Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 10/15 kk. 4-7
  • Zuza Emfundweni Engcono Kakhulu Kwekhona!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zuza Emfundweni Engcono Kakhulu Kwekhona!
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UbuKristu Beqiniso Buyimfundo
  • Bashukumiseleka Ukuba Bashintshe
  • Ungayithola Imfundo Engcono Kakhulu
  • Imfundo—Yisebenzisele Ukudumisa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Imfundo—Lokho Ekufunayo, Nalokho Ekunikelayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ingabe IBhayibheli Limelene Nemfundo?
    I-Phaphama!—1998
  • Ukugcina Imfundo Isendaweni Yayo
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 10/15 kk. 4-7

Zuza Emfundweni Engcono Kakhulu Kwekhona!

IBHAYIBHELI lithi uJehova uNkulunkulu unguMdali wazo zonke izinto, kuhlanganise nabantu. (Genesise 1:27; IsAmbulo 4:11) NjengoMfundisi Omkhulu, wafundisa umbhangqwana wokuqala ongabantu, u-Adamu no-Eva, futhi wawulungiselela ukuphila ensimini enhle yase-Edene. Injongo yakhe kwakuwukuqhubeka ewufundisa futhi ewunakekela kuze kube phakade. (Genesise 1:28, 29; 2:15-17; Isaya 30:20, 21) Cabanga nje ngamathuba anjalo!

Nokho, kuyadabukisa ukuthi umbhangqwana wokuqala wazilahlekisela la mathuba. Inkambo yawo yokungalaleli yabangela ukuba abantu bawohloke ngokomzimba nangokokuziphatha. (Genesise 3:17-19; Roma 5:12) Likhuluma ngalabo ababephila kusanda kusungulwa umkhaya wesintu, iBhayibheli lithi: “UJehova wabona ukuthi ububi bomuntu babudlangile emhlabeni futhi konke ukuthambekela kwemicabango yenhliziyo yakhe kukubi ngaso sonke isikhathi.”—Genesise 6:5.

Sekudlule iminyaka ecishe ibe ngu-4 500 uJehova aphetha ngokuthi umuntu uthambekele ebubini, futhi manje isimo sesintu sesisibi nakakhulu. Abaningi abanamahloni okuhubhuza amanga, bantshontshe noma bahlasele abanye. Izinkinga zanda mihla namalanga, kanti ukukhathalela abanye abantu kuyancipha. Ingani ubuhlobo babantu abaningi busengcupheni, kuhlanganise nobemikhaya. Noma kunjalo, akufanele kusolwe uNkulunkulu ngezimo esiphila kuzo, futhi zisamkhathaza izinkinga zanamuhla. Selokhu kwathi nhló, uJehova ubelokhu enesithakazelo enhlalakahleni yabantu, futhi ukulungele ukufundisa labo abathembele esiqondisweni sakhe ukuze baphile ukuphila okujabulisayo. Eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, wathumela iNdodana yakhe, uJesu Kristu, emhlabeni futhi uJehova wabonisa ukuthi uyathanda ukufundisa abantu abafuna ukuphumelela ekuphileni. UJesu wasishiyela imfundo ephelele ngoba wayefundiswe uMfundisi Omkhulu iminyakanyaka.

UbuKristu Beqiniso Buyimfundo

UJesu Kristu waqala ubuKristu beqiniso, indlela yokuphila esekelwe othandweni. EbuKristwini beqiniso, yonke imicabango nezenzo kumelwe kuvumelane nentando kaNkulunkulu ukuze kudunyiswe futhi kukhazinyuliswe igama lakhe. (Mathewu 22:37-39; Hebheru 10:7) Izimfundiso zikaJesu zale ndlela yokuphila zazivela kuYise, uJehova. KuJohane 8:29 sifunda ngokusekela uJesu akuthola kuNkulunkulu: “Lowo ongithumileyo unami; akangishiyanga ngedwa, ngoba ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” Yebo, uJesu wayesekelwa futhi eqondiswa uYise phakathi nayo yonke inkonzo yakhe. Abalandeli bakaJesu bokuqala babenesiqondiso sokubhekana nezinselele zokuphila. UJehova wabafundisa ngeNdodana yakhe. Ukulalela kwabo izimfundiso nokulandela isibonelo sikaJesu kwabenza baba abantu abangcono. Kunjalo nangabafundi bakhe namuhla.—Bheka ibhokisi elithi “Ithonya LikaJesu Nezimfundiso Zakhe,” elisekhasini 6.

Isici esiqhamile sobuKristu beqiniso ukuthi buyimfundo ethonya ingqondo nenhliziyo ukuze abantu bashintshe ngaphakathi. (Efesu 4:23, 24) Isibonelo salokhu yilokho uJesu akufundisa mayelana nokuthi umuntu kufanele athembeke kumuntu ashade naye: “Nizwile ukuthi kwathiwa, ‘Ungaphingi.’ Kodwa mina ngithi kini wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:27, 28) Ngala mazwi, uJesu wafundisa abafundi bakhe ukuthi kufanele inhliziyo igcinwe ihlanzekile nokuthi ukuba nemicabango nezifiso ezingafanele, ngisho noma zingakafezwa, kungaba nemiphumela emibi kakhulu. Akulona yini iqiniso ukuthi imicabango emibi ingenza umuntu one kuNkulunkulu futhi aphathe kabi abanye?

Ngakho iBhayibheli linikeza lesi seluleko: “Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Ungase uzibuze, ‘Imfundo ingayishintsha ngempela yini ingqondo yomuntu?’ Ukushintsha ingqondo kuhilela ukuyilolonga ibe kwesinye isimo ngokufaka kuyo izimiso neziqondiso zeZwi likaNkulunkulu. Umuntu angakwenza lokhu ngokwamukela imfundo uNkulunkulu ayinikeza ngeZwi lakhe.

Bashukumiseleka Ukuba Bashintshe

“Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.” (Hebheru 4:12) Namanje lisenamandla okuthinta abantu, ngaleyo ndlela lizifakazela ukuthi aliphelelwa isikhathi. Lingashukumisela umuntu ukuba ashintshe inkambo yakhe, amukele ubuKristu beqiniso futhi abe umuntu ongcono. Izibonelo ezilandelayo zibonisa indlela imfundo yeBhayibheli ezuzisa ngayo.

U-Emilia, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, uthi: “Ukuzama ukulungisa isimo somuzi wami ngingedwa kwakunganele. Lapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngabona ukuthi lisekhona ithemba futhi ngaqala ukushintsha isimo sami sengqondo. Ngafunda ukubekezela kakhudlwana nokugwema ukuba nesifuthefuthe sentukuthelo. Ngokuhamba kwesikhathi, umyeni wami wahlanganyela nami esifundweni. Kwakungelula ngaye ukuyeka utshwala, kodwa ekugcineni wakwazi ukubuyeka. Lokhu kwavuselela umshado wethu. Manje singamaKristu ajabule futhi sigxilisa izimiso ezinhle zeBhayibheli ezinganeni zethu.”—Duteronomi 6:7.

Imfundo etholakala ebuKristwini beqiniso ingasiza umuntu ayeke imikhuba emibi nokuphila kokuziphatha okubi. UManuela wazibonela ukuthi kuyiqiniso lokhu. Lapho eneminyaka engu-13 ubudala wabaleka ekhaya futhi waqala ukubhema insangu. Ngokuhamba kwesikhathi wasebenzisa isidakamizwa i-heroin. Wayethengisa ngomzimba kwabesilisa nabesifazane ukuze athole indawo yokuhlala nemali. Ngezinye izikhathi, uManuel wayekhuthuza abantu ukuze athole imali. Cishe njalo wayehlala edakwe izidakamizwa. Ubudlova bakhe bamenza waba yinto engena iphuma emajele. Ngesinye isikhathi waboshwa iminyaka emine, futhi njengoba ayesejele wahileleka ekushushumbiseni izikhali. Nangemva kokuba eshadile, ukuphila kwakhe kwakusalokhu kukubi. Uthi: “Sagcina sesihlala endaweni eyayiyihhoko lezinkukhu. Ngisakhumbula ukuthi umkami wayephekela phansi. Isimo sethu sasingathembisi neze kangangokuthi abasekhaya bathi umkami makangishiye.”

Yini eyashintsha ukuphila kwakhe? UManuel uyaphendula: “Umuntu othile engimaziyo wafika kwami wakhuluma ngeBhayibheli. Ngavuma ukuba angivakashele ngifuna nje ukumbonisa ukuthi lo Nkulunkulu okuthiwa uthanda abantu akekho. Ngangizibheka njengobufakazi balokho. Ngamangala ukuthi lo Fakazi wayenesineke futhi ethobekile, ngakho ngavuma ukuya emihlanganweni eHholo LoMbuso. Nakuba abathile babazi ukuthi ngingumuntu onjani, bangibingelela ngobungane. Bangenza ngazizwa ngingomunye wabo. Kwangiduduza kakhulu lokhu. Ngathinteka kangangokuba nganquma ukuyeka izidakamizwa ngithole umsebenzi ohloniphekile. Ngemva kwezinyanga ezine ngitadisha iBhayibheli, ngafanelekela ukushumayela, futhi ngemva kwezinye ezine ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.”

UbuKristu beqiniso bumenzeleni uManuel nomkhaya wakhe? “Ukube kwakungengenxa yemfundo yeBhayibheli, ngabe kade ngafa. Indlela yokuphila uJesu ayifundisa yawuvusa umuzi wami. Izingane zami ezimbili akudingeki zibhekane nezinto engabhekana nazo ngisemusha. Ngiyaziqhenya futhi ngimbonga ngingaphezi uJehova ngobuhlobo obuhle esenginabo nomkami. Abanye abantu engangibajwayele baye bangihalalisela futhi bangitshela ukuthi bacabanga ukuthi indlela esengiphila ngayo iyona engcono kakhulu.”

Endleleni yokuphila yobuKristu, inhlanzeko engokokuziphatha ihambisana nenhlanzeko engokomzimba. UJohn, ohlala endaweni empofu kakhulu eNingizimu Afrika, wakuqonda lokhu. Uyachaza: “Ngezinye izikhathi, indodakazi yethu yayingagezi isonto lonke, futhi sasingenandaba.” Umkakhe uyavuma ukuthi umuzi wabo wawungcolile. Kodwa izinto zashintsha lapho bethola imfundo yobuKristu. UJohn wayeka ukuzihlanganisa neqembu eleba izimoto futhi waqala ukuwunaka kakhudlwana umkhaya wakhe. “Safunda ukuthi njengamaKristu kufanele sigcine imizimba nezingubo zethu kuhlanzekile. Ngiyawathanda amazwi akweyoku-1 Petru 1:16, asinxusa ukuba sibe ngcwele ngoba uJehova uNkulunkulu ungcwele. Sesiyazama manje nokugcina ikhaya lethu eliphansi libukeka kahle.”

Ungayithola Imfundo Engcono Kakhulu

Izindaba ezingenhla azilona ivelakancane. Ngenxa yemfundo esekelwe eBhayibhelini, izinkulungwane zabantu ziye zafunda ukuphila ukuphila okungcono. Abaqashi bazo bayazazisa ngoba zithembekile futhi zikhuthele. Manje zingomakhelwane nabangane abahle futhi zikhathalela inhlalakahle yabanye abantu. Zizimisele ukugwema imikhuba emibi nokuthambekela kwenyama, ngakho ziyayinakekela impilo yazo engokwenyama, engokwengqondo nengokomzwelo. Kunokusaphaza imali emikhutsheni emibi, ziyisebenzisela ukuzizuzisa zona nemikhaya yazo. (1 Korinte 6:9-11; Kolose 3:18-23) Akungatshazwa, imiphumela yokukusebenzisa ngokoqobo lokho uJehova akusho eBhayibhelini ibonisa ukuthi ukuphila ngobuKristu beqiniso kuyinkambo engcono kakhulu ekuphileni futhi ubuKristu beqiniso bunikeza imfundo engcono kakhulu kwekhona. Likhuluma ngomuntu ophila ngokuvumelana nemithetho kaNkulunkulu, iBhayibheli lithi: “Konke akwenzayo kuyophumelela.”—IHubo 1:3.

Kuyakhuthaza ukwazi ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, uzimisele ukusifundisa. Uzichaza athi: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo.” (Isaya 48:17) Yebo, uJehova uye wasibonisa indlela ngesibonelo nangezimfundiso zeNdodana yakhe, uJesu Kristu. Izimfundiso zakhe zashintsha ukuphila kwabaningi ababemazi ngesikhathi elapha emhlabeni, futhi zisathuthukisa okwabaningi abaphila ngezimfundiso zakhe namuhla. Kunganjani uke uzinike isikhathi sokufunda ngalezi zimfundiso? OFakazi BakaJehova endaweni yakini bazokujabulela ukukusiza uthole le mfundo ezuzisayo.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Ithonya LikaJesu Nezimfundiso Zakhe

Esebenzisa isikhundla sakhe njengomthelisi omkhulu, uZakewu wayecebe ngokuphanga imali nokuqola abantu abavamile. Kodwa wakushintsha ukuphila kwakhe ngokusebenzisa izimfundiso zikaJesu.—Luka 19:1-10.

USawulu waseTarsu wayeka ukushushisa amaKristu futhi waguquka waba umKristu, ekugcineni waba umphostoli uPawulu.—IzEnzo 22:6-21; Filipi 3:4-9.

Amanye amaKristu eKorinte ‘ayeyizifebe, abakhonza izithombe, iziphingi, amadoda alala namadoda, amasela, abantu abahahayo, izidakwa, izithuki nabaphangi.’ Noma kunjalo, lapho eqala ukwazi ubuKristu beqiniso, ‘agezwa ahlanzeka, angcweliswa, kwathiwa alungile egameni leNkosi yawo uJesu Kristu.’—1 Korinte 6:9-11.

[Isithombe ekhasini 7]

IBhayibheli lingakubonisa indlela yokuphumelela ekuphileni

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela