UJehova Uyamkhulula Ohluphekayo
“Ziningi izinhlekelele zolungileyo, kodwa uJehova uyamkhulula kuzo zonke.”—IHUBO 34:19.
1, 2. Iyiphi inkinga omunye umKristu othembekile abhekana nayo, futhi kungani singase sibe nemizwa efanayo?
INTOKAZI okuthiwa uKeikoa isineminyaka engaphezu kuka-20 inguFakazi kaJehova. Yake yaba iphayona elivamile, noma ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele. Yayilazisa kakhulu lelo lungelo. Nokho, muva nje uKeiko ubegajwe imizwa yokuphelelwa ithemba nesizungu. Uthi: “Bengihlale ngikhala nje.” Ukuze alwe nokucabanga kwakhe okungalungile, uKeiko uzinike isikhathi esengeziwe sokwenza isifundo somuntu siqu. Uthi: “Noma kunjalo, angikwazanga ukusishintsha isimo sami. Kuze kwafika ezingeni lapho sengifuna ukufa.”
2 Ingabe nawe wake washikashikana nemizwa enjalo yokuphelelwa ithemba? Njengomunye woFakazi BakaJehova, unezizathu eziningi zokujabula ngoba ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu “kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.” (1 Thimothewu 4:8) Sikhuluma nje usepharadesi elingokomoya! Nokho, ingabe lokho kusho ukuthi uvikeleke kukho konke ukuhlupheka? Lutho neze! IBhayibheli lithi: “Ziningi izinhlekelele zolungileyo.” (IHubo 34:19) Akumangalisi lokhu, ngoba “lonke izwe lisemandleni omubi,” uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) Ngezinga elithile, sonke sibhekana nemiphumela yalelo qiniso.—Efesu 6:12.
Imiphumela Yokuhlupheka
3. Nikeza izibonelo eziseBhayibhelini zezinceku zikaNkulunkulu ezacindezeleka kakhulu.
3 Ukucindezeleka okuqhubekayo kungasenza sibe nombono ophambene ngokuphila. (IzAga 15:15) Cabanga ngoJobe, indoda eqotho. Lapho esosizini olukhulu, uJobe wathi: “Umuntu, ozalwa owesifazane, uphila isikhashana futhi ugcwele ukuyaluza.” (Jobe 14:1) UJobe wayesephelelwe injabulo. Wake wacabanga ngisho nokuthi uJehova umlahlile. (Jobe 29:1-5) UJobe akayona ukuphela kwenceku kaNkulunkulu eyabhekana nobuhlungu obukhulu obungokomzwelo. IBhayibheli lisitshela ukuthi uHana “wayemunyu emphefumulweni” ngenxa yokungatholi bantwana. (1 Samuweli 1:9-11) Ekhathazwa inkinga yomkhaya, uRebheka wathi: “Ngiyakwenyanya lokhu kuphila kwami.” (Genesise 27:46) Lapho ecabanga ngamaphutha akhe, uDavide wathi: “Usuku lonke ngihambahambé ngidabukile.” (IHubo 38:6) Lezi zibonelo ezimbalwa zenza kucace ukuthi amadoda nabesifazane abesaba uNkulunkulu ezikhathini zangaphambi kobuKristu babecindezeleka kakhulu ngezinye izikhathi.
4. Kungani kungamangalisi ukuthi kukhona ‘imiphefumulo ecindezelekile’ phakathi kwamaKristu namuhla?
4 Kuthiwani ngamaKristu? Umphostoli uPawulu wabona isidingo sokutshela abaseThesalonika ukuba ‘bakhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile.’ (1 Thesalonika 5:14) Enye incwadi ithi igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘imiphefumulo ecindezelekile’ lingabhekisela kulabo “abakhungethwe okwesikhashana izingcindezi zokuphila.” Amazwi kaPawulu abonisa ukuthi abathile abagcotshwe ngomoya kulelo bandla laseThesalonika babedangele. Naphakathi kwamaKristu anamuhla ikhona imiphefumulo ecindezelekile. Kodwa kungani idangele? Ake sixoxe ngezimbangela ezintathu ezivamile.
Ukungapheleli Kwethu Kungasenza Sicindezeleke
5, 6. AmaRoma 7:22-25 anganikeza yiphi induduzo?
5 Ngokungafani nabantu abonakele ‘abangasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha,’ amaKristu eqiniso ayakhathazeka ngokuthi anesono. (Efesu 4:19) Angase azizwe njengoPawulu, owabhala: “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.” Waqhubeka ebalisa: “Yeka mina muntu wosizi!”—Roma 7:22-24.
6 Wake wazizwa yini njengoPawulu? Akuyona into embi ukukuqaphela ngokujulile ukungapheleli kwakho, ngoba lokho kungagcizelela kuwe ukuthi isono sibi kangakanani futhi kungakwenza uzimisele kakhulu ukugwema ububi. Kodwa akudingeki uhlale ulusizi ngenxa yokushiyeka kwakho. Ngemva kwamazwi akhe osizi esisanda kuwacaphuna, uPawulu wanezela: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu!” (Roma 7:25) Yebo, uPawulu wayeqiniseka ukuthi igazi likaJesu elachitheka lingamhlenga esonweni asizuza ngefa.—Roma 5:18.
7. Yini engasiza umuntu ukuba angacindezeleki ngenxa yokuthambekela kwakhe esonweni?
7 Uma umuzwa wokuba nesono ukugabha, thola induduzo emazwini omphostoli uJohane, owabhala: “Uma-ke umuntu enza isono, sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungileyo. Ungumhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu, nokho kungezona ezethu kuphela kodwa nezalo lonke izwe.” (1 Johane 2:1, 2) Uma ucindezelekile ngenxa yokuthambekela kwakho esonweni, khumbula njalo ukuthi uJesu wafela izoni, hhayi abantu abaphelele. Empeleni, “bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.”—Roma 3:23.
8, 9. Kungani kufanele siyenqabe imicabango yokuthi asinakuthethelelwa?
8 Nokho, ake sithi esikhathini esidlule wenza isono esingathí sina. Ngokungangabazeki uye wathandaza kuJehova ngale ndaba, mhlawumbe kaningi. Uye wathola usizo olungokomoya kubadala abangamaKristu. (Jakobe 5:14, 15) Waphenduka ngempela futhi ngenxa yalokho waqhubeka uyingxenye yebandla. Noma mhlawumbe wayishiya inhlangano kaNkulunkulu isikhathi esithile, kodwa kamuva waphenduka waphinde waba nokuma okuhle. Kunoma ikuphi, ungase ukhumbule isono sakho futhi ube lusizi. Uma kwenzeka lokho, khumbula ukuthi uJehova ubathethelela “ngendlela enkulu” abantu abaphenduke ngempela. (Isaya 55:7) Ngaphezu kwalokho, akafuni ukuba uzizwe ulahliwe futhi ungenathemba. Lokho kungafeza intando kaSathane. (2 Korinte 2:7, 10, 11) UDeveli uzobhujiswa ngoba kumfanele lokho, kodwa ufuna ukuba nawe uzizwe ufanelwe isahlulelo esifanayo. (IsAmbulo 20:10) Ungamvumeli uSathane aphumelele kuleli cebo lokonakalisa ukholo lwakho. (Efesu 6:11) Kunalokho, ‘melana naye’ kulesi sici, njengoba nje wenza nakwezinye.—1 Petru 5:9.
9 KusAmbulo 12:10, uSathane ubizwa ngokuthi “ummangaleli wabafowethu”—amaKristu agcotshiwe. ‘Ubamangalela imini nobusuku’ phambi kukaNkulunkulu. Ukucabanga ngalelo vesi kungase kukusize ukuba ubone ukuthi uSathane, omangalela abanye ngamanga, angajabula uma ungase uzigxeke uze ucabange ukuthi awunakuthethelelwa, uJehova yena engakubheki kanjalo. (1 Johane 3:19-22) Ngakho, ungavumi ukukhathazwa ukushiyeka kwakho uze ufise sengathi ungayeka phansi. Ungamvumeli uSathane onakalise ubuhlobo bakho noNkulunkulu. Ungalokothi uvumele uDeveli akuphuphuthekise ungaboni ukuthi uJehova ‘unesihe nomusa, wephuza ukuthukuthela futhi uchichima umusa wothando.’—Eksodusi 34:6.
Ukulinganiselwa Kwethu Kungasidikibalisa
10. Ukulinganiselwa kwethu kungasidikibalisa ngaziphi izindlela?
10 Amanye amaKristu adikibaliswa indlela ukulinganiselwa kwawo okuthonya ngayo inkonzo yawo kuNkulunkulu. Kunjalo yini nangawe? Kungenzeka ukuthi ukugula okungathí sina, ukukhula ngeminyaka, noma ezinye izimo zikwenza ungakwazi ukuchitha isikhathi esingangaleso owawusichitha ngaphambili enkonzweni. Yiqiniso, amaKristu akhuthazwa ukuba athengisise isikhathi senkonzo kaNkulunkulu. (Efesu 5:15, 16) Kodwa kuthiwani uma, ngenxa yokulinganiselwa kwangempela, uhluleka ukwenza okwengeziwe enkonzweni futhi lokhu kukudikibalisa?
11. Iseluleko sikaPawulu esikweyabaseGalathiya 6:4 singasizuzisa kanjani?
11 IBhayibheli lisikhuthaza ukuba singabi abavilaphayo, kunalokho sibe “abalingisi balabo okuthi ngokholo nangokubekezela bazuze izithembiso njengefa.” (Hebheru 6:12) Lokhu singakwenza kuphela uma sihlola isibonelo sabo esihle futhi sizame ukulingisa ukholo lwabo. Nokho, ngeke sizuze uma siziqhathanisa nabanye kabi bese siphetha ngokuthi ayikho into esiyenzayo eba sezingeni elifanele. Ngakho-ke, kuhle sisebenzise iseluleko sikaPawulu: “Yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.”—Galathiya 6:4.
12. Kungani singethaba ngenkonzo yethu kuJehova?
12 AmaKristu anesizathu esihle sokwethaba, ngisho nalapho enqindwa izinkinga ezinkulu zempilo. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” (Hebheru 6:10) Kungenzeka ukuthi izimo ongenakuzilawula zikwenze kwaba nzima kuwe ukuqhubeka umatasa njengakuqala enkonzweni. Nokho, ngosizo lukaJehova ungase ukwazi ukuhlanganyela ngokwengeziwe ezicini ezithile zenkonzo yobuKristu, njengokushumayela ngocingo nokubhala izincwadi. Ungaqiniseka ukuthi uJehova uNkulunkulu uyokubusisa ngenxa yenkonzo yakho yomphefumulo wonke nothando ombonisa lona yena nabanye abantu.—Mathewu 22:36-40.
“Izikhathi Ezibucayi” Zingasithena Amandla
13, 14. (a) Lezi “zikhathi ezibucayi” zingakubangela kanjani ukuhlupheka? (b) Ukuntuleka kothando kubonakala kanjani namuhla?
13 Nakuba sibheke phambili ekuphileni ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga, manje siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Kuyasiduduza ukwazi ukuthi izenzakalo ezicindezelayo zisho ukuthi kuseduze ukukhululwa kwethu. Nokho, izimo ezisizungezile ziyasithinta. Ngokwesibonelo, kuthiwani uma uswele umsebenzi? Mhlawumbe imisebenzi iyindlala, futhi njengoba isikhathi sihamba uyazibuza ukuthi kazi uJehova uyalubona yini usizi lwakho noma uyayizwa yini imithandazo yakho. Noma, mhlawumbe uye wahlukunyezwa ubandlululo noma okunye ukungabi nabulungisa. Ukubuka izihloko zamaphephandaba nje kukodwa kungakwenza uzizwe njengendoda elungileyo enguLoti, ‘eyayicindezeleke kakhulu’ (‘eyayitheneke amandla,’ Young’s Literal Translation of the Holy Bible) ngenxa yokuziphatha okuxekethile kwabantu ababephila ngaleso sikhathi.—2 Petru 2:7.
14 Kukhona isici sezinsuku zokugcina esingenakusishalazela. IBhayibheli labikezela ukuthi abaningi babeyoba “abangenaluthando.” (2 Thimothewu 3:3) Emikhayeni eminingi uthando luntuleka kakhulu. Empeleni, incwadi ethi Family Violence ithi: “Ubufakazi busikisela ukuthi maningi kakhulu amathuba okuba abantu babulawe, bahlaselwe, noma bahlukunyezwe ngokomzwelo noma ngokobulili yilungu lomndeni kunanoma ubani omunye. Kwabanye abantu abadala nezingane, indawo umuntu okufanele athandwe futhi azizwe ephephile kuyo iyona ndawo eyingozi kunazo zonke.” Labo abakhulele ekhaya elinesimo esingesihle, kamuva ekuphileni bangase bahlaselwe iziqubu zokukhathazeka nokuphelelwa ithemba. Kuthiwani uma ukuleso simo?
15. Uthando lukaJehova luludlula kanjani olwanoma imuphi umuntu?
15 Umhubi uDavide wahlabelela: “Noma kungenzeka ubaba nomama bangishiye, yebo uJehova yena ubeyongamukela.” (IHubo 27:10) Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi uthando lukaJehova ludlula olwanoma imuphi umzali ongumuntu! Nakuba ukungafunwa, ukuhlukunyezwa, noma ukulahlwa umzali kungase kube buhlungu kakhulu, akuyithonyi nakancane indlela uJehova akukhathalela ngayo. (Roma 8:38, 39) Khumbula ukuthi uNkulunkulu udonsa abantu ngoba ebathanda. (Johane 3:16; 6:44) Kungakhathaliseki ukuthi abantu baye bakuphatha kanjani, uYihlo osezulwini uyakuthanda!
Izinyathelo Ezingokoqobo Zokudambisa Ukudangala
16, 17. Lapho umuntu edangele, yini angayenza ukuze ahlale eqinile ngokomoya?
16 Ungathatha izinyathelo ezingokoqobo zokubhekana nokudangala. Ngokwesibonelo, hlanganyela njalo emisebenzini yobuKristu. Zindla ngeZwi likaNkulunkulu, ikakhulu lapho ukudikibala kuzwakala kungaphezu kwamandla. Umhubi wahlabelela: “Lapho ngithi: ‘Ngokuqinisekile unyawo lwami luzohamba ngokuntenga,’ Jehova, umusa wakho wothando wawulokhu ungisekela. Lapho imicabango yami engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi, induduzo yakho yaqala ukuwotawota umphefumulo wami.” (IHubo 94:18, 19) Ukufunda iBhayibheli njalo kuyokusiza ugcwalise ingqondo yakho ngamazwi aduduzayo nemicabango eyakhayo.
17 Umthandazo nawo ubaluleke kakhulu. Ngisho noma uhluleka ukuyiveza kahle ngamazwi imizwa yakho ejulile, uJehova uyazi ukuthi ufuna ukuthini. (Roma 8:26, 27) Umhubi wanikeza lesi siqinisekiso: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.”—IHubo 55:22.
18. Iziphi izinyathelo ezingokoqobo umuntu ocindezelekile angazithatha?
18 Abanye bafikelwa ukuphelelwa ithemba ngenxa yesifo sokucindezeleka.b Uma kunjalo nangawe, zama ukugxilisa ingqondo ezweni elisha likaNkulunkulu nasesikhathini lapho eyobe ‘engekho ohlala khona oyothi: “Ngiyagula.”’ (Isaya 33:24) Uma imizwa yakho yokuphelelwa ithemba ibonakala ingekhona nje ukudangala kwesikhashana, kungase kube ukuhlakanipha ukufuna usizo lwabezokwelapha. (Mathewu 9:12) Kubalulekile nokuzinakekela kahle. Ukudla ukudla okunempilo nokuvivinya umzimba kungase kusize. Qiniseka ukuthi uyakuthola ukuphumula okudingayo. Ungalali ebusuku kakhulu ubuka ithelevishini, futhi gwema ukuzilibazisa okuyokushiya ucobekile emzimbeni nangokomzwelo. Ngaphezu kwakho konke, qhubeka wenza imisebenzi yokwesaba uNkulunkulu! Nakuba kungakabi isikhathi sokuba uJehova ‘asule zonke izinyembezi,’ uzokusiza ukuba ukhuthazele.—IsAmbulo 21:4; 1 Korinte 10:13.
Ukuba “Ngaphansi Kwesandla SikaNkulunkulu Esinamandla”
19. Yini uJehova ayithembisa labo abahluphekayo?
19 IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi nakuba izinhlekelele zolungileyo ziziningi, “uJehova uyamkhulula kuzo zonke.” (IHubo 34:19) UNkulunkulu ukwenza kanjani lokhu? Lapho umphostoli uPawulu ethandaza ngokuphindaphindiwe ecela ukophulwa ‘eveni elalisenyameni’ yakhe, uJehova wathi kuye: “Amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” (2 Korinte 12:7-9) Yini uJehova ayithembisa uPawulu, futhi yini akuthembisa yona wena? Akathembisi ikhambi lamanje, kodwa uthembisa amandla okukhuthazela.
20. Naphezu kwezinhlupheko zethu, yini esiqinisekiswa ngayo kweyoku-1 Petru 5:6, 7?
20 Umphostoli uPetru wabhala: “Zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele; kuyilapho niphonsa zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.” (1 Petru 5:6, 7) Ngenxa yokuthi uJehova uyakukhathalela, ngeke akushiye dengwane. Uyokusekela ezinhluphekweni obhekana nazo. Khumbula ukuthi amaKristu athembekile ‘angaphansi kwesandla esinamandla sikaNkulunkulu.’ Njengoba sikhonza uJehova, usinika amandla okukhuthazela. Uma sithembekile kuye, akukho lutho olungasilimaza unomphela ngokomoya. Ngakho-ke, kwangathi singalondoloza ubuqotho kuJehova ukuze sijabulele ukuphila okuphakade ezweni lakhe elisha elithenjisiwe, sibone lapho ngempela esemkhulule phakade ohluphekayo!
[Imibhalo yaphansi]
a Igama lishintshiwe.
b Isifo sokucindezeleka singaphezu kokudikibala nje. Yisifo esaziwayo kwabezokwelapha esenza umuntu abe lusizi kakhulu isikhathi esiqhubekayo. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-October 15, 1988, amakhasi 25-9; eka-November 15, 1988, amakhasi 21-4; neka-September 1, 1996, amakhasi 30-1.
Uyakhumbula?
• Kungani ngisho nezinceku zikaJehova zihlupheka?
• Iziphi ezinye zezici ezingenza abanye babantu bakaNkulunkulu badangale?
• UJehova usisiza kanjani ukuba sibhekane nezinto ezisikhathazayo?
• Kungayiphi indlela ‘singaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla’?
[Izithombe ekhasini 25]
Naphezu kwezinhlupheko, abantu bakaJehova banesizathu sokwethaba
[Isithombe ekhasini 28]
Ukushumayela ngocingo kungenye yezindlela zokunikela kuJehova ngokungcono kakhulu esinakho