Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 7/15 kk. 29-31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Phishekela “Ubungcwele Ngokwesaba UNkulunkulu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Kunini Lapho Kuwukweqisa Khona?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Kunini Lapho “Kuwukweqisa” Khona?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 7/15 kk. 29-31

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe umuntu angasuswa ebandleni lobuKristu ngenxa yokwenza ukungcola njengoba engase asuswe ngenxa yobufebe noma ukuziphatha okuxekethile?

Yebo, umuntu angaxoshwa ebandleni uma engaphenduki ekwenzeni ubufebe, izinhlobo ezithile zokungcola, noma ukuziphatha okuxekethile. Zontathu lezi zono umphostoli uPawulu uzibala kanye namacala umuntu angasuselwa wona ekuhlanganyeleni lapho ebhala: “Imisebenzi yenyama iyabonakala, futhi iwubufebe, ukungcola, ukuziphatha okubi [okuxekethile] . . . Nginixwayisa kusengaphambili . . . ukuthi labo abenza izinto ezinjalo ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.”—Galathiya 5:19-21.

Elithi ubufebe (ngesiGreki, por·neiʹa) lisebenza ebuhlotsheni bobulili obungemthetho ngaphandle komshado ongokomBhalo. Lihlanganisa ukuphinga, ukuthengisa ngomzimba, ubuhlobo bobulili phakathi kwabantu abangashadile kanye nobulili obuhilela umlomo nendunu nokuwotawota izitho zangasese zomuntu ongashadile naye. Umuntu owenza ubufebe angaphenduki akufanele abe sebandleni lobuKristu.

Inkulumo ethi ukuziphatha okuxekethile (ngesiGreki, a·selʹgei·a) isho “ukuntula ukuzikhuza; ukubuswa inkanuko; ukuziphatha okuyihlazo; ukuziphatha okubonisa ukukhanukela ubulili.” I-New Thayer’s Greek-English Lexicon ichaza leli gama lesiGreki ngokuthi “inkanuko engalawuleki, . . . ichilo, ukungabi namahloni, ukuphikelela ngenkani.” Ngokwesinye isichazamazwi, ukuziphatha okuxekethile kuwukuziphatha “okwephula yonke imingcele yalokho okwamukelekayo emphakathini.”

Njengoba izincazelo ezandulele zibonisa, “ukuziphatha okuxekethile” kunezici ezimbili: (1) Ukuziphatha kukodwa kuwukwephulwa okukhulu kwemithetho kaNkulunkulu, futhi (2) isimo sengqondo somenzi wobubi esokungahloniphi, esokweyisa.

Ngakho, “ukuziphatha okuxekethile” akubhekiseli ekuziphatheni okungathandeki kodwa kube kuwubala. Kuhlanganisa izenzo eziwukwephulwa okukhulu kwemithetho kaNkulunkulu futhi ezibonisa isimo sengqondo sokweyisa noma ukuba nenkani—isimo sengqondo esibonisa ukungahloniphi noma ngisho nokwedelela igunya, imithetho nezindinganiso. UPawulu uhlanganisa ukuziphatha okuxekethile nobuhlobo bobulili obungemthetho. (Roma 13:13, 14) Njengoba incwadi yabaseGalathiya 5:19-21 ikufaka phakathi kwezono ezingenza ukuba umuntu angalidli ifa loMbuso kaNkulunkulu, ukuziphatha okuxekethile kungenza umuntu asolwe noma kungenzeka asuswe ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu.

Elithi ukungcola (ngesiGreki, a·ka·thar·siʹa) linencazelo ebanzi kunawo wonke la magama amathathu athi “ubufebe,” “ukungcola,” ‘nokuziphatha okuxekethile.’ Lihlanganisa ukungahlanzeki kwanoma iluphi uhlobo—ezindabeni zobuhlobo bobulili, enkulumweni, ezenzweni nasebuhlotsheni obungokomoya. Elithi “ukungcola” lihlanganisa izono ezihlukahlukene kakhulu ezingathí sina.

Njengoba kulotshwe kweyesi-2 Korinte 12:21, uPawulu ubhekisela kulabo “abona ngaphambili kodwa abangaphendukanga ekungcoleni kwabo nasebufebeni nasekuziphatheni okubi abaye bakwenza.” Njengoba “ukungcola” kufakwe ‘nobufebe kanye nokuziphatha okuxekethile,’ izinhlobo ezithile zokungcola zingenza kufaneleke ukuba kuthathwe isinyathelo sokwahlulela. Kodwa elithi ukungcola yigama elinomqondo obanzi ohlanganisa nezinto okungeke kudingeke ukuba kuthathwe isinyathelo sokwahlulela ngazo. Ukungcola kunamazinga ahlukene, njengoba nje indlu ingase ingcole ngezinga elithile noma ingcole ngokwedlulele.

Ngokweyabase-Efesu 4:19, uPawulu wathi abantu abathile ‘babengasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle futhi bazinikela ekuziphatheni okubi ukuze benze zonke izinhlobo zokungcola ngokuhaha.’ Ngakho uPawulu ufaka ‘ukungcola okwenziwa ngokuhaha’ ohlwini olufanayo nokuziphatha okuxekethile. Uma umKristu obhapathiziwe enza ‘ukungcola ngokuhaha’ futhi engaphenduki angaxoshwa ebandleni ngesizathu sokungcola okwedlulele.

Ake sithi umbhangqwana othembisene uhileleka ekuphululaneni okukhulu okuvusa inkanuko izikhathi eziningana. Abadala bangase banqume ukuthi ngisho noma lo mbhangqwana ungazange ubonise isimo sengqondo sokweyisa esibonisa ukuziphatha okuxekethile, kwakunezinga elithile lokuhaha ekuziphatheni kwawo. Ngakho, abadala bangase bathathe isinyathelo sokwahlulela ngoba kwakuhileleke ukungcola okwedlulele. Ukungcola okwedlulele kungaba nayisizathu esifanele sokusingatha udaba lokwahlulela lomuntu oshaya ucingo ngokuphindaphindiwe ukuze axoxe ingcaca ngobulili nomunye umuntu, ikakhulu uma eye walulekwa ngaphambili ngaleyo ndaba.

Abadala kudingeka basebenzise ukuqonda uma bahlulela amacala anjengalawa. Ukuze banqume ukuthi isinyathelo sokwahlulela siyadingeka yini, kumelwe babheke ngokucophelela ukuthi yini eyenzeka nezinga okwenzeka ngalo. Akuyona indaba yokuthi noma ubani ongasamukeli iseluleko esingokomBhalo unecala lokuziphatha okuxekethile; futhi akunakunqunywa ngokubala izikhathi umuntu angenza ngazo isono esithile ngaphambi kokuba kudingeke isinyathelo sokwahlulela. Abadala kufanele babheke isimo ngasinye ngokucophelela nangomkhuleko futhi bathole okwenzeka ngempela nokuthi kwenzeka kangaki, uhlobo nezinga lokuziphatha okubi, nenhloso nesisusa somenzi wobubi.

Ukungcola okwedlulele akuhileli nje izono ezihlangene nobulili. Ngokwesibonelo, umfana obhapathiziwe angase abheme osikilidi abambalwa ngesikhathi esifushane futhi akuvume lokhu kubazali bakhe. Uzimisele ukuba angaphinde abheme. Lokhu kuwukungcola, kodwa akukafiki ezingeni lokuba ukungcola okwedlulele noma ‘ukungcola okwenziwa ngokuhaha.’ Iseluleko esingokomBhalo esivela kumdala oyedwa noma ababili kanye nokusekela kwabazali bomfana kungaba okwanele. Kodwa uma lo mfana ebhema njalo, lokhu kungase kube ukungcolisa inyama ngamabomu, futhi kungamiswa ikomiti yokwahlulela ukuze idingide leli cala lokungcola okwedlulele. (2 Korinte 7:1) Uma lo mfana engaphenduki, uyosuswa ekuhlanganyeleni.

Amanye amaKristu aye abuka izithombe ezingcolile zobulili. Lokhu kuyamcasula uNkulunkulu, futhi abadala bangethuka lapho bezwa ukuthi umKristu okanye nabo wenze lokhu. Kodwa akukhona konke ukubuka izithombe ezingcolile zobulili okudinga umuntu ukuba avele phambi kwekomiti yokwahlulela. Ngokwesibonelo, ake sithi umzalwane wabuka lokho okuthiwa izithombe zobulili ezingeqisi (soft-core) izikhathi eziningana. Uzizwa enamahloni kakhulu, uyavuma kumdala futhi uzimisele ukuba angasiphindi lesi sono. Umdala angase aphethe ngokuthi ukuziphatha kwalo mzalwane akuzange kufike ezingeni lokuba kube ‘ukungcola okwenziwa ngokuhaha’; futhi akazange abonise isimo sengqondo sokweyisa, esibonisa ukuziphatha okuxekethile. Nakuba kungeke kuthathwe isinyathelo sokwahlulela, umuntu owenza lolu hlobo lokungcola kungadingeka athole iseluleko esingokomBhalo esiqinile futhi mhlawumbe abadala balandelele ukuze bamsize.

Nokho, ake sithi sekuyiminyaka eminingi umKristu elokhu ebukela ngasese izithombe ezinyanyekayo zamahlazo obulili (hard-core) futhi uye wenza konke angakwenza ukuze asifihle lesi sono. Lezo zithombe zobulili ezingcolile zingahilela ukudlwengulwa komuntu yiqembu, ukuboshwa ngesikhathi kwenziwa ubulili, ukuhlukumeza ngenjongo yokuzanelisa ngokobulili, ukuphatha abesifazane ngonya ngisho nezithombe ezingcolile zobulili nezingane. Lapho abanye bezwa ngalokhu kuziphatha, uba namahloni kakhulu. Akazange abonise ukweyisa, kodwa abadala bangase banqume ukuthi ‘usezinikele’ kulo mkhuba ongcolile futhi uye wenza ‘ukungcola ngokuhaha,’ okusho ukungcola okwedlulele. Kuyomiswa ikomiti yokwahlulela ngoba kuhileleke ukungcola okwedlulele. Umenzi wobubi uyosuswa ekuhlanganyeleni uma engabonisi ukuphenduka kokuhlonipha uNkulunkulu nokuzimisela ukuba angaphinde abuke izithombe ezingcolile zobulili. Uma amemela abanye ekhaya lakhe ukuze bazobuka izithombe ezingcolile zobulili—ngokwenza kanjalo, ezikhuthaza—lokhu kuyonikeza ubufakazi besimo sengqondo sokweyisa esibonisa ukuziphatha okuxekethile.

Njalo inkulumo engokomBhalo ethi “ukuziphatha okuxekethile” ihilela isono esingathí sina, ngokuvamile isono esingokobulili. Lapho bezama ukuthola ukuthi isono siwukuziphatha okuxekethile yini, abadala kufanele babheke ukweyisa, ukubuswa yinkanuko, ukungcola, ukungabi namahloni nalokho okushaqisayo ngokwezindinganiso ezifanele emphakathini. Ngakolunye uhlangothi, ukwephulwa okungathí sina kwemithetho kaJehova okwenziwa umuntu ongabonisi isimo sengqondo sokweyisa kungase kuhilele “ukuhaha.” Lezi zono kudingeka zisingathwe njengezihilela ukungcola okwedlulele.

Ukunquma ukuthi umuntu unecala lokungcola okwedlulele noma ukuziphatha okuxekethile yini noma cha kuwumthwalo wemfanelo ongathí sina, ngoba kuhileleke ukuphila kwabantu. Labo abahlulela emacaleni anjalo kufanele bathandaze, bacele kuNkulunkulu umoya wakhe ongcwele nokuqonda. Abadala kudingeka balondoloze ukuhlanzeka kwebandla futhi kumelwe basekele ukwahlulela kwabo eZwini likaNkulunkulu nasesiqondisweni ‘senceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 18:18; 24:45) Kulezi zinsuku ezimbi abadala kudingeka bawakhumbule kunanini ngaphambili la mazwi: “Qikelelani kwenikwenzayo, ngoba anahluleleli umuntu kodwa uJehova.”—2 IziKronike 19:6.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela