Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 9/1 kk. 6-7
  • Ukukhulekela Okukuzuzisayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhulekela Okukuzuzisayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba Nenjongo Ekuphileni
  • Ukuba Umuntu Ongcono
  • Ithemba Ngekusasa
  • Ingabe Uyakudinga Ukuba Senkolweni Ehleliwe?
    I-Phaphama!—2012
  • Izinceku ZikaNkulunkulu—Abantu Abahlelekile Nabajabulayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Inkolo Eyamukelwa UNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Indlela Efanele Yokukhonza UNkulunkulu
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 9/1 kk. 6-7

Ukukhulekela Okukuzuzisayo

UMHUBI u-Asafa wathi: “Ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.” Wayeke wafikelwa umqondo wokulingisa labo ababengenandaba noNkulunkulu, aphishekele ukuphila okumnandi. Kodwa wabe esecabanga ngezinzuzo zokusondela kuNkulunkulu futhi waphetha ngokuthi kwakukuhle kuye. (IHubo 73:2, 3, 12, 28) Ingabe ukukhulekela kweqiniso kuhle kuwe namuhla? Kungakuzuzisa kanjani?

Ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso kukusiza ukuba uthole okuthile okuyigugu kakhulu kunokuphila ngendlela yobugovu. Ngenxa yendlela “uNkulunkulu wothando” asidale ngayo, labo abaphishekela izithakazelo zabo kuphela abasoze bayithola injabulo. (2 Korinte 13:11) UJesu wafundisa iqiniso eliyisisekelo ngendlela umuntu adalwe ngayo lapho ethi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Yingakho sikujabulela ukwenzela abangane nemikhaya yethu izinto ezithile. Kodwa injabulo enkulu kakhulu itholakala ngokwenzela uNkulunkulu izinto. Uyakufanelekela ukuba simthande ngaphezu kwanoma ubani omunye. Izigidi zabantu abanezizinda ezihlukahlukene ziye zathola ukuthi ukukhulekela uNkulunkulu ngendlela ayifunayo kwanelisa kakhulu.—1 Johane 5:3.

Ukuba Nenjongo Ekuphileni

Ukukhulekela kweqiniso kuyakuzuzisa nangenxa yokuthi kukwenza ube nenjongo ekuphileni. Uke waqaphela yini ukuthi ngokuvamile injabulo ihlobene nomuzwa wokufeza okuthile okunenzuzo? Iningi labantu linomgomo ekuphileni, kungakhathaliseki ukuthi uhlobene nomkhaya wabo, abangane, ibhizinisi noma injabulo. Ngenxa yokuthi ukuphila akuqinisekile, ngokuvamile lezi zinto azibenzi bajabule. (UmShumayeli 9:11) Nokho, ukukhulekela kweqiniso kuyakusiza ukuba uthole injongo ephakeme kakhulu, ekulethela injabulo ngisho nalapho ezinye izici zokuphila zidumaza.

Ukukhulekela kweqiniso kuhilela ukwazi uJehova nokumkhonza ngokwethembeka. Abakhulekela uNkulunkulu ngeqiniso basondelana naye kakhulu. (UmShumayeli 12:13; Johane 4:23; Jakobe 4:8) Ungase ukuthole kunzima ukucabanga ukuthi ungamazi kahle uNkulunkulu aze abe umngane wakho. Kodwa ngokucabangisisa ngomlando wendlela asebenzelana ngayo nabantu nangokucabanga ngalokho akudalile, ngempela ungabuqonda ubuntu bakhe. (Roma 1:20) Ngaphezu kwalokho, ngokufunda iZwi likaNkulunkulu, ungaqonda isizathu sokuba sibe lapha, isizathu sokuba uNkulunkulu avumele ukuhlupheka, indlela ayokuqeda ngayo, mhlawumbe okuthakazelisa kakhulu, ungaqonda nokuthi ungaba kanjani nengxenye kulokho uNkulunkulu akwenzayo. (Isaya 43:10; 1 Korinte 3:9) Lokho kuqonda kungakwenza ube nenjongo entsha ekuphileni!

Ukuba Umuntu Ongcono

Ukukhulekela kweqiniso kuyakuzuzisa ngoba kukusiza ukuba ube umuntu ongcono. Njengoba uqhuba ukukhulekela kweqiniso, uhlakulela ubuntu obenza ube nobuhlobo obuhle nabanye. Ngesibonelo sabo, uNkulunkulu neNdodana yakhe bakufundisa ukwethembeka, ukukhuluma ngomusa nokuba umuntu onokwethenjelwa. (Efesu 4:20–5:5) Lapho usumazi kahle uNkulunkulu waze wafinyelela ezingeni lokumthanda, uzizwa ushukumiseleka ukuba umlingise. IBhayibheli lithi: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo, futhi niqhubeke nihamba othandweni.”—Efesu 5:1, 2.

Bekungeke yini kujabulise ukuba phakathi kwabantu abalingisa uthando lukaNkulunkulu? Kuyajabulisa ukwazi ukuthi ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso akuyona into okumelwe uyenze uwedwa. Kukuhlanganisa nabanye abathanda okulungile nokuhle. Yiqiniso, ungase ukukhathaze umbono wokuba ingxenye yenkolo ehleliwe. Nokho, njengoba sibonile esihlokweni esandulele, inkinga ekhona ngeningi lezinkolo akukhona ukuthi zihleliwe kodwa ukuthi azihleliwe ngendlela efanele nangenjongo efanele. Izinkolo eziningi ezihleliwe zinezinjongo eziphambene nobuKristu. Abantu bakaNkulunkulu bahlelwa nguJehova uqobo ukuze bafeze injongo ephakeme. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu unguNkulunkulu wokuthula akayena owesiyaluyalu.” (1 Korinte 14:33) Njengoba kwenza izigidi zabantu, ungase uthole ukuthi ukuzihlanganisa neqembu lamaKristu ahleleke kahle kuyokwenza ujabule.

Ithemba Ngekusasa

ImiBhalo Engcwele ibonisa ukuthi uNkulunkulu uhlela abakhulekeli beqiniso ngenjongo yokuba basinde ekupheleni kwalesi simiso sezinto futhi badle ifa lomhlaba omusha lapho “kuyohlala [khona] ukulunga.” (2 Petru 3:13; IsAmbulo 7:9-17) Ngakho, ukukhulekela okukuzuzisayo kukunika ithemba elibalulekile ukuze ujabule. Lapho becabanga ngekusasa, abanye banethemba lokuthi ohulumeni bazozinza, ezamabhizinisi zithuthuke, noma lokuthi bazoba nempilo enhle nomhlalaphansi owanelisayo. Kodwa kumbalwa uma kukhona kulezi zinto okuyisisekelo esiqinile sekusasa elijabulisayo. Ngakolunye uhlangothi, umphostoli uPawulu wabhala: “Ithemba lethu silibeke kuNkulunkulu ophilayo.”—1 Thimothewu 4:10.

Uma ungabafunisisa, ungabathola abakhulekeli beqiniso. Ezweni lanamuhla elihlukene phakathi, uthando nobunye kwenza oFakazi BakaJehova babonakale ngokucacile. Bavela cishe kuzo zonke izizwe nezizinda; kodwa, bamunye ngenxa yokuthi bayathandana futhi bathanda uJehova. (Johane 13:35) Bakucela ukuba uzibonele ngokwakho lokho abaye bakuthola. U-Asafa wabhala: “Ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.”—IHubo 73:28.

[Isithombe ekhasini 7]

Ungaba umngane kaNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela