Imibuzo Evela Kubafundi
UmKristu angaqhubeka yini enonembeza ohlanzekile uma amukela umsebenzi ohilela ukuba aphathe isikhali?
OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bawuthatha ngokungathí sina umthwalo wabo abawunikwe uNkulunkulu wokondla imikhaya yabo. (1 Thimothewu 5:8) Nokho, eminye imisebenzi izephula ngokucacile izimiso zeBhayibheli futhi kufanele igwenywe. Leyo misebenzi ihlanganisa imisebenzi ehlobene nokugembula, ukusetshenziswa kabi kwegazi nokukhuthazwa kokusetshenziswa kukagwayi. (Isaya 65:11; IzEnzo 15:29; 2 Korinte 7:1; Kolose 3:5) Nakuba ezinye izinhlobo zomsebenzi zingalahlwa ngokuqondile eBhayibhelini, zingase zilimaze unembeza womuntu noma unembeza wabanye.
Ukusebenza lapho kudingeka uphathe khona isibhamu noma esinye isikhali kuyisinqumo somuntu siqu. Nokho, imisebenzi ehilela ukuphatha isikhali ibeka umuntu emathubeni okuba necala legazi lapho kwenzeka kudingeke asisebenzise leso sikhali. Ngakho, kudingeka umKristu akucabangele ngomkhuleko ukuthi ukulungele yini ukwamukela umthwalo wokwenza isinqumo engenaso isikhathi esanele sokucabangisisa ngaso lapho kuhileleke khona ukuphila komuntu. Ukuphatha isikhali kuchaya umuntu nasengozini yokulimala noma yokufa ngokuhlaselwa noma ngokubulawa othile oziphindiselelayo.
Isinqumo umuntu asenzayo singase sibathinte nabanye. Ngokwesibonelo, umKristu unomthwalo wemfanelo oyinhloko wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Kungaba lula yini ukufundisa abanye ukuba babe “nokuthula nabantu bonke,” ebe eziphilisa ngokuphatha isikhali? (Roma 12:18) Kuthiwani ngezingane noma amanye amalungu omkhaya? Ukuba nesibhamu ekhaya ngeke yini kuwafake engozini? Ngaphezu kwalokho, akunakwenzeka yini ukuba isinqumo somuntu kule ndaba sibakhube abanye?—Filipi 1:10.
Kulezi ‘zinsuku zokugcina,’ baya banda abantu ‘abanolaka, abangenalo uthando lokuhle.’ (2 Thimothewu 3:1, 3) Njengoba ekwazi lokhu, umuntu angaqhubeka yini ‘engongenakubekwa cala’ uma ekhetha umsebenzi odinga ukuba aphathe isikhali nongase umenze angqubuzane nabantu abanjalo? (1 Thimothewu 3:10) Lutho. Ngenxa yalesi sizathu, ibandla ngeke libheke umuntu onjalo ‘njengongasoleki’ uma eqhubeka ephatha isikhali nangemva kokuba enikezwe ngomusa iseluleko seBhayibheli. (1 Thimothewu 3:2; Thithu 1:5, 6) Ngakho, indoda noma owesifazane onjalo ngeke awafanelekele noma imaphi amalungelo akhethekile ebandleni.
UJesu waqinisekisa abafundi bakhe ukuthi uma bebeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwabo, akudingeki bakhathazeke ngokweqile ngezidingo zokuphila. (Mathewu 6:25, 33) Yebo, uma simethemba ngokuphelele uJehova, “yena [uyosisekela]. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.”—IHubo 55:22.