwakuyisihloko senkulumo yokuphetha yesimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa. Isikhulumi esihambele sachaza ukuthi uJehova unguMthombo wokuqonda okunikeza ukuphila, okungaphezulu ngokungenamkhawulo kunokwaso sonke isintu. Cabanga nje ngethuba esinalo lokuncela ukuqonda kukaJehova! Ubanika ngesandla esivulekile labo abakufuna ngobuqotho futhi bakucele ngokholo. (IzAga 2:3-5, 9; 28:5) Ingabe uzuza ngokugcwele kuleli lungelo asinikeza lona?
11 Sakhuthazwa ukuba sifunde ukutomula izimiso lapho sifunda iBhayibheli. (2 Thim. 3:16, 17) Zitadishe ngokucophelela ukuze ukuqonde ngokunembile lokho uJehova akushoyo. Zinike isikhathi sokuzindla ngalezi zimiso futhi uzigxilise engqondweni yakho nasenhliziyweni yakho. Lokhu kuyoqeqesha amandla akho okuqonda ukuze uphumelele lapho wenza izinqumo ezithinta ukuphila kwakho konke. (Josh. 1:8) Ake sicabangele izimo ezimbalwa abaningi ababhekana nazo sibone indlela ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli okungasisiza ngayo ukuze siphumelele.
12 ‘Ingabe kufanele ngilandele isitayela esithile sokugqoka nokuzilungisa?’ Izitayela zaleli zwe zokugqoka nokuzilungisa eziphuma zingene ngokuvamile zibonakalisa umoya wokuvukela. Umoya onjalo uthonya abantu ukuba bagqoke ngendlela yokunganaki neyobudlabha noma ukuba bakhangise ngobulili. Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezisebenzayo kule ndaba eziyosisiza ukuba simelane nokuthambekela okunjalo? Uma siwaqeqeshile amandla ethu okuqonda, siyocabangela isimiso esitholakala kweyoku-1 Thimothewu 2:9, 10, ethi, sigqoke “ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo . . . , ngendlela efanela [abantu] abathi bahlonipha uNkulunkulu.” Ezinye izimiso ezisebenzayo zihlanganisa nalezo eziphawulwe kweyesi-2 Korinte 6:3 nakweyabaseKolose 3:18, 20.
13 ‘Ngingenzani ukuze ngigcine izibopho zomkhaya wami ziqinile?’ Ukukhulumisana okuhle phakathi kwamalungu omkhaya kubalulekile. UJakobe 1:19 uyasitshela: “Wonke umuntu kumelwe asheshe ngokuphathelene nokuzwa, ephuze ngokuphathelene nokukhuluma, ephuze ngokuphathelene nolaka.” Amalungu omkhaya kumelwe alalelane futhi akhulumisane ngoba ukukhulumisana ekhaya kufana nomgwaqo onemizila emibili ephambanayo. Ngisho noma esikushoyo kuyiqiniso, uma kushiwo ngendlela enokhahlo, yokuziqhenya noma yokungakhathali, cishe kungalimaza kakhulu kunokuba kusize. Ngakho kungakhathaliseki ukuthi uyindoda noma inkosikazi, umzali noma umntwana, inkulumo yethu kufanele ‘ngaso sonke isikhathi ibe nomusa, iyoliswe ngosawoti.’—Kol. 4:6.
14 ‘Ingabe ngingenwa uthando lwezinto ezibonakalayo?’ Ukuthanda izinto ezibonakalayo kuyingcindezi yezwe eyenza ukuphila komuntu kube yinkimbinkimbi. Akumsizi ukuba athole injabulo. (UmSh. 5:10; Luka 12:15; 1 Thim. 6:9, 10) Ukuze asisize sigweme ugibe lokuthanda izinto ezibonakalayo, uJesu wasifundisa lesi simiso esibalulekile: Gcina iso elihle. Ukuphila ukuphila okulinganiselayo nokungeyona inkimbinkimbi kuhilela ukugxilisa amehlo ethu ezithakazelweni zoMbuso, senze konke okunye kuze kamuva.—Math. 6:22, 23, 33.
15 Okufanele Kube Umgomo Wethu: IZwi likaNkulunkulu liwumthombo onokwethenjelwa wezimiso ezilungileyo ukuze zisiqondise lapho senza izinqumo. Kumelwe sizifunde lezi zimiso, sizindle ngazo futhi siqonde ukuthi singazisebenzisa kanjani ekuphileni kwethu. ‘Ngokuwaqeqesha kanjalo amandla ethu okuqonda ukuze sihlukanise okulungile nokungalungile,’ siyozizuzisa thina kanjalo sidumise uJehova.—Heb. 5:14.