“Usizo Lwami Luvela KuJehova”
Ukuzidela Kuletha Isibusiso SikaJehova
INDODA ihamba ngebhayisikili ehlathini eliminyene laseCameroon. Ihamba amahora amaningi emigwaqweni enamanzi nenodaka futhi ifaka ukuphila kwayo engozini ukuze iqinise abanye. Ukuze bayofundisa iqembu elingalodwa, abanye eZimbabwe bahamba amakhilomitha angu-15 benqamula imifula edla izindwani, bethwele izingubo nezicathulo ukuze zingabi manzi. Kwenye indawo, owesifazane uvuka ngehora lesine ekuseni ukuze avakashele futhi afundise umhlengikazi ongabekela eceleni ihora elilodwa kuphela ekuseni.
Laba bantu abazikhandla kangaka bafana ngani? Bonke bayizikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova ezihlanganyela emsebenzini wokufundisa iqiniso leBhayibheli. Phakathi kwabo kukhona amaphayona avamile noma akhethekile, izithunywa zevangeli, ababonisi abajikelezayo nezinkulungwane zezisebenzi zokuzithandela ezikhonza emakhaya aseBethel asemhlabeni wonke. Isici esiphawulekayo ngabo ukuthi bayazidela.a
Isisusa Esifanele
OFakazi BakaJehova balalela isiyalo umphostoli uPawulu asinika uThimothewu: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzinikele wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni ngalutho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.” (2 Thimothewu 2:15) Kodwa yini eshukumisa oFakazi abangamakhulu ezinkulungwane ukuba babe izikhonzi zesikhathi esigcwele?
Lapho izikhonzi zesikhathi esigcwele zibuzwa ukuthi kungani zizikhandla enkonzweni kaJehova, ziye zithi kungenxa yothando ezinalo ngoNkulunkulu nangabantu abaphila nazo. (Mathewu 22:37-39) Lesi isisusa esifaneleka kunazo zonke, ngoba ngaphandle kokushukunyiswa uthando, noma imuphi umzamo esiwenzayo ubuyoba yize.—1 Korinte 13:1-3.
Inkonzo Yokuzidela
Wonke amaKristu azinikezele aye amukela isimemo sikaJesu: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.” (Mathewu 16:24) Ukuzidela kusho ukuzithoba ngokuzithandela ekubeni ungaziphileli kodwa uphilele uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu futhi uqondiswe yibo. Kwabaningi, ukuzidela kuye kwabaholela ekubeni bangenele inkonzo yesikhathi esigcwele.
OFakazi abaningi bayazikhandla ukuze bandise inkonzo yabo kuJehova. Cabanga ngoJúlia oneminyaka engu-56 ubudala, oyiphayona elivamile eSão Paulo, eBrazil. Uyakhumbula: “Umzalwane othile ongumShayina wangishayela ucingo engibuza ukuthi ngangingakujabulela yini ukufunda isiShayina. Ngenxa yokuthi ngase ngimdala, ngangingakaze ngikucabange ukufunda ulimi olusha. Kodwa ngemva kwezinsukwana, ngawamukela lo msebenzi onzima. Namuhla, ngiyakwazi ukubeka isigijimi esingokomBhalo ngesiShayina.”
Ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lasePeru liyabika: “Eminyakeni yamuva nje, amakhulu amaphayona avamile aye athuthela emasimini angabelwe, ebonisa isibindi nomoya wokuzidela. Athuthela emadolobheni akude lapho izimo zokuphila ziphansi khona futhi ezingenawo namathuba emisebenzi. Laba bazalwane nodade bazimisele ukwenza noma yini ukuze bahlale ezabelweni zabo. Kodwa okubaluleke kunakho konke ukuthi umsebenzi wabo enkonzweni uletha izibusiso ezindaweni eziningi. Ababonisi abajikelezayo babika ukuthi kuye kwamiswa amaqembu amasha ngosizo lwala maphayona avamile azidelayo.”
AmaKristu athile aye afaka ukuphila kwawo engozini ukuze asize amanye amakholwa. (Roma 16:3, 4) Umbonisi wesifunda wasendaweni ekhungethwe impi e-Afrika uyabika: “Ngaphambi kokuba ngifike endaweni yokugcina lapho kwakuvinjwe khona umgwaqo emngceleni wendawo ephethwe amavukela-mbuso nelawulwa uhulumeni, mina nomkami sazungezwa abaphathi abane bamabutho abavukeli kanye nonogada babo, basibuza ukuthi singobani. Ngesikhathi behlola omazisi bethu, babona ukuthi sasivela endaweni eyayibuswa uhulumeni, ngakho baqala ukungakhululeki. Bathi ngiyinhloli. Ngakho, banquma ukungiphonsa emgodini. Ngachaza ukuthi singobani, futhi ekugcineni basivumela ukuba sihambe.” Yeka indlela amabandla ajabula ngayo lapho ebona ukuthi lo mbhangqwana ozidelayo waphumelela ukuwahambela!
Naphezu kobunzima izikhonzi zesikhathi esigcwele ezibhekana nabo, amanani azo ayanda emhlabeni wonke. (Isaya 6:8) Lezi zisebenzi ezikhuthele ziyalazisa ilungelo ezinalo lokukhonza uJehova. Zishukunyiswa umoya ofanayo wokuzidela, izigidi zabanye oFakazi manje zidumisa uJehova. Kanti noJehova uzinika izibusiso eziningi. (IzAga 10:22) Njengoba ziqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka ezibusisa futhi ezisekela, lezi zisebenzi ezikhuthele zinesimo sengqondo esifana nesomhubi owahlabelela: “Usizo lwami luvela kuJehova.”—IHubo 121:2.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2005, November/December.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
“Abantu bakho bayozinikela ngokuzithandela ngosuku lwempi yakho.”—IHUBO 110:3
[Ibhokisi ekhasini 8]
UJEHOVA UYAZAZISA IZINCEKU ZAKHE EZIZINIKELE
“Yibani ngabagxilile, abangenakunyakaziswa, ngaso sonke isikhathi ninokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi umshikashika wenu awulona ize eNkosini.”—1 Korinte 15:58.
“UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.”—Hebheru 6:10.