Uyahlanganyela Yini Ekwenzeni Imihlangano YobuKristu Ibe Eyakhayo?
“Uma nibuthana ndawonye, . . . zonke izinto mazenzeke ngenjongo yokwakha.”—1 KOR. 14:26.
1. Ngokweyoku-1 Korinte isahluko 14, uyini umgomo oyinhloko wemihlangano yobuKristu?
‘WAZE wasakha umhlangano!’ Wake wawasho yini amazwi afana nalawa ngemva komhlangano eHholo LoMbuso? Ngokuqinisekile! Ngempela, imihlangano yebandla iwumthombo wesikhuthazo, futhi akumangalisi lokhu. Kakade, umgomo oyinhloko wemihlangano yethu namuhla uwukuqinisa bonke abakhona ngokomoya njengoba kwakunjalo nasezinsukwini zamaKristu okuqala. Phawula indlela umphostoli uPawulu awugcizelela ngayo lowo mgomo wemihlangano yamaKristu encwadini yakhe yokuqala ayibhalela abaseKorinte. Kuso sonke isahluko 14 usho ngokuphindaphindiwe ukuthi inkulumo ngayinye enikezwayo emihlanganweni yebandla kufanele ibe nalowo mgomo—‘ukwakha ibandla.’—Funda eyoku-1 Korinte 14:3, 12, 26.a
2. (a) Yini eyenza imihlangano ibe eyakhayo? (b) Imuphi umbuzo esizowudingida?
2 Siyaqaphela ukuthi into yokuqala eyenza imihlangano ibe eyakhayo umoya kaNkulunkulu. Ngakho-ke, siqala umhlangano webandla ngamunye ngokuthandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni simcele uBaba wethu osezulwini ukuba awubusise ngomoya wakhe ongcwele. Noma kunjalo, siyazi ukuthi wonke amalungu ebandla angaba nengxenye ekwenzeni imihlangano ibe eyakha kakhulu ngangokunokwenzeka. Ngakho-ke, iziphi ezinye izinyathelo thina ngabanye esingazithatha ukuze siqiniseke ukuthi imihlangano yamasonto onke eHholo lethu LoMbuso ihlale iwumthombo wokuqabuleka okungokomoya nesikhuthazo?
3. Ibaluleke kangakanani imihlangano yobuKristu?
3 Ukuze siphendule lo mbuzo, sizodingida izici ezithile zemihlangano yethu okufanele zikhunjulwe yilabo abayiqhubayo. Sizobuye sidingide indlela ibandla lilonke elingaba nengxenye ngayo ekwenzeni imihlangano ibe izikhathi ezakhayo kubo bonke abakhona. Sinesithakazelo esikhulu kule ndaba ngoba imihlangano yethu iyimibuthano engcwele. Ngempela, ukuya emihlanganweni nokuhlanganyela kuyo kuyizici ezibalulekile ekukhulekeleni kwethu uJehova.—IHu. 26:12; 111:1; Isaya 66:22, 23.
Umhlangano Oklanyelwe Ukufunda IBhayibheli
4, 5. Uyini umgomo weSifundo Se-Nqabayokulinda?
4 Sonke sifuna ukuzuza ngokugcwele eSifundweni sethu Se-Nqabayokulinda samasonto onke. Ngakho, ukuze siwuqonde ngokucacile umgomo oyinhloko walo mhlangano, asibukeze ezinye zezinguquko eziye zenziwa kumagazini we-Nqabayokulinda nasezihlokweni ezifundwayo.
5 Kusukela kumagazini ofundwayo wokuqala we-Nqabayokulinda ka-January 15, 2008, kuye kwanezelwa isici esibalulekile esembozweni. Ingabe usiphawulile? Bhekisisa isembozo sikamagazini owuphethe. Ngaphansi kwesithombe senqaba uzophawula ukuthi kukhona iBhayibheli elivuliwe. Lesi sici sigcizelela isizathu esenza sibe neSifundo Se-Nqabayokulinda—ukufunda iBhayibheli ngosizo lwalo magazini. Yebo, eSifundweni sethu Se-Nqabayokulinda samasonto onke, iZwi likaNkulunkulu ‘liyachazwa’ futhi ‘licaciswe’ njengasesikhathini sikaNehemiya wasendulo.—Neh. 8:8; Isaya 54:13.
