Ungabhekana Ngokuphumelelayo Nnokungabi Nabulungisa!
UBANI ongakaze abhekane nokungabi nabulungisa ngandlela-thile ekuphileni kwakhe? Nakuba okunye ukungabi nabulungisa kungase kube ukubona komuntu, kungabi yikho ngempela, okunye kungokoqobo ngempela.
Noma nini lapho siphathwa ngokungabi nabulungisa, sizwa ubuhlungu obuthile ngokomzwelo futhi singalimala ngokomoya. Singase sibe nesifiso esijulile sokulungisa isimo. Ngani? Esinye isizathu ukuthi uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, “okungekho ukungabi nabulungisa kuye,” wafaka kubantu umuzwa onamandla wobulungisa. (Duteronomi 32:4; Genesise 1:26) Nokho, singase sibhekane nezimo lapho siba nomuzwa wokuthi okwenzekayo akubona ubulungisa. Indoda ethile ehlakaniphile yake yaphawula: “Ngabuya ukuze ngibone zonke izenzo zokucindezela ezenziwa phansi kwelanga, bheka! izinyembezi zabacindezelwayo, kodwa babengenamduduzi; futhi ohlangothini lwabacindezeli babo kwakukhona amandla, kangangokuthi babengenamduduzi.” (UmShumayeli 4:1) Singabhekana kanjani-ke nokungabi nabulungisa?
Kuyini Ngempela Ukungabi Nabulungisa?
Ukungabi nabulungisa kuyisimo noma umkhuba wokwephulwa kwezindinganiso zokulunga. Yini engaba indinganiso yobulungisa kubantu? Kusobala ukuthi uMdali wethu olungile futhi ongaguquki unelungelo lokubeka indinganiso yalokho okuwubulungisa nalokho okungebona. Ngokombono wakhe, ukuhamba “ngezimiso zokuphila” kuhilela ‘ukungakwenzi ukungabi nabulungisa.’ (Hezekeli 33:15) Ngakho, lapho uJehova edala umuntu wokuqala, wafaka kuye unembeza—izwi elingaphakathi elalingamsiza ukuba ahlukanise okulungile kokungalungile. (Roma 2:14, 15) Ngaphezu kwalokho, uJehova wachaza eZwini lakhe, iBhayibheli, lokho okuwubulungisa nalokho okungebona.
Kuthiwani uma sinomuzwa wokuthi siye saphathwa ngendlela engenabulungisa? Senza kahle ukuhlola indaba nhlangothi zombili ukuze sibone ukuthi siye saphathwa ngendlela engenabulungisa ngempela yini. Ngokwesibonelo, cabanga ngesimo umprofethi ongumHebheru, uJona, azithola ekuso. UJehova wamthuma ukuba atshele abaseNineve ngenhlekelele eyayisondela. Ekuqaleni, uJona wabaleka engasifezanga isabelo sakhe. Nokho, wagcina eyile eNineve futhi wazixwayisa izakhamuzi zakhona ngenhlekelele eyayiza. Lapho zisabela kahle, uJehova wakhetha ukungawubhubhisi lo muzi. Wazizwa kanjani uJona? “KuJona kwakungathandeki neze, futhi wavutha ngentukuthelo.” (Jona 4:1) Waba nomuzwa wokuthi uJehova wayenza ngendlela ebonisa ukungabi nabulungisa okukhulu.
Kusobala ukuthi uJehova okwazi ukufunda izinhliziyo futhi ‘ongumthandi wokulunga nobulungisa,’ wayengenzi iphutha. (IHubo 33:5) UJona kwakudingeka nje aqonde ukuthi indlela uJehova ayenqume ngayo yayivumelana nobulungisa obuphelele. Lapho sinomuzwa wokuthi siphathwe ngendlela engenabulungisa, singase sizibuze, ‘Kungenzeka yini ukuthi uJehova ubengayibheka ngokuhlukile le ndaba?’
Ukubhekana Nokungabi Nabulungisa
IBhayibheli lilandisa izindaba eziningi zabathile abaphathwa ngendlela engenabulungisa. Singafunda okuningi ngokuhlola indlela ababhekana ngayo nezingqinamba. Cabanga ngoJosefa owathengiswa abafowabo ababenomhawu ebugqileni baseGibhithe. EseGibhithe, umkankosi yakhe wazama ukumyenga, futhi lapho enqaba, wammangalela ngamanga ngokuthi wayefuna ukumdlwengula. Ngenxa yalokho, uJosefa wazithola esetilongweni. Nokho, ukholo lwakhe lwaluqinile kunezibopho zensimbi ayeboshwe ngazo. Akazange avumele ukungabi nabulungisa kubulale ingokomoya lakhe noma kwenze buthaka ukuthembela kwakhe kuJehova.—Genesise 37:18-28; 39:4-20; IHubo 105:17-19.
Omunye umuntu owabhekana nokungabi nabulungisa uNabhoti. Waba isisulu sozungu olubi lukaJezebeli, umka-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli. Inkosi yayihalela isiqephu sensimu esiyifa likaNabhoti esasiseceleni kwesigodlo sayo. Umthetho wawumenqabela umIsrayeli ukuba adele ifa lakhe phakade, ngakho uNabhoti wenqaba ukuthengisela inkosi leyo nsimu. (Levitikusi 25:23) Ebona lokhu, umka-Ahabi omubi wathenga ofakazi bamanga ababeka uNabhoti icala lokuhlambalaza uNkulunkulu nenkosi. Ngenxa yalokho, uNabhoti namadodana akhe babulawa. Cabanga ukuthi kumelwe ukuba uNabhoti wazizwa kanjani lapho abantu becosha amatshe bembulala!—1 AmaKhosi 21:1-14; 2 AmaKhosi 9:26.
Nokho, lezi zindaba ziphenduka ubala uma ziqhathaniswa nokungabi nabulungisa okwenziwa kuKristu Jesu. Wathola isigwebo sokufa ngemva kokuba kuqanjwe amanga futhi kwaqulwa icala ngokungemthetho. Umbusi ongumRoma owayehlezi esihlalweni sokwahlulela akabanga namandla okumelela lokho ayekubona kuwukulunga. (Johane 18:38-40) Yebo, uSathane wenza kuKristu Jesu ukungabi nabulungisa okukhulu ngaphezu kwanoma ikuphi okwake kwenziwa kumuntu!
Ingabe lezi zibonelo zibonisa ukuthi uJehova akanandaba nokungabi nabulungisa? Cha! UJehova akazange abheke lezo zimo ngendlela umuntu abengazibheka ngayo. (Isaya 55:8, 9) Ngenxa yokuthi uJosefa wathengiswa ebugqileni, wakwazi ukusindisa umkhaya wakubo. Waba umqondisi wokudla eGibhithe ngaphambi kokuba kugadle indlala enkulu eyathinta nomkhaya wakubo. Cabanga, ukube uJehova akakuvumelanga ukungabi nabulungisa okwenziwa kuJosefa, ngabe akayanga etilongweni. Wawachaza elapho amaphupho eziboshwa ezimbili ayekanye nazo, esinye sazo kamuva esatshela uFaro ngoJosefa, kwaholela ekubeni abe umqondisi wokudla.—Genesise 40:1; 41:9-14; 45:4-8.
Kuthiwani ngoNabhoti? Nalapha futhi zama ukubheka indaba ngendlela kaJehova. KuJehova, okwazi ukuvusa abafileyo, kwakufana nokuthi uNabhoti uyaphila, ngisho noma isidumbu sakhe sasidindilizile. (1 AmaKhosi 21:19; Luka 20:37, 38) UNabhoti kudingeka alinde kuze kube isikhathi uJehova amvusa ngaso, kodwa leso sikhathi sokulinda kunjengokungathi siyisikhashana, ngoba abafileyo abazi lutho nhlobo. (UmShumayeli 9:5) Ngaphezu kwalokho, uJehova wamphindiselela uNabhoti ngokwahlulela u-Ahabi nendlu yakhe.—2 AmaKhosi 9:21, 24, 26, 35, 36; 10:1-11; Johane 5:28, 29.
Ngokuphathelene noJesu, yiqiniso ukuthi wafa. Noma kunjalo uNkulunkulu wamvusa futhi wamphakamisela esikhundleni ‘esingaphezulu kakhulu kwabo bonke ohulumeni namagunya namandla nobukhosi nawo wonke amagama aqanjiwe.’ (Efesu 1:20, 21) Ukungabi nabulungisa uSathane akwenza kuKristu Jesu akumvimbanga uJehova ukuba ayivuze iNdodana yakhe. UJesu wayeqiniseka ukuthi uJehova wayengakulungisa ngokuphazima kweso ukungabi nabulungisa kokuboshwa kwakhe ngokungemthetho, ukube kwakuyintando yaKhe ukwenza kanjalo. Nokho, uKristu wayazi nokuthi uJehova unesikhathi sokugcwalisa imiBhalo nesokulungisa noma ikuphi ukungabi nabulungisa.
Yebo, uSathane namanxusa akhe babaphatha ngendlela engenabulungisa abantu abalungile, kodwa ekugcineni uJehova wazilungisa izindaba, wakuqeda lokho kungabi nabulungisa futhi uyokuqeda phakade. Ngakho, kumelwe silindele uNkulunkulu ukuba aqede ukungabi nabulungisa.—Duteronomi 25:16; Roma 12:17-19.
Isizathu Esingenza UJehova Avumele Ukungabi Nabulungisa
UJehova angase abe ngisho nanezizathu zokungasilungisi isimo esithile. Njengengxenye yokuqeqeshwa kwethu njengamaKristu, angase avumele ukuba sibhekane nokungabi nabulungisa. Yiqiniso, ‘uNkulunkulu akalingi muntu ngezinto ezimbi.’ (Jakobe 1:13) Noma kunjalo, angase avumele isimo esithile, angangeneli endabeni futhi angabanika amandla labo abakwamukelayo ukuqeqeshwa okunjalo. IBhayibheli liyasiqinisekisa: “Ngemva kokuba senihluphekile isikhashana, uNkulunkulu wawo wonke umusa ongafanelwe . . . yena ngokwakhe uyoqedela ukuqeqeshwa kwenu, uyonenza niqine, uyonenza nibe namandla.”—1 Petru 5:10.
Ngaphezu kwalokho, ukuvumela kukaJehova ukungabi nabulungisa okuthile kungase kunikeze abenzi bokungabi nabulungisa ithuba lokuphenduka. Ngemva kwamasonto ambalwa nje uJesu ebulewe, amaJuda athile alalela iseluleko sikaPetru “ahlabeka enhliziyweni.” Amukela iZwi likaNkulunkulu ngentshiseko futhi abhapathizwa.—IzEnzo 2:36-42.
Kuyavunywa ukuthi akubona bonke abenzi bokungabi nabulungisa abayophenduka. Abanye bangaze babe nanesibindi sokwenza izenzo zokungabi nabulungisa ezimbi kakhulu. Noma kunjalo, izAga 29:1 zithi: “Umuntu osolwa ngokuphindaphindiwe kodwa ayenze lukhuni intamo yakhe uyophuka ngokuzumayo, futhi kungabikho ukuphulukiswa.” Ngempela, ekugcineni uJehova uyobabhubhisa labo abaphikelelayo baziphathe ngendlela engafanele.—UmShumayeli 8:11-13.
Kungakhathaliseki ukuthi kuthatha isikhathi esingakanani ukululama ngemva kokuphathwa ngendlela engenabulungisa, singaqiniseka ukuthi uJehova uyayazi indlela yokusisiza ukuba silulame. Ngokuqinisekile uyokulungisa noma ikuphi ukungabi nabulungisa okungenzeka ukuthi siye sabhekana nakho kulesi simiso esibi sezinto. Ngaphezu kwalokho, usithembise umvuzo wokugcina, ukuphila okuphakade ezweni elisha lokulunga ‘okuyohlala kulo ukulunga.’—2 Petru 3:13.
[Isithombe ekhasini 16, 17]
UNabhoti wazizwa kanjani lapho ebhekene nokungabi nabulungisa okubi kakhulu?