ISikole Sokuqeqeshela Inkonzo—Umnyango Omkhulu Oholela Emsebenzini
1 Esebenzisa umprofethi uJeremiya, uJehova wabikezela: ‘Ngiyomisa phezu kwabantu bami abelusi abayobelusa impela; futhi ngeke basesaba noma bafikelwe yinoma yikuphi ukwethuka, futhi akekho noyedwa ongeke abe khona.’ (Jer. 23:4) Lowo msebenzi wokwalusa uyenziwa namuhla kubantu bazo zonke izizwe. Wenziwa abadala bamabandla ababalelwa emashumini ezinkulungwane. Ngaphezu kwalokho, iqembu lezinsizwa eziningi njengamaconsi amazolo liye lazinikela ngokuzithandela enkonzweni kaJehova. (IHu. 110:3) Yeka ukuthi laba bazalwane abathobekile bayisibusiso kangakanani emabandleni abantu bakaNkulunkulu! Njengoba umsebenzi wokuvuna ngokomoya usaqhubeka, kusenesidingo sokuba amadoda afanelekayo azinikele ukukhonza abafowabo.
2 ISikole Sokuqeqeshela Inkonzo siyilungiselelo elihle lokuqeqesha abadala nezinceku ezikhonzayo abangashadile ukuze bakwazi ukusingatha umthwalo owengeziwe. Kusukela lesi sikole samiswa ngo-1987, sekuqhutshwe amakilasi angu-999, kwaqeqeshwa abafundi abangaphezu kuka-22 000 abavela emazweni angaba ngu-140. Kulaba bazalwane, lesi sikole siye saba “umnyango omkhulu oholela emsebenzini.”—1 Kor. 16:9.
3 Injongo Yalesi Sikole: Injongo yalesi Sikole Sokuqeqeshela Inkonzo iwukuqeqesha amadoda afanelekayo, iwahlomisele ukusingatha umthwalo wemfanelo nomaphi lapho kungase kube nesidingo khona enhlanganweni. Lesi sikole silola amakhono abo okuhola emsebenzini wokushumayela ivangeli, okuhlanganyela ekwaluseni umhlambi nawokufundisa ebandleni. Ngemva kokuphothula kulesi sikole, abanye abafundi babelwa ukuba babe amaphayona akhethekile noma ababonisi abajikelezayo emazweni akubo noma kwamanye amazwe. Abanye igatsha libabela ukuba bayokhonza emabandleni akubo noma kwezinye izindawo ezinesidingo esikhulu ezisemazweni angaphansi kwalo.
4 Kulesi sikole esithatha amasonto angu-8, abafundi bathola izifundo ezijiyile zeBhayibheli. Bafunda ngokucophelela ngochungechunge lwezimfundiso zeBhayibheli, ngemithwalo yokwelusa nangeziqondiso zokusingatha izinkinga ekuphileni kobuKristu. Babuye bafunde lokho imiBhalo ekufundisayo maqondana nezindaba zokuphatha, zokwahlulela nezokuqondisa inhlangano. Bathola ukuqeqeshwa okukhethekile kokukhuluma neningi kanti futhi bathola usizo lomuntu siqu ukuze bakhuphule ijubane labo lokuthuthuka ngokomoya.
5 Izimfuneko: Kuyaqondakala ukuthi kungani zinqala izimfuneko zokuya kulesi sikole. Abafaka izicelo kumelwe kube abadala noma izinceku ezikhonzayo esezikhonze okungenani iminyaka emibili ilandelana. Bonke kumelwe babe abantu abangashadile futhi abaneminyaka yobudala ephakathi kuka-23 no-50. Kumelwe bakwazi ukufunda, ukubhala nokukhuluma kahle isiNgisi njengoba isikole esiseZambia siqhutshwa ngesiNgisi. Kumelwe futhi babe abantu abaphile kahle, abangadingi ukunakekelwa okukhethekile noma ukudla okukhethekile. Kucatshangelwa ikakhulu labo abangamaphayona avamile.
6 Labo abazinikela ngokuzithandela kumelwe bahlale bekulungele futhi bakwazi ukukhonza nomaphi lapho bedingeka khona. Lokhu kudinga umoya ofana nowomprofethi u-Isaya, owazinikela ngentshiseko ukuba enze umsebenzi okhethekile, ethi: “Nangu mina! Thuma mina.” (Isaya 6:8) Wabuye wabonisa nokuthobeka kukho konke ukuphila kwakhe. Labo abafaka isicelo sokuya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo kufanele bashukunyiswe uthando ngabafowabo nesifiso sokubakhonza kunokushukunyiswa yisifiso sokuvelela noma ukufuna isikhundla esikhethekile. Ngemva kokuthola ukuqeqeshwa okuhle kangako, abafundi abaphothule kulesi sikole kulindeleke ukuba bakusebenzisele ukuzuzisa abanye lokho abaye bakufunda.—Luka 12:48.
7 Izinzuzo: Kuleso sikhathi sokuqeqeshwa okujiyile okuthatha amasonto angu-8, abafundi ‘bondliwa ngamazwi okholo nawemfundiso enhle.’ (1 Thim. 4:6) Lokhu kubahlomisela ukusiza nokukhuthaza abanye emabandleni nasezifundeni ababelwe kuzo. Ezindaweni eziningi abaye babelwa kuzo labo abaphothule kulesi Sikole Sokuqeqeshela Inkonzo, umsebenzi wasensimini uye wanda; kwakhuthazwa inkonzo yamaphayona, ikakhulu kwabasebasha; kwagxilwa kakhulu nasekusizeni umuntu ngamunye kubantu abaningi abasanda kuhlanganyela nabantu bakaNkulunkulu.
8 Ingabe ungumdala noma inceku ekhonzayo engakashadi eneminyaka yobudala ephakathi kuka-23 no-50? Kunganjani ucabangele ukufaka isicelo sokuya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo? Ingabe ungumzalwane osemusha ocabangela imigomo ongathanda ukuyifinyelela enkonzweni kaJehova? Kunganjani ugcine ukuphila kwakho kulula futhi kungenaziphazamiso ukuze ukwazi ukungena kulo ‘mnyango omkhulu oholela emsebenzini’? Kungakulethela injabulo enkulu nokwaneliseka. Ngempela, iSikole Sokuqeqeshela Inkonzo asigcinanga ngokuba yisibusiso kubafundi abaphothule kuso kuphela kodwa nasemabandleni abantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke.
[Ibhokisi ekhasini 3]
Indlela Abazuze Ngayo Kulesi Sikole
“Lesi sikole siye sayithuthukisa ngempela inkonzo yami nekhono lami lokwalusa ngokuhlakanipha, ngisebenzisa imiBhalo.”
“Lesi sikole siye sangenza ngazethemba ngokwengeziwe ekusingatheni imisebenzi yami ehlukahlukene ebandleni.”
“Siye sashintsha cishe zonke izici zokuphila kwami, kuhlanganise nendlela engizizwa ngayo ngendlela kaNkulunkulu yokubusa nangenhlangano yakhe.”
“Lesi sikole siye sangisiza ukuba ngiqonde isidingo sokuzinikela ukukhonza lapho kunendingeko khona.”