6. (a) Iluphi ushintsho olwenziwe eSifundweni Se-Nqabayokulinda? (b) Yini okufanele sihlale siyikhumbula ngokuphathelene nemiBhalo ebhalwe ukuthi “funda”?
6 Ngenxa yokuthi iBhayibheli liyincwadi yethu eyinhloko, kunoshintsho olwenziwe eSifundweni Se-Nqabayokulinda. ImiBhalo eminingana ekhonjiwe ezihlokweni ezifundwayo ibhalwe ukuthi “funda.” Sonke sikhuthazwa ukuba sihambisane nokufundwa kwale miBhalo emihlanganweni, sisebenzisa amaBhayibheli ethu. (IzE. 17:11) Kungani? Lapho sibona iseluleko sikaNkulunkulu emaBhayibhelini ethu, sisithinta ngokujule ngokwengeziwe. (Heb. 4:12) Ngakho-ke, ngaphambi kokuba le miBhalo ifundwe ngokuzwakalayo, umqhubi kufanele anikeze bonke abakhona ithuba elanele lokuyivula ukuze bahambisane nokufundwa kwayo.
Sesinesikhathi Esengeziwe Sokuzwakalisa Ukholo Lwethu
7. Iliphi ithuba esinalo phakathi neSifundo Se-Nqabayokulinda?
7 Olunye ushintsho olwenziwe ezihlokweni ezifundwayo ze-Nqabayokulinda luphathelene nobude bazo. Muva nje, sezimfushane. Ngakho, phakathi neSifundo Se-Nqabayokulinda, sincane isikhathi esisetshenziselwa ukufunda izigaba ukuze sibe nesikhathi esengeziwe sokuphendula. Abaningi ebandleni sebenethuba lokuzwakalisa obala ukholo lwabo ngokuphendula umbuzo wesigaba, ngokubonisa indlela umBhalo osebenza ngayo, ngokulandisa okuhlangenwe nakho okufushane okubonisa ukuhlakanipha kokulandela izimiso zeBhayibheli noma nangezinye izindlela. Esinye isikhathi kufanele sisetshenziselwe nasekuchazeni izithombe.—Funda iHubo 22:22; 35:18; 40:9.
8, 9. Iyini indima yomqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda?
8 Noma kunjalo, leso sikhathi esengeziwe sezimpendulo ezihlukahlukene siyoba khona kuphela uma abaphendulayo befushanisa futhi oqhuba lowo mhlangano egwema ukukhuluma njalo phakathi neSifundo Se-Nqabayokulinda. Khona-ke, yini engasiza umqhubi ukuba alinganisele kahle kulokho akushoyo nakulokho okushiwo ibandla ukuze umhlangano ube owakhayo kubo bonke?
9 Ukuze sithole impendulo, ake sicabange ngalo mfanekiso. ISifundo Se-Nqabayokulinda esiqhutshwa kahle sifana nesixha sezimbali ezikhangayo evazini. Njengoba isixha esikhulu senziwa izimbali eziningi ezihlukahlukene, ngokufanayo neSifundo Se-Nqabayokulinda senziwa izimpendulo eziningi ezihlukahlukene. Njengoba nje izimbali ezikuleso sixha zingalingani futhi zinemibala engafani, kanjalo nezimpendulo ezinikezwa emhlanganweni ziyehluka ngobude nangendlela ezinikezwa ngayo. Iyiphi-ke indima umqhubi anayo? Amazwi adamane ewasho anjengamahlamvu aluhlaza ambalwa afakwa ngobunono esixheni sezimbali. La mahlamvu awabi maningi kakhulu; kunalokho, asiza ekwenzeni isixha sime kahle nasekuhlanganiseni izimbali. Ngokufanayo, umqhubi kudingeka akhumbule ukuthi indima yakhe iwukuphelelisa amazwi okudumisa ashiwo ibandla, hhayi ukuba kuvelele yena. Yebo, lapho kuhlanganiswe ngobuciko izimpendulo eziningi ezihlukahlukene ezinikezwa ibandla namazwi ambalwa umqhubi awasho ngezikhathi ezifanele, kwakheka iqoqo elihle lamazwi ayojabulisa bonke abakhona.
“Masinikele Ngaso Sonke Isikhathi KuNkulunkulu Umhlatshelo Wokudumisa”
10. AmaKristu okuqala ayeyibheka kanjani imihlangano yebandla?
10 Indlela uPawulu achaza ngayo imihlangano yobuKristu kweyoku-1 Korinte 14:26-33 isenza siqonde ukuthi imihlangano yayiqhutshwa kanjani ekhulwini lokuqala. Lapho sikhulumela la mavesi, esinye isazi seBhayibheli sabhala: “Into eyayiphawuleka ngempela ngenkonzo yeBandla yakuqala kumelwe ukuba yayiwukuthi cishe wonke umuntu wayezizwa enelungelo futhi enesibopho sokunikela ngokuthile. Umuntu wayengezi ngenjongo yokulalela nje kuphela, wayezela nokunikela ngokuthile.” Ngempela, amaKristu okuqala ayebheka imihlangano njengethuba lokubonisa ukholo lwawo.—Roma 10:10.
11. (a) Yini enengxenye enkulu ekwenzeni imihlangano ibe eyakhayo, futhi ngani? (b) Ikuphi ukusikisela okungathuthukisa izimpendulo zethu emihlanganweni? (Bheka umbhalo waphansi.)
11 Ukuzwakalisa ukholo lwethu emihlanganweni kunomthelela omkhulu ‘ekwakheni ibandla.’ Ngokuqinisekile, uzovuma ukuthi kungakhathaliseki ukuthi sesineminyaka eminingi kangakanani siya emihlanganweni, kuhlale kuyinjabulo yangempela ukulalela izimpendulo zabafowethu nodadewethu. Siyathinteka lapho sizwa izimpendulo ezisuka enhliziyweni zesikholwa nabo asebekhulile abathembekile; siyavuseleleka lapho sizwa ukuphawula komdala okhathalelayo okubonisa ukuqonda futhi simamatheka ngokuzenzakalelayo lapho ingane inikeza impendulo esuka kuyo ebonisa uthando lwayo oluqotho ngoJehova. Ngokusobala, sonke singahlanganyela ekwenzeni imihlangano yobuKristu ibe eyakhayo ngokuphendula.b
12. (a) Singafundani esibonelweni sikaMose noJeremiya? (b) Umthandazo ufeza yiphi indima ekuphenduleni?
12 Nokho, abantu abanamahloni bangakuthola kunzima ngempela ukuphendula. Uma unale nkinga, kuyokusiza ukukhumbula ukuthi awuwedwa. Eqinisweni, ngisho nezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ezinjengoMose noJeremiya nazo zake zangazethemba ukuthi zingakwazi ukukhuluma obala. (Eks. 4:10; Jer. 1:6) Nokho, njengoba nje uJehova azisiza lezo zinceku zasendulo ukuze zimdumise obala, nawe uyokusiza ukuba unikele imihlatshelo yokudumisa. (Funda amaHebheru 13:15.) Ungaluthola kanjani usizo lukaJehova lokunqoba ukwesaba ukuphendula? Okokuqala, yilungiselele kahle imihlangano. Ngaphambi kokuya eHholo LoMbuso, yibe usuthandaza kuJehova umcele ngokuqondile ukuba akunike isibindi sokuphendula. (Fil. 4:6) Usuke ucela into evumelana ‘nentando yakhe,’ ngakho ungaqiniseka ukuthi uJehova uyowuphendula umthandazo wakho.—1 Joh. 5:14; IzAga 15:29.
Imihlangano Ehloselwe Ukuba ‘Yakhe, Ikhuthaze Futhi Iduduze’
13. (a) Imihlangano yethu kufanele ibathinte kanjani labo abakhona? (b) Imuphi umbuzo obaluleke ngokukhethekile kubadala?
13 UPawulu uthi injongo eyinhloko yemihlangano yebandla ‘iwukwakha, ukukhuthaza nokududuza’ labo abakhona.c (1 Kor. 14:3) Abadala abangamaKristu namuhla bangaqinisekisa kanjani ukuthi izinkulumo zabo emihlanganweni ziyabavuselela ngempela abafowethu nodadewethu futhi zibaduduze? Ukuze siphendule lo mbuzo, masicabange ngomhlangano owaqhutshwa uJesu ngemva nje kokuvuswa kwakhe.
14. (a) Iziphi izenzakalo ezandulela umhlangano owahlelwa uJesu? (b) Kungani kumelwe ukuba abaphostoli bazizwa bekhululekile lapho ‘uJesu esondela ekhuluma nabo’?
14 Okokuqala, cabangela izenzakalo ezandulela lowo mhlangano. Ngaphambi nje kokuba uJesu abulawe, abaphostoli “bamshiya babaleka,” futhi njengoba kwakubikezelwe, ‘bahlakazeka ngamunye waya endlini yakhe.’ (Marku 14:50; Joh. 16:32) Kwathi ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wamemela abaphostoli bakhe ababedangele emhlanganweni okhethekile.d Besabela kuleso simemo, “abafundi abayishumi nanye baya eGalile entabeni lapho uJesu ayebahlelele khona.” Lapho befika, “uJesu wasondela wakhuluma nabo.” (Math. 28:10, 16, 18) Cabanga nje ukuthi kumelwe ukuba abaphostoli bazizwa bekhululeke kanjani lapho uJesu ethatha leso sinyathelo kuqala! Yini uJesu ayixoxa nabo?
15. (a) Iziphi izinto uJesu axoxa ngazo, kodwa yini angakhulumanga ngayo? (b) Umhlangano wabathinta kanjani abaphostoli?
15 UJesu waqala ngokwenza lesi simemezelo: “Nginikwe lonke igunya.” Wabe esebanikeza isabelo: “Ngakho-ke hambani niyokwenza . . . abafundi.” Ekugcineni wabaqinisekisa ngothando: “Nginani izinsuku zonke.” (Math. 28:18-20) Ukuphawulile yini ukuthi ikuphi uJesu angakwenzanga? Akazange abathethise abaphostoli noma asebenzise lowo mhlangano ukuze angabaze izisusa zabo noma ukuze abenze bazizwe benecala ngokubakhumbuza ubuthaka babo besikhashana okholweni. Kunalokho, uJesu wabaqinisekisa ngothando lwakhe nolukaYise ngokubanikeza isabelo esikhulu. Indlela uJesu enza ngayo yabathinta kanjani abaphostoli? Bakheka, bakhuthazeka futhi baduduzeka kakhulu kangangokuthi ngemva kwalowo mhlangano babuye ‘bafundisa futhi bamemezela izindaba ezinhle.’—IzE. 5:42.
16. Abadala ebandleni namuhla basilingisa kanjani isibonelo sikaJesu lapho beqhuba imihlangano eqabulayo?
16 Belingisa uJesu, abadala namuhla babheka imihlangano njengamathuba okuqinisekisa abakholwa nabo ngothando olungapheli uJehova analo ngabantu bakhe. (Roma 8:38, 39) Yingakho, lapho benikeza izinkulumo, abadala bagxila kulokho abafowabo abenza kahle kukho hhayi ebuthakathakeni babo. Abazingabazi izisusa zabafowabo. Kunalokho amazwi abo abonisa ukuthi babheka abafowabo njengabantu abathanda uJehova futhi abafuna ukwenza okulungile. (1 Thes. 4:1, 9-12) Yiqiniso, ngezinye izikhathi abadala kuye kudingeke ukuba banikeze iseluleko ebandleni lilonke ukuze kulungiswe okuthile, kodwa uma kungabantu abambalwa kuphela abadinga ukulungiswa, ngokuvamile kuhle ukuba leso seluleko sinikezwe labo abahilelekile ngasese. (Gal. 6:1; 2 Thim. 2:24-26) Lapho bekhuluma nalo lonke ibandla, abadala balwela ukuncoma noma nini lapho kufaneleka. (Isaya 32:2) Balwela ukukhuluma ngendlela eyokwenza ukuba ngemva komhlangano bonke abakhona bazizwe beqabulekile futhi bevuselelekile.—Math. 11:28; IzE. 15:32.
Indawo Ephephile
17. (a) Kungani kubaluleke kunanini ngaphambili ukuba imihlangano yethu ibe indawo ephephile? (b) Yini wena ongayenza ukuze wenze imihlangano ibe eyakhayo? (Bheka ibhokisi elithi “Izindlela Eziyishumi Zokwenza Imihlangano Ibe Eyakhayo Kuwe Nakwabanye.”)
17 Njengoba izwe likaSathane liya licindezela ngokwengeziwe, kudingeka siqinisekise ukuthi imibuthano yethu yobuKristu iyindawo ephephile—umthombo wenduduzo kubo bonke. (1 Thes. 5:11) Udade owabhekana nesikhathi esinzima kakhulu eminyakeni ethile edlule benomyeni wakhe, uyakhumbula: “Lapho siseHholo LoMbuso sasizizwa sengathi sisezandleni zikaJehova ezisikhathalelayo. Amahora esasiwachitha lapho, sizungezwe abafowethu nodadewethu, ayesenza sizizwe sikwazi ukuphonsa umthwalo wethu kuJehova futhi sasiba nokuthula kwangaphakathi.” (IHu. 55:22) Kwangathi bonke ababa khona emihlanganweni yethu nabo bangazizwa bekhuthazekile futhi beduduzekile. Ukuze siqiniseke ukuthi lokhu kuyenzeka, masiqhubeke senza ingxenye yethu ekwenzeni imihlangano yobuKristu ibe eyakhayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Kwabikezelwa ukuthi izici ezithile zemihlangano yamaKristu ekhulu lokuqala zaziyokhawuka. Ngokwesibonelo, ‘asisakhulumi ngezilimi’ noma ‘siprofethe.’ (1 Kor. 13:8; 14:5) Noma kunjalo, iziqondiso zikaPawulu zisenza siqonde indlela imihlangano yobuKristu okufanele iqhutshwe ngayo namuhla.
b Ukuze uthole ukusikisela kokuthi ungazithuthukisa kanjani izimpendulo zakho emihlanganweni, bheka INqabayokulinda ka-September 1, 2003, amakhasi 19-22.
c Ngokuphathelene nomahluko okhona egameni elithi “khuthaza” nelithi “duduza,” i-Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words ichaza ukuthi igama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “duduza” “linesilinganiso sothando ngaphezu kwelithi [khuthaza].”—Qhathanisa noJohane 11:19.
d Kungenzeka ukuthi yilesi senzakalo uPawulu abhekisela kuso kamuva lapho ethi uJesu ‘wabonakala kwabangaphezu kwamakhulu amahlanu.’—1 Kor. 15:6.
Ungaphendula Kanjani?
• Ibaluleke kangakanani imihlangano yobuKristu?
• Kungani izimpendulo ezinikezwa emihlanganweni zenezela ‘ekwakhiweni kwebandla’?
• Singafundani emhlanganweni uJesu aba nawo nabalandeli bakhe?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 22, 23]
IZINDLELA EZIYISHUMI ZOKWENZA IMIHLANGANO IBE EYAKHAYO KUWE NAKWABANYE
Lungiselela kusengaphambili. Lapho uyitadishe kusengaphambili indaba okuzoxoxwa ngayo eHholo LoMbuso, imihlangano iyokuthakazelisa futhi ikuthinte ngokujule ngokwengeziwe.
Yiba khona njalo. Ngenxa yokuthi wonke umuntu uyakhuthazeka lapho sibaningi, ukuba khona kwakho kuyawenza umahluko.
Fika ngesikhathi. Uma isimiso siqala usuhlezi, uyokwazi ukuhlanganyela engomeni nasemthandazweni wokuvula, okuyingxenye yokukhulekela kwethu uJehova.
Fika uwuhlomele kahle. Phatha iBhayibheli kanye nezincwadi zakho ezizosetshenziswa emhlanganweni ukuze ukwazi ukulandela futhi uwuthole kahle umqondo walokho okuzobe kudingidwa.
Gwema iziphazamiso. Ngokwesibonelo, ungayifundi imiyalezo kamakhalekhukhwini phakathi nemihlangano, yifunde kamuva. Ngaleyo ndlela, uyobe ugcina izindaba zomuntu siqu zisendaweni yazo.
Phendula. Lapho bebaningi abaphendulayo, baningi abakhuthazekayo nabakhekayo ngalawo mazwi ahlukahlukene abonisa ukholo.
Nikeza izimpendulo ezimfushane. Lokhu kunikeza abaningi ngangokunokwenzeka ithuba lokuphendula.
Feza izabelo zakho. Njengabafundi eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini noma abanengxenye eMhlanganweni Wenkonzo, masilungiselele kahle, siprakthize kusengaphambili futhi sizame kanzima ukuba singazihoxisi izabelo zethu.
Ncoma abebenezingxenye. Tshela labo abebenengxenye emhlanganweni noma abaphendulile ukuthi uyakwazisa ukuzikhandla kwabo.
Jabulela ubudlelwane. Ukubingelela ngomusa nezingxoxo ezakhayo ngaphambi noma ngemva kwemihlangano kunezela enjabulweni nasezinzuzweni ezitholwa yilabo abakhona.