Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 3/1 kk. 28-29
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ibandla Malidumise UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indoda Nowesifazane—Ngamunye Unendima Ehloniphekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Uyahlanganyela Yini Ekwenzeni Imihlangano YobuKristu Ibe Eyakhayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Basekele Odadewethu AbangamaKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 3/1 kk. 28-29

Imibuzo Evela Kubafundi

Wayesho ukuthini umphostoli uPawulu lapho ethi abesifazane kufanele “bathule emabandleni”?

UPawulu wabhalela ibandla lamaKristu aseKorinte: “Njengakuwo wonke amabandla abangcwele, abesifazane mabathule emabandleni, ngoba akuvunyelwe ukuba bakhulume.” (1 Korinte 14:33, 34) Ukuze siwaqonde kahle la mazwi, kuyasiza ukucabangela umongo weseluleko sikaPawulu.

Kweyoku-1 Korinte isahluko 14, uPawulu wakhuluma ngezindaba eziphathelene nemihlangano yebandla lobuKristu. Wachaza okufanele kuxoxwe ngakho kuleyo mihlangano futhi watusa nendlela okufanele iqhutshwe ngayo. (1 Korinte 14:1-6, 26-34) Ngaphezu kwalokho, wagcizelela injongo yemihlangano yobuKristu—“ukuze ibandla lakheke.”—1 Korinte 14:4, 5, 12, 26.

Isiyalo sikaPawulu esitusa ‘ukuthula’ sivela kathathu encwadini yoku-1 Korinte isahluko 14. Isikhathi ngasinye lapho lesi seluleko sivela, sisuke sibhekiswe emaqenjini ahlukahlukene ebandleni, kodwa kuzo zonke lezo zimo sinikezwa ngesizathu esifanayo—ukuze “zonke izinto zenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.”—1 Korinte 14:40.

Okokuqala, uPawulu wathi: “Uma omunye ekhuluma ngolunye ulimi, makulinganiselwe kwababili noma abathathu kugcine, futhi badedelane; futhi omunye ahumushe. Kodwa uma engekho umhumushi, makathule ebandleni azikhulumele yedwa futhi akhulume noNkulunkulu.” (1 Korinte 14:27, 28) Lokhu kwakungasho ukuthi lowo muntu wayengeke nanini akhulume emihlanganweni kodwa kwakusho ukuthi kwakuzoba nezikhathi lapho kwakufanele athule khona. Empeleni, injongo yemihlangano—ewukwakhana— yayingeke ifezwe uma ayekhuluma ulimi olungaziwa muntu.

Okwesibili, uPawulu wathi: “Makukhulume abaprofethi ababili noma abathathu, abanye baqonde incazelo. Kodwa uma kuba khona isambulo komunye ngesikhathi ehlezi lapho, owokuqala makathule.” Lokhu kwakungasho ukuthi umprofethi wokuqala wayenqatshelwe ukukhuluma emihlanganweni, kodwa kwakusho ukuthi kumelwe athule ngezinye izikhathi. Lowo onesambulo esiyisimangaliso wayengabe esekhuluma nebandla, futhi kufezwe injongo yomhlangano, ewukuthi “bonke bakhuthazwe.”—1 Korinte 14:26, 29-31.

Okwesithathu, uPawulu wakhuluma nabesifazane abangamaKristu kuphela, wathi: “Abesifazane mabathule emabandleni, ngoba akuvunyelwe ukuba bakhulume, kodwa mabazithobe.” (1 Korinte 14:34) Kungani uPawulu anikeza odade lo myalo? Ukuze kube nokuhleleka ebandleni. Uthi: “Khona-ke, uma befuna ukufunda okuthile, mababuze abayeni babo emakhaya, ngoba kuyichilo ngowesifazane ukuba akhulume ebandleni.”—1 Korinte 14:35.

Mhlawumbe abanye odade babephikisa okwakushiwo ebandleni. Iseluleko sikaPawulu sasiza odade ukuba bagweme umoya wesiyaluyalu futhi ngokuzithoba bamukele indawo yabo elungiselelweni likaJehova lobunhloko, ikakhulu maqondana nabayeni babo. (1 Korinte 11:3) Ngaphezu kwalokho, odade babeyobonisa ngokuthula ukuthi babengalangazeleli ukufundisa ebandleni. Ngesikhathi uPawulu ebhalela uThimothewu, wabonisa ukuthi kwakuyoba into engafaneleki ukuba owesifazane afundise: “Angimvumeli owesifazane ukuba afundise, noma ukuba abe negunya phezu kwendoda, kodwa ukuba athule.”—1 Thimothewu 2:12.

Ingabe lokho kusho ukuthi owesifazane ongumKristu akumelwe nanini akhulume emhlanganweni webandla? Cha. Ngosuku lukaPawulu, kwakunezikhathi lapho abesifazane abangamaKristu babekhuleka noma baprofethe ebandleni, mhlawumbe beshukunyiswa umoya ongcwele. Ngalezo zikhathi babesiqaphela isikhundla sabo ngokuthwala ekhanda.a (1 Korinte 11:5) Ngaphezu kwalokho, osukwini lukaPawulu nanamuhla, odade kanye nabazalwane banxuswa ukuba bamemezele obala ithemba labo. (Hebheru 10:23-25) Ngaphandle kokwenza lokhu enkonzweni yasensimini, odade bamemezela ithemba labo futhi bakhuthaze abanye emihlanganweni yebandla ngezimpendulo ezicatshangelwe kahle lapho benikezwa lelo thuba nangokwamukela izabelo zokwenza imiboniso noma ukunikeza izinkulumo zabafundi.

Ngakho-ke, abesifazane abangamaKristu ‘bayathula’ ngokugwema ukuzama ukuthatha indima yowesilisa bafundise ibandla. Abalibekeli inselele igunya lalabo abafundisayo ngokubuza imibuzo enokuvukela. Ngokufeza indima yabo efanele ebandleni, odade abangamaKristu benza kube nomoya wokuthula odingekayo ukuze “zonke izinto [emihlanganweni yebandla] zenzeke ngenjongo yokwakha.”—1 Korinte 14:26, 33.

[Umbhalo waphansi]

a Ezikhathini zanamuhla, odade abavuthiwe balandela leso sibonelo lapho izimo zenza kudingeke bamelele umzalwane obhapathiziwe ebandleni.—Bheka INqabayokulinda ka-July 15, 2002, ikhasi 26.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela