Ingabe UDeveli Ungumuntu Wangempela?
UCABANGANI ngoDeveli? Ingabe ungumuntu wangempela olinga abantu ukuba benze izinto ezimbi, noma umane nje umelela ububi? Ingabe uDeveli ungumuntu okumelwe esatshwe, noma kumelwe singazikhathazi ngaye, simbheke njengenkolelo-ze nje noma umuntu wasezinganekwaneni? Ingabe igama elithi “develi” lisho amandla athile angabonakali onakalisayo akuyo yonke indawo? Kungenzeka yini ukuthi leli gama limane nje lisho izici ezimbi kubantu, njengoba abefundisi abaningi banamuhla besho?
Akumangazi ukuthi abantu bahlukene phakathi endabeni yokuthi ungubani uDeveli. Cabanga ukuthi kungaba nzima kangakanani ukwazi umuntu ongungoti wokuzifihla! Kunzima nakakhulu uma ezimisele ukuhlale engaziwa. IBhayibheli lithi uDeveli unjalo. Limbiza ngokuthi uSathane, lithi: “Akumangalisi, ngoba uSathane ngokwakhe uziguqula ingelosi yokukhanya.” (2 Korinte 11:14) Nakuba emubi, uDeveli uziveza emuhle ukuze adukise abanye. Futhi uma ephumelela ukwenza abantu bakholelwe ukuthi umane nje akekho, usuke esewele ngelibanzi.
Khona-ke, ungubani ngempela uDeveli? Waba khona nini futhi kanjani? Ubathonya kanjani abantu namuhla? Uma kukhona esingakwenza ukuze simelane nethonya lakhe, yikuphi? IBhayibheli liqukethe umlando onembile ngoDeveli kusukela khona kanye ekuqaleni kwakhe futhi linezimpendulo eziyiqiniso zale mibuzo.
[Isithombe ekhasini 3]
Yeka ukuthi kungaba nzima kangakanani ukwazi umuntu ozimisele ukuhlale engaziwa ngokusebenzisa isifihla-buso!