Imibuzo Evela Kubafundi
UNowa wangena nezilwane ezihlanzekile ezingaki emkhunjini—eziyisikhombisa ohlotsheni ngalunye lwesilwane esihlanzekile noma amabhangqa ayisikhombisa ohlotsheni ngalunye?
Ngemva kokuba uNowa eqede ukwakha umkhumbi, uJehova wathi kuye: “Ngena emkhunjini, wena nayo yonke indlu yakho, ngoba nguwe engikubone ulungile phambi kwami phakathi kwalesi sizukulwane. Kuzo zonke izilwane ezihlanzekile kumelwe uthathe ngasikhombisa uzilethe kuwe, iduna nomngane walo; futhi kuzo zonke izilwane ezingahlanzekile uthathe ngazimbili kuphela, iduna nomngane walo.” (Genesise 7:1, 2) Ezinye izinguqulo njenge-New English Bible, i-New Jerusalem Bible ne-Tanakh—The Holy Scriptures, zihumusha isiHebheru sokuqala ngokuthi “amabhangqa ayisikhombisa.”
Olimini lokuqala, le nkulumo ethi “ngasikhombisa” ngokwezwi nezwi ifundeka ngokuthi “isikhombisa isikhombisa.” Nokho, ukuphinda isibalo olimini lwesiHebheru akusho ukuthi lezo zibalo kumelwe nakanjani zihlanganiswe. Ngokwesibonelo, eyesi-2 Samuweli 21:20 ichaza “umuntu owayemude ngaphezu kokuvamile” ngokuthi ‘wayeneminwe eyisithupha esandleni ngasinye nezinzwani eziyisithupha onyaweni ngalunye.’ NgesiHebheru, isibalo “isithupha” siphindiwe. Nokho, lokhu akusho ukuthi lo mdondoshiya wawunamabhangqa ayisithupha eminwe (noma, engu-12) esandleni ngasinye namabhangqa ayisithupha ezinzwani onyaweni ngalunye. Ukuphindwa kwesibalo kumane kuhlobene nenani leminwe esandleni ngasinye nelezinzwani onyaweni ngalunye.
Imithetho yolimi lwesiHebheru inikeza siphi isiqondiso endabeni yokuphinda isibalo esithile? Lapho ikhulumela uGenesise 7:2, 9, i-Introductory Hebrew Method and Manual kaWilliam R. Harper ithi: “Amagama avame ukuphindaphindwa ukuze kuboniswe inani lezinto entweni ngayinye.” I-Hebrew Grammar (uHlelo Lwesibili LwesiNgisi) kaGesenius ithi: “Inani lezinto entweni ngayinye livezwa . . . ngokuphindaphindwa kwesibalo esingahlukaniseka kabili ngokulinganayo.” Inikeza izibonelo ezinjengoGenesise 7:9, 15 neyesi-2 Samuweli 21:20, lapho kuphindwe khona izibalo “ngazimbili” ‘nesithupha’ ngokufanayo.
Ngakho “isikhombisa isikhombisa” kuGenesise 7:2 asisho amabhangqa ayisikhombisa, noma u-14, njengoba nje nokuphinda elithi ‘ngazimbili’ kungasho amabhangqa amabili, noma u-4, kuGenesise 7:9, 15. Ukuphinda isibalo evesini ngalinye kumane kubonisa inani ohlotsheni ngalunye—akubonisi ukuthi lezo zibalo kumelwe zihlanganiswe. Ngakho, nakuba ezilwaneni ezihlanzekile kwangeniswa “ngasikhombisa” emkhunjini, kwezingahlanzekile kwangeniswa “ngazimbili kuphela.”
Nokho, isho ukuthini inkulumo ethi “iduna nomngane walo” elandela ngemva nje kwegama elithi “ngasikhombisa” kuGenesise 7:2? Le nkulumo iye yaholela abanye ukuba bacabange ukuthi uNowa wayalwa ukuba athathe amabhangqa ayisikhombisa kulolo nalolo hlobo lwezilwane ezihlanzekile. Nokho, izilwane ezihlanzekile zazingalondolozelwa injongo yokuba zizale kuphela. KuGenesise 8:20 sitshelwa ukuthi ngemva kokuphuma emkhunjini, “uNowa wakhela uJehova i-altare futhi wathatha kuzo zonke izilwane ezihlanzekile nakuzo zonke izidalwa ezindizayo ezihlanzekile wanikela umnikelo wokushiswa phezu kwe-altare.” Ukuba nesilwane sesikhombisa ohlotsheni ngalunye lwezilwane ezihlanzekile kwenza ukuba uNowa abe nesilwane ayengasisebenzisela umhlatshelo, okwashiya lezi ezinye ezintathu zinabangane bazo ukuze zandise uhlobo lwazo emhlabeni.