Isikole Esinabafundi Abazuzisa Abantu Emhlabeni Wonke
EMABANDLENI oFakazi BakaJehova angaphezu kuka-98 000 emazweni angaphezu kwangu-200, abantu bazo zonke izizinda bafundiswa uNkulunkulu. Incwadi eyinhloko esetshenziswayo iBhayibheli, futhi injongo yale mfundo iwukusiza abantu ukuba bathuthuke ngokomoya ngokufunda ngentando kaNkulunkulu nendlela abangaphila ngayo ngokuvumelana nayo. Abamukela le mfundo bazuza kakhulu. Lokho abakufundayo bakutshela nabanye, benza ngokuvumelana nomyalo kaJesu Kristu wokwenza abafundi.—Mathewu 28:19, 20.
Ngaphezu kwalesi simiso semfundo eqhubekayo emabandleni abo, oFakazi BakaJehova baye basungula izikole eziningana ezikhethekile. Esinye sazo iSikole Sokuqeqeshela Inkonzo. Saqala ngo-October 1987 ePittsburgh, ePennsylvania, e-U.S.A. Ikilasi lokuqala lalinabafundi abangu-24 abakhuluma isiNgisi. Kusukela ngaleso sikhathi izifundo ziye zaqhutshwa ngezilimi ezingu-21 emazweni angu-43. Sikhuluma nje, abadala nezinceku ezikhonzayo abangashadile abavela emazweni angaphezu kwangu-90 baye baya kulesi sikole. Lapho beqeda imfundo ethatha amasonto angu-8, abathole iziqu babelwa ukuba bayokhonza lapho kunendingeko enkulu khona, emazweni akubo noma kwamanye amazwe. Ekupheleni kuka-2005, kwase kunezikhonzi ezingamaKristu ezingaphezu kuka-22 000 eziye zathola iziqu kulesi sikole. Ukuzithoba nokuzikhandla kwazo ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso nasekusizeni abanye kuye kwabusiswa kakhulu.—IzAga 10:22; 1 Petru 5:5.
Ukuhlela Ukuya
Ukuze liye eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo, iningi labafundi kuye kwadingeka licele izinsuku emisebenzini noma lapho libambe khona amatoho. Ngezinye izikhathi lokhu kuba inselele. EHawaii, abazalwane ababili ababemenyelwe ukuba baye esikoleni kwadingeka bayocela isikhathi sokungabi khona emsebenzini njengoba babengothisha. Ngokholo, bafaka izicelo zabo, bachaza isizathu sokuba bafune ukuya kuso nendlela esasiyobazuzisa ngayo. Bobabili bavunyelwa.
Ezimweni eziningana, oFakazi abacela ukungabi khona emsebenzini batshelwa ukuthi lapho bebuya babengeke bamukelwe emsebenzini. Bakhetha ukuthola ukuqeqeshwa okuvela enhlanganweni kaJehova, ngisho noma lokho kwakusho ukuphelelwa imisebenzi. Kamuva abathile kulaba baye bathola izincwadi ezivela kubaqashi babo bebacela ukuba babuye bazosebenza uma sebeqedile isikole. Lokho kuzimisela ukuya esikoleni kungachazwa ngamafuphi ngale ndlela: Faka isicelo sakho kumqashi, thandazela usizo lukaJehova bese umvumele enze konke.—IHubo 37:5.
‘Bafundiswa UJehova’
Imfundo ekulesi sikole ethatha amasonto angu-8 ihlanganisa ukutadisha iBhayibheli ngokujulile. Abafundi bafunda indlela abantu bakaJehova abahlelwe ngayo ukuze benze intando kaNkulunkulu nendlela abangalisebenzisa ngayo ngokuphumelelayo iBhayibheli enkonzweni yabo yasensimini, emihlanganweni yebandla nasemihlanganweni emikhulu.
Omunye onokwazisa owathola iziqu wabhalela umzalwane owayengakayi esikoleni: “Ngikholwe, uzothola imfundo engcono kakhulu kowake wayithola. Uwuqonda kangcono umBhalo othi ‘abafundiswé uJehova.’ Yonke imfundo ilolonga futhi icwengisisa inhliziyo nobuntu ukuze kuvumelane ngokuseduze nesibonelo sikaKristu Jesu. Uzoba nokuhlangenwe nakho okuhle kunakho konke ekuphileni kwakho.”—Isaya 54:13.
Abavangeli, Abelusi Nabafundisi
Abathole iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo manje bakhonza emazweni angu-117. Ahlanganisa iziqhingi ezise-Atlantic, eCaribbean nasePacific kanye nakwamanye amazwe amaningana lapho kunamahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova. Amagatsha abika ukuthi ukuqeqeshwa okuhle kwalaba bafundi kuyabonakala emisebenzini yobuvangeli, ekwaluseni nasekufundiseni. Ukuqeqeshwa abakutholile kubahlomisela ukuba balisebenzise kangcono iBhayibheli enkonzweni yasensimini. (2 Thimothewu 2:15) Lapho bephendula imibuzo yabaninikhaya, njalo basebenzisa incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhaloa futhi baqeqesha nabanye abamemezeli boMbuso ukuba benze okufanayo. Intshiseko yabathweswe iziqu iyathelelwana, futhi imisebenzi yabo iqinisa amabandla.
Abadala bamabandla banelungelo ‘lokwalusa umhlambi,’ basize ekunakekeleni izidingo ezingokomoya zabanye. (1 Petru 5:2, 3) Maqondana naleli lungiselelo, omunye umdala wathi: “Siyabonga ngokuthi ihhovisi legatsha lisithumelela abazalwane abaqeqeshwe kahle ukuze bazosisiza ekuthwaleni umthwalo wokwalusa umhlambi kaNkulunkulu.” Ngokufanayo, ihhovisi eliseMpumalanga Ekude laphawula: “Abathole iziqu banesihawu kakhulu. Bayazikhandla futhi bazuza inhlonipho emabandleni. Ukuzithoba, imfudumalo nentshiseko yabo kwaziwa yibo bonke futhi kwaziswa kakhulu. Bazinikela ngokuzithandela futhi bathuthe ngenjabulo baye emabandleni adinga abelusi.” (Filipi 2:4) La madoda aqinisa akholwa nawo futhi kufanele siwancome.—1 Korinte 16:18.
Ngaphezu kwalokho, abafundisa eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo basiza abafundi ukuba bathuthukise amakhono abo njengezikhulumi zasobala. Ngokusebenzisa ukusikisela neseluleko abasitholayo, abaningi abathole iziqu bangasetshenziswa ngokushesha emihlanganweni yesifunda neyesigodi. Omunye umbonisi wesifunda waphawula ukuthi abathole iziqu banikeza “izinkulumo ezinhle kakhulu futhi bethula indaba ngendlela enhle kakhulu.”—1 Thimothewu 4:13.
Izinga lokufundisa emihlanganweni yebandla lathuthuka kakhulu ezweni elithile e-Afrika ngemva kokuba kuqhutshwe iSikole Sokuqeqeshela Inkonzo kulelo zwe futhi abathweswe iziqu babelwa ensimini. Abadala abavela kulesi sikole bawusizo ekushumayeleni, ekwaluseni nasekufundiseni, ngaleyo ndlela bakha amabandla ngokomoya.—Efesu 4:8, 11, 12.
Ukwenganyelwa Kwebandla Kuyathuthuka
Ezindaweni eziningi kunesidingo sabadala nezinceku ezikhonzayo ezengeziwe. Amanye amabandla ebengeke abe nabadala ukube ebengazange athunyelelwe umzalwane othweswe iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo. Ngakho, abaningi abathweswe iziqu bathunyelwa ukuba bayokhonza lapho kunendingeko khona.
Amagatsha amaningi abika ukuthi la madoda “akwazi kahle ukuhleleka okungokwenhlangano,” “ayithatha ngokungathí sina imithwalo yawo yemfanelo,” “asiza abanye ukuba baqonde futhi bahloniphe inhlangano kaJehova,” futhi “athuthukisa imfudumalo nengokomoya lamabandla akuwo.” Lokhu kungenxa yokuthi abathweswe iziqu basebenzisa lokho okulotshwe eZwini likaNkulunkulu futhi abanciki kokwabo ukuqonda noma babe abahlakaniphile emehlweni abo. (IzAga 3:5-7) La madoda aba izibusiso ngokomoya emabandleni abelwe kuwo.
Ukukhonza Emasimini Angawodwa
Abanye abathweswe iziqu bayatuswa babe amaphayona akhethekile basize amaqembu angawodwa ukuba abe amabandla. Ebonisa ukwazisa ngosizo lwabo, umdala osendaweni engayodwa yaseGuatemala wathi: “Sengineminyaka engu-20 ngikhathazwa ukuthi le nsimu enkulu iyonakekelwa kanjani. Njalo ngangithandaza ngale ndaba. Abazalwane abavela eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo baqeqeshwe kahle ekukhulumeni nasekuhleleni izinto, futhi ngiyajabula ukubona ukuthi manje le ndawo ithola ukunakekelwa ngothando.”
Abathweswe iziqu baye bafunda izinto eziwusizo emasimini lapho kumelwe bahambe khona amabanga amade bekhwela izintaba ukuze bafinyelele imizana esabalele. Lapho befika kulawo masimu basheshe bamise futhi bahlele amaqembu angawodwa, ngisho noma abanye bebehlulekile ukwenza lokho. Ngokwesibonelo, umdala eNiger wacela ukuba abathweswe iziqu beze bazosiza ngoba wayenomuzwa wokuthi bangenza umsebenzi omuhle kakhulu endaweni yakubo. Ikakhulukazi ezindaweni ezingazodwa, kungase kube lula kakhulu ngamadoda angashadile ukuba akhonze njengamaphayona akhethekile nanjengababonisi bezifunda. Njengomphostoli uPawulu, kumelwe abhekane ‘nezingozi emifuleni nasezinswelaboyeni, nezasehlane,’ nokukhathazeka komuntu siqu kanye nokukhathazeka ngamabandla awakhonzayo.—2 Korinte 11:26-28.
Basiza Intsha
ImiBhalo inxusa intsha ukuba ikhumbule uMdali wayo. (UmShumayeli 12:1) Abathweswe iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo abashisekayo bayisibonelo esihle entsheni engamaKristu. Ngemva kokuba elinye ibandla lase-United States lithole abathweswe iziqu ababili, ingqikithi yamahora asetshenzwa abamemezeli enkonzweni yanda ngokuphindwe kabili. Ngaphezu kwalokho, inani lamaphayona avamile noma labamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele landa lisuka kwamabili laya kwangu-11. Lokhu kuye kwenzeka emabandleni amaningi.
Abathweswe iziqu bakhuthaza nezinsizwa ukuba zicabangele ukuya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo. Lokhu kuye kwakhuthaza abathile abangakabi izinceku ezikhonzayo ukuba bafinyelele lelo lungelo. Igatsha laseNetherlands libiza abathweswe iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo ngokuthi “izibonelo eziphilayo ezinsizweni ezisacabanga ngalokho ezingakwenza ngokuphila kwazo.”
Ukukhonza Emabandleni Asebenzisa Olunye Ulimi
Emazweni amaningi, ikhula ngesivinini imizamo yokushumayela izindaba ezinhle kubantu ngolimi abaluncela. Ngokuvamile abathweswe iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo bafunda ezinye izilimi futhi bakhonza emasimini lapho kunabantu abaningi abavela kwamanye amazwe. Ngokwesibonelo, eBelgium kunesidingo sabashumayeli boMbuso abengeziwe emasimini asebenzisa isi-Albania, isiPheresiya nesiRashiya.
Amabandla namaqembu asebenzisa olunye ulimi eBrithani, e-Italy, eJalimane, eMexico, e-United States nakwamanye amazwe kakade asezuza kakhulu kubabonisi abajikelezayo, abadala nezinceku ezikhonzayo abathweswe iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo. Igatsha laseKorea libika ukuthi “abathweswe iziqu abangaphezu kuka-200 banendima enkulu ekusizeni amabandla namaqembu asebenzisa olunye ulimi.”
Ukukhonza Ngokuthobeka Kwezinye Izici Zenkonzo
Ngaphezu kokukhonza emabandleni nasemaqenjini asebenzisa olunye ulimi, labo abathweswe iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo bakhonza njengabadala, izinceku ezikhonzayo nanjengababonisi abajikelezayo. Abanye bamukela izabelo zokuyokhonza kwamanye amazwe, mhlawumbe eMnyangweni Wenkonzo osegatsheni lapho kunesidingo esiphuthumayo khona. Abanamakhono kwezokwakha bangase bahlanganyele esimisweni sokwakhiwa kwamaHholo OMbuso.
Ukwanda kwenani lamabandla nezifunda emhlabeni wonke kwenza kube nesidingo esiqhubekayo sababonisi abajikelezayo. Ukuze kuhlangatshezwane nalesi sidingo, kwabathweswe iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo kukhethwa abathile ukuba baqeqeshelwe umsebenzi wokujikeleza amasonto ayishumi bese kuthi ngemva kwalokho bakhonze njengababambeli noma ababonisi bezifunda abavamile. Abathweswe iziqu abangaba ngu-1 300 manje bakhonza njengababonisi abajikelezayo emazweni angu-97. Kwelinye izwe e-Afrika, kunababonisi abajikelezayo abangamaphesenti angu-55 abaye bathweswa iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo. Kwelinye futhi izwe e-Afrika bangamaphesenti angu-70.
E-Australia, eCanada, eMpumalanga Ekude, e-United States naseYurophu, amakhulu abathweswe iziqu kulesi sikole baye bathunyelwa ukuba bayosiza lapho kunezidingo ezikhethekile kwamanye amazwe. Ngale ndlela, lesi sikole siye sazuzisa abantu emhlabeni wonke.
Esebenzisa iNdodana yakhe, uJesu Kristu, uJehova uye wavusa abavangeli, abelusi, abafundisi nabanye abathuthukisa izithakazelo zoMbuso kulezi zinsuku zokugcina. Ingabe asekhona amathuba okwanda okwengeziwe kwenani labantu bakaNkulunkulu? Ngokuqinisekile! Ngakho kunesidingo esikhulayo sokuba amadoda azinikezele athuthuke ukuze afanelekele umthwalo wemfanelo omkhulu. (Isaya 60:22; 1 Thimothewu 3:1, 13) ISikole Sokuqeqeshela Inkonzo sinikeza abadala nezinceku ezikhonzayo ithuba lokuhlonyiselwa ukuba banuleke enkonzweni yabo, eliyobenza bazuze kakhulu futhi bazuzise nabanye ensimini esemhlabeni wonke.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Izithombe ekhasini 10]
ISikole Sokuqeqeshela Inkonzo sithuthukisa izithakazelo zoMbuso emhlabeni wonke
[Izithombe ekhasini 13]
Ingabe ufisa ukubhalisa eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo uzuzise abanye?