Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 2/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Akazange Amkhohlwe UJosefa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • “Ingabe Ngisesikhundleni SikaNkulunkulu?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ukulondoloza Ukuphila Ngesikhathi Sendlala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • UJosefa Uvivinya Abafowabo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 2/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe uJosefa, inceku kaJehova ethembekile, wayesebenzisa indebe yesiliva ekhethekile ukuze afunde amabika, njengoba kubonakala sengathi uGenesise 44:5 usikisela lokho?

Asikho isizathu sokukholelwa ukuthi uJosefa wayebhula ngempela ngandlela-thile.

IBhayibheli liveza indlela uJosefa empeleni ayekubheka ngayo ukwazi ikusasa ngokusebenzisa umlingo. Ngaphambili, lapho ecelwa ukuba achaze amaphupho kaFaro, uJosefa wagcizelela ngokuphindaphindiwe ukuthi nguNkulunkulu kuphela ‘ongamemezela’ izinto ezizokwenzeka. Ngenxa yalokho, uFaro uqobo lwakhe wakholelwa ukuthi nguNkulunkulu kaJosefa—uNkulunkulu weqiniso, hhayi amandla okulumba—owayenze ukuba uJosefa azi imininingwane yezenzakalo ezaziseza. (Genesise 41:16, 25, 28, 32, 39) EMthethweni uMose awunikwa kamuva, uJehova wakwenqabela ukusebenzisa umlingo noma ukubhula, kanjalo waqinisekisa ukuthi nguYe yedwa obikezela ikusasa.—Duteronomi 18:10-12.

Pho, kungani inceku kaJosefa yathi usebenzisa indebe yesiliva ukuze ‘afunde amabika ngobuchwepheshe’?a (Genesise 44:5) Kudingeka sicabange ngezimo ashiwo kuzo la mazwi.

Ngenxa yendlala enkulu, abafowabo bakaJosefa babeze eGibhithe bezofuna ukudla. Eminyakeni ethile ngaphambili, babethengisele uJosefa ebugqilini. Manje, bengazi, babecela usizo kumfowabo owayesengumqondisi wokudla eGibhithe. UJosefa akazivezanga kubo ukuthi ungubani. Kunalokho, wanquma ukubavivinya. Ngokufanelekayo, uJosefa wayefuna ukubona ukuthi baphenduke ngobuqotho kangakanani. Wayefuna nokuthola ukuthi bayamthanda yini umfowabo uBhenjamini noyise, uJakobe, owayemkhonzile uBhenjamini—nokuthi babathanda kangakanani. Ngakho, uJosefa wasebenzisa icebo.—Genesise 41:55–44:3.

UJosefa wayala enye yezinceku zakhe ukuba igcwalise ukudla emasakeni abafowabo, ibuyisele imali yomuntu ngamunye emlonyeni wesaka lakhe, bese ibeka indebe yesiliva kaJosefa emlonyeni wesaka likaBhenjamini. UJosefa wayenza konke lokhu ezishaya umqondisi wezwe lamaqaba. Washintsha izenzo nolimi lwakhe ezifanisa nomqondisi onjalo, waba yilokho abafowabo ababengasoli lutho ababengase bakulindele.

Lapho uJosefa equlisa abafowabo, waqhubeka neqhinga lakhe, wababuza: “Beningazi ukuthi umuntu onjengami uyakwazi ukufunda amabika ngobuchwepheshe?” (Genesise 44:15) Ngakho, kusobala ukuthi indebe yayimane iyingxenye yalelo cebo. UJosefa wayengayisebenzisi ngempela indebe ukuze afunde amabika, njengoba nje noBhenjamini engayebanga ngempela.

[Umbhalo waphansi]

a Lapho ichaza lo mkhuba wasendulo, i-Holy Bible, With an Explanatory and Critical Commentary, ehlelwe uF. C. Cook, iyachaza: “Kwakwenziwa ngokufaka igolide, isiliva, noma amagugu emanzini, bese kubhekisiswa ukuthi kunjani; noma ngokumane kubhekwe emanzini njengokungathi kubhekwa esibukweni.” Umhlaziyi weBhayibheli uChristopher Wordsworth uthi: “Ngezinye izikhathi indebe yayigcwaliswa amanzi, bese kunikezwa impendulo ngomfanekiso owenziwa yilanga emanzini asendebeni.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela