Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 12/15 k. 30
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Wayengubani Upontiyu Pilatu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • I-Armagedoni Iyisiqalo Esijabulisayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • IMegido—Inkundla Yempi Yakudala Enencazelo Engokwesiprofetho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 12/15 k. 30

Ingabe Uyakhumbula?

Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:

• Kungani isono sokuqala—ukungalaleli ku-ka-Adamu—singafaniswa nesifo esiwufuzo?

Sinjengesifo ngoba u-Adamu wadlulisela isono enzalweni yakhe. Ngaleyo ndlela sizuze njengefa ukungapheleli, njengoba nje ezinye izingane ziba nesifo esiwufuzo ezisithola kubazali bazo.—8/15, ikhasi 5.

• Iziphi izinto eziyinhloko ezibangela ukuba ubudlova bande namuhla?

USathane uzama ukususa abantu kuJehova ngokutshala umoya wobudlova ezinhliziyweni zabo ngamabhayisikobho, umculo nemidlalo yama-computer ukuze ashukumisele abayidlalayo ukuba balingise ubudlova nokubulala. Imithombo yezindaba eveza ubudlova iye yaba nengxenye ezenzweni eziningi zobudlova.—9/1, ikhasi 29.

• Wayengubani uPontiyu Pilatu?

Wayengundunankulu waseRoma osesikhundleni esiphansi okungenzeka ukuthi wayengumlawuli wamabutho. UMbusi WamaRoma uTiberiyu wamisa uPilatu njengombusi wesifundazwe saseJudiya ngo-26 C.E. Ngesikhathi kuqulwa icala likaJesu, uPilatu wawezwa amacala ayebekwa ngabaholi bamaJuda. Ukuze ajabulise isixuku, wagunyaza ukuba uJesu abulawe.—9/15, amakhasi 10-12.

• Siyini “isibonakaliso” okukhulunywa ngaso kuMathewu 24:3?

Lesi sibonakaliso sinezici eziningana okuthi uma zizonke zakhe uphawu noma inkomba. Lesi sibonakaliso sihlanganisa impi, indlala, izifo eziwumshayabhuqe nokuzamazama komhlaba, futhi sasiyokwenza abalandeli bakaJesu bakubone ‘ukuba khona’ kwakhe ‘nokuphela kwesimiso sezinto.’—10/1, amakhasi 4-5.

• Ayengobani amaJuda Ahlakazekile, futhi ayekuziphi izindawo?

Le nkulumo ibhekisela kumaJuda ayehlala ngaphandle kwasePalestina. Ekhulwini lokuqala, izindawo eziyinhloko ezazinamaJuda kwakuyiseSiriya, e-Asia Minor, eBhabhiloni naseGibhithe, bese kuba nemiphakathi emincane eYurophu eyayiyingxenye yoMbuso WaseRoma.—10/15, ikhasi 12.

• UmKristu angaqhubeka yini enonembeza ohlanzekile uma amukela umsebenzi ohilela ukuba aphathe isikhali?

Ukusebenza lapho kudingeka uphathe khona isibhamu noma esinye isikhali kuyisinqumo somuntu siqu. Kodwa imisebenzi ehilela ukuphatha isikhali ibeka umuntu emathubeni okuba necala legazi futhi imbeke engozini yokuba alimale noma abulawe uma ehlaselwa noma othile eziphindiselela. UmKristu ophatha isikhali ngeke afanelekele amalungelo akhethekile ebandleni. (1 Thimothewu 3:3, 10)—11/1, ikhasi 31.

• Njengoba igama elithi “Armagedoni” lisuka enkulumweni esho ukuthi “iNtaba YaseMegido,” ingabe impi ye-Armagedoni iyolwiwa entabeni eseMpumalanga Ephakathi?

Cha. Ayikho iNtaba YaseMegido, kukhona igquma noma indunduma kuphela eduze kwethafa elisesigodini sakwa-Israyeli. Kuleyo ndawo ngeke kubuthane wonke “amakhosi omhlaba namabutho awo.” Impi kaNkulunkulu enkulu iyolwiwa emhlabeni wonke, futhi iyoqeda zonke izimpi. (IsAmbulo 16:14, 16; 19:19; IHubo 46:8, 9)—12/1, amakhasi 4-7.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela