Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 4/15 k. 19
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • UJehova Ubanika “Umoya Ongcwele Labo Abawucela Kuye”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • UJehova ‘Uyobangela Ukuba Kwenziwe Ubulungisa’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 4/15 k. 19

Ingabe Uyakhumbula?

Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:

• Yini esingayifunda emfanekisweni kaJesu wendoda ephikelelayo efikelwa isivakashi? (Luka 11:5-10)

Lo mfanekiso ubonisa isimo sengqondo okufanele sibe naso lapho sithandaza. Kufanele siphikelele, noma siqhubeke sicela. Kufanele sicele ngokukhethekile umoya kaNkulunkulu ongcwele. (Luka 11:11-13)—12/15, amakhasi 20-2.

• Isiphi isifundo esisitholayo emfanekisweni kaJesu womfelokazi nomahluleli? (Luka 18:1-8)

Ugcizelela isidingo sokuthandaza. Ngokungafani nomahluleli, uJehova ulungile futhi ufuna ukusisiza. Ngaphezu kwalokho, kufanele sibe nokholo olufana nolomfelokazi okulowo mfanekiso.—12/15, amakhasi 26-8.

• Kungani umphostoli uPawulu atshela amaKristu aseKorinte ukuba ‘anuleke’? (2 Korinte 6:11-13)

Kubonakala sengathi abanye eKorinte babentula ukwazisa ngamanye amakholwa, benganuleki futhi bengabathandi abanye abantu. Kudingeka sihlakulele ukwazisa kwangempela ngamanye amakholwa, senze ngisho nomzamo wokuba nabangane abasha.—1/1, amakhasi 9-11.

• IsAmbulo 7:3 sikhuluma ngakuphi ukubekwa uphawu?

Lapho uNkulunkulu egcoba amaKristu ngomoya ongcwele, asuke ebekwa uphawu okokuqala. Kodwa isAmbulo 7:3 sikhuluma ngokubeka uphawu kokugcina, okuqinisekisa ukuthi abagcotshiwe babonise ukwethembeka ngokugcwele.—1/1, amakhasi 30-1.

• Yini abazali abangayifunda ekulandiseni kweBhayibheli okukhuluma ngoSamuweli?

Okokuqala, kufanele bafundise abantwana babo amazwi likaNkulunkulu, njengoba nje nabazali bakaSamuweli ngokuqinisekile bamfundisa. Ngaphezu kwalokho, kufanele bakhuthaze abantwana babo ukuba bakhonze uJehova ukuphila kwabo konke.—1/15, ikhasi 16.

• Singabonisa kanjani ukuthi siyakujabulela ukulinda uJehova?

‘Silindele usuku lukaJehova,’ futhi sibheke phambili esikhathini ayosusa ngaso bonke abantu abangamhloniphi. (2 Petru 3:7, 12) Nakuba uJehova ekulangazelela ukuqeda bonke ububi, uyazibamba ukuze alethe insindiso kumaKristu ngendlela eyokhazimulisa igama lakhe. Kufanele sethembe ukuthi uJehova uyasazi isikhathi esifanele sokuthatha isinyathelo, futhi okwamanje kufanele simdumise ngentshiseko. (IHubo 71:14, 15)—3/1, amakhasi 17-18.

• Ingabe uNowa wafaka emkhunjini izilwane eziyisikhombisa kuzo zonke ezihlanzekile noma wafaka amabhangqa ayisikhombisa?

UNowa watshelwa ukuba ‘athathe ngasikhombisa’ kuzo zonke izilwane ezihlanzekile. (Genesise 7:1, 2) NgesiHebheru igama elithi “ngasikhombisa” ngokwezwi nezwi lithi “isikhombisa isikhombisa.” Leyo ndlela yokukhuluma ayisho amabhangqa ayisikhombisa, njengoba amanye amavesi eBhayibheli ebonisa. Kusobala ukuthi uNowa wathatha izilwane eziyisikhombisa kuzo zonke, amabhangqa amathathu nesesikhombisa ukuze kamuva enze ngaso umhlatshelo. (Genesise 8:20)—3/15, ikhasi 31.

• Kungani amaKristu kufanele ‘acabangisise’ ngomphumela wokholo lwabadala, labo abaholayo?

Umphostoli uPawulu usinxusa ukuba ‘sicabangisise,’ siwubheke ngokucophelela, umphumela wokuziphatha ngokwethembeka kwabadala bese silingisa lezo zibonelo zokholo. (Hebheru 13:7) Senza lokhu ngoba iZwi likaNkulunkulu lisiyala ukuba sikwenze. Futhi siyaqiniseka ukuthi abadala bakhathalela izithakazelo zoMbuso kanye nenhlalakahle yethu.—4/1, ikhasi 28.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela