Basha—Niyazithinta Izinhliziyo Zabazali Benu
UMPHOSTOLI UJOHANE owayesekhulile wabhala: “Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezi zinto, ukuba ngizwe ukuthi abantwana bami bayaqhubeka behamba eqinisweni.” (3 Johane 4) Nakuba leli vesi likhuluma ngabafundi abangamaKristu, umzali owesaba uNkulunkulu uyiqonda kahle imizwa kaJohane. Njengoba nje abazali benegalelo elikhulu ekuphileni kwezingane zabo, nezingane zenza lukhulu ekuphileni kwabazali bazo.
USolomoni, inkosi yakwa-Israyeli, wabonisa ukuthi izingane zingabathinta ngokujulile abazali bazo. Wabhala: “Indodana ehlakaniphile yileyo eyenza uyise ajabule, kanti indodana eyisiphukuphuku iwusizi lukanina.” (IzAga 10:1) Ngakho-ke, zonke izingane—ngisho nesezikhulile—zenza kahle lapho zicabanga ngendlela izenzo zazo eziyobaphatha ngazo abazali bazo. Kungani kufaneleka ukwenza lokhu?
Ake ucabange nje ngendlela abazali bakho abesaba uNkulunkulu abaye bazikhandla ngayo bekukhulisa! Baqala ukukhathazeka ngawe nokukuthandazela ungakazalwa nakuzalwa. Ngemva kokuba uzelwe, bobabili abazali bakho bajabulela ukusondelana nawe futhi cishe bambonga uNkulunkulu ngelungelo nangomthwalo wemfanelo omkhulu—ongewona neze umdlalo—wokuba umzali. Base benomsebenzi wokunakekela lolu sana olungakwazi kuzenzela kwasani, futhi njengoba bengabakhulekeli bakaJehova, bawuthatha ngokungathí sina lo msebenzi.
Njengoba abazali bakho bengamaKristu eqiniso, bafuna isiqondiso abangasethemba eBhayibhelini nasezincwadini ezisekelwe kulo, bacela namacebiso kulabo abase beke bakhulisa izingane. Baqhubeka futhi betshela uNkulunkulu ngomkhuleko izinto ezibakhathazayo. (AbaHluleli 13:8) Ngesikhathi ukhula, abazali bakho bazibona izinto omuhle kuzo, babona nalapho ubuthaka khona. (Jobe 1:5) Lapho weva eminyakeni eyishumi nambili, zaqala izinkinga zobusha. Ngezinye izikhathi, kungenzeka wawuvukela, futhi abazali bakho bazithola sebethandaza nakakhulu, befunda nakakhulu futhi becabanga nakakhulu ngendlela abangakusiza ngayo ukuba uqhubeke ukhulekela uYihlo osezulwini, uJehova.
Abazali bakho bayohlala bengabazali bakho. Bayohlala bekhathazeka ngenhlalakahle yakho engokwenyama, engokwengqondo, engokomzwelo nengokomoya nalapho usukhulile. Nokho, njengoba bekukhulisa, bayazi ukuthi unelungelo lokuzikhethela nokuthi asikho isiqinisekiso sokuthi kuyoba njani ukuphila kwakho kusasa. Eqinisweni nguwena oyonquma ukuthi uphila ngayiphi indlela.
Kufanele kusimangaze-ke yini ukuthi uma abazali, ‘bengenaso isizathu esikhulu sokubonga’ ngaphezu kokuzwa ukuthi abantwana babo “bayaqhubeka behamba eqinisweni,” ukuthi uma kungenzeki kanjalo abajabuli? Yebo, izingane ezenza izinto ngobuwula ziletha usizi kubazali bazo. USolomoni wathi: “Indodana eyisiphukuphuku iyinkathazo kuyise nomunyu kunina owayizala.” (IzAga 17:25) Yeka ukuthi buba bukhulu kangakanani ubuhlungu obuzwiwa abazali lapho ingane iyeka ukukhulekela uNkulunkulu weqiniso!
Kusobala-ke ukuthi nina basha ningawuthinta kakhulu umkhaya wakini, ngisho nabanye imbala. Ukuziphatha kwenu kubathinta ngokujulile abazali benu. Uma nishiya uNkulunkulu nezimiso zakhe, abazali benu bayozwa ubuhlungu. Nokho, bayojabula uma ninamathela kuye. Uma nihlala nithembekile futhi nilalela uJehova, abazali benu bayojabula. Zimiseleni ukwenza izinhliziyo zabazali benu zijabule! Yisiphi nje esinye isipho esingcono eningasipha abantu abanikhulisa, banivikela futhi banithanda?